Izwi Lethu Newsletter Zulu

Page 1

IZWI LETHU “Reversing the legacy of the 1913 Natives Land Act�

Volume 6

UMqondisi Oyinhloko uhlaba ikhwelo likaVukuzenzele Page 6

UMphakathi waKwaShozi wahlonyiswa ngamakhono ngokubuyiselwa umhlaba Page 8

Sonke kungenzeka ukuba sikhahlamezwe noma sisuleleke ngegciwane leSandulelangculazi noma ngeNgculazi

Page 10


“Reversing the legacy of the 1913 Natives Land Act”

Okuqukethwe ekhasini ngalinye

UMHLELI UNk. Nokuthokoza Ndlela Iphini Likamqondisi wezokuxhumana UCingo: 033 355 8532 IFeksi: 033 345 5011 ITHIMBA LABAHLELI UMnu. Sibusiso Lubisi UMnu. Sifiso Ntombela UMnu. Sithembiso Mhlongo Nksz. Busiswa Nyathikazi IKHELI LEPOSI The Regional Land Claim Commission –KZN Private Bag X9120 Pietermaritzburg 3200 AMAHHOVISI ASEMGUNGUNDLOVU African Life Building 200 Church Street Tel: 033 355 8400 Fax: 033 342 3409 UMHLABA HOUSE 139 Langalibalele Street UCingo: 033 341 2600 IFeksi: 033 341 2678 AMAHHOVISI ASETHEKWINI 40 Dr. A.B. Xuma Street 4th Floor UCingo: 031 307 3114 IFeksi: 031 307 3115

Amanothi kaMhleli kanye neZincwadi eziya kuMhleli

2

Ingosi kaMqondisi oyiNhloko

3

USuku Oluyintokozo Kubahlomuli Bokubuyiselwa Komhlaba

4

Ukusebenzisana kweZiqongwane kanye nabakwa-Mondi kulethe ikusasa eliqhakazile emphakathini

5

UMqondisi Oyinhloko uhlaba ikhwelo likaVukuzenzele

6

UHlelo Lokuthuthukiswa Kwamakhono luzonothisa uMphakathi waseMnqobokazi Abafake izicelo zokubuyiselwa umhlaba waseMpushini banothile ekuqaleni konyaka wezi-2013

7

UMphakathi waKwaShozi wahlonyiswa ngamakhono ngokubuyiselwa umhlaba

8

Abafake izicelo zokubuyiselwa umhlaba abangatholakali

9

Sonke kungenzeka ukuba sikhahlamezwe noma sisuleleke ngegciwane leSandulelangculazi noma ngeNgculazi

10


2

Editorial Note & Letters to the Editor

NIYIZIKHOKHO BASEBENZI BEZOKUBUYISELWA KOMHLABA!!!

L

o Hulumeni ujutshwe ngabantu baleli lizwe ukuba wenze bonke abantu bakithi baphile impilo engcono. Lokhu kungumsebenzi osemqoka kakhulu esinikezwe wona futhi lo Hulumeni uzibophezele ukuba wenze lo msebenzi othweswe wona, akukhathaleki ukuthi mkhulu kangakanani. Sizogabavula ngamandla nomfutho ukuze senze lo msebenzi. Siyazi ukuthi abantu bakithi yibona abahlangabezana nobunzima obukhulu ngenxa yombuso wengcindezelo emakhulwini eminyaka amathathu edlule. Abantu bakithi basuswa emihlabeni yabo evundile babe sebephonswa emajukujukwini ezindawo ezisemingceleni lapho babengakwazi ngisho ukwenzani ezobaphilisa kangcono. Lokhu kwabe kungukubukela phansi ukuba khona kwabo, kwagxotshwagxotshwa amalungelo abo okuba nomhlaba ezweni abayimisinsi yokuzimilela kulo. Kuze kube yimanje, siyazigqaja lapho sibheka emuva bese sikhomba ubufakazi obuphathekayo obutshengisa inqubekela phambili ekwenzeni ngcono impilo yabantu bakithi ngokubuyekezwa komhlaba ikakhulu ngoHlelo Lokubuyiselwa Komhlaba. Ngonyaka wezimali wezi-2012/2013, iKhomishini Yezicelo Zokubuyiselwa Komhlaba yaKwaZulu- Natali isebenzise izigidi ezingaphezu kwama- R800 ekuthengweni komhlaba kanye nasezinxephezelweni zemali, okungama-154% esabelomali esabelwe lokhu. Le nzuzo ibonakale iyigxathu eliya phambili ekuphothulweni kwezicelo zokubuyiselwa komhlaba ezisilele esifundazweni ngenxa yesimemezelo soMthetho Wokulawula Abantu Abamnyama Ekubeni noMhlaba , we-1913. Ngalokho kudinga sizibuke amacala, sizincome ngomsebenzi wethu omuhle kangaka! Kuleli bhukwana nizofunda ngezindaba zempumelelo emayelana nemiklamo esiyiphothulile. Kuyashiwo ukuthi siyonqoba simunye.Yingakho nje ukusebenza ngokubambisana okube khona phakathi kweminyango kahulumeni, umphakathi kanye nabemboni kube nezithelo ezinhle emiklamweni yokubuyekezwa komhlaba. Kuthokozele ukufunda!!! Yimi Owakho!!!

UNk. Nokuthokoza Ndlela (UMhleli) Iphini Likamqondisi wezokuxhumana


3

The Chief Director’s Corner

nguMmeli uBheki Mbili

UMmeli. Bheki Mbili UMqondisi Oyinhloko: Ezokulekelelwa Kokubuyiselwa Komhlaba -KZN ewuqalile unyaka omusha futhi kuningi esibhekile kulo nyaka osemqoka kangaka. Phakathi kukaMasingana noNhlolanja sibonile iNingizimu Afrika isingatha ngempumelelo omunye umcimbi omkhulu webhola likanobhutshuzwayo, iNdebe Yezizwe zase-Afrika. Ngale kokuba izwe lisingathe umqhudelwano ngempumelelo, saba futhi ngofakazi bokusebenza ngokubambisana kwamaqembu amaningi ayebambe iqhaza emqhudelwaneni. Sihalalisela i-Nigeria ngokuba yiyo eyaphakamisa indebe ekupheleni komqhudelwano, futhi ngiyakholelwa ukuthi bangoshampeni abafanele base-Afrika. Isifundo esisemqoka okumele sisifunde empumelelweni yeqembu laseNigeria ukuthi ngisho kunemigoqo ephikisana nawe noma efuna ukukuvimbela ekufezekiseni izinhloso zakho, ungalokothi uphonse ithawula; ngisho nasezimweni lapho abanye benu bengakholelwa ukuthi ningaphumelela, uma ukholelwa, kumele uphikelele futhi ungalokothi ubheke emuva kulokho okufisayo. Ngicabanga ukuthi lesi sifundo sibalulekile kithina njengabantu ngabanye, kodwa ngokunjalo nakithina singabasebenzi bakahulumeni abaqashwe ukwenza umsebenzi weKhomishini Yokubuyiselwa Kwamalungelo Ezomhlaba. Uma kungukuthi abaprofethi bamanga babona uhlelo lokubuyiselwa komhlaba luyinto engayindawo nengasoze yenzeka, thina kumele singadikibali emizamweni yethu yokubuyisela isithunzi kulazo bafakizicelo zokubuyiselwa umhlaba izicelo zabo ezitholwe zisemthethweni. Yilokho kuphikelela, ukuzibophezela kanye nethemba lokuthi, ekuqhubekeni kwesikhathi kuzofezekiswa inhlosongqangi yalo hulumeni yokulungisa lokho kungalingani okwadalwa ngumbuso wobandlululo. Kuyangithokozisa ukuthi uMnyango Wezemisebenzi kaHulumeni wethe unyaka wezi-2013 njengonyaka wamabutho kahulumeni. Lokhu kusho ukuthi, phakathi kwezinye izinto, kumele sikhuphule amasokisi ekunikezeleni abantu bakithi izidingongqangi; kusho ukuthi akumele sizicabangele thina uma senza lo msebenzi, kodwa sicabangele abantu okumele sibasize; kusho ukuthi kumele sikhombise

