2 minute read

Zesuliwe izinyembezi zikaZulu

UKUNIKEZWA kweSilo uMisuzulu

kaZwelithini isitifiketi sobukhosi ngokusemthethweni, kushayela isipikili sokugcina maqondana nombango wesihlalo. Wesulwe izinyembezi uZulu wonke owakhala kakhulu ushonelwe yilanga, ngesikhathi kukhothama iSilo uZwelithini kaBhekuzulu. Kuvuleka ikhasi elisha njengoba uMengameli wezwe uMnuz Cyril Ramaphosa, ezonika okaNdaba isitifiketi sobukhosi enkundleni yezemidlalo iMoses Mabhida, eThekwini, phambi kukaZulu wonke uphelele.

Advertisement

Nakuba iSilo sase senzeliwe umcimbi ngokwesintu safakwa esibayeni kodwa kudingeke ukuthi nohulumeni enze owakhe ngoba ubukhosi bubambisene nawo.

Lokhu kukhomba ukuthi uhulumeni uyabazisa ubukhosi futhi uyabuhlonipha.

Inhlokomo ebe khona ngalo mcimbi ikhombisile ukuthi uZulu mkhulu kangakanani.

Uhulumeni kazwelonke, owesifundazwe noMasipala weTheku, bahlele lo mcimbi ukuthi ube yimpumelelo.

Ubukhangwa ngamabhodi anobuso beSilo uMisuzulu ephanyekwe phezulu emgwaqweni nombhalo othi; “Liphumile ilanga KwaZulu”.

Uhulumeni uqinisekise ukuthi ezokuphepha zisezingeni eliphezulu kwazise kukhona nomengameli wezwe onohlelo lwakhe lwezokuphepha endaweni asuke ekuyona.

Kulindeleke ukuthi kutheleke izicukuthwane ezivela ezweni lonke nasemazweni angaphandle, okubalwa kuzo namakhosi aqhamuka kwamanye amazwe.

Inkosi uMakhosetive Dlamini uMswati III onguninalume, weSilo sikaZulu ehambisana nabasebukhosini baseSwatini ungesinye sezicukuthwane eziqavile.

Njengoba iSilo sihamba namabutho, athembise ukuphuma ngobuningi eviliyele ukuyobongela okaNdaba.

Namatshitshi azoba yinxgenye yalo mcimbi oyingqophamlando.

Umcimbi wokuhlala kweNgonyama esihlalweni wagcina ukuba khona ngoDisemba 3, 1971, ngesikhathi iSilo uZwelithini kaBhekuzulu, sithatha isihlalo kuyise esekhotheme.

Umcimbi wenzeke ngesikhathi lapho ezobuchwepheshe sezithuthuke kakhulu, okwenza kube lula ukuthi abantu babone umcimbi besezindaweni ezehlukene ngaphandle kokuza eThekwini. Lokhu kusho ukuthi isizukulwane esiphila ngesikhathi kwenziwa lo mcimbi siba semlandweni ngoba akuyona into eyehlela noma ngubani, wena owabona imvula.

Ababekhona ngesikhathi kubekwa iSilo esidala bazofakaza ukuthi ezobuchwepheshe zazisemuva kakhulu. Kwala kancane ukuthi iSilo uZwelithini sihlanganise iminyaka engu-50 sihleli esihlalweni. Yize kunjalo yisona esibuse isikhathi eside kakhulu ukwedlula zonke izilo ezahlala esihlalweni ngaphambi kwaso.

Umlando ukhomba ukuthi ukubangwa kwesihlalo sobukhosi KwaZulu, akuyona into entsha ngoba nasekuqaleni kwenzeka, kwaliwa kwachitheka igazi.

Umehluko wombango manje wukuthi akusaliwa ngemikhonto nezagila, sekuliwa ngezinkantolo.

Lokhu kusho ukuthi umbango ubiza imali eshisiwe.

KWAMA yonke into KwaNongoma, ngesikhathi imoto eyayithwele umzimba weSilo uZwelithini kaBhekuzulu ifika ekhaya lakhe iphelezelwa ngamabutho namatshitshi Isithombe DOCTOR NGCOBO AFRICAN NEWS AGENCY (ANA)

This article is from: