Ezempilo Mag October Issue

Page 1

MAHALA

FUNDISA || NIKEZA ULWAZI || NIKEZA AMANDLA

ISIQEPHU 10

Yinyanga Yokuqwashisa Ngomdlavuza Wamabele

Shesha Uzazise Kungasinidisa Izimpilo

Ukukhulelwa Notshwala Akuhlangani!


Ukusheshe uyobhalisa kusindisa ukuphila

Umyelezo ovela…

Uma ucabanga ukuthi mhlawumbe ukhulelwe, kubaluleke kakhulu ukuba uye emtholampilo wendawo uyohlolwa ngokushesha.

Ku-Dkt. Victoria Mubaiwa, iMenenja Ehlelayo: Impilo Yomama Abakhulelwe, Izingane Nabesifazane: eMnyangweni Wezempilo KwaZulu Natal

Emtholampilo bazokuhlola impilo futhi bathole ukuthi uyithole yonke yini imigomo edingekayo.

Ukuzalwa kwengane kufanele kube yisipho sokuphila kumama obethwele kanzima izinyanga ezingu-9. Kubantu besifazane abaningi lesi sikhathi okufanele ngabe yisikhathi sokujabulela ukuphila ngokuvamile sigcina ngokuba usizi, kumama

Uma ungazi ukuthi unalo yini igciwane lesandulela-ngculazi noma cha bazokukhuthaza ukuba uhlolwe, futhi bazokuchazela ukuthi ungagwema kanjani ukudlulisela enganeni yakho igciwane lesandulela-ngculazi uma unalo.

nasenganeni ngoba abesifazane abaningi kakhulu esifundazweni sethu bayashona lapho bebeletha noma bashone ngemva kokubeletha. Lokhu kungagwenywa, futhi kudingeka sisebenze ngokubambisana ukuze abantu bazi ukuthi ukusheshe uye emtholampilo onakekela omama abakhulelwe kubalulekile ukuze kuqinisekiswe ukuthi impilo kamama nengane iyaqashelwa futhi kunqandwe izinkinga. Ukuyobhalisa ngokushesha kungasindisa ukuphila, ikakhulukazi ngoba omama abakhulelwe abanegciwane

Bazokhuluma nangezindlela zokuncelisa eziphephe kakhulu enganeni yakho. Komama abaningi nezingane zabo, ukuncelisa ibele kuphela kuyisinqumo esingcono kakhulu.

lesandulela-ngculazi bangaba semathubeni angcono okubeletha ingane engenalo igciwane. Omama abakhulelwe

Ukuya emtholampilo njalo ngesikhathi ukhulelwe kuzosiza ukuba wena nengane yakho nihlale ninempilo enhle.

ukuba baye njalo emitholampilo, futhi uma senza kanjalo siyobe siphonsa esivivaneni futhi siyosiza ekusindiseni

kumelwe babikele imitholampilo yabo ngaphambi kwamasonto angu-13 okukhulelwa ukuze baqale ukuthola ukwelashwa okunamandla okubizwa ngokuthi yi-Highly Active Ante-Retroviral Therapy (HAART) uma benegciwane lesandulela-ngculazi. Kudingeka sisebenze ngokubambisana ukuze sikhuthaze futhi sisekele omama abakhulelwe izimpilo. Njengoba sikhumbula ukuthi le nyanga yinyanga yokuqwashisa ngomdlavuza wamabele, abezeMpilo kwaZulu Natal bangathanda ukuqwashisa abesifazane ukuze bazi ngezinye izinhlobo zomdlavuza ezihlasela abesifazane. Izinkinga zempilo ezihlasela abesifazane singazinqoba kuphela uma sizazi. Umdlavuza wesibeletho usewusongo olukhulu kubesifazane abaningi, futhi umnyango ungathanda ukucela bonke abesifazane, ikakhulu labo abaseminyakeni yokuthola abantwana ukuba bayohlolwa izibeletho, benze lokho okubizwa phecelezi ngokuthi i-pap smear kuzo zonke izikhungo zempilo esifundazweni. Lokhu ukuhlola okulula, okusheshayo okusiza ukuba kubonakale amaseli angavamile angase ajike abe umdlavuza. Umuntu wesifazane unelungelo lokuthola ama-pap smear amathathu mahhala ekuphileni kwakhe, eyodwa njalo ngemva kweminyaka eyishumi – noma eyodwa njalo ngonyaka uma enegciwane lesandulela-ngculazi. Siyanicela ukuba nisebenzise leli thuba ukuze ninakekele izimpilo zenu, kuwumsebenzi wenu lowo. Abantu besifazane bangomama besizwe, futhi bavamise ukungayinaki impilo yabo ngenxa yabanye abantu. Kumelwe sikushintshe lokho manje. Amadoda kudingeka akhuthaze futhi asekele abesifazane ekhaya ukuba bahambe njalo bayohlolwa impilo. Impilo yomuntu wesifazane wumthwalo nomsebenzi womphakathi, womndeni nowakhe. Uma © UNICEF South Africa/Schermbrucker

bengekho omama abanempilo, imvamisa imiphakathi iyaphazamiseka, ngoba abaningi kudingeka bazinakekele, futhi lokho kuvamise ukuholela ekutheni kube khona abasala dengwane. Sonke kumelwe siyikhathalele impilo yethu uma sifuna ukwakha imiphakathi enempilo. Omama ikakhulu, njengoba kuyibo abangabanakekeli abakhulu emindenini, kudingeka baqinisekise ukuthi bathola ulwazi maqondana nempilo enhle nendlela yokuyithola. Ukugwema izifo kufanele kube wumgomo wethu ngoba uma senza kanjalo singaphumelela endabeni yokunqanda izifo. Singakwazi ukwakha imiphakathi enempilo; SINGAKWAZI ukusindisa izimpilo, futhi sinqande ukushona kwabesifazane abakhulelwe. Kodwa konke lokho singakufinyelela uma sisebenza ngokubambisana – njengomndeni, njengomphakathi, njengabasebenzi bezempilo, njengabanakekeli, nanjengohulumeni. Indaba yokunakekelwa kwempilo yomphakathi iqala ngomuntu ngamunye kithi, futhi isho ukunakekela wonke umuntu emphakathini wethu. Kungaleyo ndlela kuphela esingaphonsa ngayo esivivaneni futhi sisindize izimpilo zabaningi.

www.unicef.org/southafrica www.facebook.com/unicefsouthafrica


OKUPHAKATHI • ISONTO LOKULAWULWA KOKUSAKAZEKA KWAMAGCIWANE NEZIFO • YINYANGA YOKUQWASHISA NGOMDLAVUZA WAMABELE • USUKU LOMHLABA WONKE LOKUQWASHISA NGESIMO SOTSHWALA OSANENI • IZANDLA EZIHLANZEKILE ZISINDISA UKUPHILA • WUSUKU LOMHLABA WONKE LWE-ARTHRITIS • USUKU LUKAZWELONKE LWESIFO SOKUNTULEKA KWE-IODINE • OKTHOBA: IZINSUKU ZOKUQWASHISWA KWABANTU • ISIQONDISO SANYANGA ZONKE • AKE SITHI NHLA

Siyababonga laba abalandelayo ababe neqhaza: EZempilo E-KZN Uphiko LweZempilo KuMasipala WaseThekwini U-ZOHRA MOHAMED TEKE (UMHLELI) COLIWE ZULU THANDI ZULU DERICK MATSENGARWODZI THEMBA MNGOMEZULU KATHY WADDINGTON DUDLEY VIALL Imibono novo lwakho lwamukelekile, futhi uma kunesisebenzi sezempilo esikuhlabe umxhwele esikusize ngendlela enhle kakhulu sicela usazise futhi sizosiveza! Sithinte kule nombolo ethi 031 562 9803, noma ku-editor@ezempilohealthmatters.co.za noma usibhalele kuleli kheli, P O Box 25439 Gateway 4321. ILUNGELO LOBUNIKAZI & NOKUKHANGISA Konke okushicilelwe kulo magazini kuyilungelo le-Ezempilo, Health Matters futhi kungase kuphinde kukhiqizwe mahhala ngezinjongo zokufundisa kuphela, uma kutholakale imvume. EZempilo E-KZN, uMasipala WaseThekwini nEzempilo Health Matters abahlangene nganoma iyiphi indlela nabakhangisi abakulo magazini.

