EZEMPILO - English - Septemeber

Page 1

MAHALA

FUNDISA || NIKEZA ULWAZI || NIKEZA AMANDLA

ISIQEPHU 9

UNgqongqoshe Wezempilo uDkt. uDhlomo

Ubika Maqondana Nokunikezwa Kwezinsiza

Inyanga Yokuqwashisa Ngezindaba Zenhliziyo

UKUHLOLWA KWAMAZINYO MAHHALA e-Ndlelayabasha Primary School


ISIFO SENHLIZIYO ASIKHETHI MUNTU Bangu-195 abantu baseNingizimu Afrika abafa nsuku zonke ngenxa yohlobo oluthile lwesifo senhliziyo nesemithambo yegazi. Ngomuntu wesifazane ngamunye ofayo ngenxa yokuhlaselwa yinhliziyo, babili abesilisa abafayo Iningi lalaba bangaphansi kweminyaka engu-65 ubudala, lokhu kuba nomthelela omkhulu emnothweni wezwe Ukwehlisa ikholesteroli yakho nokudla ukudla okunempilo yindlela engcono yokunciphisa amathuba okuba nesifo senhliziyo. Jima okungenani imizuzu engu-120 ngeviki Phuza amanzi amaningi Gwema ukudla okuthosiwe nokudla okunamafutha.

UKUPHILA OKUNEMPILO KUQALA NGENHLIZIYO ENEMPILO

Ukulwa Nezifo, Ukulwa Nendlala, Ukunika Ithemba


Umlayezo ovela... Kungqongqoshe Wezempilo e-KZN uDkt Sibongiseni Dhlomo Njengoba ubusika sebuphela, kuqala inkathi entsha yentwasahlobo, yisikhathi sokubheka impilo yethu. UMandulo inyanga yokuqwashisa ngenhliziyo, kanti kufanele sonke sicabange kahle ngokuthi yini esiyenzayo ukuqinisekisa impilo enhle yenhliziyo yethu. Njengoba indlela yokuphila ishintsha, imikhuba yokudla iya iba engenampilo kanti ukudla okuthosiwe nokunamafutha sekuyinsakavukela. Akukona nje kuphela ukuthi sibeka isibonelo esibi kubaholi besikhathi esizayo balelizwe, kodwa senza ukuba bahlupheke kamuva ekuphileni, ngenxa yemikhuba yokungadli kahle. Uma sikhuluma ngenhlalakahle, lokhu kuhlanganisa indlela yethu yokuphila, ukudla nokunakekela umzimba. Njengoba futhi kuyinyanga yoKuqwashiwa Ngempilo Yomlomo, ngingathanda ukukhuthaza bonke abantu ukuba bayohlola njalo emtholampilo futhi banakekele kahle amazinyo nezinsini. Khumbula ukuthi ukunganakekeli kahle amazinyo akho kungaholela kwisifo senhliziyo, isifo sikashukela nezinye izinkinga zezempilo ebezingavinjelwa kalula nje ngokunakekela kahle umlomo wakho. Kuhlale kushiwo ukuthi i-KZN inezinga eliphakeme lezifo, futhi ngiyaziqhenya ukusho ukuthi sesiyakushintsha lokhu. Kuphelile ukuthi kumnyama sikhona. Sinazo izinselele, futhi siyaziphakamela, naphezu kokungapheleli kwethu. Njengoba iNyanga Yabesifazane iphela, ngiyavumelana nokushiwoyo ukuthi naphezu kwentuthuko ezinguqukweni ezenzeke eshumini leminyaka eledlule, uhlelo lwethu lokunakekelwa kwezempilo alukayifinyeleli ngokugcwele nangokuphelele imigomo yalo yoshintsho. Ezinye zalezi zinselele zihlanganisa ukungabi nabasebenzi abanele, izinga eliphansi lokugcina abantu emsebenzini, ukuntula ukulawula okukahle ezibhedlela kanye nokungakwazi kwalolu hlelo ukuvala izikhala zochwepheshe. Asiphuphuthekiswa ukushiyeka kwethu. Ingqungquthela yethu yezempilo ebisekuqaleni kwale nyanga ibihloselwe ukuhlola nokuza nezixazululo kulezi zinselele nakwezinye ezithiya ikhono lethu lokunikeza izinsizakalo zezempilo ezisezingeni eliphezulu kubantu bakithi. Phakathi nale ngqungquthela, sizoqondiswa ukuze sisuse izithiyo ukuze sinikeze ukunakekela kwezempilo okungcono kakhulu kulesi sifundazwe okungakaze kubonwe futhi siqinisekise ukuthi isigaba sokuqala sokuqalisa iMpilo Kazwelonke siba yimpumelelo. Amasu ethu ayakhuthaza futhi kuzoba nezinselele eziningi, ukugxeka nokuphikisa. Kodwa ngizonicela ukuba nime kanye nathi, nibe nentshisekelo ngokuguqula ukunakekela kwezempilo futhi nibe nenkolelo efana neyethu yokuthi sizokwenza kuphumelele. Kufanele sikwenze kwenzeke lokhu ngenxa yokubusa ngentando yabantu, kanye nani bantu base-KZN.

Ezempilo | Health Matters - Edition 9

1


OKUPHAKATHI • U-SEPTEMBA: INYANGA KAZWELONKE YOKUQWASHISA NGEZINDABA ZENHLIZIYO • U-SEPTEMBA YINYANGA YOKUQWASHISA ABANTU NGEMPILO YAMAZINYO! • UPOPAYI OKHULUMA NGOKUKHULELWA KWENTSHA • USEPTEMBA – INYANGA YOKUQWASHISA ABANTU NGOBU-ALBINO: • ISIQONDISO SANYANGA ZONKE: • IZINDABA ZEMPILO KWAZULU NATAL – UMSHUWALENSE WEZEMPILO KAZWELONKE • IZINDABA ZEMPILO KWAZULU NATAL – UNGQONGQOSHE UDHLOMO - UKUNAKEKELWA KWEMPILO YABANTU • IZINDABA ZEMPILO KWAZULU NATAL – UMKHANDLU WEZEMPILO WESIFUNDAZWE • IZINSUKU ZOKUQWASHISA ABANTU • USUKU LOMHLABA WONKE LWAMARABI • UMPHAKATHI UMATASA UYASEBENZA

Siyababonga laba abalandelayo ababe neqhaza: EZempilo E-KZN Uphiko LweZempilo KuMasipala WaseThekwini U-ZOHRA MOHAMED TEKE (UMHLELI) COLIWE ZULU DERICK MATSENGARWODZI THEMBA MNGOMEZULU DUDLEY VIALL PATRICIA MCCRAKEN KATHY WADDINGTON Imibono novo lwakho lwamukelekile, futhi uma kunesisebenzi sezempilo esikuhlabe umxhwele esikusize ngendlela enhle kakhulu sicela usazise futhi sizosiveza! Sithinte kule nombolo ethi 031 562 9803, noma ku-editor@ezempilohealthmatters.co.za noma usibhalele kuleli kheli, P O Box 25439 Gateway 4321. ILUNGELO LOBUNIKAZI & NOKUKHANGISA Konke okushicilelwe kulo magazini kuyilungelo le-Ezempilo, Health Matters futhi kungase kuphinde kukhiqizwe mahhala ngezinjongo zokufundisa kuphela, uma kutholakale imvume. EZempilo E-KZN, uMasipala WaseThekwini nEzempilo Health Matters abahlangene nganoma iyiphi indlela nabakhangisi abakulo magazini.

2

Ezempilo | Health Matters - Edition 9

KZN HEALTH IZINDABA


UMandulo: Inyanga Yokuqwashisa Ngesifo Senhliziyo Kuzwelonke kwenzeka ungazelele, kaningi kuwumphumela wokunqwabelana kwamafutha emaceleni emithambo iminyaka eminingi.

Kungavinjelwa yini ukuhlaselwa yinhliziyo?