S

izinga eliphezulu lokuziphatha kahle kanye nokuzibophezela emsebenzini wethu; futhi kusho ukuthi kumele sizigqaje ngomsebenzi esiwenzayo. Nonyaka kuhlangana ikhuluminyaka selokho kwamiswa umthetho futhi kwaqaliswa kokusebenza komunye wemithetho eyaba mibi kakhulu kuleli zwe, uMthetho Wokulawula Abantu Abamnyama Ekubeni noMhlaba we-1913. UMnyango Wezokuthuthukiswa Kwezindawo Zasemakhaya kanye Nokubuyekezwa Komhlaba uthathe isinqumo esiphusile sokuvezela wonke umuntu wonke amaqiniso omonakalo owadalwa yilo Mthetho ukuze ikakhulu isizukulwane esisha, siqonde kabanzi ukuthi siphuma kuphi. Nokho-ke, akusiyona inhloso yoMnyango ukuchitha esiningi isikhathi ulilela amaphutha enziwa umbuso waphambilini. Inhloso nje ukuxoxa indaba noma umlando wokuphucwa kwabantu umhlaba ngenhloso yokubona umhlaba esesinawo kusukela kwashaywa imithetho eyisa izwe phambili ekwabe kuhloswe ngayo ukubuyisela ifa kulabo ababephuciwe. Ngenxa yalokhu, uMnyango uzoqalisa imisebenzi, imiklamo kanye nezinhlelo eziwuchungechunge ezizokhombisa umhlaba esikwazile ukuwubuyisa kusukela kwaqala intando yabantu ezweni lethu, ngokunjalo nokuzibophezela kwethui ekwenzeni okungaphezulu emizamweni yethu yokubuyisela ifa abantu abalephucwa ngemxa yoMthetho Wokulawula Abantu Abamnyama Ekubeni noMhlaba we-1913. Ngakho-ke, ngalo nyaka sizobe sihambela bonke oMasipala beziFunda ukuze sigubhe ikhuluminyaka yoMthetho Wokulawula Abantu Abamnyama Ekubeni noMhlaba. Sibheke ekupheleni konyaka wezimali wezi-2012/13, futhi zonke izinkomba zikhombisa ukuthi sizodlulela ekusebenzi kunalokhu ebesikulindele ngokwesabelomali esisetshenzisiwe. Ngizothanda ukuhalalisela wonke amalungu ethimba lami, asebenze ngokungaphezi ukuze sifike kule ndawo. Ngiyathemba ukuthi umhlaba esizowubuyisela kulabo ababefake izicelo bazowusebenzisa ngendlela efanele nezobalethela inzuzo. Ohlangothini loMnyango, thina sidinga ukuba sicije amakhono ethu okweseka labo ababefake izicelo zokubuyiselwa umhlaba, asebebuyiselwa umhlaba ukuze inhloso yokubuyiselwa umhlaba okusimeme ifezekiswe. Seziqalisiwe izinhlelo zoMnyango okuhloswe ngazo ukuchibiyela uMthetho WokuBuyiselwa Kwamalungelo Omhlaba ukuze kuvuleke ithuba elisha lokufakwa kwezicelo zokubuyiselwa umhlaba ezintsha kulabo bantu abaphundulwa usuku lokuvala lwangomhla zingama-31 kuZibandlela we-1998. Lezi zinhlelo zangaphakathi, uma sezenziwe, ziyobe sezilandelwa yizinhlelo zezomthehto zaseKhabhinethi nasephalamende okuyobe-ke sekuholela ekumisweni koMthetho ochibiyela lo Mthetho okhona manje. Ngakho-ke, okwamanje, uhlelo lokufakwa kwezicelo zokubuyiselwa ezintsha alukavulwa. Lokhu kuzokwenzeka kuphela uma nje izinhlelo ezibalulwe ngenhla seziphothuliwe futhi uMengameli esesayine uMthetho ukuba usebenze ukuze kuvuleleke uhlelo lokufakwa kwezicelo zokubuyiselwa. Ziningi izinto engingakhuluma ngazo, kodwa ake sime lapha kulolu shicilelo.


4

“Reversing the legacy of the 1913 Natives Land Act”

USuku Oluyintokozo Kubahlomuli Bokubuyiselwa Kubika uSibusiso Lubisi Komhlaba

INhloko Yezomhlaba eMondi uMnu. Maurice Makhathini ebonga uMnyango kanye nabahlomuli ngokusebenza ngokubambisana kuze kube yilolu suku.

M

ISekela likaNgqongqoshe Wezokuthuthukiswa Kwezindawo Zasemakhaya kanye Nokubuyekezwa Kwezomhlaba uMnu. Lechesa Tshenoli enikezela amavawusha kubantu abahlomulile.