Kuleli sonto sigubha isonto lokulawulwa Kokusakazeka Kwamagciwane Nezifo. Njengomphakathi akufanele sigcine nje ngokufundisa imindeni nabangane bethu mayelana nokuthi ibucayi indaba yokusakazeka kwamagciwane nezifo, kodwa kufanele sifundise nomphakathi wonkana, ngoba ukusakazeka kwezifo kusho ukunciphisa ukusakazeka kwamagciwane yonke indawo nanoma kuphi lapho kunokuxhumana kwabantu. Enye indlela elula kunazo zonke yokulawula ukusakazeka kwezifo iwukugeza izandla ngensipho namanzi – lokhu kunganciphisa ukusakazeka kwamagciwane ngamaphesenti angaba ngu-75! Kubalulekile ukukhumbula okulandelayo ukuze kungabi nokudluliselana ngezifo, ikakhulu uma unakekela abantu abagulayo:

Ukupheka Nokulungisa Ukudla • Inyama ebomvu, inkukhu nenhlanzi kufanele kuphekwe njalo. Gwema imikhiqizo equkethe inyama engaphekiwe noma engaphekiwe ngokwanele noma imikhiqizo yobisi. Ungalokothi udle ukudla osekudlulelwe yisikhathi. • Ukudla kufanele kugcinwe futhi kuphekelwe endaweni ehlanzekile futhi akufanele nanini uxubanise ukudla okuluhlaza nokudla okuphekiwe – ngoba lokho kungasakaza amagciwane ngokukhulu ukushesha! Yihlanze kahle indawo oyisebenzisayo lapho ulungisa futhi upheka ukudla usebenzise isibulalamagciwane esifanele futhi uvale ukudla ukuze kungahlalwa yizimpukane. • Gezisisa izandla zakho ngamanzi ahlanzekile nangensipho ngaphambi nangemva kokuphatha ukudla, ikakhulu inyama eluhlaza ukuze uvimbele ukuxubana kwamagciwane. Zama ukungasebenzisi ugwembe lwepulanga ukuze uqobe ukudla futhi ungasebenzisi ummese owodwa obuqoba ngawo inyama eluhlaza bese uqoba inyama evuthiwe ungazange uwugeze ngamanzi ahlanzekile afudumele nensipho kuqala. • Gwema inhlanzi eluhlaza uma unakekela umuntu onengculazi ngoba ingenwa kalula amagciwane futhi ingase imgulise.

OKT 21-25

Isonto Lokulawulwa Kokusakazeka Kwamagciwane Nezifo

• Zigeze njalo izithelo nemifino ngaphambi kokuyidla ngoba ingase ibe nemithi ebulala izinambuzane. • Gwema ukudla okugayisisiwe ngoba amavithamini ako amaningi abalulekile ayafa ngesikhathi kwenziwa. • Qiniseka ukuthi amagundwane awangeni lapho kubekwe khona ukudla. Umuntu onengculazi kufanele agweme abanye abantu abanezifo ezithelelwanayo ezinjengomkhuhlane noma izifo zezingane ngoba imizimba yabo ibuthaka (ayikwazi ukulwa ngamandla nezifo) futhi lokho kubangelwa yigciwane lengculazi, okwenza kube lula ngabo ukungenwa ezinye izifo. Abantu abanengculazi bangaguliswa kakhulu amagciwane nje avamile nezifo ezivamile, kodwa khumbulani bandla ukuthi bayakudinga ukwangiwa, ukubanjwa izandla, ukubhucungwa umzimba kanye nezinye izinhlobo eziningi zokuthintwa, futhi lokho kuphephile.

Bhandisha izilonda zakho Uma usikekile noma unezilonda, ikakhulu ezandleni zakho, kumelwe uqaphe kakhulu ukuba ungagulisi umuntu onengculazi noma uzigulise wena. Uma unezilonda zomkhuhlane, noma ngabe yikuphi ukugula kwesikhumba, ungamthinti noma uthinte izinto zakhe. Ungase udlulise isifo sakho kuye. Uma kudingeka unakekele umuntu, bhandisa izilonda zakho futhi ugeze izandla zakho ngaphambi kokumthinta. Uma uqubukile ezandleni noma unezilonda ezandleni, gqoka amagilavu alahlwayo. Ungawasebenzisi amagilavu alahlwayo ngaphezu kwesikhathi esisodwa; walahle bese usebenzisa amasha.

KHUMBULA UKUGEZA IZANDLA ZAKHO NGAMANZI ASHISAYO NENSIPHO IKAKHULU NGAPHAMBI NANGEMVA KOKUDLA, NGEMVA KOKUYA ENDLINI YANGASESE NANGEMVA KOKUTHINTA IMFUYO YASEKHAYA!

1. Gcobisa izandla ngensipho

2. Khuhlanisa izandla

3. Geza iminwe naphakathi kwayo

4. Geza intende yezandla usebenzisa izinzipho

5. Geza ingemuva lezandla usebenzisa izinzipho

6. Gezisisa izandla bese uzisula


U-Okthoba...yinyanga

yokuqwashisa ngomdlavuza wamabele ‘Ukutholakala masinyane komdlavuza wamabele kuyisivikelo esingcono kakhulu.’

njengesikhumba sewolintshi sizwakala kanjalo uma usithinta

futhi

Zihlole amabele kanye ngenyanga ngesikhathi usesikhathini futhi uzihlole ngesikhathi esifanayo sosuku nyanga zonke.

Indlela yokuhlola amabele akho • Lala phansi ubeke ingalo yesokudla ngaphansi kwekhanda. Ukulala phansi kwenza kube lula kakhudlwana ukuzwa izigaxa ebeleni. • Sebenzisa iminwe yakho emithathu ephakathi yesandla sokunxele ukuze ufune izigaxa ebeleni elingakwesokudla, ulithinte lonke. • Qala ngokuzwa izigaxana eziseduze kwesikhumba; bese uthi ukucindezela ukuze uthi ukujula; bese ucindezela kakhulu ukuze uzwe izigaxana eziseduze nesifuba. Ayikho inkinga uma uzwa okusanqenqema oluqinile engxenyeni engezansi kuwo womabili amabele, kodwa kufanele utshele udokotela uma kukhona okuzwa kungajwayelekile.

Umdlavuza wamabele uyimbangela ehamba phambili yomdlavuza kubantu besifazane, futhi uhlasela abesifazane abangaphezu kuka3800 unyaka ngamunye. Abesifazane abaningi basacabanga ukuthi uma unomdlavuza wamabele kusho ukuthi uzokufa nakanjani, kodwa eqinisweni, uma usheshe watholakala, kwelinye ibele usemathubeni amaningi owesifazane angathola ukwelashwa okuba nawo nakwelinye. okusebenzayo futhi imiphumela ibe mihle. • Omama asebekhulile noma labo abaqala ukuya esikhathini besebancane kakhulu, nalabo abayeka ukuya esikhathini sebebadala kakhulu.

Obani abasemathubeni amaningi okuthola umdlavuza wamabele? • Umuntu wesifazane onomama, udadewabo, noma indodakazi eyake yaba nomdlavuza usemathubeni aphindwe kabili kunowesifazane ovela emndenini ongakaze ube nomdlavuza wamabele. • Owesifazane oseke waba nomdlavuza

• Abesifazane abathola ingane yokuqala ngemva kweminyaka yobudala engu-30. • Abesifazane abangenazingane nabo basemathubeni amaningana.