I n i n g i lethu liyithatha kancane inhliziyo – engani, ihlale ikhona, ishaya. Kodwa, cabanga ngalokhu: empeleni inhliziyo yakho iyisicubu esilingana nenqindi. Ihlala maphakathi nesifuba futhi umsebenzi wayo ukumpompa igazi elingaba amalitha ama-5 njalo ngomzuzu. Ngosuku lokhu kungagcwalisa ithangi likaphethiloli (amalitha angu-8000 kuya kwangu-11500)! Uma ucabanga ngomsebenzi wayo onzima, bekufanele siyinakekele kakhulu inhliziyo yethu, ukuze siqiniseke ukuthi ihlala inempilo. Kungani ungasebenzisi lenyanga njengethuba lokufunda nokufundisa umkhaya wakho ngokubaluleka kokunakekela izinhliziyo zabo? Ngokwenza kanjalo, uyohlenga ukuphila okuningi.

Yini ebangela ukuhlaselwa yinhliziyo? Lapho imithambo yakho (efana namashubhu athwala igazi lisuka enhliziyweni liya kuzo zonke izingxenye zomzimba) iya ngokuvaleka noma kwakheka ihlule, lokho kuvimbela ukuba igazi ligeleze liye enhliziyweni okusho ukuthi inhliziyo incishwa i-oksijini, okwenza ukuthi kube nzima ngawe ukuba uphefumule bese uhlaselwa yinhliziyo. Nakuba ukuhlaselwa yinhliziyo

Yebo! Ngokumane nje uqaphele indlela ophila ngayo – landelela la macebiso ukuze wehlise amathuba akho okuhlaselwa yinhliziyo:

• Ungabhemi • Nciphisa ikholesteroli yegazi ephezulu – gwema ukudla okuthosiwe, okunamafutha (uma kufanele ukudle, kungcono ugrile inkukhu yakho kunokuba uyithose) • Nciphisa izinga lakho lokucindezeleka, phumula futhi ulale kahle. • Lawula umfutho wegazi ophezulu ngokuyohlola njalo emtholampilo wangakini noma esikhungweni sezempilo • Jima njalo – ikakhulukazi ukuhamba, kugcina inhliziyo yakho yondlekile. • Ungaphuzi kakhulu utshwala (zama ukuyeka) • Izimpawu eziyisixwayiso ezingaba khona zokushaywa inhliziyo • Lwela ukudla okungenani izingxenye ezinhlanu zezithelo namaveji usuku ngalunye – ikakhulukazi ukwatapheya, ubhanana, ubhithruthi, igalikhi, noanyanisi ukuze kusize ukugcina inhliziyo yakho negazi kunempilo.

Kwenzakani ngemva kokuhlaselwa yinhliziyo? Isicubu senhliziyo esilimele siqala ukululama ngokushesha ngemva kokuhlaselwa yinhliziyo futhi sithatha cishe amaviki ayisi-6 kuya kwayisi-8. Emavikini okuqala ambalwa ngemva kokudedelwa esibhedlela, ukuphumula kubaluleke kakhulu – ungase uthole ukuthi ukhathele kakhulu kunalokho okulindele.

Kufanele ngenzenjani uma othile ehlaselwa yinhliziyo Ungatatazeli – ukutatazela kuzobangela ukucindezeleka okweqile kumuntu ohlaselwe yinhliziyo, okumbeka engozini enkulu. Biza i-ambulensi noma uthole umsebenzi wezempilo onolwazi ngokushesha ukuze enze i-CPR (lena indlela esetshenziselwa ukugcina umuntu ephefumula) Qiniseka ukuthi umuntu ohlaselwe yinhliziyo uhleli noma ulele – noma umcele ahlale uma esephelelwa umoya, noma alale phansi uma ebuthakathaka. Usizo lwezokwelashwa lubalulekile emahoreni okuqala okuhlaselwa yinhliziyo – ngakho-ke thola usizo ngokushesha. Njalo buza umsebenzi wezempilo uma uqhubeka uba nanoma yikuphi kulokhu okulandelayo, kodwa khumbula ukuthi umuntu ngamunye usabela ngokwehlukile kungenzeka ukuthi inkinga ayihlobene nenhliziyo.


UMandulo Yinyanga Eqwashisa Ngempilo Yomlomo! Izingane zaseNingizimu Afrika eziyisi-9 kweziyi-10 zihlushwa izimbobo emazinyweni Lokhu kungenxa yokuthi azinakekeli kahle amazinyo azo. Ukubola kwezinyo inkinga evamile yezempilo ezinganeni futhi uma iyekwa ingelashwa, ingaholela ezinkingeni ezinkulu njengoba zikhula – njengesifo sikashukela, isifo senhliziyo, ngisho nomdlavuza womlomo nowesisu. Khuthaza umkhaya wakho ukuba ufunde lesiqondiso esilandelayo njengendlela yokuwufundisa ngokunakekelwa okuhle komlomo:

Ukunganakekelwa kahle kwamazinyo Ukutheleleka ngamagciwane emlonyeni kuvame kakhulu kubantu abadala, kanti kungelapheka. Uma ungakunaki ukopha kwezinsini, kungaholela ekuthelelekeni ngamagciwane okunzima, izilonda emlonyeni ezigcwala wonke umzimba. Khumbula ukubhema, ukuhlafuna ugwayi nokuphuza utshwala konke lokhu kwandisa ingozi yomdlavuza womlomo, kanti ukutheleleka ngamagciwane emlonyeni kwandisa ingozi yesifo senhliziyo, isifo sikashukela kanye nezilonda.

Ukungawanakekeli kahle amazinyo kungazibangela kanjani izifo zenhliziyo? Ukungaxubhi kahle nokungawanakekeli

amazinyo nezinsini zakho kusho ukuthi amagciwane amabi (amagciwane akwazi ukwanda) angahamba aye egazini esuka emlonyeni wakho, ehle ngomphimbo bese eyohlala enhliziyweni abangele izifo zenhliziyo.

yakho,

Zinakekele nakakhulu uma uthatha imithi ye-HIV/AIDS Kuvamile ukuba ube nomlomo owomile uma uthatha imithi ye-HIV/AIDS, ngoba awekho amathe anele ukuze ahlanze amagciwane emlonyeni wakho ngesikhathi udla futhi uphuza. Lokhu kungaholela ekwakhekeni kwamagciwane engeziwe. Qiniseka ukuthi uxubha ngomuthi wokuxubha one-flouride njalo ukuze uvimbele lokhu.

Ukunakekela amazinyo akho ngesikhathi ukhulelwe BEWAZI ukuthi owesifazane okhulelwe onesifo sezinsini unamathuba aphindwe kasikhombisa okuthola umntwana ngaphambi kwesikhathi? Lokhu kungenxa yokuthi abesifazane abakhulelwe babhekana nezinguquko zamahomoni futhi izinsini zabo ziyazwela kakhulu emagciwaneni, yingakho kubalulekile ukuba uyohlolwa njalo uma ukhulelwe, futhi udle ukudla okunothile

ngamavithamini kanye nekhalsiyamu ukuze ugcine amazinyo akho enempilo (amaqanda, inyama, ubhontshisi, amaveji aluhlaza kanye nezithelo ezinjengamawolintshi).

