Ezempilo Zulu Jan 2012 Magazine

Page 1

MAHALA

FUNDISA || NIKEZA ULWAZI || NIKEZA AMANDLA

ISIQEPHU 1 • 2012

“O-SUGAR DADDY” BACEKELA PHANSI IZIMPILO!


UMshuwalense Wezempilo Kazwelonke

! g n i n e p p a h s ’ t i … a h p i h k a ‘Z’y

Ukulwa Nezifo, Ukulwa Nendlala, Ukunika Ithemba


Umyalezo ovela... Umyalezo ovela kuMphathiswa Wezempilo E-KZN, uDkt Sibongiseni Dhlomo

2012: Izinselelo esinazo Lo nyaka uzoba yinqophamlando ngoba sethula uMshuwalense Wezempilo Kazwelonke,

phecelezi

i-National

Health

Insurance

(NHI)

osekukade

ulindelwe. Okuseqhulwini esifuna ukukuqinisekisa wukuthi (i) uMnyango usheshise ukuthuthukiswa kwenqalasizinda namaphrojekthi okuvuselelwa kwezibhedlela, (ii) izifunda zibe nezinhlelo zokusabalalisa ulwazi ukuze imiphakathi yazi nge-NHI, (iii) kuthuthukiswe iphrojekthi ebizwa ngokuthi ‘Ngenze Ngibukeke Njengesibhedlela’ kuzo zonke izibhedlela, hhayi nje kulezo okuzoqondiswa kuzo i-NHI, kanye (iv) nokusheshisa uhlelo lokuqinisa indlela yokulawulwa kwezibhedlela. Elungiselela i-NHI, uNgqongqoshe wethu kaZwelonke waqala uhlelo lokuba zonke izimenenja zezibhedlela zihlolwe ukuthi ziyafaneleka yini maqondana namakhono, ulwazi nemfundo. Izibhedlela zafakwa emikhakheni, abantu babekelwa izimfuno zokulawula umkhakha ngamunye. Imibiko yokuhlolwa yayiswa kuzimenenja nakoPhethe Iminyango ukuze kuqokwe abanye esikhundlelni salabo abatholakale bengahlangabezani nemigomo edingekayo. Siphila esifundazweni esihlushwa kakhulu yizifo. Sisazoqhubeka sigxile ezinhlelweni ezizama ukuguqula lesi simo esidabukisayo. Ukuze sisekele lokhu, sizophothula nohlelo lokuqinisa ezempilo ezikoleni ngokuqasha nokuthumela abahlengikazi abafanelekayo eSifundazweni sonkana bese siqala iSu Elinezinhlangothi Ezinhlanu Lokuvimbela Inzalo (ukuhlelwa komndeni) elasungulwa uNdunankulu ngo-Okthoba ngonyaka odlule. Ngeke sigcine lapho. Sizosungula namaQembu Esifunda Afundisa Ngezokubelethisa ukuze kuqinisekiswe ukuthi siyaphucula endabeni yomama ababelethayo ngoba sifuna kuphele ukudluliswa kwesandulela-ngculazi sisuka kumama siya enganeni futhi sifuna zingabe zisaba khona izingane ezithola leli gciwane konina. Lesi sifundazwe sanconywa umhlaba wonke ngokuphumelela ukunciphisa ukudluliswa kwesandulela-ngculazi sisuka kumama siya enganeni kusukela kumaphesenti angu-21% eminyakeni emihlanu edlule kuya kwangu-2,3 ngo-2011. Amanye amaphrojekthi aseqhulwini esizogxila kuwo ahlanganisa ukuqhubeka nokwethula umkhankaso wokuSokwa Kwamadoda Ngezinjongo Zempilo emkhakheni ongasese, izinhlelo ezihambisana nesandulela-ngculazi zizoqiniswa ukuze kusizwe abantu abasemathubeni amaningi okuthola isifo njengabashayeli bamaloli abahamba amabanga amade, abashayeli bamatekisi nabasebenzi basemapulazini. Siqala unyaka ngokufaka umfutho emkhankasweni wethu wokuqwashisa ngezingozi zokuya ocansini kwamadoda amadala namantombazane amancane, okuholela ekukhulelweni kwentsha nasegciwaneni lesandulela-ngculazi. Njengoba siqala u-2012, masikhumbuleni ukuthi sidinga abasebenzi bezempilo abanekhono, abafanelekayo, abanogqozi nabesekwayo abanegalelo elikhulu empilweni yesizwe. Ngakho-ke, masisebenzeni ngokubambisana ukuze bonke abantu baseNingizimu Afrika Babe Nempilo Enhle Ende.


OKUPHAKATHI • ISIBHEDLELA SOMBUSO ESIZINIKELE SISINDISA IMPILO YENTOMBAZANYANA • UKUHLOLELWA I-HIV - KUBALULEKILE NGEMPELA? • UKUNAKEKELWA OKUHLE KWEMPILO - IKUSASA LEMPILO • EZIVELA... EMKHANDLWINI WABAHLENGIKAZI WASENINGIZIMU AFRIKA • AKE SITHI NHLA: • UKUKHULELWA KWENTSHA - HLALA ESIKOLENI, UTHI CHA KO-SUGAR DADDY • UKUCINDEZELEKA KWANGEMVA KOKUBELETHA • IZINDABA ZEMPILO ZAKWAZULU NATAL • UKUSOKWA KWABESILISA KULOKHU KUYAQHUBEKA • ISIQONDISO: SOKUSEBENZISA IMITHI NGOKUPHEPHA • ESIGXILE KUKHO KULE NYANGA: USUKU LOCHOKO EMHLABENI WONKE, JANUWARI

Siyababonga laba abalandelayo ababe neqhaza: EZempilo E-KZN COMMUNICATIONS UNIT, KZN HEALTH uZOHRA MOHAMED TEKE (EDITOR) uKATHY WADDINGTON (WRITER) uCOLIWE ZULU (WRITER) uDERICK MATSENGARWODZI uDEPT PHOTOGRAPHER uDERICK MATSENGARWODZI (WRITER) uDUDLEY VIALL (CARTOONIST)

Imibono novo lwakho lwamukelekile, futhi uma kunesisebenzi sezempilo esikuhlabe umxhwele esikusize ngendlela enhle kakhulu sicela usazise futhi sizosiveza! Sithinte kule nombolo ethi 031 562 9803, noma kueditor@ezempilohealthmatters.co.za noma usibhalele kuleli kheli, P O Box 25439 Gateway 4321. ILUNGELO LOBUNIKAZI NOKUKHANGISA Konke okushicilelwe kulo magazini kuyilungelo leEzempilo, Health Matters futhi kungase kuphinde kukhiqizwe mahhala ngezinjongo zokufundisa kuphela, uma kutholakale imvume. EZempilo E-KZN, uMasipala WaseThekwini nEzempilo Health Matters abahlangene nganoma iyiphi indlela nabakhangisi abakulo magazini.