• Phinda wenze okufanayo nasebeleni elingakwesobunxele, ubeke ingalo yakho yesokunxele ngaphansi kwekhanda futhi usebenzise iminwe yakho yesandla sokudla ukuze uzihlole. • Yima phambi kwesibuko izandla zakho zibambelele okhalweni, bheka amabele akho ukuthi akukho yini okushintshile ebukhulwini bawo, endleleni ame ngayo,

eziningi zingenabungozi, uma zizwakala zingajwayelekile kufanele zihlolwe! * Ukushintsha kwebele

kobukhulu

nokuma

* Isikhumba sebele siba nezifaca * Ingono ishone phakathi * Kuphuma okungajwayelekile

okuthile

ebeleni

Ziyini Izimpawu?

* Isikhumba sebele, ingono noma indawo emnyama ezungeze ingono iyaxebuka, ibomvu noma ivuvukele

* Isigaxa ebeleni noma eceleni kwalo noma ngasekhwapheni – yize izigaxa

*

Isikhumba

sebele

sibukeka

okubukeka ngendlela engafanele, noma izifaca, noma ububomvu noma ukuxebuka kwengono noma kwesikhumba sebele. • Hlola ikhwapha ngalinye usahlezi phansi noma umile futhi uyiphakamise kancane ingalo ukuze ukwazi ukuzwa leyo ngxenye. Ukuphakamisa ingalo iqonde kuqinisa isikhumba esikule ngxenye bese kwenza kube nzima ukuzihlola.

Izindlela Zokwelapha • Uma kunezimila okubonakala sengathi azikasabalali, leso simila singakhishwa kodwa kushiywe ingxenye enkulu yebele. Le ndlela ibizwa ngokuyi yi-lumpectomy. • Ngezinye izikhathi kungase kudingeke ukuba kususwe lonke ibele (le ndlela ibizwa ngokuthi yi-Mastectomy) • Ngokuvamile indlela yokwelapha ihlanganisa ukususwa kwebele noma kwesigaxa, bese kulandela ukwelashwa nge-chemotherapy nangemisebe.

Iziguli ezinomdlavuza kudingeka zenze izinguquko eziningana ekuphileni kwazo. • Ukwelashelwa umdlavuza kungase kukuphathe kabi emzimbeni. • Imiphumela engemihle yechemotherapy ingase yenze owesifazane osemusha angakwazi ukuthola ingane. • Abaningi isikhashana.

baqothukelwa

• Uma umdlavuza ususakazekile, kuyabaluleka ukwazi ukuthi kunamathuba okufa nokuba uhlele futhi ubhekane naleso simo. • Amabele ayingxenye yomzimba abesifazane abaningi abayibheka njengebalulekile futhi labo bantu besifazane bawabona ehambisana nezinto eziningi eziyigugu kubo, kuhlanganise nothando nezingane. • Uma umndeni unothando nokuqonda lokho kungenza isimo esinzima kakhulu sibekezeleleke. • Okubaluleke kakhulu ukufunda indlela yokunciphisa ukucindezeleka ekuphileni kwakho nokuthola indlela yokubhekana nakho kanye nokushintsha indlela odla ngayo. Likhona ithemba futhi bakhona abantu abangakusekela. Qina idolo – khumbula ukuthi sekunezindlela eziphucuzekile zokwelapha umdlavuza – akusho ukuthi uzokufa nakanjani. Khumbula ukuthi iziguli ezingaba amaphesenti angu-90 ziphila iminyaka eminingi ngemva kokuba zithole ukuthi zinomdlavuza uma ubonakale ngokushesha.

Xhumana nomtholampilo oseduze ukuze uthole usizo oluthe xaxa, noma uthinte i-CANSA kule nombolo yocingo yamahhala: 0800 226622

yizinwele

akhathliseki md lavuza wama bele. Kung uno a am um i uth uk la ka thola kho. Ubaba 1 kuphela ngesikhathi ku a uphethe umama wa um e -k Ngangineminya ka engu-1 wa th pha asa ing usa, iswa umama ingaki, umdla vuza uyeth emibili, ngakho ngakhul ka nya ukuthi uneminya ka em mi ne si ani ng hla ayi ela ngesikhathi hathi. Wahamba ngingak e. Ngangina ye ngimsek ban wa yengekho ngaleso sik am sib a ek ing ad kw nje a izinwele kukho konke, futhi ma athi egula. Ngangimkam ikh es ng kuphela. Sa sibambisene e ed ak ibh la be imbam celezi i-chemo. Ngang ela shwa ngemisebe, phe uyithi sobabili nje. ima nga ngimqabule. Kwak ang Ng a. uk oth ziq za hi fut yo. Kodwa kithina, ndeni nabangane aba buzwa imi u ng hlu ubu zi aba bay nangoku siqinisa idolo kona, ngoba aba ningi Kuningi enginga nitsheli ngokusibamba ngesand la lu ku lun ku uN a ng ibo ng ba elokoza yo, futhi ne onama nd la ka khulu kwakunenhlansi yethem ambheka njengowesifaza Ng . ma lula wa a am Um ekana naleso simo. ngibonga uNkulun kulu nokusinika amand la okubh azane aba namand la futhi sif be ntu aba e any nab ikhula, ngahlanga na udingeka ngikwenze ngizokwenza konke ok emhla beni. Njengoba ngang i uth uk zi iya Ng i. qoz ug ukuthi ane ngoba bangifaka vuza wama bele awusho dla um i uth uk ngabo bon ke labo besifaz hi fut zi eki. Ngiya i izingane zami azihluph ukuze ngiqinisekise ukuth adlula ebunzimeni. yindaba yomuntu ow na Le – . afe u unt um kudingeka


5031

Okthoba 17: Usuku Lomhlaba Wonke

Lokuqwashisa NgeSimo Sotshwala Osaneni Impilo yomntanakho isengozini uma uphuza utshwala ukhulelwe – iqiniso elimsulwa lelo. ISimo Sotshwalo Osaneni (Foetal Alcohol Syndrome [FAS]) ngenye yezinkinga zempilo ingane eba nazo ngenxa yokuthi umama ubephuza utshwala ngesikhathi ekhulelwe. Utshwala buthwalwa busuka egazini likamama buye kumtwana – buthikameza ukukhula komntwana. INingizimu Afrika ingelinye lamazwe anezehlakalo eziphezulu ze-FAS emhlabeni! Kuyethusa lokhu, ikakhulukazi ngoba kuyinto esingayishintsha, ngoba phela kusezandleni zethu.