Ezempilo e-KZN zibekele eceleni izigidi zamaRandi ezi-4 ukuze kuthuthukiswe amathuluzi amazinyo! Umnyango Wezempilo e-KZN uzibophezele ukuthuthukisa ukunakekelwa kwempilo yamazinyo, futhi ukubonisa ukuthi uyibheka njengebaluleke kangakanani impilo yomlomo, ubekele eceleni Izigidi ezi-4 zamaRandi ukuze kuthuthukiswe futhi kufakwe amathuluzi amasha amazinyo futhi kuthuthukiswe isimo sezikhungo zezempilo esifundazweni, kusho uDkt Jimmy Mthethwa, uMphathi Womnyango Wezinsizakalo Zezempilo Yomlomo. “Izifo zamazinyo zingezinye zezifo ezingamahlalakhona ezivamile emhlabeni wonke ezithinta izingane, abantu abadala kanye nasebakhulile futhi zinomthelela omkhulu enhlalakahleni, ekwenzeni izinto nsuku zonke kanye nasezindlekweni


zokwelapha. Ukubola kwamazinyo kungavinjelwa kakhulu ngokwenza izinto ezilula, eziqinisekisiwe neziphumelelayo kodwa naphezu kwalokhu ngisho nento elula njengokuxubha nsuku zonke ayiwona umkhuba ovamile yonke indawo nowenziwa yibo bonke. Njengophiko lweZempilo Yomlomo e-KZN singathanda ukuthumela lomlayezo wokuthi impilo yomlomo ibalulekile enhlalakahleni jikelele – yilungelo labantu eliqashelwayo,” kusho uDkt Mthethwa. Ngaphezu kwezimali eziibekelwe eceleni ukuze kunakekelwe amazinyo, iSibhedlela Esikhulu Inkosi Albert Luthuli naso sesenza i-Maxillofacial nezinsizakalo Zokuhlinzwa Emlonyeni kusukela kulenyanga, okuzokwehlisa umthwalo e-King Edward VIII okuyiyona ebhekelele ukulimala emlonyeni/ ebusweni e-KZN. Ngaphezu kwalokho, i-Dental Technology Laboratory nayo isiyaqalwa, okuzovumela Ezempilo KZN ngokokuqala ngqá ukuba zenze futhi zinikezele amazinyo okufakelwe adingeka kakhulu kwasebakhulile. UDkt Mthethwa, osanda kuqala kweZempilo e-KZN, unentshisekelo ngokunakekelwa kwempilo futhi uthi ukusebenzisa umuthi wokuxubha onefluoride yindlela engcono kakhulu yokunciphisa izifo zomlomo eziyingozi. “Uphiko lweZempilo Yomlomo e-KZN lutusa ukuba abantu baxubhe amazinyo okungenani kabili ngosuku ngomuthi wokuxubha one-fluoride ngoba lokhu kuvimbela ukubola kwamazinyo. Singathanda nokunxusa abantu abadala ukuba babheke izingane ezineminyaka engaphansi kweyisi-6 ukuqinisekisa ukuthi aziwugwinyi umuthi wokuxubha.

Yeka ukumncelisa ibhodlela – sindisa amazinyo omntanakho! Ochwepheshe bakubiza ngokuthi yiSimo Esibangelwa Yibhodlela, kanti kungenye yezinkinga zamazinyo ezivame kakhulu ebantwaneni. Izimpawu zalokhu ukubola kwamazinyo amane aphezulu omntwana, okwenzeka kakhulu ngenxa yokuthi umntwana noma ingane enamazinyo ilala inebhodlela lobisi, lesiphuzo noma lolunye uketshezi olunoshukela emlonyeni. Uma umntanakho ephuza, uketshezi lumuncwa amazinyo angaphambili, lokhu kuvumela uqweqwe olunamagciwane (amagciwane akwazi ukwanda) ukuba luhlasele amazinyo akhe. Ukuze ugweme lokhu:

• Ncelisa umntwana ibele – kunempilo futhi kunikeza umntwana zonke izakhi azidingayo. • Khuthaza izingane ukuba zixubhe amazinyo azo njalo – kuhle ukuba kube njalo ngemva kokudla. • Zifundise ukugwema noma ukunciphisa amaswidi kanye neziphuzo ezinoshukela – ngokwesibonelo, bewazi ukuthi ingilazi yesiphuzo se-apula inoshukela wemvelo ongamathispuni ayisi-6 nengxenye? Ungakhohliswa ucabange ukuthi uma kuthiwa awukho ushukela owenezelwe lokho akusho ukuthi awukho nhlobo ushukela! • Ungafaki ushukela kunoma iluphi uketshezi – fundisa ingane yakho (nawe futhi) ukuphuza itiye elingenashukela. • Hamba uyohlola njalo amazinyo akho nawomntanakho. • Yelapha ukutheleleka ngamagciwane emlonyeni noma ezinsinini ngokushesha ngokukhuluma nomsebenzi wezempilo ukuze uvimbele ezinye izingozi zezempilo ezingabakhona. Nakekela amazinyo akho – kungahlenga ukuphila kwakho.

NAKEKELA AMAZINYO AKHO UKUZE UVIMBELE ISIFO SENHLIZIYO – KHUMBULA AYIKHO IMPILO NGAPHANDLE KWEMPILO YOMLOMO! UDk Jimmy Mthethwa, iMenenja Yezinkonzo Zempilo Maqondana Namazinyo eMnyangweni Wezempilo KwaZulu Natal.

UKUHLOLWA KWAMAZINYO MAHHALA! ABASEBENZA NGAMAZINYO ABAVELA KWEZEMPILO KWAZULU NATAL SEBEBAMBISENE NABAKWA-COLGATE UKUZE KUHLOLWE MAHHALA AMAZINYO EZINGANE ZESIKOLE EZINGU-250 ZASE-NDLELAYABASHA PRIMARY SCHOOL E-WILLOWFONTEIN, EMGUNGUNDLOVU. USUKU LOKUHLOLWA: 19 SEPTEMBA 2011 ISIKHATHI: 09:00 EKUSENI KUYA KU-12:30 EMINI

Ezempilo | Health Matters - Edition 9

5


6

Ezempilo | Health Matters - Edition 9


Ezempilo | Health Matters - Edition 9

7


UMandulo – INyanga Yokuqwashisa Ngobu-Albino:

Fundisa, ungacwasi! Ukukhishwa inyumbazane USiyabonga Radebe Unina nguye kuphela obengwazalwa eyi-Albino, umthombo wamandla nesisekekanti manje njengomuntu lo, kuchaza uSiyabonga enoomdala, uyachaza ukuthi indlela umphakathi ontula ngayo munyu; unina wayehamba ulwazi ngesimo sakhe ikuthinte naye konke lapho ayeya khokanjani ukuphila kwakhe. Lena na ngoba akekho umuntu indaba edumazayo yendlela abantu owayefuna ukumthinta. abavumela ngayo izinkolelo zabo Lapho eqala esikoleni, ukuzonakalise ukuphila kwabanye, futhi cwaswa kwaqina nakakhulu phakathi nalenyanga, sinikeza ngoba wayehlale eyedwa. ulwazi ukuze abantu baqonde “Abazali babetshela izingane ukuthi ukuba yi-Albino zabo ukuba zingadlali futhi akusona isiqalekiso; yisimo zingakhulumi “nomthakathi omhloesidinga ukuqondwa phe omncane” ngoba babengaqonnokusekelwa.

Indaba kaSiyabonga “Ngesikhathi ngizalwa umkhaya wakithi nomphakathi babethi umama wami ubethandana nomlungu yingakho ngiye ngazalwa ngimhlophe. Babengaqondi noma bengayikholelwa indaba yokuthi umuntu uyi-Albino. Umkhaya wakithi wawubhekwa njengoqalekisiwe, futhi ubaba wasishiya ngosuku engazalwa ngalo. Angikaze ngimbone,” kusho uSiyabonga.

di ngokuba yi-Albino. Lapho iminyaka ihamba ngaba nesizungu, nempilo yami yathinteka nayo,” uyanezela. Namuhla, uSiyabonga uyakwazi ukubhekana nesimo sakhe kanti uzisekela ngomsebenzi awenzayo – kodwa akubanga lula ngenxa yezinkolelo ezingamanga ngesimo sakhe.

Ukuba yi-Albino uqalekisiwe

akusho

ukuthi

Umsebenzi wezempilo uThabo Gwala uthi abantu badinga ukwazi ukuthi ukuba yi-Albino akuthelelwana futhi akufanele besatshwe abantu abayiwo.

“Abantu abangama-Albino badinga usizo nokuqonda ngumphakathi. Bangabantu abavamile, akukona ukuthi baqalekisiwe noma bathakathiwe”, kusho uThabo.

Izinkinga Zempilo ezithinta labo abangama-Albino Labo abangama-Albino banenkinga yamehlo futhi badinga ukugwema ukushiswa yilanga ngenxa yokuswela umbala esikhunjeni sabo. Kufanele bagqoke isigqoko selanga uma bengaphandle ukuze bagweme umdlavuza wesikhumba futhi badinga ukugqoka izibuko ukuze zibasize ukubona.