ISIBHEDLELA SOMBUSO ESIZINIKELE SISINDISA IMPILO YENTOMBAZANYANA Nenze umsebenzi oncomekayo e-Nkosi Albert Luthuli nase-Benedictine Hospital! Amaholide aphela kabuhlungu ngasekuqaleni kuka-Januwari kuSanele Mathe, umfundi ka-Grade 8 ofunda esikoleni esiphakeme saseMpilweni kwaNongoma. Wayethi unyaka uqala nini angene ku-Grade 9. Wayechithe amaholide nodadewabo futhi kwase kuyisikhathi sokuthi abuyele ekhaya kunina, uThandi Mathe. UThandi walinda kwaze kwaba sebusuku kakhulu, lutho ukufika uSanele. Sekusebusuku impela wathola ucingo olwashintsha impilo yakhe ngokuphazima kweso. Indodakazi yakhe yayibe sengozini yemoto embi kakhulu. Ibhasi eyayihamba ngalo laginqika kwashona abantu abayisishiyagalombili abanye balimala, kuhlanganise noSanele. UThandi uthi, “Kwakungathi ngiyaphupha. Ngathandaza ngithandazile ngicela ukuthi asinde.” Ngemva kokuhlolwa udokotela kwatholakala ukuthi uSanele wayelimale kakhulu, waphuka kakhulu isingezansi futhi kwakunamathuba okuthi ngeke esakwazi ukuhamba. Wathathwa ngendiza esuka esibhedlela saseUbombo waya e-Albert Luthuli eThekwini wafakwa egumbini labagula kakhulu. UThandi akazange akwazi ukuyovakashela indodakazi yakhe isonto lonke ngoba wayengenayo imali yokuya eThekwini. Abangane bakhe bamsekela bathandaza kanye naye becela ukuthi uSanele alulame.

nabo bonke abahlengikazi ababemqinisa idolo, uThandi waqina wahlalela ethembeni. Ejabule kakhulu ngokubona unina, uSanele waqala ukuzidlela, waze waqala nokucula neqembu. USanele wahlinzwa izikhathi ezingamashumi amabili nanhlanu ezinyangeni ezintathu esesibhedlela, futhi abasebenzi basesibhedlela bazikhandla befuna ukuqinisekisa

“Kwakungathi ngiyaphupha. Ngathandaza ngithandazile ngicela ukuthi asinde.”

Ekugcineni uThandi wakwazi ukuvakashela indodakazi yakhe ngemva kwesonto esebenzisa imali ayinikwa ababefuna ukumsiza. Akubona kwamshaqisa kodwa wazama ukuziqinisa ukuze angathusi indodakazi yakhe. Ngosizo lukathisha kaSanele, uZama

ukuthi le ntombazanyana ihlezi kahle, futhi oPhethe Emnyangweni Wezempilo e-KZN uDkt. uSibongile Zungu waba negalelo elikhulu wancoma ukuba athole usizo lwezengqondo ukuze akwazi ukubhekana nalesi simo esishaqisa kangaka ayekuso.

Ngo-Mashi, uSanele wadluliselwa e-Benedictine District Hospital kwaZulu ngoba kuseduze nasekhaya nomndeni. Lapho ehlanganisa iminyaka engu-15 ngoEphreli odlule, abasebenzi esibhedlela bamenzela iphathi engazi. Kuleyo nyanga wazama nokucathucathula – esizwa ukubhucungwa akuthola e-Albert Luthuli nokunakekelwa okuhle akuthola e-Benedictine Hospital. USanele useyakwazi manje ukuhamba. Njengoba engakwazanga ukuya esikoleni ngo-2011, manje usemagange ukubuyela futhi unethemba lokuthi kuzohamba njengoba ngonyaka odlule engakwazanga ukuya esikoleni. Umndeni wakwaMathe uswele imilomo eyinkulungwane yokubonga abasebenzi bakulezi zibhedlela ezimbili. “Abasebenzi bakulezi zibhedlela ezimbili babengikhuthaza bengisiza kakhulu. Siyababonga kakhulu ngokusindisa impilo yentombazane yami,” kusho uThandi ebambe izinyembezi.


MASIFUNDISANENI…

UKUHLOLELWA I-HIV

Kubalulekile ngempela?

Uma umuntu engenwa yisandulela-ngculazi, umzimba uqala ukwenza amasosha ngokushesha azolwa negciwane. Amasosha omzimba avame ukubonakala egazini ngemva kwamasonto angu-4 kuya kwangu-8, kodwa angathatha isikhathi, hleze aze abonakale ngemva kwezinyanga ezingu-6. Isikhathi phakathi kokuthola igciwane nokuthi amasosha omzimba abonakale egazini sibizwa ngokuthi ‘inkathi yokucasha kwegciwane’. Uma kuhlolwa isandulela-ngculazi kusuke kufunwa la masosha omzimba egazini futhi ayindlela kuphela yokwazi ukuthi umuntu unalo yini leli gciwane. Kusuke kungahlolwa ingculazi.

Kusho ukuthini ukuthi umphumela wokuhlolwa u-positive? Kusho ukuthi unesandulela-ngculazi futhi umzimba sewenze amasosha okulwa nalo igciwane. Ngisho noma uzizwa ungumqemane, ungalidlulisa leli gciwane kwabanye.

Kusuke kushiwo ukuthini uma umphumela wokuhlola u-negative? Lokho kungasho into eyodwa kwezimbili: Awunalo igciwane lesandulelangculazi noma Unalo kodwa awukawenzi amasosha omzimba anele esandulelangculazi ukuze kubonakale ukuthi unalo (usesenkathini yokuzifihla kwegciwane). Uma kutholakala ukuthi awunalo igciwane kodwa wena ucabanga ukuthi

unalo, kumelwe uhlolwe futhi ezinyangeni ezimbalwa. Ngezinye izikhathi kungase kudingeke ukuthi uphinde uhlolwe ngisho noma kutholakale ukuthi awunalo. Khuluma nesisebenzi sezempilo sizokusiza ngalokhu.

UBUHLE BOKWAZI IMIPHUMELA YOKUHLOLWA

KUFANELE UYIHLOLE NINI I-HIV?

UMA KUTHOLAKALA UKUTHI UNALO:

Ngokuvamile kuhle kakhulu ukuyeka isimilo esixegayo, ngakho ngeke kudingeke uyohlolwa. Kodwa wena nomaqondana wakho kungase kudingeke nihlolwe uma:

Ungakugwema ukulithelela umaqondana wakho

Ufuna ukushada, ukuqala ezothando nomuntu ezinothembana naye, noma ukuba nezingane. Wena nomaqondana wakho ninezimpawu zengculazi Wena noma umaqondana wakho nike naya ocansini ningazivikele

Uma kutholakala ukuthi awunalo igciwane, ungafunda ukuzivikela ukuze uhlale ungenalo.