Ukuphuza utshwala ngesikhathi ukhulelwe kuyingozi kakhulu osaneni olungakazalwa ngoba kungabangela izingozi ezinkulu kuhlanganise nokuzalwa komntwana ngaphambi kwesikhathi, ukuzalwa kosana selushonile kanye nezinkinga ekuzalweni (okusho ukuthi umntanakho angazalwa enokukhubazeka okuthile). Ukuphuza utshwala ngesikhathi ukhulelwe kungaphumela ekutheni ingane yakho ibe nezinkinga ezilandelayo: • I-IQ ephansi • Ingakhuli kahle • Ibe nezinkinga zokufunda • Izinkinga zokuziphatha • Izinkinga zempilo yengqondo njengokucindezeleka • I-ADHD • Ibe sengcupheni enkulu yokudla izidakamizwa HLENGA IMPILO YOMNTANAKHO, YEKA UKUPHUZA KUNGAKEPHUZI! IZINDLELA ZOKUYEKA UTSHWALA NGESIKHATHI UKHULELWE

• Vuma ukuthi unenkinga futhi awukwazi ukuyeka ukuphuza utshwala – ukuvuma ukuthi unenkinga isinyathelo sokuqala ekwenzeni okuthile ngayo. • Khuluma nomsebenzi wezempilo noma umeluleki wangakini ukuze akusize uyeke utshwala nangezinye izindlela zokuxazulula izinkinga zakho. • Zama ukuxazulula inkinga eyodwa ngesikhathi – ngaleyo ndlela ngeke zibonakele zinkulu kakhulu ukuthi ungabhekana nazo. • Hlangana nabanye abesifazane abakhulelwe emphakathini wangakini ukuze nixoxe ngezindlela zokubhekana nemizwa yakho neseluleko mayelana nokuxazulula izinkinga. • Thatha isinyathelo sokuqala futhi wenze ushintsho oluncane – kuzokwenza uzizwe kangcono futhi kukukhuthaze ukuba wenze ushintsho olwengeziwe ukuze kube ngcono. INDLELA YOKUSIZA NJENGOMPHAKATHI Uma wazi othile ophuza utshwala ngesikhathi ekhulelwe, zama ukukhuluma naye kunokuba umahlulele – angase azizwe sengathi kungaphezu kwamandla akhe futhi akakwazi ukubhekana nesimo. Hlela indlela yokuxhumana emphakathini ukuze abesifazane basizane – kulula ukuxazulula izinkinga uma unabantu abakusekelayo. Fundisanani!

Abantu abaningi b a p h e n d u k e l a ekusebenziseni izidakamizwa uma benenkinga, kodwa kwabesifazane abakhulelwe lesi simo sibi kakhulu ngoba sithinta nomntwana ongakazalwa. Nakuba kungase kubonakale kunzima, kungenzeka UMnyango wezempilo uyeke; kuyinto eyenzekayo. e-KZN ukhuthaza abesifazane Zama okulandelayo:

abazama ukukhululelwa ukuba bayeke ukuphuza utshwala ngokuphelele. Khumbula ukuthi noma yini umama ayiphuzayo ngesikhathi ekhulelwe, nosana luyayiphuza nalo – ngakho cabanga ngaphambi kokuba uphuze!

Ubisi lwethu lune-Calcium, uVithamini B12 no-D. Luzokusiza ube ungqa phambili. I-Phosphorus ephakathi yenza lube nempilo ngempela. Lunane-Protein eyenza lungabi mnandi nje kuphela. Masingakhohlwa nangoVithamini A. Sinilethela okungcono kakhulu kwa-Clover milky way.



U-Okthoba 12 Wusuku

23 Okthoba: Usuku Lukazwelonke Lwesifo Sokuntuleka Kwe-Iodine

Lomhlaba Wonke Lwe-Arthritis Ihlasela kakhulu abesilisa nabesifazane abaneminyaka yobudala engaphezu kwengu-65. Ngisho noma ungakeqi ngale kweminyaka yobudala engu-65, kufanele wazi ngalesi sifo, ukuze usize abanaso emphakathini wakini ukuba bakwazi ukubhekana naso – kungaba umakhelwane, umngane, ugogo noma othile emndenini. I-Arthritis, ewukuvuvukala noma ‘ukulimala’ kwamathambo, yisifo esihamba phambili ezweni esenza abantu babe nokukhubazeka, futhi sihlasela umuntu oyedwa kwabayisikhombisa.

Ngokwesibonelo, ugogo uGrace oneminyaka engu-68 waqala ukuhlushwa yizinhlungu ezinkulu emathanjeni asezandleni, kodwa abantu abaseduze naye babecabanga ukuthi uphethwe wukuguga nje – futhi naye wayecabanga kanjalo. Wayesebenza kanzima usuku lonke, ewasha, ehlanza indlu, epheka – naphezu kwezinhlungu lezo, ezamqinisa kakhulu ekuhambeni kwesikhathi. Lapho engasakwazi ukubekezelela izinhlungu waya emtholampilo osendaweni wakhuluma nesisebenzi sezempilo esamtshela ukuthi une-Arthritis. Yize lingekho ikhambi layo, ugogo uGrace useyakwazi manje ukunakekela amathambo akhe ukuze izinhlungu zibekezeleleke – ngokudla ukudla okunempilo nokugwema imisebenzi edinga amanzi kakhulu ngoba manje useyazi ukuthi yenza izinhlungu zibe nzima kakhulu. Uma sizifundisa okuthile nge-Arthritis futhi sifundise abanye, lokho kuyosho ukuthi umuntu onalesi sifo angaphila ukuphila okungenazo izinhlungu kakhulu, ngakho masiphonseni esivivaneni! I-Arthritis yisifo esihlasela amalunga ethu omzimba okungaholela ekuvuvukaleni kwaleyo ngxenye yomzimba kubangele

nezinhlungu ezingapheli. Izimpawu ezinkulu ze-Arthritis yizinhlungu, ukuvuvukala njalo, ukuzizwa ubophene futhi ngezinye izikhathi ubuhlungu obungapheli emalungeni. Lesi sifo singahlasela nezinye izitho zomzimba futhi lokho kungaholela kulokhu okulandelayo: Ukungakwazi ukusebenzisa izandla noma ukuhamba kahle a) Ukucindezeleka nokuzizwa ukhathele futhi ushisa ngokweqile b) Ukuncipha emzimbeni c) Ukungalali kahle d) Ubuhlungu neminjunju emisipheni e) Ubunzima bokunyakazisa amalunga omzimba analesi sifo Yize lingekho ikhambi le-Arthritis, zikhona izindlela zokuqinisekisa ukuthi izinhlungu ziyancipha, futhi ezinye zalezo zindlela ziwukuvivinya umzimba, ukudla ukudla okunempilo ukuze ugweme ukukhuluphala okungabhebhethekisa lesi sifo, imithi enciphisa ukulimala kwamathambo nezinhlungu – kanye

ISIXWAYISO! Ukuntuleka kweiodine, ikakhulu kubantu besifazane abakhulelwe nabancelisayo, kungabangela ukulimala kobuchopho osaneni olusakhula!

i-iodine lokho okulandelayo:

Imvamisa omama baba matasa kakhulu benakekela izingane zabo baze bakhohlwe ukuzinakekela bona. Lolu suku lukhumbuza bonke abesifazane, ikakhulu abakhulelwe, ukuba badle ukudla okunempilo futhi baqinisekise ukuthi bathola i-iodine eyanele emizimbeni yabo.

Angase atete kungakabi yisikhathi

Kungani kubalulekile?

nokuhlinzwa ufakelwe okuyindlela ebizayo.

amalunga

Kubalulekile ukuya emtholampilo! Qhubeka usebenzisana nezisebenzi zempilo ngoba zingakucebisa ngezindlela zokubhekana nokunciphisa ukulimala kwamathambo okubangelwa yi-Arthritis. • Zitshele ngokushintsha kwezimpawu zokugula ukuze zikwazi ukukutholela imithi ekufanele. • Yiphuze njalo imithi yakho ngendlela oyalelwe ngayo. • Bika noma yiluphi ushintsho oluzwayo empilweni yakho noma imiphumela engemihle oyizwayo. • Ukuphumula kubaluleke kakhulu kubantu abahlushwa yi-Arthritis, kodwa kuyadingeka ukuzivivinya ngokusesilinganisweni ukuze igazi ligijime kahle! Uma kunomuntu omaziyo oneminyaka engaphezu kwengu-65, mfundise ngezimpawu ze-Arthritis ukuze azi ukuthi kufanele abheke ini futhi afune usizo lokunciphisa izinhlungu ezihambisana nayo.

I-iodine yikhemikhali esetshenziswa yindlala yegilo (thyroid gland) esiza ekulawuleni ukushaya kwenhliziyo, i-cholesterol, ubukhulu bomzimba futhi ilinganise kahle amahomoni ethu. Indlala yegilo isezansi entanyeni ngaphambili futhi isiza nasekugayeni ukudla. Ngokwemvelo, abantu besifazane bayayintula i-iodine ngoba indlala yabo yegilo inkulu ngokuphindwe kabili kweyabesilisa. Uma ukhathazeke kakhulu emoyeni, uyidinga nakakhulu.