Amaqiniso Ngobu-Albino • Ubu-Albino yisimo esitholakala ngofuzo esibangelwa ukuswela umbala wesikhumba obizwa nge ‘melamin’. • Akukukhinyabezi ukuhlakanipha komuntu. • Ubu-Albino bungabangela izinkinga zamehlo. • Abantu abangama-Albino bayazwela ekukhanyeni okunamandla. • Akudingeki umgweme umuntu oyi-Albino, akaqalekisiwe.


ISIQONDISO SANYANGA ZONKE:

Ukutheleleka Ngegciwane Kweshubhu Lomchamo Kwabesifazane Izigidi zabesifazane eNingizimu Afrika zihlushwa ukutheleleka ngegciwane emgudwini womchamo. Lokhu kungenxa yokuthi amagciwane angena kalula emzimbeni womuntu wesifazane ngeshubhu lomchamo aye esinyeni (isitho somzimba esikhipha umchamo emzimbeni). Amaningi ala magciwane mabi kakhulu kunalokho esingakucabanga, yingakho kubalulekile ukwazi izimpawu futhi uthole ukwelashwa emtholampilo wangakini ngokushesha, ikakhulukazi uma ukhulelwe, ngoba la magciwane angaholela ekutheni uthole ingane ngaphambi kwesikhathi futhi ube nomfutho wegazi ophezulu. Ukutheleleka ngegciwane esinyeni yikho okuvame kakhulu kanti kwelapheka kalula. Ukutheleleka kwezinso ngegciwane kuyingozi kakhulu futhi kungabangela umonakalo ongalungiseki ngisho nokufa. Gcina lesiqondiso esilandelayo esizokusiza uqaphele noma yiziphi izimpawu zokutheleleka ngegciwane esinyeni noma ezinsweni:

Amagciwane avame ukungena emzimbeni womuntu wesifazane noma aqale ukuphindaphindeka uma: Eya ocansini Lokhu kungoba amagciwane ayaduduleka angene emzimbeni womuntu wesifazane – lokhu yimbangela ejwayelekile kakhulu yokutheleleka ngegciwane esinyeni kumuntu wesifazane. Ukuvimbela lokhu, qiniseka ukuthi uya ethoyilethi ngemva kocansi. (Lokhu kugeza ishubhu lomchamo, kodwa akuvimbeli ukukhulelwa)

Ephuza amanzi amancane Uma owesifazane esebenza ngaphandle kushisa, ejuluka kakhulu bese ephuza amanzi amancane, amagciwane aqala ukuziphindaphinda esinyeni esingenalutho. Zama ukuphuza okungenani izingilazi eziyi-8 zamanzi noma ngaphezulu njalo ngosuku, uma usebenza lapho kushisa khona.

Engahlanzekile ezithweni zangasese Geza isitho sangasese nsuku zonke, futhi njalo lapho uzesula uqale phambili uye emuva – lokhu kungenxa yokuthi ukusula uqale emuva uye phambili kungasakaza amagciwane azongena embotsheni yokuchama, lapho amagciwane engangena khona emzimbeni.

Izimpawu Zokutheleleka Ngegciwane Esinyeni: • Uma udinga ukuya ethoyilethi kaningi (noma uma uzwa sengathi kusenomchamo emzimbeni wakho ngemva kokuya ethoyilethi)

Izimpawu Zokutheleleka Ngegciwane Kwezinso • Imfiva nokugodola • Ubuhlungu ezansi neqolo noma eceleni • Isicanucanu noma ukuphalaza

• Uma uzwa ubuhlungu noma ukushisa ngesikhathi uchama • Ubuhlungu ezansi nesisu ngemva nje kokuchama • Iphunga elibi elivela emchamweni, noma umchamo obukeka uluvindi noma sengathi unegazi. (umchamo onombala onsundu nawo ungaba uphawu lwamagciwane athelelwana ngocansi)

• Ukuzizwa ugula futhi ubuthaka

OKUBALULEKILE! VAKASHELA UMTHOLAMPILO WAKHO OSEDUZE UTHOLE UKWELASHWA NGOKUSHESHA NGANGOKUNOKWENZEKA UKUZE UKUTHELELEKA NGEGCIWANE KUNGANGAZE KUBE KUBI KAKHULU FUTHI UKHUMBULE UKUQALA UKUTHATHA IMITHI YAKHO NGOMTHAMO OQONDILE NGOKUSHESHA NJE! Ezempilo | Health Matters - Edition 9

9


KZN HEALTH

IZINDABA

Ukulwa Nezifo, Ukulwa Nendlala, Ukunika Ithemba

UMSHWALENSE KAZWELONKE WEZEMPILO Uzokuthinta kanjani wena?

Kungenzeka uke wezwa ngawo, noma wafunda ngawo kwenye indawo, kodwa akukuningi okwaziyo ngokuthi uzokuzuzisa kanjani wena. Kulula nje. Uhulumeni wethula uhlelo olusha lwezempilo, olubizwa ngokuthi uMshwalense Kazwelonke Wezempilo (National Health Insurance [kafushane obizwa ngokuthi yi-NHI]) oluzoyiguqula ngokuphelele indlela okuhlinzekwa ngayo ukunakekela kwezempilo. Luzoqinisekisa ukuthi ukunakekela kwezempilo kumahhala, kuyafinyeleleka nokuthi labo abakudinga kakhulu babhekelelwa kuqala. Ngaphezu kwalokho, luzoholela ekunakekelweni okusezingeni elingcono okugxile ekuvimbeleni izifo – hhayi nje ukuzelapha kuphela. Njengoba isifundazwe sethu sinezifo eziningi, i-KZN izozuza kakhulu kulokhu, ngoba kuzoletha ithemba langempela lokushintsha isimo nokwehlisa inani elikhulu lezifo kulesifundazwe. Isigaba sokuqala sizoqala ngoMbasa olandelayo, kanti lolu hlelo luyobe selusebenza ngokugcwele ngo-2025 – lokhu kuzonikeza uhulumeni isikhathi sokuthola imali, izinsiza-kusebenza, abasebenzi kanye nengqalasizinda edingekayo ukuqinisekisa ukuthi lolu hlelo luyimpumelelo. Yizindaba ezijabulisayo lezi, futhi sonke kufanele siphume sisakaze le ndaba emphakathini wangakithi ngoba kudingeka wonke umzamo nokusekela kwethu ukuze kusebenze.

Kungani sidinga uMshwalense Kazwelonke Wezempilo? Ukunakekelwa kwezempilo kuyilungelo

10

Ezempilo | Health Matters - Edition 9

lomuntu. Leli lungelo akufanele lincike ekutheni sinothe kangakanani, ekutheni singakwazi yini noma ekutheni sihlalaphi. Ilungelo lokunakekelwa kwezempilo likuMthethosisekelo wethu. Kodwa inani elikhulu labantu bakithi liyaqhubeka lifa ngaphambi kwesikhathi futhi lihlupheka ngokungadingekile ngenxa yempilo ebuthaka. Izimo ezelaphekayo azelashwa ngesikhathi kanti izifo ezingavimbeleka azivinjelwa. Izikhungo zezempilo ezizimele zisiza u-16% wabantu, kodwa zithola uhhafu wemali esetshenziselwa ezempilo kulelizwe – kuyilapho izikhungo zikahulumeni zezempilo zisiza u-84%

wabantu bakithi, kodwa zithola imali efanayo. Lokhu akwamukeleki, yingakho sidinga uhlelo olusha lwezempilo oluzoqinisekisa ukuthi bonke abantu banamathuba afanayo okuthola ukunakekelwa kwezempilo okusezingeni eliphezulu.

Ingabe uyoyikhokhela i-NHI? I-NHI izoxhaswa ngezindlela ezintathu: uxhaso lukahulumeni (ngentela), iminikelo yabasebenzi, nemali edonswa emholweni wabasebenzi abahola imali engaphezu kuka-R60,000 ngonyaka.