Yelashelwa izinkinga zempilo kungakephuzi Yenza izinguquko empilweni yakho ukuze uhlale unempilo enhle ende Sekelanani nabanye abantu emphakathini abanesandulelangculazi Zihlelele ikusasa uhlelele nomndeni wakho



UKUNAKEKELWA OKUHLE KWEMPILO

IKUSASA LEMPILO

Kungenzeka uke wezwa ngalo. Uhulumeni wethu ushintsha indlela ohambisa ngayo izinsiza zempilo kubantu. Lokhu kubizwa ngokuthi uhlelo loMshuwalense Wezempilo Kazwelonke, phecelezi i-National Health Insurance (NHI). Abaningi lusabaxaka. Imibuzo ebuzwayo yilena: 1. Luzonakekela izimpilo kangcono yini? 2. Luhluke kanjani ohlelweni olukhona manje? 3. Ingabe kufanele ukhokhe? Ake sizame ukukuchazela ngendlela ozoyizwa...

Kungani sidinga uhlelo olusha lwezempilo? Abantu banelungelo lokunakekelwa impilo – futhi lokho akufanele kuxhomeke ekutheni bahola malini. Yize uhulumeni esezame ngawo wonke amandla ukulungisa umonakalo owadalwa umbuso wobandlululo owawusiza idlanzana nje ngezempilo kube kunenqwaba yabantu enganakiwe, iqiniso liwukuthi abantu abaningi basaqhubeka bayafa futhi bahlupheka ngokungenasidingo ngenxa yempilo ebuthaka. Ngakho-ke uhulumeni unqume ukushintsha indlela abantu abathola ngayo ukunakekelwa kwempilo, ukuze wonke umuntu abe nelungelo lokwelashwa – kungakhathaliseki ukuthi ungowaliphi ibala, uhlanga, iminyaka yobudala, noma inkolo! Ufuna

nokuqinisekisa ukuthi ngokuyinhloko ukunakekelwa kwempilo kumahhala nokuthi kugxilwa kakhulu ekuvimbeleni izifo – ukuze babe mbalwa abantu abagulayo!

Isimo okwamanje ‘singelapheka’ – kusho ukuthini lokho? Kusho ukuthi sizonaka kakhudlwana labo asebegula vele. Kunesidingo esikhulu sodokotela nabahlengikazi abaqeqeshiwe nezibhedlela. Abanakwa kangako labo abaphilayo, ukuthi basizwe bahlale bephila. Ngohlelo olushabazonakwa kakhudlwana abaphila kahle futhi abantu sebezothola kakhulu usizo emakhaya kunasezibhedlela. Uhlelo luhlanganisa futhi lukhuthaza abantu nemiphakathi


ukuthi bayinakekele impilo yabo. Ukunqanda ukugula kwabantu (izindlela zokugwema izifo) wumgomo wesikhathi eside walolu hlelo. Kulolu hlelo olusha kuzoqinisekiswa ukuthi abantu bayazi ukuthi bangahlala kanjani benempilo futhi bagweme izifo ukuze singabi khona isidingo sokuya esibhedlela noma emtholampilo njalo. Lokhu kusho ukuthi kufanele kube nendlela yokunqanda – ukufundisa imiphakathi ukuze igweme izifo ezithile. Asiphiki ukuthi siyohlale sizidinga izibhedlela nemitholampilo, kodwa akufanele zisetshenziselwe izifwana ezingatheni ezingelashwa kalula isisebenzi sezempilo somphakathi. Lokho kuzosho ukuthi izibhedlela zethu ngeke zigcwale kakhulu, futhi zizokwazi ukubelapha kangcono abadinga usizo. Lokhu kunganciphisa izindleko zemali ebingasetshenziselwa ukuqeqesha abahlengikazi abengeziwe, abasebenzi bomphakathi bezempilo, ababelethisi nodokotela.

Kungcono ukugwema isifo kunokuselapha Kulolu hlelo lwe-NHI, bazoba baningi abasebenzi bomphakathi bezempilo abaqeqeshiwe abazokwazi ukubona izidingo zempilo futhi baye emakhaya bayosiza iziguli. Bangasiza ngezindaba ezilula njengokubaluleka kokugeza izandla – okunganciphisa amagciwane ngamaphesenti angu-75 ngoba aba mancane amathuba okusabalalisa izifo abaningi bethu abazithatha kancane!

Uhulumeni uzoqinisekisa kanjani ukuthi abantu yonke indawo bayazi ngezindaba zempilo? Elinye isu lomnyango wezempilo wukuba nomkhankaso obizwa ngokuthi: yioperation Sukuma Sakhe. Lo mkhankaso uzogxila ekutheni umphakathi ubambe iqhaza futhi ube negalelo empilweni yawo. Kunezikhungo zempilo emiphakathini lapho abantu bengathola khona nolwazi. Emihlanganweni ‘YAMAWADI’ kuzokwabelwanwa ngolwazi nangemfundo uma kwenzeka kuvela izindaba eziphathelene nempilo.

Amabhodi ezibhedlela namakomiti asemitholampilo azothuthukiswa ukuze afundise abantu. UMnyango Wezempilo uzosungula

bese kutholakala nokunakekelwa kwempilo mahhala ngaphansi kohlelo olusha. Kusukela ngo-Ephreli kuzoqaliswa isigaba esisha sokuhlola uhlelo olusha lwezempilo ezifundeni eziyishumi ezikhethiwe ezweni ukuze zonke izinkinga zixazululwe ngaphambi kokuba luqale ezweni lonke.

Ingabe uhlelo olusha lwezempilo luzoba mahhala kuzo zonke izinhlobo zokwelapha?

izikhungo ezibizwa ngokuthi yizikhungo Zokunakekelwa Okuvamile Kwempilo. Kumanje nje sinazo izikhungo zePHC, kodwa sifuna ukuzandisa ukuze izibhedlela zingathwali kakhulu. Lokhu kusho ukuthi uma umuntu emphakathini egula, angaya esikhungweni se-PHC.

Bazoba khona yini odokotela? Zonke iZikhungo Zokunakekelwa Okuvamile Kwempilo zizoba nodokotela abazohlola ukuthi uyakudinga yini ukwelashwa okwengeziwe bese bekuyisa esibhedlela esiseduze. UMnyango Wezempilo usuluqalile vele uhlelo lokuqeqesha nokuthola odokotela abengeziwe ukuze kuthi kuqambe kuqala uhlelo olusha lwezempilo kube wukuthi seluyasebenza phakathi neminyaka engu-14, izikhungo zethu zikwazi ukusebenza. Konke lokhu ngeke kwenzeke ngokuphazima kweso!