hla ziyi-19 kuMasingana kwakuyinjabulo yodwa kubahlomuli baseLinwood, abakwaMadlala nabaseShafton ngesikhathi bebuyiselwa amalungelo abo omhlaba emcimbini yokunikezelwa kwamatayitela, ezinkundleni zemidlalo eHowick. Le miphakathi yomithathu yaba yizisulu zoMthetho Wokulawula Abantu Abamnyama Ekubeni noMhlaba, we-1913 okuyiwona owenza uhulumeni wangaleso sikhathi abaphuce umhlaba wabo ngokusebenzisa imithetho yobandlululo yaphambilini. Ekuqaleni konyaka we-1918 umphakathi waseLinwood nowaKwaMadlala wawusebenzisa umhlaba wayo njengamadlelo emfuyo ngaphambi kokuba abakwaMondi Forestation Company bawuthathe ngonyaka we-1967; kwabekwa imithetho yokuthibela eminingi ukuze kuvunyelwe ukutshalwa kwamahlathi ezingongolo njengoba kwabe kudingeka umhlaba omkhulu. Imizi yabo abazalelwa kuyo yabhidlizwa kanti eminye yashiswa ukuze kube khona indawo yokutshala izihlahla. Ngonyaka we-1998 bafaka izicelo zokubuyiselwa umhlaba ngokuhambelana nesiGaba 11(1) kanye 2(1) soMthetho Wokubuyiselwa Kwamalungelo Omhlaba uNo.22 we-1994 njengoba wachitshiyelwa kanti izicelo zabo zabe sezivunywa nguNgqongqoshe. Ngenxa yokuthi umphakathi wase-Shafton wabe unabahlomuli abaningi ababe sebebadala futhi ababe sebezihlalela kwezinye izindawo, bakhetha ukunxeshezelwa ngemali. Umphakathi waseLinwood nowaKwaMadlala wona wakhetha ukubuyiselwa umhlaba futhi lokhu kwakuncike esivumelwaneni sokusebenzisana phakathi koMnyango nabakwa-Mondi, kwasetshenziswa indlela yokufinyelela esivumelwaneni sokukhokhelana maqondana namahlathi UMondi Shanduka uqashe umhlaba isikhathi esiyiminyaka eyi-10 kule miphakathi emibili eyabe ifake isicelo sokubuyiselwa umhlaba, bese kuthi emva kwalokho abanikazi bazobe sebewuthatha kube yibona abalawula umhlaba ngokunjalo babe ngabanikazi behlathi lezingongolo. UMnu Lechesa Tshenoli, oyiSekela likaNgqongqoshe Wezokuthuthukiswa Kwezindawo Zasemakhaya wathi, “Abantu abaningi badlulile emhlabeni ngesikhathi kusaqhubeka uhlelo lokucutshungulwa kwalezi zicelo futhi siyaxolisa ngokugqoza kohlelo, esizama ukukwenza lapha ukubuyisela ifa abantu aba-

ISekela likaNgqongqoshe Wezokuthuthukiswa Kwezindawo Zasemakhaya kanye Nokubuyekezwa Kwezomhlaba uMnu. Lechesa Tshenoli unikezela isheke kubantu abafaka izicelo zokubuyiselwa umhlaba baseShafton. lephucwa uMthetho Wokulawula Abantu Abamnyama Ekubeni noMhlaba, we-1913, owabe uphoqelelwe nguHulumeni wobandlululo futhi siyaqonda ukuthi angeke sabushabalalisa ubuhlungu abantu ababuzwa ngesikhathi bephucwa umhlaba wabo kodwa sizama ukubuyisela umhlaba kubanikazi bawo bangempela.” Waqhubeka wathi uMasipala Wendawo Umngeni kanye nabaKwaMondi kumele baqhamuke nesu lokuba nezikhungo zezingane ezisencane ukuze bakwazi ukuthatha izingane ezingenawo amathuba kusukela zisencane bazilekelele ngokuthuthukisa amakhono azo ukuze zibe yilokho ezifuna ukuba yikho ngomuso. Abakwa-Mondi bazohlinzeka ngemifundaze kubahlomuli abazothanda ukungena emkhakheni wezamahlathi futhi bazokhokha ngokugcwele imali yokufunda, eyendawo yokuhlala kanye nemali yokuqinisa iphakethe kuze kube baphothula izifundo zabo ezikhungweni zemfundo ephakeme ezisemthethweni. Bazophinde balekelele ngokuthuthukisa amakhono kanye nokuqeqesha, ukuthuthukisa amabhizinisi, ukutshala izimali emabhizinisini nasemphakathini, ukuthuthukisa amakhono kanye namathuba emisebenzi nalawo ezinkontilaki kwezamahlathi. UMnu. Ngubane, onguSihlalo Wabafake Izicelo bomPhakathi waKwaMadlala, unxuse uHulumeni ukuba abaseke ukuze bakwazi ukusimama. UMnu. Ngubane wathi,“ sithokoze kakhulu ngokuthi ekugcineni sikutholile lokho okwabe kungokwethu kodwa ngaphandle kosizo oluvela kuHulumeni noma ababambiqhaza bakhe ngeke saya ndawo, lolu sizo lungaba olwemali noma ukuthuthukiswa kwamakhono uma nje lokhu kuzosisiza ukuba sisimamise umklamo wethu ukuze kuhlomule izizukulwane zethu ezilandelayo” . UMnu. Maurice Makhathini, oyiNhloko yoMnyango Wezomhlaba kwa-Mondi wathi, okwamanje bazoqhubeka nokusebenzisana noHulumeni, ikakhulu, uMnyango Wezokuthuthukiswa Kwezindawo Zasemakhaya kanye Nokubuyekezwa Komhlaba ukuze bakwazi ukusiza ngokudlulisela amakhono kubahlomuli ukuze baqhubeke nemiklamo yabo njengabanikazi bomhlaba.


5

“Reversing the legacy of the 1913 Natives Land Act�

Ukusebenzisana kweZiqongwane nabakwa-Mondi kulethe ikusasa eliqhakazile emphakathini.

UMnu. Moses Ntombela uSihlalo we-Iziqongwane Trust ekhomba inkulisa eyakhiwe yi-Trust

Amahektha ayi-1.5200 omhlaba okungowe-Iziqongwane Community Trust oqashiselwe abakwa-Mondi Group

Kubika uSifiso Ntombela

N

gonyaka wezi-2010, ngesikhathi kusayinwa isivumelwano sokudlulisela umhlaba phakathi kwabakwaMondi kanye nehhovisi leKhomishini Yezicelo Zokubuyiselwa Komhlaba KwaZulu -Natali sokuba kudluliselwe umhlaba ongamahektha ayizi-5200 emphakathini waseZiqongwane, akekho owayazi ukuthi impilo yalowa mphakathi wasemakhaya izoshitsha ibe ngcono unomphela. UMphakathi waseZiqongwane usanda kwakha inkulisa edle ama- R300 000 engamukela izingane ezingama-80 kanti futhi izophinde isetshenziselwe ukufundisa abadala ntambama (Abet). UMnyango Wezenhlalakahle uzoyilekelela le Nkulisa ngokuhlinzeka othisha ngokunjalo nokudla kwalezi zingane zasemakhaya, uma nje seyiphothuliwe ngoNdasa. Emva kokuba kutholakele ukuthi kunenkinga emigwaqeni yendawo emawadini asemakhaya,baqasha inkampani yezokwakha ukuba igandaye futhi ilungise umgqwaqo wendawo ngemali engama-R150.000. Amalungu e-trust asebumbe umkhandlu wababambiqhaza ozobhekela imikhakha ethile ngokwehlukana, isib. kunekomidi elincane elibhekele ezokuphepha, ukuhlala ngokungemthetho, ukuvimbela imililo yequbula, ukuzingela ngokungemthetho, njll, kanti futhi kunelinye ikomidi elincane elibhekele ingqalasizinda, ezolimo, ukwakhiwa kwemigwaqo nokunye. Lo mphakathi wenze isivumelwano sokuqashiselana seminyaka engama-20 nabe-Mondi Group njengalokhu ama-98 % omhlaba wabo ungamahlathi, futhi isivumelwano sibandakanya imali yokuqasha engama-R760 000 ngonyaka enyuka njalo uma kwenyuka Intela Yabathengi. Abakwa-Mondi bazoqhuba ibhizinisi lamahlathi ngesikhathi bebe beqeqesha, bethuthukisa amakhono ngokunjalo bedlulisela nolwazi emphakathini ukuze ukwazi ukuphatha nokuqhuba ibhizinisi uma sekuphela isivumelwano sokuqashiselana. UMphakathi usungule inkampani ebizwa ngeMkhwetha Pty neyaqala ukusebenza ngoMbasa wezi-2012. Le nkampani yathola ithenda kwa-Mondi ukuze iqhube yonke imiklamo yayo emphakathini okubandakanya ukutshalwa kwezihlahla, ukuvikelwa kwemililo yequbula, ukunquma utshani kanye nokuchelela umhlabathi onobuthi. Inkontileka eyeminyaka