Ingabe labo abangasebenzi bazokwazi ukuthola ukunakekelwa kwezempilo kwamahhala ngaphansi kwe-NHI?

izokwenza kube lula ngoba i-NHI izoba ukuphela komxhasi omkhulu wokunakekela kwezempilo ezweni!

Yebo. I-NHI ihloselwe ukunikeza ukunakekelwa kwezempilo ngokulingana kubo bonke abantu baseNingizimu Afrika nezakhamuzi ezibhalisile. Uma ungasebenzi, ungumfundi, noma uhola ngaphansi kuka-R60,000 usazokwazi ukuthola ukunakekelwa kwezempilo kwamahhala. Labo abangabhalisiwe njengezakhamuzi zaseNingizimu Afrika kanye nezivakashi ngeke bakwazi ukuthola ukunakekelwa kwezempilo kwamahhala ngaphansi kwe-NHI, kodwa basangakwazi ukuthola usizo uma kunesimo esiphuthumayo.

Izobazuzisa kanjani abesifazane abakhulelwe nezingane?

Ngizwe kuthiwa i-NHI izosho ukuthi kufanele sikhokhe intela eyengeziwe, ingabe kuyiqiniso? Iqiniso liwukuthi u-95% woxhaso lwe-NHI selukhona kakade. UHulumeni udinga indlela yokuthola u-5% osele futhi lokhu ngeke kwenziwe ngokukhokhisa abantu intela eyengeziwe. Kusabhekisiswa ezinye izindlela zokuthola imali, kodwa i-NHI ngeke ithwese umthwalo abantu abasebenzayo. Kodwa kunalokho,

Ngaphansi kohlelo olusha, abesifazane, izingane, asebekhulile nentsha bazoba phambili ekutholeni ukunakekelwa. Kuzoncishiswa izikhathi zokulinda, kube nezinsiza-kusebenza ezengeziwe, abasebenzi abaqeqeshwe kangcono futhi okubaluleke kakhulu, uhulumeni uzoqapha ukusebenza kwabasebenzi bezempilo ukuze aqinisekise ukuthi uthola izinga lensizakalo elidingekayo.

Kodwa abekho odokotela abanele, lolu hlelo luzobhekana kanjani nalokhu? Izwe lethu liyelapha ngokuyinhloko uma kuziwa ezindabeni zokunakekelwa kwezempilo. Lokhu kusho ukuthi sichitha isikhathi nemali eningi selapha abantu kunokuba sivimbele izifo. Ngaphansi kweNHI, kuzogxilwa ekuvimbeleni izifo ukuze abantu baqaphele kakhudlwana ukuthi yini ebenza bagule nokuthi bangakuvimbela kanjani lokhu. Ukuze lokhu kusebenze

IZINOMBOLO ZOCINGO EZIBALULEKILE EMRS 10177 UCINGO LWAMAHHALA LWEZEMPILO KWAZULU NATAL, USUKU LONKE 0800 00 51 33 AMAPHOYISA 10111

kuzodingeka izikhungo Zokunakekelwa Kwezempilo Eziyinhloko ezengeziwe, amanesi, abanakekeli bomphakathi kanye nodokotela abengeziwe. Yingakho lolu hlelo lunikezwa iminyaka engu-14 ukuba lusebenze ngokugcwele. Umsebenzi usuqaliwe kakade. UNgqongqoshe weZempilo e-KZN uDkt Sibongiseni Dhlomo useqalile ukucwaninga zonke izikhungo zezempilo e-KZN ukuze aqiniseke ukuthi lezo ezingafinyeleli izimfuneko ezidingekayo ziyalungiswa. Ukucela izikhungo zezempilo ezihlanzekile kanye nezinsizakalo zezempilo ezelapha iziguli ngenhlonipho nokunakekela akukona ukucela into engaphezu kwamandla – yilokho i-NHI ethemba ukukunikeza! ‘Uhulumeni uzokwenza uhlelo lwezempilo oluvimbela izifo; Ukunakekelwa kwezempilo kwamahhala nokulaliswa esibhedlela kuzonikezelwa kubo bonke, ikakhulu omama nezingane’

I-Freedom Charter kweZempilo, eyamukelwa uKhongolose, ngoNhlangulana 26, 1955. Yisikhathi sokwenza kwenzeke!

DISTRICT HEALTH OFFICERS AMAJUBE

034 328 7000

ETHEKWINI

031 240 5300

ILEMBE

032 437 3500

SISONKE

039 834 8310

UGU

039 688 3000

UMUGUNGUNDLOVU

033 897 1000

UMKHANYAKUDE

035 572 1327

UMZINYATHI

034 2999100

UTHUKELA

036 631 2202

UTHUNGULU

035 787 0631

ZULULAND

035 874 2302

Ukulwa Nezifo, Ukulwa Nendlala, Ukunika Ithemba Ezempilo | Health Matters - Edition 9

11


KZN HEALTH

IZINDABA

Ukulwa Nezifo, Ukulwa Nendlala, Ukunika Ithemba UNGQONGQOSHE WEZEMPILO UDKT DHLOMO UBIKA NGOKUNIKWA KWABANTU IZINSIZA ZOKUNAKEKELA IMPILO Ekuqaleni kwale nyanga uNgqongqoshe Wezempilo KwaZulu Natal UDkt Sibongiseni Dhlomo usinike amazwibela ngengqubekelaphambili maqondana nokunikwa kwabantu izinsiza zempilo kwaZulu Natal kuze kube manje. Okulandelayo kumane nje kungezinye zezinto ezifinyelelwe:

Ukuncishishwa Kokushona Komama Ababelethayo Nabantwana EzeMpilo KwaZulu Natal sezinamaambulensi akhethekile angu-12 (eyodwa esifundeni ngasinye) alungiselelwe ukusiza omama abakhulelwe nezinsana ukuze kuqinisekiswe ukuthi omama abakhulelwe bayakwazi ukuya ezikhungweni zempilo bathole ukunakekelwa ikakhulu ngesikhathi sokubeletha. Kuzonezelwa namanye ama-ambulensi afana nalawa ngonyaka ozayo, futhi kuzoqeqeshwa nabanye ababelethisi basemphakathini. Abesifazane abakhulelwe abafinyelela kumaphesenti angu-79.3 basebenzisa imishanguzo enamandla kakhulu ebizwa ngokuthi ama-antiretrovial ((HAART). Nokho, uNgqongqoshe uDhlomo usenxuse abesifazane abakhulelwe ukuba basheshe ngempela ukuyobhalisa ukuthi bakhulelwe. UDhlomo uthi: “Inselelo enkulu maqondana ne-HAART wukuthi iziguli ziyephuza ukuyobhalisa. Kunabesifazane abaningi abasafihla ukuthi bakhulelwe noma abaya emitholampilo sekwephuze kakhulu futhi sebenesikhathi eside bekhulelwe. Lokhu kwenza bangasheshi ukuthola usizo olungasindisa izimpilo zabo.

Ubisi lwebele lungcono kakhulu – I-KZN ihola phambili! UMnyango Wezempilo Kazwelonke usuqalise ngokuphumelelayo inqubo ebizwa ngokuthi uKondliwa Kwezinsana Nabantwana Abancane (Infant and Young Child Feeding) ukuze kukhuthazwe futhi kusekelwe ukuncelisa ibele. Sikhuluma nje, izibhedlela zakwaZulu Natal ezingamaphesenti angu-76 ziye zatshelwa ukuthi zisesimweni esihle eSibhekelela Abantwana, kanti uMnyango Wezempilo kwaZulu Natal uye wanconywa eNgqungqutheleni Yokunceliswa Kwabantwana Ibele ngokuba yiSifundazwe sokuqala nokuyiso sodwa esiyekise ukunceliswa kwabantwana ubisi lwebhodlela oluthengwayo kusukela ngoJanuwari 2011!