Ingabe lokhu kuyokwenzeka eminyakeni engu-14?! Cha, kusukela ngo-Ephreli kulo nyaka, uhulumeni uzoqala ‘ukuzwa amanzi ngobhoko’ ezindaweni ezithile ezinezinsiza nabantu abanamakhono ukuze kubonakale ukuthi luzosebenza kanjani lolu hlelo olusha. Useqalile vele ukuhlaziya zonke izibhedlela zombuso nemitholampilo ukuze kubonakale ukuthi zikuphi izinkinga nokuthi yini okufanele yenziwe kuleso sikhungo ukuze kuthuthukiswe ukunikezwa kwezinsiza

Akuzona zonke izinhlobo zokwelapha ezizoba mahhala. Zonke izinsiza zempilo ezibalulekile zizotholakala mahhala. Ngemva kokuhlaziywa, ezinye izinsiza kuyodingeka zikhokhelwe, lezo umuntu abona ‘kungakuhle nje azithole’ (ukuthuthukisa indlela yokubukeka). Abantu bazotshelwa ngohlu lwezinsiza.

Ingabe lokho kusho ukuthi izikhungo zezempilo zizokwelapha noma yikanjani ngoba nje kumahhala? Cha. Empeleni, kulolu hlelo lwezempilo, uhulumeni uzoba neziqondiso eziqinile okufanele bazilandelisise bonke abanikeza uhlelo lwe-NHI. Lokhu kusho ukuthi kuzomelwe basebenzise imithetho ethile futhi kuzoba nethimba elizoqapha elibizwa ngokuthi yi-Office of Health Standards Compliance ezosungulwa wuMthetho Wasephalamende ukuze kuqinisekiswe ukuthi le mithetho iyalandelwa.

Ingabe abantu kuzolindeleka ukuthi bakhokhele i-NHI okuthile ngo-2012? Hhayi kulo nyaka ngoba lolu hlelo lusesesigabeni sokuhlolwa. Ekugcineni, wonke umuntu osebenzayo uzolindeleka ukuthi akhokhe okuthile kulesi sikhwama – kodwa kuyoya ngokuthi uhola malini. Uhulumeni ngeke alindele ukuthi umuntu akhokhe engenayo imali yokukhokha. Kuzoba noMxhaso Onemibandela ozofakwa kusabelo-mali sika-2012 ukuze kwenziwe la maphrojekthi.


Ezivela...

EMkhandlwini Wabahlengikazi WaseNingizimu Afrika Njengoba singena oNyakeni Omusha; ngingathanda ukukhulumela ozakwethu boMkhandlu Wabahlengikazi WaseNingizimu Afrika [South African Nursing Council (SANC)], ngibonge bonke abahlengikazi ngomsebenzi omuhle wokuqhubeka ninakekela izimpilo zabantu. Ngonyaka odlule sonke sabamba iqhaza eNgqungqutheleni Yabahlengikazi eyaqopha umlando, futhi asigcinanga nje ngokulungisa isimo esasikhona. Sakha nekusasa lomsebenzi wobuhlengikazi. Ngakho njengoba sisesekuqaleni konyaka kumelwe sizikhumbuze indaba esemqoka ngalelo kusasa – ukunakekelwa kwabantu kwezinga eliphezulu. Kulo nyaka kuzohlolwa nohlelo lukahulumeni oluhleliwe loMshuwalense Wezempilo Kazwelonke (National Health Insurance), futhi uNgqongqoshe Wezempilo Kazwelonke uDkt Aaron Motsoaledi, ulisho lazwakala elokuthi “abahlengikazi bawumgogodla we-NHI”. Kumelwe silethe ubungcono: impilo engcono, ukunakekelwa kwabantu okungcono, nokuzibophezela okungcono. Umsebenzi wethu omkhulu namuhla wukuthuthukisa izimpilo zabantu nokubenza bazole emoyeni. Abantu abadinga usizo kumelwe bathole ukunakekelwa okungcono ngesikhathi esifanele – ngaso sonke isikhathi.

Ukuqinisekisa ukuthi abantu abampofu bathola ukunakekelwa kwempilo okusezingeni okwakutholwa yizicebi phambilini.

kuphela

Ukunciphisa ukunakekelwa kwabantu ngendlela engalingani emphakathini wethu. Kulolu hlelo akucelwa uhulumeni kuphela ukuthi alungise inselelo yokunakekelwa kwabantu ngendlela engalingani, kodwa wonke umuntu kufanele abe negalelo – ikakhulu abasebenzi bezempilo.

zabantu ngokuzikhandla okwakhelwe ekunakekelweni kwezimpilo okuvamile nokugxila ekutheni abantu bahlale beyimiqemane. Uma sifuna iziguli zifunde ukubaluleka kokugwema izifo, kudingeka zithole ulwazi lokuthi zingahlala kanjani ziphila – isikhathi eside ngaphambi kokuya emitholampilo. Uma sifuna nezinga lithuthuke, wonke umuntu udinga ulwazi lokuthi yini esebenzayo, yini engasebenzi. Kule ndaba, indima yomhlengikazi yokunikeza ulwazi iba semqoka kakhulu.

“Kumelwe silethe ubungcono: impilo engcono, ukunakekelwa kwabantu

okungcono, nokuzibophezela okungcono. Umsebenzi wethu omkhulu namuhla wukuthuthukisa izimpilo zabantu

UMshuwalense Wezempilo Kazwelonke ufisa ukufeza le migomo emithathu eyisisekelo. Ukwenza zonke izakhamuzi zilondeke zikhululeke endabeni yezinsiza zokunakekelwa kwempilo.

nokubenza bazole emoyeni.” Sesiyazi ukuthi kufanele sifezeni – abahlengikazi abaphaphamela izidingo zempilo zomphakathi ngokuthi kube nokunakekela okuhle, okufika ngesikhathi nokwenziwa ngendlela esemthethweni. Sinomyalo ocacile, wokwenza umsebenzi. Singabantu abasemqoka kakhulu ezweni abazibophezele ekubeni nezinhlelo zokunakekelwa kwezimpilo

UMkhandlu Wobuhlengikazi ulusekela kakhulu uhlelo lwe-NHI futhi uzoqhubeka uletha ulwazi nemithethomgomo ehloselwe ekwenzeni ukuthi kube nabahlengikazi abaqeqeshiwe nabasebenzayo ezinhlelweni zethu zempilo.

Njengamanje, sinethuba – masilisebenziseni. Ngokubambisana, singasebenzisa loko okusebenzayo, sakhele kuleso sisekelo futhi sinikeze zonke izakhamuzi ukunakekelwa kwempilo okusezingeni eliphezulu. UNksz Nonhlanhla Makhanya, uSihlalo we-SANC.


