24 January 2014 Contact us: Colleen:
031 - 716 4419
colleens@dbn.caxton.co.za
Lisinda:
031-716 4451
lisindag@dbn.caxton.co.za
Volvo V40 T5 R-Design
Inamandla I-Volvo V40 T5 R-Design I
Ababhali bezezimoto
mikhiqizo yakwaVolvo iya ngokubangcono njengoba neminyaka iqhubeka nje. Umangabe uzimisele ngokuthatha uhambo uzungeza kwelaseNingizimu-Afrika, kunezinhlobo ezingama-30 ongakhetha kuzo. Kulezi zinhlobo kubalwa kuzo i-T5 yona engingasho ukuthi yinhle ngokwedlulele uma iqhathaniswa nezinye izimoto ezike zakhiqizwa yinkampani yakwaVolvo. Ingehamba phambili, yinhle futhi yakhiwe
ngoba kunesidingo. I-T5 inamasondo awuhlobo lwe-18 inch adle ngokuba mahle. Iphinde futhi ibe nesiteringi esihle nesisebenza kahle. Lomkhiqizo wakhiwe ngokuhlanganyela nomshayeli wezimoto zomjaho u-Robert Dahlgren. Yehliswe ubude ngo-10mm uma iqhathaniswa nezinye, yaphinde futhi yakhiwa kokwehlukile ukunika umshayeli ithuba lokuthokozelela ukuba phakathi kuyo. Inamandla ka-187kW, ibe netorque ka-350Nm. Ikwazi ukuhamba iqale ku 0-100km/h emasekhondini angu-6,7 nje ku-
phela. Engikuthanda ngemikhiqizo emisha yakwaVolvo okubalwa kuyo nayo i-V40 T5 ukuthi kuhlelwe kahle ngaphambi kokuba yakhiwe, mihle futhi akuzanywanga kakhulu ukuba iphume phambili. Okunye futhi ngayo ukuthi iyavikela. Engikuthandayo futhi ngayo ukuthi inezinhlelo zamabhuleki nezisebenza ngokulindelekile, inomshini wokugwema izingozi nokwazi ukusebenza naku50km/h. Lemoto iyasiza ukuthi umshayeli agxile emzileni owodwa. Kuphinde kubekhona umshini okwazisayo uma imoto isisondele kakhulu emgqeni ohlukanisa imizila nomangabe isizowushintsha. Lomshini usebenza uma umshayeli ehamba ngesivinini sika-65km/h kuya ku-200km/h. Ingeyokuqala kwezakwaVolvo ukuba ibe nomshini okusiza ukubonise nasemaceleni lapho kuhamba khona imoto, iphinde futhi ibe nomunye umshini otshengisa izimoto eziyilandelayo ngamamitha angama-70. Kuningi okuthola kuyo nokuwusizo. Iphinde futhi yazise umshayeli uma kukhona izimoto ezidlulayo neziqhamukayo, nomangabe ephuma endaweni yokupaka. Lokhu kuyasiza, ikakhulukazi ezindaweni eziminyene. Iqukethe okuningi impela. Ukuthola konke lokhu ngenani lika- R406,000.
MDEXOD
motors
2
N
Road Report
Edendale Eyethu 24 January 2014
I-Detroit yakulonyaka
gesikhathi kunomcimbi weDetroit wakulonyaka wokwethulwa kwezimoto, kwathulwa entsha i-STi Subaru yona eyimoto enezicabha ezine, enamandla ka-225kW futhi enamandla ongeke uwakholwe. Ngidumele njengoba abakwaSubaru bengazange baveze ulwazi olwanele ngayo nekuqukethe. Engingakusho ngayo ukuthi ingaphakathi layo alifani nelezinye izimoto zona ezibukeka sengathi ngezeminyaka yo1990. Sesaphela isikhathi sokuba kufakwe izinto eziqine nokwedlulele ezimotweni. Ozokubona kulemoto ukuthi ingaphakathi layo lintofontofo, okubalwa nendawo yokubeka izingalo nodeshi-
bhoksi. Okunye futhi ngayo ukuthi iqukethe umshini okutshela kabanzi ngohambo. Inekhamera, nomshini okutshengisa konke njengoba kunjalo. Uphinde futhi uthole umsakazo odlala ngokwehlukile. Ngaphakathi lemoto ihamba phambili. Okumele ukwazi ngayo futhi i-STi ukuthi isiteringi sayo siyashesha futhi inezinhlelo ezintathu zokushayela ne-ABS. Nenjini yayo futhi isebenza kahle, kanye nogiyabhoksi. Lomkhiqizo ubaliwe lapha eNingizimu-Afrika, ukwethulwa kwawo kusazoqinisekiswa, kanjalo namanani awo. Nomangabe kungenzekani, engikwaziyo nje ukuthi i-STi izokunika umuzwa wokuthakaselela ukushayela.
I
Isifikile iNitro Circus
Nitro Circus yathokozelelwa kakhulu kwagcina ngokuba kuthengwe wonke amathikithi ayo ngesikhathi iseLas Vegas. Kwenzeka okufanayo eEurope, Australia, nangonyaka ka-2011 eNew Zealand, lomcimbi uthengisa amathikithi ukwedlula owe-AC/DC ne-U2. NgoFebhruwari kuzokube kungokokuqala lomcimbi ubanjelwe eNingizimu-Afrika. Kuzokube kukhona abazonandisa nasebenesipiliyoni esanele, besebenzisa okuningi ukutshengisa nga-
makhono abo. Loluhlelo lwasungulwa uTravis Pastrana, yena osanqoba igolide amahlandla ayishumi kwi-Freestyle Motocross. Lapha eNingizimu-Afrika lomcimbi uzobonakala ezindaweni ezintathu okubalwa kuzo iKapa mhlaka 15 Febhruwari, enkundleni yezemidlalo iMoses Mabhida eThekwini mhlaka 19 Febhruwari kanye naseGoli e-FNB Stadium mhlaka 22 Febhruwari. Inani lamathikithi uR180. Amathikithi ayatholakala eBig Concerts, e-Computicket, ungaphinde uwathole futhi ngokungena ku: www. nitrocircuslive.co. UMgqugquzeli weNitro Circus uMike Porra uthi, “Lomcimbi awufani neminye abantu abayihambelayo. Engikwaziyo nje ukuthi bazobhema bakholwe uma sebezibonela ithalente labazotshengisa ngamakhono abo,” kusho uPorra. Kuzobonakala imidlalo emisha nezokushiya umangele.