Ukondleka Nokuvivinya Umzimba (Nutrition & Physical Activity [NAP]) Uhlelo lwe-NAP seluqaliwe kuzo zonke iZifunda ngokubambisana noMnyango Wezemfundo. Ukuphila ngendlela enempilo nako kuyakhuthazwa kubantu asebegugile ngokumemezela ukuthi oLwezithathu bazobizwa ngokuthi “oLwezithathu Abayigolide.” Injongo yalokhu yilena: • Ukunciphisa inkinga yezifo kubantu abagugile • Ukuphucula indlela abaphila ngayo • Ukwenza ukuphila kwabo kujabulise futhi babe namandla

Ukukhwabanisa Nenkohlakalo Kunento

12

Ezempilo | Health Matters - Edition 9

uNgqongqoshe

uDhlomo

kanye noPhethe EMnyangeni wakhe, uDkt Sibongile Zungu abayenze yakhanya bha. Ngeke kubekezelelwe nhlobo ukukhwabanisa nenkohlakalo emnyangweni. Abahhemi nje uma bekhuluma kanjalo – kunezinyathelo abazithathile zokuqinisekisa ukuthi labo abangaphansi kwabo abatholakala benamacala okukhwabanisa bathola izijeziso ezinqala kodwa ezingenzeleli. Ngezansi kubekwe wonke amacala atholakele futhi asingathwa:

OKWENZEKILE INANI LAMACALA OKWENZEKILE

AMACALA

Babekwe amacala futhi baxoshwa

17

Babekwe icala futhi basula emsebenzini

13

Icala liseseNkantolo

1

Basamisiwe njengoba kusazothethwa icala

28

Babekwe icala base benikwa isixwayiso esibhalwe phansi

14

Batholakale bengenacala futhi icala 5 lahoxiswa Kusathethwa icala

29

Lisabhekwa yi-SAPS/HAWKS

17

Ingqikithi yemali ebuyiselwe kuze kube manje R 1 720 000

Lalela, hlolelwa i-TB futhi welashwe Kuze kube manje izakhamuzi zakwaZulu Natal ezingaba ngu-2 920 433 ziye zahlolelwa igciwane lesandulela-ngculazi. Kulabo bantu, abangamaphesenti angu-19 batholakale ukuthi banalo futhi batshelwa izindawo abangaya kuzo ukuze bathole ukunakekelwa kanti iziguli ezingamaphesenti angu-90 ezinegciwane


lesandulela-ngculazi zahlolwa isifo se-TB. Ngosizo lomkhankaso nomshini omusha obizwa ngokuthi yi-Gene Expert, ohlola i-TB ngamahora ambalwa nje, nakhu osekwenziwe umnyango: • Kuye kwahlolwa abantu abangu-3 179 okwatholakala ukuthi bane-TB eThekwini, kwavakashelwa imizi engu-3 004 futhi kwahlolwa abanye emakhaya anabantu abanalesi sifo abangu-5 472. • Sikhuluma nje sekunemishini emithathu ebizwa ngokuthi yi-Gene Expert eThekwini futhi kuzonezelwa eminye engu-14 ezinyangeni ezintathu. • Kuzofakwa imishini emibili eSifundeni saseThungulu nemihlanu eSifundeni saseSisonke.

Impilo Nokondleka Kwezingane Ukuya kwabasebenzi bezempilo bomphakathi emizini enezingane ezisanda kuzalwa emasontweni okuqala zizelwe kunciphisa ukufa kwezingane ngamaphesenti angu-60. Benalokhu engqondweni, uMnyango kanye neUNICEF sebeqale ukuqeqesha bonke aBanakekeli Bomphakathi ukuze izinsana nomama bathole usizo nokunakekelwa okuhle besemakhaya. ABanakekeli Bomphakathi sebezokwazi nokunikeza abagulayo imithi ephuzwayo yokubuyisa amandla kanye no-Vitamin A.

Ukuphila ngendlela enempilo ukuze uphile isikhathi eside! Kubikwa ukuthi ukungavivinyi umzimba kungomunye wemithelela emikhulu yokufa kwabantu bengabulawa yizifo ezithathelanayo (njengesifo somdlavuza, isifo sikashukela, isifo senhliziyo namaphaphu). UMnyango Wezempilo KwaZulu Natal uye wandisa izinhlelo zawo ukuze uqwashise abantu abaningi ngezifo, ukuzivikela ezifweni nangesidingo sokuvivinya umzimba. Umlayezo ulula: wuvivinye kakhudlwana umzimba – gijima, hamba, gxuma, wuvivinye umzimba!

Ukunakekela Amazinyo Kuzoba khona isikhungo esisha esibizwa ngokuthi yi-Maxillo esizoba sesibhedlela i-Inkosi Albert Luthuli Central Hospital kule nyanga. UMnyango ufuna odokotela abazisebenzela engxenye ukuba banikeze usizo esibhedlela saseNewcastle, eGrey, ePort Shepstone naseNgwelezane. Ngaphezu kwalokho, kugunyazwe izigidi zamaRandi ezingu-3.9 ukuze kulungiswe futhi kuthuthukiswe imishini yamazinyo ezikhungweni zempilo yonke indawo kwaZulu Natal.

Ukuthuthukiswa Kwenqala-sizinda UMnyango uvule imitholampilo emisha engu-23 ezifundeni ezingu-11 futhi umatasa nomsebenzi wokufaka imibhede emisha engu-500 esibhedlela i-Dr Pixley ka Seme Regional Hospital ezodla cishe izigidi zamaRandi ezimbili. Lokhu kuzokwakha amathuba emisebenzi nokuqeqeshwa emiphakathini yakwaMashu, eNanda nase-Phoenix.

Ukusokwa Kwabesilisa Ngezizathu Zempilo

Izinkonzo Zezokwelapha Zezimo Eziphuthumayo IZinkonzo Zezimo Eziphuthumayo sezithenge ama-ambulensi angu-274 azosetshenziswa eSifundazweni futhi kutholakale abasebenzi abangu-332 beZimo Eziphuthumayo kanye naBasebenzi Bezimo Eziphuthumayo abangu-55 ukuze kuthuthukiswe izikhathi abantu abathola ngazo usizo kanye nokunikezwa kwezinsiza. Kutholakale namabhasi ahlalisa abantu abangu-25 azohambisa iziguli ezine-MDR ne-XDR e-King George V Hospital nakwezinye izibhedlela ezizinikele ukwelapha iziguli ezine-TB.

Siletha izinguquko, futhi ngeke siyeke kuze kube yilapho bonke abantu sebenempilo engcono!

Umkhankaso wokuSokwa Kwabesilisa Ngezizathu Zempilo waqala ngo-Epreli 2010 kwaZulu Natal. Ithebula elilandelayo lisibonisa okwenzekile kuze kube manje:

DISTRICTS

Iminyaka Engu-15-49

Iminyaka Izinyanga Ezine Kuya Engu-50 Eminyakeni Engu-14

Inyanga Eyodwa Kuya Kwezintathu

Ingqikithi

Amajuba

4 405

32

629

6

5 072

eThekwini

11 092

75

694

44

11 905

iLembe

961

55

164

4

1 184

Sisonke

1 264

3

46

1

1 314

UGu

2 185

53

267

2

2 507

uMgungundlovu

12 401

119

714

2

13 236

UMkhanyakude

3 633

22

292

1

3 948

UMzinyathi

4 401

19

405

3

4 828

UThukela

1 888

28

158

3

2 077

UThungulu

4 744

94

268

3

5 109

Zululand

3 254

16

235

4

3 509

Ukuqinisa Ukunakekelwa Kwempilo Kubekelwe eceleni imali eyizigidi zamaRandi angu-19 ukuze kumiswe amaQembu Empilo Yomndeni ayisithupha. Iwadi ngalinye lizonikwa iqembu eliholwa umhlengikazi oQeqeshiwe, abahlengikazi abathathu ababhalisile kanye naBanakekeli Bomphakathi abaningana. Bazoluleka abantu ngokuvinjelwa kwezifo emphakathini. Kunezinye izigidi zamaRandi angu-39 azobhekelela izinsiza zempilo maqondana nezikole.

Ukulwa Nezifo, Ukulwa Nendlala, Ukunika Ithemba


KZN HEALTH

IZINDABA

Ukulwa Nezifo, Ukulwa Nendlala, Ukunika Ithemba Ezempilo e-KZN zakha uMkhandlu Wezempilo Wesifundazwe – okwenza ezempilo zibe ngcono! LOKHU KUMAYELANA NANI?