Ake sithi nhla:

SIBAMBISENE:

I-BENEDICTINE HOSPITAL, KWAZULU Ngo-2011, uSanele Mathe oneminyaka engu-15, owalimala kabi kakhulu engozini yemoto, wadluliselwa e-Benedictine District Hospital endaweni yakwaNongoma esuka e-Nkosi Albert Luthuli eThekwini lapho ayethole khona usizo olukhulu egumbini labagula kakhulu. U-Eric Ntsele, isekela likamenenja elingumhlengikazi e-Benedictine Hospital, wavele wabona ukuthi bazobhekana nobunzima ngoba phela bayindlala abasebenzi bezempilo lapha ngoba kusemaphandleni futhi kuqhelile. Kodwa-ke babheka lesi simo njengethuba lokuthuthukisa amakhono abo naphezu kwezinselelo ababebhekene nazo.

“USanele wafika lapha evela esibhedlela esisezingeni eliphezulu eThekwini weza kulesi sethu esisedolobheni elincane. Lokhu kwasenza sasabenza ngokuzikhandla ukuze kuthi noma sisendaweni esemakhaya kodwa sikwazi ukusiza iziguli zethu,” kuchaza u-Eric.

ngezimpilo zazo kulo msebenzi naphezu kwezinselelo eziningi ababhekana nazo. “Ngivela emndenini ozihluphekelayo futhi ngakhula kabuhlungu kodwa ngakwazi ukuphumelela nokuba umhlengikazi,” kusho uBusisiwe.

umsebenzi wakhe kanti usasiza kuso lesi sibhedlela.

Yize akhula kanzima, wabhalisela ukufundela ubuhlengikazi e-Benedictine, kamuva waqashwa lapho, waqhubeka waze wafundela i-orthopaedics. Sekudlule iminyaka engamashumi amabili nesithupha futhi usawushisekela

Bekanye nozakwabo, baye bafakazela ukuthi uma umuntu ezimisele futhi enothando angabhekana nezinselelo zempilo. Siyanibonga basebenzi baseBenedictine Hospital ngokunakekela kwenu abanye okuthinta inhliziyo!

Uzakwabo naye uyazithanda iziguli zakhe, yize zingekho izinsiza ezanele futhi kunezinselelo. U-Eric uthi, “Ngikholelwa ekukhuthazeni iziguli zami ukuthi zihlalele Ngo-1969, ngesikhathi eneminyaka ethembeni. Kumelwe ube nokuzethemba “USanele wayedinga usizo olukhulu ngoba eyisishiyagalolunye kuphela abafowabo futhi ubheke isibhedlela njengekhaya lakho futhi uphathe iziguli ayikho into ayekwazi ukuzenzela yona. Wayelala ngohlangothi “Ngo-1969, ngesikhathi eneminyaka njengamalungu omndeni.” olulodwa njalo, uma uthi uzama eyisishiyagalolunye kuphela abafowabo ukumguqula noma ukumgeza, nodadewabo abayisithupha bashaywa NjengoBusisiwe, u-Eric wakhula kanzima, kuphela izinsuku wayekhala ngenxa yezinhlungu, umbani bashona”. bengatholanga lutho oluya kodwa sasisiqonda isimo sakhe ngasethunjini. Uchaza indlela futhi senza konke okusemandleni ukuze nodadewabo abayisithupha bashaywa simsize. Kwakubuhlungu ukuba nesiguli umbani bashona. Kwasinda uBusisiwe inkengane eyamenza ngayo ukuthi azimisele ukuzifukula ngemfundo. sentombazanyana esitshelwe ukuthi nonina kuphela. ngeke siphinde sikwazi ukuhamba,” kukhumbula uBusisiwe Ntanzi, imenenja esebenza ewodini labesifazane abahlinziwe. Bobabili uBusisiwe no-Eric bayizisebenzi zasesibhedlela eziye zanikela




INGABE USANDA KUTHOLA INGANE FUTHI UCINDEZELEKILE? Kungenzeka uphethwe ukuCindezeleka Kwangemva Kokubeletha. Sihlale sizwa ngezingane ezisanda kuzalwa ezilahlwe emigqonyeni kadoti, ezishiywe dengwane zagodola noma zalamba zaze zafa. Ngokuvamile kuba nomuntu oba khona azisize. Kodwa kuvame kakhulu ukuthi ingane ishone ingathandwa. Siye sizibuze ukuthi onjani umama onenhliziyo embi kangaka aze enze into enje – alahle ingane yakhe ngemva kokuyithwala izinyanga eziyisishiyagalolunye aze ayizale – isipho sokuphila?

Manje ezinye izazi zithi nakuba kuyimpicabadala, kungenzeka ukuthi ukucindezeleka kwaNgemva kokubeletha kungase kube nomthelela kulesi senzo esethusa kangaka esenziwa umama. Ukuze siyiqonde kahle le ndaba, kubalulekile ukwazi izimpawu zokugula nokufuna usizo kungakephuzi kakhulu – kusizakale wena nengane yakho.

Kuyini ukucindezeleka kwaNgemva kokubeletha? Yisifo

somqondo

esihlasela

abasanda kubeletha – ngokuvamile siba phakathi kwezinyanga ezimbili noma ezintathu zokuqala. Nazi izimpawu zaso ezivamile: Ukuvele ukhale ngaphandle kwesizathu Ukungabi namandla okwenza noma yini futhi uzizwe sengathi yonke into iyakwehlula, ngisho nengane yakho Ukuhlale ukhathele njalo

omama


Ukuhlale ukhathazekile emoyeni nokuhlale ufuna ukulala njalo kunokuba unakekele ingane yakho.

Sikuthinta kanjani emaphandleni? Okungenani owesifazane oyedwa kwabayishumi unokucindezeleka kwaNgemva kokubeletha, kodwa baningi abakubiki. Iqiniso liwukuthi ngokwesiko akulula ukwamukela ukuthi unesifo esithile somqondo, noma ukuthi awukwazi ukunakekela ingane yakho. Ungase wesabe ngoba awazi ukuthi uzokhalela kubani futhi ungase ukhathazwe ukuthi uma ungavuma ukuthi uzizwa kanjani, abantu emphakathini bangase bacabange ukuthi kuyakwehlula ukuba umama.