Ithonya layo enganeni Uma

owesifazane

okhulelwe

entula

kungabangela

lokhu

Ingane ingase ishone noma ayibelethe isishonile

Ingane ingase izalwe inokukhubazeka okuthile, kuhlanganise nokulimala kobuchopho, izinkinga zokukhula, ukuzwa nokukhuluma. Ngisho nokuntuleka okuncane kweiodine ngesikhathi umuntu wesifazane ekhulelwe, kungase kwenze ingane ingahlakaniphi kangako.

Indlela ongaqinisekisa ngayo ukuthi uthola i-iodine eyanele Imvamisa umuntu udinga ithispuni yeiodine ukuphila kwakhe konke, kodwa ngenxa yokuthi i-iodine ayigcineki emizimbeni yethu isikhathi eside, kudingeka sithole izilinganiso zayo ezincane izikhathi eziningi. Indlela engcono kakhulu yokwandisa isilinganiso se-iodine wukudla inhlanzi kakhulu. Okunye ukudla okune-iodine amaqanda, imikhiqizo yobisi, njengobisi, ushizi, neyogathi, u-anyanisi kanye neredishi.

Yikuphi ukudla okufanele umuntu wesifazane okhulelwe akugweme? Gwema ukudla okunjengekhabishi, amantongomane, ufulawa wesoya, iklume (brussel sprouts) ukholifulawa nobrokholi, ngoba lokhu kudla kwenza i-iodine ingamunceki ngokushesha.

Izimpawu ezingakutshela ukuthi awutholi i-iodine eyanele Yiya emtholampilo wangakini uma ukhulelwe futhi unenye yezinkinga kulezi ezibalwe ngezansi, ezingase zibe yizimpawu zokuthi umzimba wakho awutholi i-iodine eyanele: • Ukukhathala – ngendlela engavamile • Izandla nezinyawo ezibandayo • Ukungakwazi ukugxilisa ingqondo nokukhohlwa • Indlala yegilo evuvukele Ungadli usawoti omningi ngokungavamile, kodwa zama ukuthenga usawoti oneiodine kunokuthenga usawoti wolwandle ovamile.


KZN HEALTH KZN HEALTH NEWS NEWS Ukulwa Nezifo, Ukulwa Nendlala, Ukunika Ithemba

UNGQONGQOSHE UDKT SIBONGISENI DHLOMO UNIKEZA AMALUNGU OMPHAKATHI IZIHLALO ZABAKHUBAZEKILE UNgqongqoshe Wezempilo kwaZulu Natal uDkt Dhlomo usekufakazele futhi ukuthi akalona nje inxusa lezindaba zempilo. Muva nje uphonsele inselelo osomabhizinisi bendawo edolobheni elincane laseUtrecht (manje elibizwa ngokuthi uMasipala WaseMadlangeni) ukuba banikele ngo-R20,000 ukuze kuthengwe izihlalo zabakhubazekile eziyisithupha ebezidingwa kakhulu wumphakathi wasendaweni. Bayamukela leyo nselelo, futhi ngasekuqaleni kwenyanga edlule, uDkt Dhlomo ekanye nabaxhasi,

UNgqongqoshe uDhlomo enikeza amalungu omphakathi izihlalo zabakhubazekile

i-Khethekile Mining wabanikeza izihlalo zabakhubazile labo ababezidinga. “Kudingeka senze abantu abakhubazekile babe namathuba alinganayo futhi kudingeka sibasize ekuthuthukiseni izinga lokuphila kwabo nokwemindeni yabo, sibasize ngezidingo zabo eziyisisekelo futhi siqiniseke ukuthi abashiywa eceleni futhi baba neqhaza ekuphileni kwabo,” kusho yena uDhlomo, owabuye wanezela “sidinga ukufaka kubantu umoya wokuNakekelwa Kwempilo Ezweni Lonke ngakho konke okusemandleni, futhi siqale ukutshala imbewu yokubaluleka kokuthi

Kuvulwa umtholampilo omusha!

bonke abantu bathole izinsiza zempilo. Siyalibonga igalelo le-Khethekile Mining ekushintsheni izimpilo zalaba bantu. Manje sebengakwazi ukuzihambela bengasizwa kakhulu abanye abantu, noma bengasizwa nhlobo.” Abathole lezi zihlalo bakhethwa ngokwesidingo sabo esikhulu kunazo zonke – bonke bahlala esifundeni saseMadlangeni, eduze kwaseNewcastle nase-Vryheid. Lena yindawo engamaphandle, futhi inabantu abangaba ngu-23000 – abaningi babo abasebenzi, okwenza kube nzima ukuzinzisa umnotho.

Abazali babafundi abafundela ubudokotela e-Cuba begajwe yinjabulo njengoba bebonga uNgqongqoshe uDhlomo

Ukulwa Nezifo, Ukulwa Nendlala, Ukunika Ithemba

UDKT SIBONGILE ZUNGU OPHETHE EMNYANGWENI UFUNA KWENZIWE UMZAMO OTHE XAXA UKUZE KUGWENYWE UKUSAKAZEKA KWEZIFO EZITHATHELWANAYO Izifo ezithathelwanayo eNingizimu Afrika ziyanda kakhulu futhi zicindezela umnotho wezwe – futhi ukwelashwa kwazo kubiza kakhulu kunokuzivimbela, kusho oPhethe Emnyangweni Wezempilo kwaZulu Natal uDkt Sibongile Zungu. Ngesikhathi ekhuluma ne-Federation of Infectious Diseases Societies of Southern Africa (FIDSSA) engqungqutheleni ngenyanga edlule, uDkt Zungu wathi kudingeka amanye amasu ukuze kusingathwe indaba yokugwenywa kwezifo ezithathelwanayo njengengculazi, i-TB, umalaleveva nesifo sohudo. “INingizimu Afrika yizwe lesine emhlabeni elinabantu abaningi abane-TB (ngemva kwezwe laseNdiya, i-China ne-Indonesia) futhi inezinkinga ezingamaphesenti angu-

28 emhlabeni wonke ezimaqondana ne-TB ehlobene nesandulela-ngculazi. Kubantwana abancane, isifo sohudo kanye ne-pneumonia kusabangela ukufa ngamaphesenti angu-15. Izwe lifinyelele izinga eliphakeme lokuzinza komnotho kusukela ngo-1994 selokhu kwathatha ukubusa kwentando yeningi okusekelwe kumthetho-sisekelo, futhi linomnotho omkhulu kakhulu e-Afrika, ngoba linikela ngamaphesenti angu-40 kuyi-GDP yezwekazi futhi linegalelo elikhulu ekuhwebeni nasekutshaleni izimali kuleli zwekazi. Kodwa imali eholwayo ayikalingani kanti nobumpofu buseyinselelo enkulu, futhi abantu abampofu abawatholi kahle amathuba okuzuza kwezomnotho

UNgqongqoshe eya e-Mid Illovo eyovalelisa abafundi abayofundela ubudokotela e-Cuba

kanye nokunakekelwa kwempilo. Yize kunentuthuko enkulu emnothweni waseNingizimu Afrika nakwezenhlalo, sisasongelwa yizifo ezihlukahlukene ezithathelwanayo. Izifo ezihambisana nenhlupheko yizifo ikakhulu ezidluliselwanayo futhi zihlasela kakhulu abantu bakithi.” Lapho ephetha, uDkt Zungu wacela labo abasemkhakheni wesayensi abasebenza ngezifo ezithathelwanayo ukuba bathole indlela esebenzayo ukuze kuqinisekiswe ukuthi abasebenzi bezempilo bomphakathi, umphakathi nabenzi bemithetho bayawazi amasu asetshenziswayo ukuze kuvinjelwe lezi zifo.

