![](https://stories.isu.pub/102213694/images/2_original_file_I31.jpg?crop=412%2C309%2Cx42%2Cy0&originalHeight=309&originalWidth=496&zoom=1&width=720&quality=85%2C50)
2 minute read
Ume njalo Ndlulamithi yamakhosi!
UNYAKA ka-2022 ukhethekile esizweni samaZulu. Wunyaka okugcotshwe ngawo iSilo Samabandla wonke, uMisuzulu kaZwelithini.
Wunyaka lapho abaningi esizweni samaZulu beqala ukuzibonela umcimbi omkhulu wokugcotshwa nokungena esibayeni kweSilo.
Advertisement
Wunyaka lapho kuqopheka umlando lapho uhulumeni wentando yabantu enikeza
Ongangezwe lakhe isitifiketi sokubusa isizwe samaZulu.
Wunyaka futhi okhethekile kakhulu nakwiphephandaba
Isolezwe ngoba ligubha iminyaka engu-20 lasungulwa.
Ukugubha kwethu le minyaka ngonyaka omkhulu kangaka wengqophamlando, kusenza sithobeke futhi sithokoze ngoba nathi siyazigqaja ngokuphakela isizwe samaZulu izindaba nolwazi ngolimi lwaso.
Ngenkathi Isolezwe lishicilelwa okokuqala ngo- Ephreli 8 ka-2002, labusiswa nguMdlokombane uqobo, uZwelithini kaBhekuzulu.
Kusavusa umunyu ukuthi akabanga yingxenye yemigubho yethu kepha ukungena esihlalweni kweNgonyama uMisuzulu ngonyaka esigubha ngawo, kuyayithoba inkebenkebe yenxeba elavuleka mhla kukhothama ubaba wethu uMdlokombane.
Kwahlwa emini ngonyaka u-2021 kuZulu kepha manje sekuyakhanya. Liphumile ilanga Zulu kaMalandela!
Siyambongela futhi siyamhalalisela Ongangezwe lakhe ngokungena esihlalweni sobukhosi.
Kuke kwaba nezinxushunxushu nomsindo endlunkulu ngobukhosi bukaZulu, kwaze kwaba nongabazane esizweni ngekusasa lobukhosi.
Ekugcineni kube nozinzo, kwaqina ukuzigqaja kuZulu wonkana ngenkathi okaNdaba engena esibayeni nokwabe kuqinisekisa ukuthi bungobakhe ubukhosi bukaZulu.
Umlando onothile ogabe ngobuqhawe yinto uZulu adume ngayo emhlabeni jikelele. Kusukela mhla iLembe eleqa amanye amalembe ngokukhalipha libumba isizwe.
Ebuholini beNdlulamithi yamakhosi sikhulekela ukuthi isizwe samaZulu siqhubeke nokuba yisizwe esihlonishwayo, esizigqajayo nesithuthukayo.
Sikhulekela ukuba uMvelinqangi asiphe ubuhlakani namandla iSilo sokuba sihole ngobuqotho futhi sinothise isizwe samaZulu.
Siyakukhulekela nokuthi nasendlunkulu kube nobumbano, ukuthula nokweseka ubuholi nobukhosi bukaZulu.
Sengathi uMvelinqangi neziNyandezulu bangaba naye ubaba wesizwe sethu.
Siyiphephandaba siyabukhulekela futhi sibufisela inhlanhla, ubuhlakani, nokuthula ubuholi bukaNgangezwe lakhe.
Ume njalo Hlanga Lomhlabathi! Bayede Ndlulamithi yamakhosi!
![](https://stories.isu.pub/102213694/images/2_original_file_I31.jpg?width=720&quality=85%2C50)
ISILO UMISUZULU KAZWELITHINI
![](https://stories.isu.pub/102213694/images/2_original_file_I29.jpg?width=720&quality=85%2C50)
ISILO UZWELITHINI KABHEKUZULU
![](https://stories.isu.pub/102213694/images/2_original_file_I30.jpg?width=720&quality=85%2C50)
Kiki Ntuli
UMhleli weSolezwe