Ukuyohlolwa Ngaphambi Kokubeletha

ezine futhi ngonyaka odlule wathola eyesine. “Angibanga nankinga kulezi zingane ezintathu, kodwa kulena yesine, ngangihlale ngidangele. Ngangivuka, ngiqale ukukhala, wawungafunga ukuthi kukhona oshonile. Ngangizizwa kabi ngoba ngangingafuni ukugona ingane yami, futhi umama wayekhathazeke kakhulu ecabanga ukuthi ngizoyenza kabi. Ngemva kwamasonto amathathu

Ngazizwa ngingcono kakhulu ngoba ngaqonda ukuthi kwakwenzekanii, futhi ngabona ukuthi ngangingahlanyi. Lesi sifo sangiphatha nje izinyanga ezimbili, ngemva kwalokho ngase ngiyimi futhi, ngakho ngilubonga kakhulu usizo engaluthola emtholampilo, bangisiza bangichazela kahle ngale nkinga,” kusho uJoyce, manje osekhuthaza bonke abesifazane abakhulelwe emphakathini ukuthi baye njalo bayohlolwa ukuze baqinisekise ukuthi bazi konke ngesifo sokucindezeleka kwaNgemva kokubeletha, bathole usizo uma bezwa sekunzima.

“futhi ngabona ukuthi ngangingahlanyi. Lesi sifo sangiphatha nje izinyanga ezimbili, ngemva kwalokho ngase ngiyimi futhi, ngakho ngilubonga kakhulu usizo engaluthola emtholampilo, bangisiza bangichazela kahle ngale nkinga...”

UMphathiswa Wezempilo E-KZN uDkt Sibongiseni Dhlomo nethimba lakhe bebelokhu begqugquzela abakhulelwe ukuthi baye emitholampilo ngaphambi kokubeletha. Esinye sezizathu ukuthi ukunakekelwa abakutholayo kubanika ithuba lokuzilungiselela okungase kwenzeke ngemva kokubeletha, kuhlanganise nalesi sifo sokucindezeleka kwaNgemva kokubeletha nendlela yokubhekana naso. U-Joyce Shezi ungumama wezingane

ngaya emtholampilo bangitshela ukuthi nginesifo sokucindezeleka kwaNgemva kokubeletha. Bangisiza ukuthi ngiqonde ukuthi kwakwenzekani kimi bangeluleka nangendlela yokubhekana nesimo.

Ukwelashwa Khuluma nesisebenzi sezempilo ngokwelashwa ongase ukuthole – singase sikunike okuthile okungakusiza kukuthobe ukwazi ukubhekana nesimo. Thulula isifuba sakho kumuntu omethembayo, ukuze ungazizwa sengathi ungumntshingo ubethwa ngubani. Kungaba othile esontweni, umfundisi, umholi emphakathini, inyanga, owomndeni, noma umngane.

Cishe owesifazane oyedwa kwabayishumi unesifo sokucindezeleka kwaNgemva kokubeletha, awuwedwa. Sizodlula, futhi zama ukwehlisa umoya. Ungakhipheli ukugula kwakho enganeni – iyisipho sakho esingenacala.

SHAYELA I-KZN HEALTH NOMA NINI UMA UDINGA USIZO KULE NOMBOLO 0800 00 51 33.

Ukulwa Nezifo, Ukulwa Nendlala, Ukunika Ithemba


KZN HEALTH NEWS Ukulwa Nezifo, Ukulwa Nendlala, Ukunika Ithemba

UMphathiswa Wezempilo E-KZN uDkt Sibongiseni Dhlomo uqale unyaka ngokufaka i s i s w e b h u e s i v u t h a y o endabeni yo-Sugar Daddy – igama elisho ubaba omdala othandana nentombazane encane – engaze ibe neminyaka engu-14 ngezinye izikhathi. Lo mkhankaso uqalwe ngenxa yokwanda kwamantombazane amancane akhulelwayo esifundazweni ngenxa yalokhu, futhi amaningi ayaluthwa ukuthi ayeke isikole futhi alale namadoda amadala engazivikele. Imvamisa labo baba bathembisa lezi zingane impilo entofontofo, izingubo zokugqoka nemali. Kodwa kuthi ingakhulelwa ayilaxaze, isale kanjalo isinengane, bese ikhehla leli lidlulela phambili – lishiye intombazanyana ingenamfundo, isinomthwalo wokukhulisa ingane ibe iyingane ngokwayo. Ngokuvamile le ngane esingumama isala nezifo ezithathelwana ngocansi nesandulelangculazi. “Nawu umyalezo wethu emindenini nasemiphakathini: Ningavumeli izingane zenu enizithandayo zithandane no-sugar daddy. Nawu oya emantombazaneni: Ningathandani no-sugar daddy,” kusho usihlalo womnyango u-Chris Maxon. Uthi ukucwaninga okuningi “kuthi amantombazane amancane [ana-14 kuya

ku-25] asemathubeni aphindwe kane okuthola isandulela-ngculazi kunontanga bawo babafana. Amantombazane aseqala ukuya ocansini emancane kakhulu hleze eneminyaka engu-12 futhi kaningi ayaluthwa, futhi siyazi ukuthi kulesi sifundazwe, izingane ezizalwayo ezingamaphesenti angu-10 zizalwa amantombazane amancane,” kunezela u-Maxon. ‘Zigcwele izindaba zokuthi amantombazanyana agcwele emigwaqweni emikhulu zithengisa ngomzimba kubashayeli bamaloli, nokuthi othisha bakhulelisa izingane futhi/noma abazali basula amacala okudlwengulwa kwezingane kuthiwe kuzokwenziwa “umqhonyiso” (ukuhlawula ngokuqeda ubuntombi bengane esikweni lakwaZulu). Asiqali ukuzwa ngalokhu lapha eNingizimu Afrika, ikakhulu thina ma-Afrika. Manje siyazi ukuthi abafana abangamaphesenti angu-99 [abana-14 kuya ku-20] abeza bazosokwa abanalo igciwane lesandulela-ngculazi. Kodwa, amantombazane angontanga

babo angamaphesenti alo angu-10. “Ukube la mantombazane ebelala nontanga yawo abeyokhulelwa kuphela. Kodwa ayakhulelwa, athole nesandulela-ngculazi,” kusho u-Maxon, ephetha ngokuthi madala amadoda awakhulelisayo aphinde awanike nesifo. Kulo mkhankaso, uMnyango usuqalile ukusebenzisa izindlela zokukhangisa ukuze kuqwashiswe ngalokhu, kunamabhodi amakhulu emarenki amatekisi esifundazweni sonke, amaphosta, amapheshana nezikhangiso emsakazweni naku-TV ezixwayiswa amantombazane amancane ngezingozi zokulala namadoda amadala. Injongo yomyalezo womnyango ukuvusa amantombazane ukuthi angalingeki aze acabange ukuthi zonke izinkinga zawo ziyoxazululeka uma evuma ukulala namadoda amadala. Azokhulelwa nje kuphela engafuni, futhi abe nezinye izinkinga zokuphila eziyinkimbinkimbi. Esikushoyo wukuthi isikole phambili, ezothando kamuva.


UKUSOKWA KWABESILISA KULOKHU KUYAQHUBEKA

Ingabe wena ususokile?