emithathu okungenzeka ivuselelwe uma iphela. Ngesikhathi inkampani ibunjwa i-trust yafaka imali engama-R300 000 eyabe kungeye-akhawunti ye-Trust kanti futhi yathola imalimboleko eyisigidi sama-R1.1 kwabakwa- Mondi Zimele Forestry Business Entrepreneurs Fund. Lokhu kuthola le mali kwenza ukuba umphakathi ukwazi ukuthenga izinsizakusebenza zenkampani zokuqhuba ibhizinisi, okwaba yiveni, ugandaganda, kanye neloli (elithwala abasebenzi). IMkhwetha Pty ingeye-Iziqongwane Community Trust ngokuphelele futhi inamalungu ebhodi ayi-5 asebenza ngokuzimele bese ebika kumalungu e-trust njalo ngonyaka. Le nkampani iqasha amalungu omphakathi, iningi labo ngabahlomuli kanti abangama- 42 baqashwe ngokugcwele. Abakwa-Mondi bahlinzeka uhlelo lokuqeqesha ngokugcwele ukwelekelela inkampani iMkhwetha kanti futhi banikele ngemifundaze emine kulabo abangabahlomuli ukuze bafunde ezamahlathi Ezikhungwezi Zemfundo Ephakeme. Ngonyaka wezi-2012, umphakathi ngokubambisana nabakwaMondi Group bahlonza izikole ezi-4 zaseBabanango, banikela ngemifaniswano yesikole ephelele engama-70 kulezo zingane ezihlwempu kanti futhi abakwa-Mondi baphinde banikela ngezicathulo zesikole ezingama -250. I-trust yanikela ngemifundaze eyisi-6 ezinganeni ezifundela imikhakha ehlukahlukene, njengeBachelor of Commerce, Auditing, IT, Teaching, Law nokunye, baphinde bakhokhela abafundi abayi-10 amaR55 000 ukuze benze izifundo zezinyanga ezintathu zokuba ngamaPhoyisa Omgwaqo ukuthuthukisa amakhono kanti kuyimanje lezo zingane sezikulungele ukuqashwa ophikweni lwezomgwaqo lukamasipala. Baphinde bakhokhela izingane eziyi-17 ukuba zifundele ukushayela e-Bp Driving School. UMnu.Moses Ntobela onguSihlalo we- Iziqongwane Community Trust wathi, minyaka yonke ngamaholidi kaZibandlela, siba nemiqhudelwano yebhola likanobhutshuzwayo labesilisa nabesifazane ukuze sigcine izingane zingazibandakanyi nezidakamizwa kanye notshwala. Sikwazile ukwakha isimo esenza ukuthi bonke ababambiqhaza bethu bakholelwe futhi bakwethembe lokhu esikwenzayo, ngokuba sivuleleke futhi kube sobala konke esikwenzayo�.


6

“Reversing the legacy of the 1913 Natives Land Act”

UMqondisi Oyinhloko uhlaba ikhwelo likaVukuzenzele

Izithunywa ngesikhathi kunomhlangano wokuxoxisana wababambiqhaza, eThekwini.

UMqondisi oyiNhloko kweZokulekelelwa Kokubuyiselwa Kwezomhlaba, uMmeli uBheki Mbili ethula inkulumo ngesikhathi kunomhlangano wokuxoxisana wababambiqhaza, eThekwini.

Izithunywa ezazethamele umhlangano wokuxoxisana wababambiqhaza, eThekwini Kubika uSibusiso Lubisi Mqondisi Oyinhloko ehhovisi leKhomishini Yezicelo wase-Shifton wona wathola ukunxeshezelwa ngemali njenZokubuyiselwa Komhlaba, uMmeli uBheki Mbili gendlela yokubuyiselwa kwamalungelo awo omhlaba. Lokhu uhlabe ikhwelo likaVukuzenzele kubonke abahlomule kwakwenziwa eHowick Sport Ground ngaphansi kukaMasiekubuyekezweni komhlaba ( ukuba basukume bazibambele pala Umngeni. mathupha ) imiklamo yabo. Umhlangano wokwendlalela mayelana nomklamo wezi-2013 Ephendula imibuzo yababambiqhaza abehlukene ngesikhathi waba yisithangami sokubandakanya ababambiqhaza ukuba kunoMhlangano Wokwendlalela Wababambiqhaza maqondana babambe iqhaza ekubuyiseleni kubantu ifa abalephucwa noMklamo wezi-2013, eRiverside Hotel ngoLwesihlanu, mhla ngokulandela lo Mthetho Wokulawula Abantu Abamnyama zingama-22 kuNhlolanja, uMmeli uBheki Mbili wagqugquzela Ekubeni noMhlaba we-1913, ngokunjalo banikezwe uhlelo bonke abahlomulile ukuba basukume beze neziphakamiso elingumhlahlandlela wokuqalisa uchungechunge lwemicimbi zemisebenzi engenziwa, bangalindi uMnyango ukuba kube ezokwenzeka kuzo zonke iziFunda. yiwona oza kubona nezinhlelo ukuze imiklamo yokubuyekez- UMmeli uMbili wazisa ababambiqhaza ukuthi umklamo weziwa komhlaba ibe yimpumelelo. 2013 uzohlomulisa wonke umuntu futhi uzoqhubeka ngisho UMbili wathi, “ uma uHulumeni eqhamuka nezinhlelo, labo nangale konyaka wezi-2013 ngenxa yokuthi lolu uhlelo olude abahlomulile kumele baqhamuke neziphakamiso zokuthi impela. bangalwenza kanjani uhlelo lube ngoluhlabahlosile futhi Ababambiqhaza baushayela ihlombe lolu hlelo, baphinde yikho lokhu esikubiza ngokubambisana phakathi koMnyango banxusa uMnyango ukuba ubazise uma uvakashela iziFunda nabahlomuli”. zabo futhi ubambandakanye nakweminye imisebenzi UNyaka wezi-2013 ungowe-100 kusukela kwamenyezelwa UMnu. Solomon Zondi, owahlomula ekubuyisweni komhlaba uMthetho Wokulawula Abantu Abamnyama Ekubeni noMwaseZanqawe wathi banobudlelwano obuhle bokusebenzisahlaba we-1913, futhi-ke njengendlela yokubuyisela kubantu ifa na noMnyango futhi bathokoze kakhulu njengoba behlomulile abalephucwa ngokulandela lo Mthetho, uMnyango usuqalise nje. uchungechunge lwemisebenzi kubo bonke oMasipala beziWaqhubeka wathi,“Sizofisa ukuba uMnyango uselekelele Funda KwaZulu-Natali ukuze kubhekwane nomthelela walo ngokusinika amakhono ukuze sikwazi ukuzibambela mathupha Mthetho. Lo mklamo sewuqalisiwe futhi imindeni ensingalindeli ukusizwa ngabanye. Sifisa ukusimamisa imiklamo gama-433 yaseMpushini yanikezwa isamba esiyisheke lezigidi yethu futhi senyuse nomkhiqizo”. zama-R23, 663,450 nguNgqongqoshe uGugile Nkwinti mhla UMnu. Robson Zimuto oyiSikhulu Esiphezulu sakwa-ADA ziyi-8 kuMasingana, ehholo ledolobha eMgungundlovu. uwushayele ihlombe lo mklamo wezi-2013 wabe esethi bazoMhla ziyi-19 kuMasingana, umphakathi wase-Linwood nowaK- qhubeka nokweseka abantu abahlomule ngomhlaba ohlelweni waMadlala wanikezwa amatayitela awo, kwathi umphakathi lokubuyekezwa komhlaba.