UNGQONGQOSHE WAMUKELA I-PHC

Kuzo zonke izinkinga zezenhlalo ezibhekene nezwe lethu, ukunakekelwa kwezempilo yikona okusemqoka kakhulu. Phela, isizwe esinempilo sisho ukuthi abantu abengeziwe bayakwazi ukusebenza, bondle imikhaya yabo, futhi basize ekukhuliseni umnotho wezwe. Zicabanga ngalokhu, eZempilo e-KZN zakhe zakhe uMkhandlu Wezempilo Wesifundazwe muva nje, ngokuvumelana nezimfuneko zeZempilo Kuzwelonke. Lo Mkhandlu uzosiza ekushintsheni isimiso sethu sezempilo ukuze sinikezele ngokunakekelwa kwezempilo okusezingeni kubo bonke abaseNingizimu Afrika.

UNgqongqoshe Wezempilo uDkt. Sibongiseni Dhlomo ubize lo Mkhandlu ngokuthi ‘igxathu elikhulu’ wathi uzoholela ekutheni bonke abantu baseNingizimu AFrika baphile isikhathi eside beyimiqemane. Noma kunjalo, uNgqongqoshe uDhlomo

Lo Mkhandlu uzokweluleka uNgqongqoshe Wesifundazwe ngezinto ezithinta ezempilo kuhlanganise:

• Zifake isiphakamiso semithetho ehlobene nezindaba zezempilo; • Sisungule izindinganiso nezimiso zezempilo; • Iziqondiso zokuphathwa kwezifunda zezempilo; • Ukuqaliswa kwenqubo yezempilo kuZwelonke naseZifundazweni;

14

Ezempilo | Health Matters - Edition 9

UZOKUZUZISA KANJANI WENA? Kalula nje, uzokwenza ukuba uMnyango Wezempilo uthole izixazululo zezinkinga ukuze kuthuthukiswe ukunakekela kwezempilo. Lo Mkhandlu uzosebenza noNgqongqoshe ukuze uzame ukuxazulula izinkinga ezivimbela ukuba ukunakekelwa kwezempilo kusebenze ngokuphumelelayo. Umqondo uwukuthi nakuba singenawo umthombo wemali engapheli ezoxazululo zonke izinkinga, njengesizwe kudingeka sithole izindlela zokusebenzisa lokho esinakho, ukuze kuhlengwe izimpilo zabantu, kunokuba sikusaphaze sisalinde ukuthola izinsiza ezengeziwe.

UZOKWENZANI LO MKHANDLU?

• Izindaba ezithinta inqubo ezizovikela, zikhuthaze futhi zithuthukise impilo yabantu base-KZN;

ofanayo. Lo Mkhandlu kuzofanele uthinte izinqubo nezinhlelo endaweni lapho eziningi zezinkinga zezempilo, izifo, ukufa ngaphambi kwesikhathi, kanye nokuhlupheka kungadingeki, lapho lapho zikhona izinto ezingase zenziwe ukuze kuvinjelwe futhi kwelashwe,” kusho uDkt. Dhlomo.

ubeneqiniso futhi engafihli mayelana nezinkinga ezibhekene nokunikezela ngokunakekelwa kwezempilo e-KZN. “Ukunakekelwa kwezempilo uhlelo, futhi njenganoma yiluphi olunye uhlelo, zonke izingxenye kufanele zisebenzisane ukuze luphumelele. Kuyiqiniso ukuthi sidinga izinsiza ezengeziwe futhi njengohulumeni sibheka izindlela zokwenza okuningi ngalokho esinakho. Ukuqaliswa kwalo Mkhandlu kuyingxenye yemizamo yethu yokuthola izindlela zokugxilisa amandla emiphakathi, izinhlangano okungezona ezikahulumeni, kanye nawo wonke amazinga kahulumeni emgomweni

NGUBANI OKULO MKHANDLU Lo Mkhandlu ukhethwa nguNgqongqoshe uDkt. Dhlomo futhi uhlanganisa iNhloko Yomnyango, uDkt Sibongiseni Zungu, nekhansela elilodwa elivela kuMasipala Wesifunda ngasinye kanye nabanye abameleli abasuka kwezempilo, bonke bazoba kulo Mkhandlu isikhathi esiyiminyaka emihlanu. UNgqongqoshe ungusihlalo walo Mkhandlu. Lo Mkhandlu uvumelekile ukuba uthintane futhi wamukele abameleli abavela kunoma ubani noma kunoma iyiphi inhlangano – ngomoya omuhle wokuwenza ube uMkhandlu wabantu!


IZINSUKU ZOKUQWASHISA NGOMANDULO Inyanga Yokuqwashisa Ngenhliziyo Kuzwelonke Uthi bewazi ukuthi indoda eyodwa kwamathathu kanye nowesifazane oyedwa kwabane bahlushwa yisifo senhliziyo eNingizimu Afrika? Ukuqwashisa Ngenhliziyo ukukhuthaza indlela yokuphila enempilo ukuze ube nenhliziyo enempilo – okufaka emzimbeni wakho yilokho okutholayo!

Inyanga Yempilo Yomlomo Kazwelonke Isihloko salenyanga Yokuqwashisa Ngempilo Yomlomo sithi ‘Ayikho Impilo Ngaphandle Kwempilo Yomlomo’. Iningi lethu alikuqapheli ukuthi ukuxubha njalo amazinyo ethu kungavimbela isifo sikashukela, izinkinga zenhliziyo nezinye izifo eziningi. Masisebenzise lenyanga sisakaze izwi ngokunakekelwa kwamazinyo futhi sihlenge ukuphila.

Inyanga Yokuqwashisa ngobuAlbino Ubu-Albino akusona isiqalekiso, futhi le nyanga iyisikhumbuzo kithi sonke ukuba sibonise ukubekezelelana, ukuqonda nenhlonipho kulabo abangama-Albino. Bayingxenye yomphakathi futhi akufanele bahlulelwe ngenxa yesimo sabo.

Inyanga Yokuqwashisa ngeMuscular Dystrophy Lesi isimo esenza buthakathaka izicubu emzimbeni, futhi sithinta umuntu oyedwa kwabangu-1200 eNingizimu Afrika. Izimpawu zihlanganisa ukuba buthakathaka kwezicubu nokukhathala.

Inyanga Yokuqwashisa Ngokunakekelwa Kwamehlo Amaphesenti angamashumi ayisikhombisa nanhlanu obumpumputhe

angagwemeka ngokuvinjelwa noma ngokwelashwa, yingakho kubalulekile ukuba uhlole amehlo akho njalo okungenani kanye ngonyaka. Phakathi nale nyanga khuthaza umphakathi wangakini ukuba uyohlolwa amehlo.

Inyanga Yokuqwashisa Ngezithulu Kunabantu abayizithulu nabangezwa kahle abangaba yizigidi ezinhlanu eNingizimu Afrika, kanti lenyanga isetshenziselwa ukufundisa abantu ukuthi abantu abayizithulu baxhumana kanjani nabanye. Funda ulimi lwezandla futhi usekele izithulu endaweni yangakini – kubonisa ukuthi uyakhathalela!

Iviki Lokuqwashisa Ngezinso: 6-11 Iviki Lokuqwashisa Ngezinso elokuqwashisa abantu ngokuvinjelwa nokwelashwa kwezinkinga zezinso. Kaningi isifo sezinso sihlobene nomfutho wegazi ophezulu, isifo sikashukela nokukhuluphala ngokweqile. Ezempilo e-KZN zingathanda nokukhumbuza abantu ukuthi akukho emthethweni ukuthengisa ngezitho zomzimba. Abanye odokotela ezikhungweni zezempilo ezizimele baye baboshwa ngokwenza lokhu – ungavumeli noma ubani azame ukukukhuthaza ukuba uthengise izinso zakho noma ezinye izitho zomzimba wakho.