UMphathiswa Wezempilo E-KZN uDkt Sibongiseni Dhlomo udume ngokuhambela yonke i-KZN, ehlola izibhedlela nemitholampilo engashongo, eqinisekisa ukuthi abantu banakekelwa impilo ngendlela elindelekile. Kusukela kwaqalwa umkhankaso wokuSoka Kwabesilisa Ngenjongo Yempilo, kugqugquzelwa yiNkosi u-Goodwill Zwelithini, uDkt Dhlomo usehambise lo mkhankaso nasemaphandleni ukuze kube namadoda amaningi asokwayo. “Sonke siyazi ukuthi kusukela iNkosi yaqala isiko lokusoka ngo-Ephreli 2010, isifunda saseSisonke siphakathi kwezifunda ezimbili ebesisasele emuva ngokusoka ngoba sasoka amadoda angu-417 nje ekupheleni kuka-Septemba 2010. Kodwa sajabula uma iMenenja yethu Yesifunda, uNkskz Gcina Radebe noMxhumanisi Wohlelo Lwesifundazwe lwe-Male Medical Circumcision (MMC), uDkt Sandile Tshabalala, bethatha isinyathelo sokuphenya ngokuthi kungani embalwa kangaka amadoda asokile nokwenza lolu hlelo lwaziwe kulo mphakathi,” kusho uMphathiswa uDhlomo muva nje phakathi nohlelo lokusoka e-Kokstad. Ekhuluma nababelapho, kanye nezikhulu, uMphathiswa uDhlomo wathi isikhathi sokusuka ebufaneni ungene ebudodeni akuyona nje indaba yabafana kuphela, kodwa nomndeni, abaholi bomphakathi (bendabuko, bezenkolo, nabezombusazwe) kanye nabanye kufanele babe nendaba. Lokhu kusho ukuthi uma kunothile ofuna ukushintsha indlela yokuziphatha, bonke abahilelekile

kufanele bakwazi ukuba negalelo. “Siyaziqhenya kakhulu ngalokhu, kuphindeka lokho okwenzeka ngonyaka odlule eMkhosini Wokubuya Entabeni lapho samenywa ukuba sibe nomphakathi wase-Greater Kokstad ekwamukeleni ababebuya entabeni. Lena kwaba yinqophamlando ngempela kulabo abangu-219 ababeyosoka. Phakathi naleso senzakalo sajabula kakhulu ukubona izinsizwa zizibophezela ekutheni zizophila ngendlela eneMpilo futhi zethembisa ukuthi zizoba nesimilo ziziphathe kahle. Sabona nemindeni nomphakathi uzibophezela ekusekeleni lezi zinsizwa njengoba zingena ebudodeni,” kwanezela uMphathiswa uDhlomo. Ezethulela isigqoko lezi zinsizwa ezinesibindi ezaziyosokwa, uMphathiswa uDhlomo wathi “silapha futhi ukuze sinitshele ukuthi isandulela-ngculazi yinselelo enkulu kakhulu ebhekene neNingizimu Afrika namuhla ngoba

“ukuSokwa Kwabesilisa Ngenjongo Yempilo kuyawanciphisa amathuba okungenwa yisandulela-ngculazi ngamaphesenti angu-60.” kunabantu abalinganiselwa ezigidini ezingu-5.2 abanaso (amaphesenti angu10.6). Isifundazwe sethu sinabantu abanalesi sifo abangamaphesenti angu25.8 eNingizimu Afrika. Sifuna ukunazisa ukuthi ngempela ukuSokwa Kwabesilisa Ngenjongo Yempilo kuyawanciphisa amathuba okungenwa yisandulela-

ngculazi ngamaphesenti angu-60. Kufanele kwaziwe kodwa ukuthi lena yindlela evikela ngokwengxenye, ukuthi ukusokwa kwamadoda ngenjongo yempilo kumane kuyisinyathelo esenezelwe futhi akusho ukuthi akufanele kusetshenziswe izindlela ezifakazelwe ukuthi ziyalivimbela igciwane lesandulela-ngculazi. Isizathu sethu sokuza lapha wukunicela ukuthi nilalele zonke izinto enizifundiswe abantu abadala abaniholayo nontanga futhi niqinisekise ukuthi nihlala ningenalo leli gciwane ukuphila kwenu konke. Lokho kuzokwenzeka kuphela uma nenza okulandelayo:

• Ningaqali nisebancane ukuya ocansini • Ningawuqali umkhuba wokuba nezintombi eziningi nokuba budedengu • Nikhuthaze ukusetshenziswa kwamakhondomu njalo nangendlela efanele • Ningaphuzi utshwala futhi ningadli izidakamizwa • Nihloniphe abantu besifazane Singathanda nisisize sinciphise ukufa kwabantu ngenxa yesandulela-ngculazi nengculazi nezinye izifo ezithathelwana ngocansi. Sifuna nokuvikela abantu besifazane ngoba ukuSokwa Kwabesilisa Ngenjongo Yempilo kuyabazuzisa nakuba bengazuzi ngqo ngokuthi kuncishiswe inani lamadoda anegciwane lesandulelangculazi, ngaleyo ndlela kuncishiswe ukudluliswa kwaleli gciwane lisuka endodeni liya kowesifazane.”


Isiqondiso: Sokusebenzisa Imithi Ngokuphepha

Imithi ingasetshenziswa kahle ukuze yelaphe izifo eziningi, kungakhathaliseki ukuthi iyimithi yesintu noma yesilungu. Kodwa kubalulekile ukuyisebenzisa ngokuphepha. Uma isetshenziswa kabi, ingalimaza, ize ibulale nokubulala. Ngokwesibonelo, eminye imithi ingabangela izinkinga zempilo kumuntu wesifazane okhulelwe noma oncelisayo nasenganeni yakhe, futhi uma ungayiphuzi ngendlela efanele, uma usebenzisa umuthi, ingabangela ukulimala kubalulekile ukulandela lezi ziqondiso ukuze ukusize: okukhulu kunokuthi yelaphe. Qiniseka ukuthi kunesidingo.

Abanye abantu bacabanga ukuthi kufanele uphuze imithi njalo ukuze ube ngcono! Kodwa iqiniso liwukuthi imithi ingelapha kuphela izinkinga zempilo – ayelaphi izimbangela zesifo. Noma nini

Thola iziqondiso ezifanele zomuthi esisebenzini sezempilo noma enyangeni ethe wusebenzise. Kufanele wazi lokhu: Ukuthi uphuze ongakanani.