U


7

“Reversing the legacy of the 1913 Natives Land Act”

Abafake izicelo zokubuyiselwa umhlaba waseMpushini banothile ekuqaleni konyaka wezi-2013

Kubika uSifiso Ntombela zingane zabahlomuli bokufakwa kwezicelo zokubuyiselwa umhlaba womphakathi wase-Ashburton zithole ithuba eliyingqayizivele ngesikhathi uMnu. Gugile Nkwinti, onguNgqongqoshe Wezokuthuthukiswa Kwezindawo Zasemakhaya kanye Nokubuyekezwa Komhlaba ememezela ukuthi ngale kokuthi uMnyango ubanxephezela ngemali, izingane zabo zizobandakanywa ohlelweni lwe-Narysec ukuze ziqeqeshelwe amakhono adingekayo mahhala. Izicelo zokubuyiselwa umhlaba wase-Ashburton zagunyazwa nguNgqongqoshe mhla ziyi-15 kuZibandlela wezi-2012. Emcimbini owawusehholo ledolobha laseMgungundlovu, mhla ziyi- 8 kuMasingana, kwamukeliswa imindeni engama-433 imali eyisinxephezelo eyisamba esiyizigidi ezingama-R23, 663,450. Ethula inkulumo yakhe yosuku, uNgqongqoshe wathi yize noma imali ingaba ngakanani kodwa angeke yakwazi ukulungisa isenzo esingalungile sokuphucwa umhlaba, kepha lesi sivumelwano sokunxephezelwa sifike ngesikhathi esihle kakhulu njengoba siye saqondana neminyaka eyikhulu kusukela kwamenyezelwa uMthetho Wokulawula Abantu Abamnyama Ekubeni noMhlaba, we-1913. UNkwinti waqhubeka wathi, “uMnyango wenze konke okusemandleni ekubuyiseni ifa abantu abalephucwa ngokulandela lo Mthetho Wokulawula Abantu Abamnyama Ekubeni noMhlaba, we-1913, nakuba kusamele sikhuphule amasokisi ukuze siphangise ukuphothulwa kwezicelo ezifakiwe zokubuyiselwa komhlaba. Siyabakhumbula labo bantu asebashona abahamba nezinhliziyo ezibuhlungu ezadalwa yilo Mthetho owawungenabulungiswa. Wanxusa imindeni engama-433 ehlomulile ukuba ihlonze ingane eyodwa emndenini ngamunye eneminyaka ephakathi kweyi-18 nengama- 35 yobudala, lowo muntu omusha ohlonziwe uzobandakanywa ohlelweni olubizwa nge-Narysec. Bazoqeqeshelwa amakhono ahlukahlukene eMakoli-

I

Umnumzane T. Mncwabe uSihlalo weMpushini Community Trust, iphini likangqongqoshe umnumzane L.Tsenoli, ukhansela C. Ndlela imeya kamasipala woMsunduzi kanye nongqongqoshe uGugile Nkwinti benikezela ngesheke. shi Okuqeqeshela Amakhono (FET), futhi bazobe bethola nemadlana yokuqinisa iphakethe; lolu qeqesho ludinga ukuthi umuntu abe nebanga leshumi ( grade 10) kanti luzoba yiminyaka emine ehlanganisa ufunda ekilasini kanye nokufunda wenza umsebenzi ngqo ngaphambi kokuba uqale ukuqeqeshwa. Laba bantu abasha bazothunyelwa emasotsheni lapho bezofundiswa khona ukuziphatha. Uma- ke sebewafundile lawa makhono bazobe sebebuya bezosebenza emiphakathi yabo noma bazifunele umsebenzi njengoba bezobe sebenawo amakhono adingekayo. UMnu Thembinkosi Mncwabe, onguSihlalo weMpushini Community Trust wathi, “bekungelula ukulinda iminyaka eminingi kangaka kodwa namhlanje sesithakase kakhulu futhi sithokozile njengoba iKhomishini eYezicelo Zokubuyiselwa Komhlaba isiwufezile umsebenzi wayo.Umndeni ngamunye wahlomula ngevawusha yama-R54 650.