UNgqongqoshe evalelisa umfundi oyofundela ubudokotela e-Cuba


KZN HEALTH NEWS Ukulwa Nezifo, Ukulwa Nendlala, Ukunika Ithemba

Okthoba 9: Siqinisa Ubudlelwano Bethu

Ekulweni Nengculazi Nesandulela-ngculazi Abezempilo KwaZulu Natal Sebezimisele Kunanini Ngaphambili Ngo-Epreli 2010, izwe langenela umkhankaso wokweluleka ngesandulela-ngculazi nokuyihlola (HIV counselling and testing [HTC]) ukuze kuhlolwe abantu abayizigidi ezingu-15 ukuthi abanalo yini igciwane lesandulela-ngculazi nezinye izifo ezingamahlalakhona. Ngezinyanga ezingu-15, kwelulekwa abantu abayizigidi ezingu-14. Abantu emphakathini abangaphezu kwezigidi ezingu-12 bahlolelwa isandulela-ngculazi – okuyinani elingaphezu kwelangonyaka odlule, okusho ukuthi abantu sebeyalizwa icilongo elikhalayo lokuba bayohlolwa. Kulabo abahlolwa, abayizigidi ezimbili batholakala ukuthi banaso isandulela-ngculazi futhi batshelwa ukuba bathole ukwelashwa.

UNgqongqoshe uthi ubhalise kubalulekile

ukusheshe

Embikweni wakhe wokulethwa kwezinsiza ekuqaleni kwalo nyaka, uNgqongqoshe uDkt Sibongiseni Dhlomo wezempilo kwaZulu Natal wamemezela ukuthi ingculazi ibangele ukufa komama nabantwana abangamaphesenti angu-40, wabuye wathi abesifazane abakhulelwe basafihla ukuthi bakhulelwe futhi abayi

ngesikhathi emitholampilo esiza omama abakhulelwe. Usephinde wanxusa omama abakhulelwe ukuba baye ngokushesha okukhulu emitholampilo esiza omama abakhulelwe futhi bahlolelwe isandulelangculazi. Wanezela wathi ukusheshe ubhalise kubalulekile ukuze ukwelashwa kusheshe kuqale uma kutholakala ukuthi umama okhulelwe unegciwane. UDkt uDhlomo wagcizelela nokuthi uma omama abakhulelwe abanesandulelangculazi besheshe baqale ukwelashwa lokho kunganika nengane ithuba elingcono lokusinda futhi ingalitholi igciwane. “Singasindisa abantwana ababili kwababili abafayo uma omama nezinsana zabo bethola ukwelashwa okusebenzayo ngokushesha,” kusho uDkt Dhlomo.

Kunengqubekela-phambili KwaZulu Natal

kwatholakala ukuthi banaso futhi bayiswa ngokushesha ezindaweni abangathola kuzo usizo nokwelashwa. • Iziguli ezingamaphesenti angu-90 ezinesandulela-ngculazi zahlolelwa i-TB. Iziguli ezinesandulela-ngculazi zinikezwa i-Isoniazid Preventative Therapy (IPT) ukuze kuvinjwe i-TB eyingozi. • Antiretroviral Therapy as at 31 March 2011: • Ingqikithi yezikhungo zokwelapha ezingu-518 (amaphesenti angu-78 ezikhungo kwaZulu Natal) zinikeza i-ART, kuhlanganise nezikhungo zempilo eziyinhloko ezingu-429 eziqalisa ngama-ARV • Iziguli ezingu-489 801 zisohlelweni lwe-ART

• Inani lezingane ezizalwa negciwane lesandulela-ngculazi (zilithola komama bazo) lehlile lisuka kumaphesenti angu-22 ngo-2005 kuya kwangu-2.8 ngonyaka ka-2010.

• Abasebenzi abangu-2 339 sebefundisiwe ngeziqondiso ezibukeziwe ze-TB nesandulelangculazi nengculazi

• Kwathi kufika uJulayi 2011, abantu abangu-2 920 433 base behlolelwe isandulela-ngculazi kwaZulu Natal; abangamaphesenti angu-19 (561 057)

• Abahlengikazi abangu-2 901 baqeqeshelwe izifundo ezihlukahlukene maqondana nokulawulwa kwesandulela-ngculazi nengculazi

OKTHOBA: IZINSUKU ZOKUQWASHISWA KWABANTU 1 : Usuku Lomhlaba Wonke Lwabantu Abadala

9 : Usuku lokukhumbula ubudlelwano ekulweni nengculazi

Lolu suku lugujwa minyaka yonke ukuze kubongwe igalelo labantu asebegugile nokubheka izinkinga abanazo. Luyisikhathi futhi sokuba sicabange ngendlela esibaphatha ngayo nokuthi singayithuthukisa kanjani.

Siphila nesandulela-ngculazi nengculazi, lezi yizifo ezikhona futhi ukuphela kwendlela esinganqoba ngayo kule mpi wukuba sibambane. Sonke kudingeka sibe munye ekulweni nengculazi. Lolu suku lunikelwe ekuqiniseni lokho kuzibophezela. Uma sibambene singaphumelela.

1 : Usuku Lukazwelonke Lwezifo Ezidluliswa Ngofuzo Injongo yalolu suku wukuqwashisa abantu nokubakhuthaza ukuba babamukele abantu abazalwa nezifo ezidluliswa ngofuzo (izifo ezidluliselwana emndenini). Sonke kudingeka sisize ekuqedeni izinkolelo-ze ezihambisana nalezo zifo ukuze labo abanazo bakwazi ukuphila ukuphila okuvamile.

4-10 : Isonto Lokushushumbiswa Kwabantu Ukushushumbiswa kwabantu kuhlanganisa ukuheha, ukuhambisa, noma ukugcina umuntu ngokusebenzisa impoqo. Lokhu kuwukwephula umthetho! Kubike lokhu uma kunomuntu omaziyo othintekayo kuko.

8 : Isonto Le-Hospice Lomhlaba Wonke Nokunakekelwa Kwabagula Kakhulu Lokhu kuphathelene nokunakekelwa okukhethekile kwabantu abanezifo ezimbi kakhulu. Lokhu kunakekela kusiza ekudambiseni izimpawu, ubuhlungu kanye nokucindezeleka ukuze kuthuthukiswe izinga lokuphila. Xhumana ne-Hospice Palliative Care Association ku-031 2086110 uma ungathanda ukuthola ulwazi oluthe xaxa.

9-13 : Isonto Likazwelonke Lokudla Kahle Ukuba nesisindo somzimba esiphansi kuphakathi kwezinkinga ezivame kakhulu eziphathelene nokudla kubantwana abangakayi esikoleni eNingizimu Afrika – Ingane eyodwa kweziyishumi eneminyaka ephakathi kwemine neyisithupha inesisindo somzimba esiphansi! Funda uthole okwengeziwe ekhasini

10 : Usuku Lomhlaba Wonke Lwempilo Yengqondo Unyaka nonyaka izigidi zabantu kutholakaka ukuthi zinesifo esithile sengqondo, kodwa bambalwa abayiqondayo le nkinga. Lolu suku lusetshenziselwa ukufundisa umphakathi ngale ndaba kanye nokuyibeka eqhulwini impilo yengqondo emhlabeni wonke. Cishe ingxenye yezifo zengqondo ziqala ngaphambi kweminyaka yobudala engu-14 futhi lesi sifo siyaqhubeka siyimbangela yokuzibulala kwabantu kanti besingelapheka.

12 : Usuku Lomhlaba Wonke LweArthritis I-Arthritis yisifo esibangela izinhlungu kanye nokungakwazi ukunyakazisa amalunga omzimba. Ayaziwa imbangela yaso yangempela futhi alikho ikhambi layo, kodwa kusenziwa ucwaningo

oluningi ukuze kutholakale ikhambi.