Ukuthi kufanele uwuphuze kangaki usuku nosuku nokuthi kufanele uwuphuze izinsuku ezingaki. Thatha isilinganiso esiphelele esidingekayo. Uma uyeka ukuphuza umuthi ngokushesha kakhulu, inkinga ingase ibuye. Yazi izimpawu eziyisixwayiso zanoma yiziphi izinkinga ezingase zidalwe umuthi (funda


ngemiphumela eseceleni engathandeki). Yazi ukuthi umuthi uyaxabana yini nokudla okuthile futhi ubuze ukuthi kufanele uwuphuze ngaphambi noma ngemva kokudla. Gwema ukuphuza imithi eminingi ngesikhathi esisodwa. Eminye imithi ingenza eminye imithi ingasebenzi.

kunokungaphuzi lutho nhlobo, kodwa ungayisebenzisi uma iyilokhu okuchazwe ngezansi: Amaphilisi aseqala ukuvuthuka noma ukushintsha umbala Amaphilisi asenamathelene noma aseshintshe indlela ame ngayo Uketshezi olukhanyayo kodwa oselunombadlana

Qiniseka ukuthi iphakethe libhaliwe.

Gwema imithi emidala kakhulu:

Imijovo Uketshezi olufakwa emehlweni

Kungcono kakhulu ukusebenzisa imithi ngaphambi kokuba idlulelwe yisikhathi. Usuku lokudlulelwa yisikhathi lubhalwa ngamagama amancane ephaketheni noma ebhodleleni. Ngezinye izikhathi, imithi esidlulelwe yisikhathi ingcono

Imithi edinga ukuxutshwa

Khumbula ukuthi abantu abalandelayo kudingeka baqaphe futhi kumelwe bathole iseluleko

ngaphambi kokuphuza umuthi: Abesifazane abakhulelwe noma abancelisayo (noma yini abayiphuzayo ingase idlulele enganeni, iyilimaze). Abantu osekuyisikhathi eside benesifo sesibindi noma sezinso. Isibindi nezinso zakho zihlanza imithi emzimbeni wakho, ngakho uma zingasebenzi kahle, umuthi ungase uhlale nje lapho futhi ube ubuthi. Labo abanezilonda esiswini. Imithi efana nama-aspirin ingadala ukopha esiswini futhi/noma ukuzwa sengathi isisu siyashisa.

ISIXWAYISO: UMA UPHUZE UMUTHI BESE UQUBUKA ISIKHUMBA, UVUVUKE UMLOMO NOMA UBE NOBUNZIMA BOKUPHEFUMULA, THOLA USIZO LWEZOKWELAPHA NGOKUSHESHA OKUKHULU.

Imiphumela Eseceleni Engemihle! Imithi ilwa nezifo kodwa ingadala nezinye izinkinga uma ingasetshenziswa kahle! Ngaphambi kokuphuza imithi, thola njalo ukuthi iyini imiphumela yayo eseceleni engathandeki, kodwa kufanele ngaso sonke isikhathi uqale ukhulume nesisebenzi sezempilo ngaphambi kokuphuza noma yimuphi umuthi uma: • Kuneminye imithi oyiphuzayo • Uphuzisa ingane umuthi – inomzimba omncane futhi ingase idinge umuthi omncane, noma kungase kungafaneleki ngezingane ukuwuphuza. • Usugugile noma ungondlekile kahle – abantu abadala bangase badinge izilinganiso ezincane zemithi ethile ngoba ihlala isikhathi esijana emizimbeni yabo. • WUYEKE umuthi owuphuzayo, ubonane nesisebenzi sezempilo uma uphathwa yiloku: • Isiyezi • Ukuhlanza • Ukulunywa yisisu • Ikhanda elibuhlungu • Umsindo ezindlebeni


ESIGXILE KUKHO KULE NYANGA: USUKU LOCHOKO EMHLABENI

WONKE, JANUWARI YINI UCHOKO? Uchoko yisifo sesikhumba, esivame ukubizwa ngokuthi i-Hansen’s disease. Sivame ukubonakala ngezilonda namathumba esikhunjeni. Nokho, kubalulekile ukwazi amaqiniso ngalesi simo esikhundleni sokukholelwa lokho okuzwayo ngaso. Iqiniso liwukuthi abantu abaningi bagomekile ngokwemvelo kulesi sifo, futhi labo abangagomekile, mancane amathuba okuba sidluliseleke kubo.

IZIMPAWU ZOCHOKO: Ikakhulu zithinta isikhumba nezinzwa; ngokuvamile kuba amathumba nezilonda. Amabala esikhumba ozwa kancane uma uwathinta noma ungezwa lutho hlobo. Ukuba ugqinsi kwesikhumba noma ukuba namagulundla, ikakhulu ebusweni nasezindlebeni. Ubuhlungu kanye/noma kwenzwa (ngokuvamile namajoyinti).

ukuqina eseduze

Ukungabe usezwa lutho noma ukuba buthakathaka kweminwe kanye/noma izinzwane. Ukuphela kwamashiya, ukuba nommongozima nokucinana kwamakhala.

INSELELE NOMTHWALO WOMPHAKATHI MAYELANA NOCHOKO: Inkinga enkulu yalabo abaphethwe uchoko ukuthi bavame ukukhishwa inyumbazane ngenxa yokukhubazeka kwabo nangenxa yokuthi abantu abaningi bayasesaba lesi sifo. I-Leprosy Mission e-KZN inohlelo lokuqeqesha olufundisa umphakathi ngalesi simo futhi lusekele labo abaphethwe yiso.

OKUFANELE UKWAZI NGOCHOKO: Uchoko lungelapheka. Ungalwesabi. Lwelaphe. Uchoko alubangelwa yisiqalekiso.

UKWELASHWA: Uchoko lungelapheka ngokuphumelelayo ngezinyanga ezingu-6 kuya eminyakeni emibili, kuye nokuthi lunamandla kangakanani kulowo muntu. Isikhathi esingcono kakhulu sokuqala ukwelashwa yilapho kuqala ukuvela izimpawu zochoko. Ukwelashwa kunciphisa ingozi yokuba umuntu adlulisele uchoko kwabanye neyokuba akhubazeke.

Asikho isidingo sokumhlukanisa nabanye umuntu onochoko. Abantu abanochoko abangelashiwe basengozini yokukhubazeka. Uchoko aluthelelwana kakhulu. Abantu abanochoko bangahlala nemindeni yabo futhi basebenze. Kukhona uhlelo lokulawula uchoko e-KZN. Kunezikhungo ezine ezinikeza usizo ezigulini ezihlala ngaphandle: Isibhedlela Sase-Edendale – ngoLwesine lokugcina enyangeni ngayinye IPrince Mshiyeni – ngoLwesihlanu lokugcina enyangeni ngayinye IManguzi – kabili ngonyaka (Jan/Aug) IMadadeni – njalo ngenyanga yesibili


Turn static files into dynamic content formats.

Create a flipbook
Issuu converts static files into: digital portfolios, online yearbooks, online catalogs, digital photo albums and more. Sign up and create your flipbook.