UHlelo Lokuthuthukiswa Kwamakhono luzonothisa umphakathi waseMnqobokazi Kubika uSifiso Ntombela sivumelwano sokuqashiselana esiphakathi komphakathi waseMnqobokazi kanye nabePhinda Game Reserve siholele ekutheni kuhlonyiswa ngamakhono intsha emphakathini wasemakhaya okhahlanyezwe wububha. Izinhlangothi zombili zenze isivumelwano sokuqashiselana seminyaka engama-36, esihlomulisa umphakathi ngezigidi ezingama-R 2, 5 ngonyaka. Umhlaba wabuyiselwa kubaniniwo ngonyaka wezi-2006, basebeqashisa ngamahektha ayi-5200 omhlaba wabo kwabePhinda Game Reserve, ngesivumelwano sokuthi umphakathi uzosebenzisa futhi ulawule ngokuphelele isiqiwi ngokwawo emva kokuba inkontilaki seyiphelile. I-trust ikhokhele u-Eskom izigidi ezingama-R 1. 4 ukuze ufake ugesi ezindlini ezingama- 200 emphakathini. Bakhiphe imifundaze kulabo abaphase uMatikuletsheni abafuna ukuqhuba izifundo zabo ezikhungweni zemfundo ephakeme futhi kulo nyaka wezimali i-Trust ibeke eceleni ama-R400, 000 ukuze isize intsha engama-77 efuna ukuqhuba izifundo zayo kwezobuThishela, kwezobuHlengikazi, kwezoMthetho, kwezamaKhompyutha, kwezokuThuthukiswa Komphakathi, nokunye.

I

Ngale kohlelo lwemifundaze, i-Trust yakha i-Multi-purpose Centre, okuyiSikhungo Semisebenzi Engxube, esizodla izigidi ezingama- R3.5. Isikhungo sizoba namahhovisi e-Trust, ihholo elikhulu elizoqashiselwa ukusingatha imicimbi nemihlangano emikhulu; kanti umphakathi uzoqeqeshelwa amakhono ehlukahlukene ezobuchwepheshe. UMnu. Jabulani Nxumalo, onguSihlalo weMnqobokazi Trust wathi bazoqoka umhlinzeki msebenzi ogunyazwe ngokusemthethweni ukuba aqhube izinhlelo zamakhono ukuze umphakathi uthuthuke futhi wenze ngcono izimpilo zawo. Ngonyaka wezi-2012, uManqoba Innocent Mathenjwa, oneminyaka engama-32 ubudala, owahlomula ngomfundaze uthweswe iziqu zobuThishela eNyuvesi iZululand. Nakuba evela emndenini odla imbuya ngothi, lokho akumvimbanga ukuba afezekise iphupho lakhe lokuba nomsebenzi awufundele. UManqoba waqala ibanga lokuqala eneminyaka eyi-17 ubudala, ontanga bakhe babemhleka ngokuba emdala futhi emude kodwa akaphelanga amandla, waphikelela waze waphothula uMatikuletsheni eseneminyaka engama-28.


8

“Reversing the legacy of the 1913 Natives Land Act”

Umphakathi waKwaShozi wahlonyiswa ngamakhono ngokubuyiselwa umhlaba

Siyanda Shozi, umfundi wase-Western Agricultural College e- Mooi River owenza isigaba 11, oxhaswe ngosizo lwezimali ngabakwa-Kembali Group, enoMnu. Shozi onguSihlalo we-Shozi Community Trust.

Isithombe esithathwe emoyeni esikhombisa ipulazi likamoba lakwaShozi eliqashiselwe abakwaKembali Group elinabasebenzi abangaphezulu kwama- 200, okungabantu bendawo.

Kubika uSifiso Ntombela

O

nyakeni wezi-2009, isicelo sokubuyiselwa umhlaba somphakathi ohlwempu waKwaShozi eMthwalumbe eNingizimu yaKwaZulu- Natali saphothulwa ngokoHlelo Lokubuyiselwa Umhlaba. Umhlaba owabuyiselwa ubandakanya namasimu kamoba. Abanikazi bomhlaba baphambilini babizwa ukuba bazokweluleka ngokufundisa umphakathi. Umphakathi kanye nabe-Kembali Group, okuyibona ababenolwazi olunzulu lwebhizinisi lomoba, benza isivumelwano sokuqashiselana seminyaka eyisishiyagalolunye, kanti futhi lesi sivumelwano sabe sifaka nokufundiswa komphakathi kanye nokuhlonyiswa ngamakhono nolwazi. Umphakathi uzohlomula ngama-7 % enzalweni isiyonke ephuma kuso konke isivuno esithunyelwa esigayweni umoba, okunzuzo elingana nama-R600 000 ngonyaka. Abe-Kembali Group baqashe abantu abangaphezu kwama-200 okungabendawo ukuba basebenze emasimini kamoba futhi baqashe iMenenja esafunda umsebenzi enguMnu. Njabulo Shozi kanye nomabhalane wokuphatha ihhovisi naye osafunda umsebenzi uNk. Thembile Shozi okungabendawo abasaqeqeshwa kabanzi ngaphansi koholo lukameluleki uMnu. Alwin Kaizer. Abe-Kembali Group baphinde bahlinzeka izingane zalabo abahlomula ngemifundaze yokufundela ezoLimo, kuyimanje bakhokhela uSiyanda Shozi, ama- R85 000, ngonyaka ongumfundi weBanga 11 e-Weston Agricultural College, eMooi

River. Uma uShozi ephothula iBanga 12, uyobe esethunyelwa ukuyofundela ezolimo eCedara College iminyaka emithathu njengoba ecijelwa ukuba abe yimenenja yepulazi uma esephothule izifundo zakhe. UMnu. Njabulo Shozi, oyimenenja esafunda umsebenzi, ulithokozela kakhulu ithuba lokusebenzela umphakathi wakhe. Wathi, “ikusasa libukeka liqhakazile kimina futhi ngililindele ngabomvu ithuba lokuyofundela isitifiketi sokuba yiMenenja embonini kashukela, kulo nyaka”. UMnu. Errol Kokeomoer, oyiSikhulu Sezamabhizinisi Kwezobuyekezwa Komhlaba wathi ngale kokweseka umphakathi waKwaShozi, abe-Kembali Group babe nezivumelwano ezifanayo neminye iMiklamo Yezokubuyiswa Kwamasimu Omoba emine esoGwini oluseNingizimu okubandakanya eQoloqolo, eMgayi, eNdelu naseMathulini. “Inhloso yethu ukuhlomisa ngamakhono, ukudlulisela amakhono kanye nokuvikela imboni kashukela”. UMnu. Shozi, onguSihlalo we-Trust yomphakathi wakwaShozi wathi, “Ngiyabuncoma kakhulu ubudlelwano bokusebenzisana okuhle esinabo nabe-Kembali Group, ngaphandle kwabo umklamo wethu ngabe ungomunye obalwa emiklamweni yokubuyiselwa komhlaba engaphumelelanga”