12 : Usuku Lweduku Lukazwelonke Abantu bakhuthazwa ukuba ngalolu suku bathenge (bese begqoka!) iduku kwaPick & Pay ngo-R20. Leyo mali inikelwa eSikhwameni SikaBhekilanga (Sunflower Fund) esisiza izingane ezinesifo somdlavuza wegazi (leukaemia) nezinye izifo zegazi ezingabulala.

12: Usuku Lwamazwe Ngamazwe Lokuncishiswa Kwezinhlekelele Zemvelo Injongo yalolu suku wukuthola izindlela zokunciphisa nokunqanda izinhlekele zomhlaba.

13: Usuku Lomhlaba Wonke Lokubona Usuku Lomhlaba Wonke Lokubona lusetshenziselwa ukuqwashisa abantu ngobumpumputhe nokusekelwa nokusizwa kwalabo abangaboni kahle emehlweni. Abantu abadala yibona abahlushwa kakhulu yinkinga yamehlo futhi umyalezo uwukuthi izinkinga zamehlo eziningi ezinjengolwelwesi olukhula ehlweni (cataract) zingelashwa kalula nje.

15: Usuku Lukazwelonke Lwezinsana Ezinesifo Sokulinyazwa Utshwala Omama abakhulelwe akufanele baphuze utshwala ngoba lokho kungalimaza umntwana esiswini. Lelo yiqiniso. Sebenzisa lolu suku ukuze ukhuthaze noma ubani omaziyo ukuba ayeke ukuphuza utshwala futhi avikele ingane yakhe!


OKTHOBA: IZINSUKU

Isiqondiso Sanyanga Zonke...…

ZOKUQWASHISWA KWABANTU 15 : Usuku Lomhlaba Wonke Lokugezwa Kwezandla Ukugeza izandla ngensipho nangamanzi kunganqanda ukufa kwabantu abangaphezu kwesigidi ngonyaka ababulawa yisifo sohudo. Kulula – khuthaza ukugezisiswa kwezandla futhi usindise izimpilo ezithe xaxa.

16: Usuku Lokudla Lomhlaba Wonke Nosuku Lwamazwe Ngamazwe lokuqeda ubumpofu (Okthoba 17) “AMANANI OKUDLA – MAKUPHELE UBUNZIMA ISIMO SIZINZE.” Lesi yisihloko salo nyaka soSuku Lokudla Lomhlaba Wonke. Injongo yalo akukhona nje ukuchazela abantu ukuthi kungani ukudla kubiza kangaka kodwa iwukufundisa ngezindlela zokunciphisa le nkinga – ukwabelana njengomphakathi nokwenza izingadi zemifino yizindlela ezincane esingaba ngazo negalelo ekuqedeni ubumpofu – lokhu kuqala emiphakathini yethu.

16: Usuku Lomgogodla Lomhlaba Wonke Umuntu oyedwa kwababili unenkinga yeqolo. Lokhu kwenza inkinga yobuhlungu beqolo ibe yisizathu esihamba phambili sokungayi kwabantu emsebenzini ngenxa yokugula, futhi odokotela bomgogodla basebenzisa lolu suku ukuze baqwashise abantu ngale nkinga engabadla kanzima ephaketheni.

17-23 : Isonto Lokulawulwa Kwezifo Bewazi yini ukuthi ukugeza izandla zakho kunciphisa ukusakazeka kwamagciwane ngamaphesenti angu-75? Leli sonto lisetshenziselwa ukukhumbuza abantu ngalokhu kanye nokubaluleka kokugwema izifo. Uma sonke sikwenza lokhu, izifo zingancipha futhi singaba

nomphakathi onempilo engconywana, ngakho masikhuthaze wonke umuntu.

20 : Usuku Lukazwelonke LweDown Syndrome I-Down syndrome yisifo esenza umntwana ephuze ukukhula emzimbeni nasengqondweni. Nanka amaqiniso ngedown syndrome: • Abantu abane-Down syndrome baba nokulimala komqondo okuncane kuya kokuphakathi • Imbangela ayihlangene neminyaka, uhlanga, inkolo noma izimo zomnotho • Amaphesenti angu-80 ezingane ezine-Down syndrome azalwa omama abangaphansi kweminyaka yobudala engu-35, kodwa abesifazane abangaphezu kweminyaka yobudala engu-35 basemathubeni amaningi okuthola ingane ene-Down syndrome. • Alikho ikhambi, kodwa izinkinga zokugula ezihambisana nalesi sifo zingelashwa. • Izingane ezine-Down syndrome zingafunda ezikoleni ezivamile Abantu abane-Down syndrome bangaphila baze babe neminyaka engu50 kuya kwengu-55

20 : Usuku Lomhlaba Wonke Lwesifo Samathambo (Osteoporosis) I-Osteoporosis yisifo samathambo esihlasela ingxenye engaphezu kweyodwa kwezintathu yabesifazane abaneminyaka engaphezu kwengu-50 futhi cishe ingxenye yalabo abangaphezu kuka-70. Isiyanda nasemadodeni. Ikhona imithi eyenza lesi sifo sibe ngcono, kodwa ukusinqanda yikhona okusebenza kangcono!

23 : Usuku Lukazwelonke Lwenkinga Yokuntuleka KweIodine I-Iodine yisakhi esibalulekile esidingekayo ekukhuleni. Yize kunjalo, ukuntuleka kweiodine emzimbeni kuyimbangela eyande kakhulu yokulimala kobuchopho, kodwa futhi yisimo esinganqandeka kalula. Omama abakhulelwe ikakhulu kufanele bathole usawoti one-iodine, ngoba lena yindlela engambi neze eqolo yokuthola lesi sakhi. Ukuntuleka kwe-iodine kungabangela ukuchitheka kwesisu, ukuzalwa kwengane isishonile kanye nokunye ukukhubazeka.

24 : Usuku Lomhlaba Wonke Lovendle (Polio) Goma ingane yakho ukuze ingabi novendle – lona umyalezo obalulekile walolu suku! Uvendle yisifo esibi kakhulu esihlasela isimiso sezinzwa futhi singabangela ukukhubazeka, futhi sihlasela ikakhulu izingane ezingaphansi kweminyaka emihlanu. Lesi sifo cishe asisekho nhlobo emazweni amaningi. Ayikho imithi yovendle, kodwa lunganqandwa ngokugoma.

29: Usuku Lomhlaba Wonke Lukanhlangothi (Stroke) Abantu abangaba ngu-60 bayashona nsuku zonke eNingizimu Afrika bebulawa unhlangothi! Lolu suku lusetshenziselwa ukukhuthaza abantu ukuba bazi izimpawu zonhlangothi futhi bakhumbule ukuthi unhlangothi ungagwenywa. Ukungakwazi ukukhuluma, ukungabi namizwa ebusweni, ukungakwazi ukuzimelela uma uhamba – lezi ezinye nje zezimpawu ongazibheka. Khuluma nesisebenzi sezempilo futhi sizokunika amacebiso. Ukunqanda isifo kungcono kakhulu kunokuselapha!