Iviki Lekhemisi: 5-11 Leliviki elokuqaphela ukubaluleka kosokhemisi ekuqinisekiseni ukusetshenziswa kwemithi ngokuphepha nangokuphumelelayo kanye nendima ebalulekile abayidlalayo njengochwepheshe bethimba lokunakekelwa kwempilo.

Iviki Leqolo: 5-11 Uthi bewazi ukuthi ubuhlungu beqolo

yisizathu okungesesibili (esilandela umkhuhlane) kwezihamba phambili ezenza ukuba abantu bangayi emsebenzini? Iviki Lokuqwashisa Ngeqolo ngelokwazisa abantu ngenkinga yobuhlungu beqolo, izimbangela nokuvinjelwa.

Usuku Lwamarabi Emhlabeni Amarabi angaholela ekufeni, ngakho kubalulekile ukukhumbula ukuthi zonke izinja kumelwe zigonyelwe lesi sifo. UMkhandlu Kazwelonke we-SPCA uye wanxusa labo abenza imigomo elwa namaRabi ukuba banikele ngale mikhiqizo ukuze kuhlengwe ukuphila kwabantu ekulunyweni yizilwane ezinamarabi.

Usuku Lomhlaba Wonke Lokuqwashisa NgeSimo Sotshwala Osaneni: 09 Ukuphuza utshwala ngesikhathi ukhulelwe kungambulala umntwana ongakazalwa. Abesifazane abakhulelwe bakhuthazwa ukuba bayeke ukuphuza ukuze basindise ukuphila kwabantwana babo. Lolusuku lunikezelwe ekuqwashiseni ngalokhu.

Iviki Lesifo Sohlangothi: 12 -16 Babalelwa ku-60 abantu abafa nsuku zonke ezweni lethu ngenxa yesifo sohlangathi. Umlayezo ngaleli viki lokuqwashisa ukuthi isifo sohlangothi akudingeki sibe isigwebo sentambo. Ukwazi izimpawu zesifo sohlangothi nokufuna usizo lwezokwelashwa olusheshayo kungenza ngcono umphumela wesifo sohlangothi.

Ukuqwashisa Ngokunikela Ngomkantsha: 13 Usuku ngalunye izinkulungwane zabantu baseNingizimu Afrika zitholakala zinezifo zegazi ezisongela ukuphila futhi kwabaningi; ukufakelwa umnkantsha onempilo ukuphela kwendlela yokusindisa Ezempilo | Health Matters - Edition 9

15


IZINSUKU ZOKUQWASHISA NGOMANDULO ukuphila abangayithola. Lolu suku lunikezelwe ekukhuthazeni abantu ukuba baphumele obala bazosiza abanye ngokubhalisela ukunikela. Khuluma nomsebenzi wezempilo wangakini ngalokhu.

USUKU LWE-ADHD:14 I-ADHD yisimo esenza umuntu angakwazi ukulawula indlela aziphatha ngayo nokugxila emsebenzini ngendlela efanele. Uma unomuzwa wokuthi ingane yakho iphaphe ngokweqile, ayihlaliseki futhi ayilandeli iziqondiso ngokufanele, funa usizo lwezempilo mayelana nokuthi kungenzeka yini ukuthi ine-ADHD.

Usuku Lwamalungelo Ezisulu: 1519 Leliviki lihloselwe ukunikeza ulwazi ngeMinyango Kahulumeni mayelana

nokuthi yiluphi usizo kanye nezinto ezenziwayo ezinikezwa izisulu zodlame. UMqulu Wamalungelo Ezisulu uhlanganisa: • Ilungelo lokuphathwa ngeqiniso nangenhlonipho ngenxa yesithunzi sakho • Ilungelo lokunikeza ulwazi • Ilungelo lokuthola ulwazi • Ilungelo lokuvikelwa • Ilungelo lokusizwa • Ilungelo lokunxeshezelwa

Iviki Le-Retina Emhlabeni: 18-24 Inhloso yaleliviki ukukhuthaza bonke abantu, ikakhulukazi asebekhulile ukuba bahlolelwe amehlo ukuze bagweme ukungabe besabona nhlobo. Ukuvimbela kungcono kunokwelapha!

Usuku Lwe-Alzheimer Emhlabeni; 21 Isifo se-Alzheimer singesivame kakhulu ukubangela i-dementia, okuyigama lezimo eziningana ezithinta inkumbulo yengqondo. Izimpawu zihlanganisa ukungakhumbuli, inkinga yokungatholi amagama afanele nokuqonda ukuthi abantu bathini, ubunzima bokwenza umsebenzi owawuwenza njalo ngaphambili nokushintsha kobuntu nesimo sakho. Okwamanje alikho ikhambi, ngakho kufanele sikhuthaze bonke abantu ukuba babonise ukuqonda nokubekezelela abantu abane-Alzheimer.

UMandulo 8: Usuku Lwamarabi Emhlabeni Wonke Konke odinga ukukwazi Ayini amarabi? Yigciwane (ijemu) elivela ekulunyweni yisilwane esinamaRabi noma ‘esihlanyayo’ – ngokuvamile inja, nakuba nezinye izilwane nazo zingalisabalalisa leligciwane. Lithinta ubuchopho

futhi lingaholela ekufeni ezinsukwini ezimbalwa uma lingelashiwe ngokushesha. ENingizimu Afrika babalelwa ku-30 abantu abafa unyaka ngamunye bebulawa ngamarabi – iningi labo izingane ezingaphansi kweminyaka engu-15. Yingakho kubalulekile

ukuqonda ukuthi ukulunywa yizilwane – ikakhulukazi ezingondingasithebeni, kungabathinta kanjani abantu, ukuze wonke umuntu emphakathini aziqaphele izingozi zokulunywa yisilwane.


Ungazi kanjani ukuthi isilwane sinamarabi? • Senza ngendlela exakile – kwesinye isikhathi siyadumala, singahlaliseki noma sibe bukhali kakhulu • Siba namagwebu emlonyeni, noma singadli noma singaphuzi • Isilwane asilawuleki – sizama ukuluma noma ubani noma yini.

Izimpawu zamarabi kubantu ngemva kokulunywa yisilwane • Ubuhlungu nokunsonsotha nendawo elunyiwe

eduze

• Ukuphefumula kanzima • Ubuhlungu lapho ugwinya, nokuba namathe ashubile. • Izikhawu zentukuthelo • Lapho umuntu esezokufa, uqala ukudlikiza, futhi angase akhubazeke.

Ukwelashwa Hlanza kahle lapho olunywe khona ngensipho namanzi bese uya esikhungweni sezempilo esiseduze ngokushesha uyokwelashwa. Ungalivali inxeba, liyeke livulekile.

Indlela yokuvimbela emphakathini

amarabi

• Bika noma yisiphi isilwane osola ukuthi sinamarabi, bese uxhumana nekhansela lendawo ukuze sisuswe lesilwane. • Gcina izingane zikude nesilwane esibonakala sigula noma senza ngendlela exakile • Fundisa izingane ukuba zihlalele kude nezilwane ezongondingasithebeni. • Khuluma nodokotela wezilwane wendawo ngokujova izinja emphakathini wangakini ukuze wehlise ingozi yamarabi.

Ezempilo | Health Matters - Edition 9

17


UKUBAMBA IQHAZA Emphakathini Uhambo lokunikezela ngokunakekela kwezempilo!

U-HOD Wezempilo uDkt. Zungu uqalisa isinyathelo sokuthuthukisa ukulingana kwabesifazane

U-MEC Dhlomo kanye nosodolobha waseThekwini uJames Nxumalo beneKhabinethi yaseFree State ngesikhathi bevakashele iSibhedlela Esikhulu Inkosi Albert Luthuli

U-MEC Dhlomo noMphathi Jikelele woMnyango we-Corporate Governance uPrash Padayachee noMfu. Sipho Mtetwa ngesikhathi sokugcotshwa koMkhandlu Wezempilo Wesifundazwe e-KZN


Turn static files into dynamic content formats.

Create a flipbook
Issuu converts static files into: digital portfolios, online yearbooks, online catalogs, digital photo albums and more. Sign up and create your flipbook.