9

“Reversing the legacy of the 1913 Natives Land Act�

Abantu Abafaka Izicelo abangatholakali

DURBAN SUBURB TENANTS CLAIM NAME/ CLAIMANT

Mokoena Thokozile Ruth Ndlovu Malebomvu Petros Mkhize Virginia Maphumulo Mandla Jerome Khumalo Donald Thami Khumalo Bonginkosi Isaac Gumede Enock Zungu Bonginkosi Hlalukwazi Nxumalo Mitchell Sakhile Shange Thokozile Constance Molefe Stanley Ngubane Ntombizodwa Beauty Duma Walini Mildred Hlophe Khoti Kate Ngcongo Dumezweni Aaron Paulette Thoko Nxumanlo Primrose Cebekhulu Nomasomi Princess Ngwane Pawu Paulos Mlotshwa Simelane Delina Gumede Lina Shabane Dingizwe Anthony Mbonane Louis Saniboy Sokhela Nomsa Irene Kubeka Nonhlanhla Bridgitte Mhlongo Hogoza Jackson Mvuyana Belina Malakoana Mswela Elias Lesetla/ Mzinyane Elsie Mkize Mayvis Nomsa Mntungwa Paulos Velengasho Ngcobo Florence Ngiba Mandlenkosi Shezi Khanyisile Winfreda Mthembu Ntombizonke Regina Joyce Njiyela Dalingcebo Goodman Thethiwe Sellina Mdluli Mashinini Alzina Mzolo Paulos Mkwanazi Lizzy Mhlongo Thulisiwe Angel Mathonsi Mlingani James Khumalo Jabulani James Mokoena(Mzolo) Bongiwe Alphosina Mandla Ernest Mkhwanazi Zanele Ester Mpanza Ngobese Bonizwe Wilson Bathobile Jeanette Favourite Mhlongo Luthuli Mnukeni Mahlaktini Ngema Mfaniseni Ernest Nunu Cecilia Mnqayi Nene Bonga

REF. NO.

3 27 387 436 468 505 561 567 595 646 689 751 792 816 836 855 873 890 910 972 992 1007 1091 1093 1120 1136 1176 1188 1189 1202 1211 1226 1228 1251 1264 1273 1279 1290 1307 1317 1319 1324 1362 1392 1408 1432 1445 1459 1473 1478 1482 1547

Cato Manor Tenants - Ref. No. 2716/

CLAIM NAME/ CLAIMANT

REF. NO.

CLAIM NAME/ CLAIMANT

REF. NO.

CLAIM NAME/ CLAIMANT

REF. NO.

Zindela Nokuvela Doris Fanyana Allison Maphanga Masuku Zandile Prudence Gladys Ntshiza Macaleni Leonard Shabangu Zwelibanzi Joseph Majola Themba Job Ntshangase Mazibuko Bekizwe Solomon Gertrude Mbanjwa Dlamini Fano Ezra Ndlovu Siyabonga Lawrence Jili Sakhile Albert Sithole Agnes Ntombi Edith Ndlovu Mahlaba Boyi Mkhize Simon Mfana Mandlakayise Kaiser Hadebe Chipeta Mamsie Gladys Mkhize Ida Zondi Mqanjelwa Wellington Zuma Vusumuzi Moffat TingaMandlenkosi Henry Ellen Nomfaba Kunene Loveth Fana Mkehli Biyela Bhekizizwe Alpheus Mweni Bhengu Thembisile Gwala Muntu Alfred Khumalo Nokuphiwa Rita Mdladla Stobi Contance Mabanga Dululu Grace Mkhize Bhekuyise Julius Ngcobo Phindile Beauty Sengane Florence Victoria Mzolo Alois Ngcobo Phunyuka Mthiyane Roger Sipho Makaye S Mokoena Tuku Elton F.B. Bhengu Mkize Samuel Zandile Terressa Maphumulo Bhengu Themba Muntuza Gertrude Gcaba Mandlakayise Tinga Sayinile Duduzile Maphumulo Bigboy Issac Gasa Hlongwane Nomanzi Elina Zungu Mandlenkosi Ntinini William Mbatha Maluesho Mahlakoana Moyana Thoko Lephina MThabela Dennis Bhekuyise Thusi Twana Adelaide Ngubane Doris Mthembu Topidan Elsie Xulu Sithembiso Lucia

1674 1701 1712 1722 1737 1754 1888 1922 1938 1972 2002 2027 2040 2139 2165 2174 2196 2201 2211 2212 2222 2273 2281 2299 2326 2359 2402 2417 2495 2504 2515 2587 2640 2642 2687 2745 2771 2782 2849 2934 2937 2947 2982 2994 3040

Ndlovu Makhosazana Elizabeth Dzamela Yoliswa Florida Mkhize Johannes Ngongo Jamboyi Radebe Contance Nonkanyiso Kubheka Eudora Thembi Mkhize lindiwe Beatrice Bongo B. Gamede Kawukani Mokoena G. E. Msane J. Simelane Lucy Dhlamini Thofo Ezrom Seshea Mahlomula Z. Xulube Mzobanzi Michael Sithole Tubuluzi Annie Cibane Nosipho Tryphina Mkhize Thamsanqa Boyi Mthembu Mantombi Evelina Magubane Bhoyi Alpheas Mthabela Siphiwe Petros Makhaye Fikile I. Sibisi Nhlanhla Caleb Zondi Muziwamafa John Mlambo Gertrude Mohamed Surena Banu C. Zulu Amos Thandinkosi Buthelezi Khathazile Vina Africa Johannes Ambroase Gagayi Nonhlanhla Veronica Elizabeth Ncwane Nxele Dondoza Bhekinkosi Mkhize Thoko Maria Layekile Julia Kubeka Nkabinde Lahliwe Ellen Nzaba Alice Thandazile Mabaso Duduzile Doris Sengane Florence Victoria Mathonsi Mandlenkosi Wilfred Mthanti Thembeka Cynthia Manyinya Jula Maphanga T. A. Mbele Khayisile Marylene Mtolo Pheli Bela Msomi Gelia Selina Langa Dumisani Phillip Ndhlela Mbukuswana Ngcobo Vincent Nhlakanipho Mngadi Knowledge Xolani Mngoma Dlangamandla Amon Hammond Valintine V. Mbili Ivy Nomkosi Ngcobo Nyobuka Lion Muntu David Nzama

3545

Ngwane Velaphi Gladys Dlamini Dumisani David Tembe Alinah Ngidi Gugwana Josephine Malunga Bajabulile Mzimela Dorah Thokazi Nondaba Alfred Bafana Dlamini Zandile Hilda Malati Jeremia Mavundla Dolly Annacletta Sabela Douglas Mpapa Masondo Khanyisiwe Juliet Jaca Sibongiseni Henry Gumede Philphina Radebe Mandlenkosi Elliot Nonkanyiso Mlambo Simon November Mtolo Mangingiza M. O. Shale Ngcobo Bernard Bhekani Matsemela Albertina Mapumitso Konjellian Kistammah Mbutho Ngenzeni Alice Zwane Makhosazane Angeline Mdluli Barina Joyce Zuma Thembeni elsie Sibiya David Leslie Mtolo B. M Gasa Thandekile Mkhize Fana Alfred Mazibuko thembane Victoria Kumulo Busisiwe Ramiah Rajagopal Luthuli Gladys Tanana Mazibuko John Komotolo Nozitha Mthembu Sebenzani Delsie Madida Tryphina Mndaweni Dudduzile Gounder Parvathie Ngidi Primrose Qinisile Gotshwana Richard Dlamini Sydney Sthembiso Mkize Ntando Oscar Takata Veronica Nosindiso Malinga Clement Soboyise Nomfundiso Shabalala Nokuthula Dorothy Mathe Cecilia Thandazile Bhekabakobo Hamilton Khumalo Nomusa Janet Mkhize Sbusiso Francis Bulose Duduzile Florence Ngidi Ncengeni Chonco Nokulunga RoseHellen