Sezinkolelo nezindlela zokuzelapha ekhaya

Lokho okuyiqiniso nalokho okungelona! Uma abantu becabanga ukuthi umuntu uqalekisiwe noma uthakathiwe, kuyiqiniso yini ukuthi angaba ngcono uma izihlobo zakhe zilimaza noma zibulala umthakathi? Impendulo: Cha, lokho akulona iqiniso! Akekho umuntu osizakalayo ngokulinyazwa noma ngokubulawa komunye umuntu! Kuyiqiniso yini ukuthi uma ‘ukhakhayi’ lwengane lushone phansi ingase ishone ngaphandle uma ithola usizo lokwelashwa ngokushesha? Impendulo: Ngokuvamile lokhu kuyiqiniso, kuye ngokuthi kubangelwa yini. ‘Ukhakhayi’ lushona phansi ngoba ingane isuke ilahlekelwe amanzi amaningi emzimbeni futhi ingafa ngempela uma umzimba wayo uqhubeka ulahlekelwa amanzi. Uma inezimpawu ezilandelayo kanye nokhakhayi olushone phansi, yiya emtholampilo oseduze: • Inenhliziyo emnyama • Ihlanza, ihanjiswa yisisu futhi ishisa kakhulu Kuyiqiniso yini ukuthi uma kunesenzakalo sokufiphala kwelanga (eclipse) owesifazane okhulelwe uzozala ingane ekhubazekile? Impendulo: Lokho akulona neze iqiniso!!

Kuyiqiniso yini ukuthi owesifazane okhulelwe kufanele abelethele egumbini elimnyama elingakhanyisiwe?

yilapho esephole ngokuphelele – kodwa kuyadingeka ukuba ageze ngokuzisula ngendwangu!

Impendulo: Kuyiqiniso ukuthi ukukhanya okungekukhulu kakhulu akuwaphandli amehlo kamama nengane, kodwa kufanele kube nokukhanya okwanele ukuze umbelethisi akwazi ukubona lokho akwenzayo futhi akwazi ukubelethisa. Kodwa uma umama eteta ngomthungo udokotela udinga ukukhanya okwanele ukuze umntwana nomama baphephe.

Kuyiqiniso yini ukuthi indlela endala yokuncelisa ingane ibele ingcono kunendlela ‘yesimanje’ yokuyincelisa ibhodlela?

Kuyiqiniso yini ukuthi usana olusanda kuzalwa akufanele lugezwe kuze kube yilapho kuwa inongwana? Impendulo: Yebo, kuyiqiniso. Inongwana kufanele ihlale yomile kuze kube yilapho iziwela; ngoba uma iba manzi ithatha isikhathi eside ukuwa futhi ingathola amagciwane. Omama belulekwa ukuba bazisule ngendwangu izingane futhi lokho akunazingozi eziningi. Umama kufanele ageze nini ngemva kokuba ebelethile? Impendulo: Umama kufanele ageze ngamanzi afudumele ngakusasa ngemva kokuba ebelethile. Ukungagezi amasonto ngamasonto ngemva kokubeletha kungabangela izifo futhi akufanele, ngaphandle uma etete ngomthungo, futhi uma kunjalo kungase kudingeke alinde amasonto amaningana kuze kube

Impendulo: Impela kuyiqiniso! Ubisi lwebele luNgcono Kakhulu enganeni yakho futhi luyivikela ezifweni. Ubisi olunombala ongathi uphuzi oluphuma kuqala emabeleni akho lubaluleke kakhulu enganeni, ngakho yincelise – leso yisiqalo esihle kakhulu ongasinika ingane yakho! Kuyiqiniso yini ukuthi uma umuntu eshisa kakhulu kufanele ambathe ingubo ukuze ‘umoya ungamgulisi?’ Impendulo: Akunjalo neze! Lokho kungenza umuntu ashise nakakhulu futhi kuyingozi kabi. Uma umuntu eshisa ngokweqile, kuhle ukumkhumula zonke izimpahla zokugqoka nokungamembathisi izingubo ngoba ukushaywa umoya kuzosiza kwehlise ukushisa. Ingabe umuntu ogulayo kufanele agweme ukungena emanzini ageze? Impendulo: Cha, kuhle ukugeza umuntu ogulayo emanzini afudumele nsuku zonke.


Ake Sithi Nhla:

U-Joan Ross –

IMenenja Yokusebenzajikelele Kwesibhedlela I-Fort Napier Akubona bonke abantu abakwazi ukunakekela iziguli ezinokuphazamiseka engqondweni, ngabantu abakhethekile abangenza lokho. Phela lo msebenzi udinga isineke, uzwela nesibindi ngoba izinsuku azifani. Omunye walabo bantu abakhethekile u-Joan Ross, iMenenja Yokusebenzajikelele engxenyeni yokuLungiswa Kwezinkinga Zengqondo e-Fort Napier Psychiatry Hospital eMgungundlovu. Lo mama oneminyaka engu-51 ogcwele umndlandla ubiza iziguli zakhe ngamagama amnandi anjengokuthi ‘mntakwethu’ noma azibize ngamagama azo – okuyinto ebaluleke kakhulu ekwakheni ukwethembana nokuzwana endaweni okungelula ukusebenza kuyo asesebenze kuyo iminyaka engu-24 edlule. Phela odokotela nabahlengikazi abaningi bangakhetha ukungasebenzi ngabantu abagula ngengqondo, kanti nomphakathi awukayeki ukubabandlulula laba bantu.

lami kufanele lenziwe kahle. Ngiyathanda ukuba yingxenye yenqubo nokusiza iziguli zami. Ngizibambela mathupha futhi ngithola injabulo nokwaneliseka uma isiguli silulama futhi sibuyele ekhaya nalapho sithola imibiko emihle ngaso,” esho lawo mazwi ngobuso obubonisa ngokucacile ukuthi unethemba ngekusasa leziguli zakhe. U-Joan umelela uhlobo olungavamile lwabanakekeli beziguli abanikela ngesikhathi sabo kulabo abasesimweni esingemnandi emiphakathini yethu. Indlela enomusa anakekela ngayo izisize kakhulu iziguli zakhe ezingu-48, eziningi zazo

impilo yengqondo. Uthi lokho kuqeqeshwa kwakuwubizo lwakhe futhi akazange esabheka emuva. “Kudingeka sikhuthaze abantu futhi sibenze baqonde ukuthi wonke umuntu unelungelo lokuphila. Lezi ziguli zilapha ngenxa yezimo, azizikhethelanga. Umama wasifundisa ukuthanda abantu nokubamukela futhi lokho kuye kwabangela ugqozi olukhulu kimi nakudadewethu njengoba singabahlengikazi. Awunakuba umhlengikazi uma ungenandaba nabantu noma uma ungabathandi – leyo ingxenye ebaluleke kunazo zonke yalo msebenzi,” kusho lo mama onezingane ezimbili. “Ngingumuntu ofuna izinto zenziwe futhi ngilindela okukhulu kimina. Iziguli zami zingitshela ukuthi isibhedlela akulona ikhaya lami ngoba ngihlale ngifuna izinto zenziwe ngendlela efanele ngaso sonke isikhathi,” uyanezela esho ehleka.

“Konke engikwenzayo, ngikwenza ngenhliziyo yami yonke.”

“Konke engikwenzayo, ngikwenza ngenhliziyo yami yonke. Ngifuna ukukwenzisisa kahle, kungenjalo ngincamela ukungakwenzi. Ngisho netiye

ezenze ubugebengu obunhlobonhlobo, nezingathandwa umphakathi. Kodwa u-Joan wazi kahle ukuthi nazo zidinga usizo olufanayo lwezempilo futhi akufanele zincishwe uzwela nokunakekela okuhle okuhambisana nalo. Akazitholanga nje esenza lo msebenzi. U-Joan wathola iziqu zobuhlengikazi esibhedlela i-Ferere eMonti futhi wafika e-Fort Napier ngo-1987 ezoqeqeshelwa

Njengoba u-Joan esesebenze iminyaka engamashumi amabili, ubona sengathi kuseneminye iminyaka engu15 angayinikeza iziguli zakhe kanye nesibhedlela. Uthi: “Angikakulungeli ukuyeka iziguli zami, kuningi okusafanele ngizinike kona.”


Turn static files into dynamic content formats.

Create a flipbook
Issuu converts static files into: digital portfolios, online yearbooks, online catalogs, digital photo albums and more. Sign up and create your flipbook.