4612 4640 4643 4719 4786 4803 4804 4834 4850 4881 4909 4959 4970 5003 5039

3066 3081 3126 3152 3181 3237 3255 3256 3342 3346 3477

3603 3608 3617 3631 3632 3662 3744 3789 3791 3799 3809 3880 3901 3931 3938 3973 3987 4010 4068 4075 4112 4114 4115 4139 4151 4207 4210 4240 4263 4277 4293 4312 4356 4386 4392 4412 4436 4441 4442 4443 4470 4473 4475 4480 4487 4496 4497 4520 4521 4525 4528 4583 4604

5052 5064 5067 5075 5088 5100 5130 5135 5220 5240 5245 5270 5312 5316 5332 5333 5365 5368 5373 5484 5526 5546 5551 5568 5611 5612 5613 5615 5617 5618 5620 5621 5622 5623 5624 5625 5626 5628 5632


“Reversing the legacy of the 1913 Natives Land Act”

10

Sonke kungenzeka ukuba sikhahlanyezwe noma sisuleleke ngegciwane leSandulelangculazi noma ngeNgculazi Kubika uSifiso Ntombela

N

goLwesihlanu mhla zingama-30 kuLwezi wezi2012, ngesikhathi abasebenzi ba-RLCC begubha uSuku Lwengculazi Lomhlaba, e-Umhlaba House Building, okwakuhamba phambili ohlelweni losuku kwabe kunguqugquzela abantu ukuba bahlole isimo sabo seSandulelangculazi ukuze bagweme ukusuleleka okusha. UMmeli uBheki Mbili, onguMqondisi oyiNhloko wavula umcimbi ngokuba acaphune amazwi enkulumo kaNkosi Johnson UNkk. Zanele Machi kanye ayethula eMcimbini noNkk. Sindy Ngwane Wokuvula Ingqungquthela bephakamisa ikhandlela Yengculazi Yomhlaba elikhanyayo kukhunjulwa Wonke yeShumi Nanlabo abayizisulu tathu eyabe iseThekwini seSandulelangculazi ngoNtulikazi wezi- 2000, Nengculazi. lapho athi, “Ngesikhathi ngineminyaka emibili ubudala, ngabe ngihlala esikhungweni sokunakekela abantu abasuleleke ngeSandulelangculazi neNgculazi. Umama wami naye wabe esulelekile futhi engeke akwazi ukungigcina ngoba wayesaba umphakathi ahlala kuwona ukuthi uzokwazi ukuba sobabili sisulelekile bese uyasixosha.” Waqhubeka wathi, “ Ngifuna abantu bazi, baqaphele iNgculazi, angeke wathola iNgculazi ngokuthintana, ngokugonana, ngokuqabulana kanye nangokubambana ngezandla nomuntu owesulelekile. Esikudingayo nje ukuba sinakekelwe futhi samukelwe. Lawa mazwi asemqoka ayebhekiswe kithina ukuba sizihlole thina ukuthi yikuphi esikwenzile selokhu kwashona uNkosi Johnson. Sonke kumele sihlangane futhi silwe nalolu bhubhane lweSandulelangculazi neNgculazi. Lolu suku ngolokweseka bonke abahlukumezekile nabasulelekile futhi sikhumbule labo abashona ngenxa yesifo seSandulelangculazi neNgculazi. Kusukela ngonyaka wezi-2000, uHulumeni waseNingizimu Afrika seowenze umzamo omkhulu njengoba izigidi zabantu esi-1.7 sezithola imishanguzo yokuthithibalisa leli gciwane futhi uhlose ukuba kuthi sekungunyaka wezi-2014 abantu abathola ukwelashwa babe sebeyizigidi ezi- 2.5. Kufanele sincome uMnyango Wezempilo Kuzwelonke ngomsebenzi omuhle kangaka owenzayo. Bayaqhubeka nokufuna izindlela zokwenza ngcono ukwelashwa kwalesi sifo. Abacwaningi babo basanda kwethula iphilisi elilodwa elizodliwa yiziguli esikhundleni sokuthatha izinhlobo ezintathu ezahlukene zamaphilisi. USista Dayimane onguMdidiyeli Wezibalo Zocwaningo

esibhedlela eNorthdale uyiqinisekisile imibiko yaphambilini yokuthi iKwaZulu- Natali isahamba phambili ngezinga eliphezulu lokwanda kweSandulelangculazi eNingizimu Afrika. Isifunda saseMgungundlovu yisona esishayeke kakhulu ngama-42.3% ngokunjalo nasezifundeni eziningi kukhombisa izinga eliphezulu, uMnyango Wezempilo manje sewusebenzisa isiqubulo esithi “Getting to Zero and Zero new HIV infections” okungahunyushwa ngokuthi UNk. Palesa Mbatha “Ukufinyelela ezingeni ongumeluleki wezeNgculazi lokungabi nasifo kanye nokungabikhona kokusule- ekhombisa ukusetshenziswa kwekhondomu leka okusha-”. Wasinxusa sonke ukuba singesabi futhi yabesifazane ngesikhathi kugujwa uSuku Lwengculazi siye kohlola ukuze sazi Emhlabeni Wonke, izimo zethu, ngoba uma e-Umhlaba House. wazi uzokwazi ukuphephisa umlingani wakho, nawe uqobo ngokunjalo nomphakathi wonkana waseNingizimu Afrika ,njengoba sonke sineqhaza okumele silibambe ekulweni nokwesuleleka okusha. UDayimane wenaba wathi, “Kumele silwe nomkhuba wokucwaswa kwabantu abaphila neSandulelangculazi neNgculazi. Sifanele ukushintsha indlela esixhumana ngayo ngoba kungenzeka ukuthi sonke sihlukumezekile noma sisulelekile ngegciwane leSandulelangculazi neNgculazi, yebo, angeke kwaba yinamhlanje kodwa kusasa. Usuku lwaphethwa ngomcimbi wokukhanyiswa kwekhandlela kanye nomthandazo wokukhumbula labo asebasishiya emhlabeni.

USista Dayimane onguMdidiyeli Wezibalo Zocwaningo eNorthdale Hospital echaza ukuthi libhebhetheka kanjani igciwane lapho lihlasela amasotsha omzimba.


“Reversing the legacy of the 1913 Natives Land Act”


Turn static files into dynamic content formats.

Create a flipbook
Issuu converts static files into: digital portfolios, online yearbooks, online catalogs, digital photo albums and more. Sign up and create your flipbook.