Bluff Meat Supply –
ImInyaka engaphezu kwengamashumi amahlanu, i-Bluff meat Supply ibihlinzeka abantu bakwaZulu-natali ngezinhlobo ezihlukene zenyama yekhethelo. Leli bhusha elasungulwa ngo-1960, selidlondlobele labayinkampani edumile ethenjwayo kwaZulunatali yonke, igatsha ngalinye lizinikele ekuhlinzekeni ngezinhlobo zenyama yekhethelo nempatho enhle kumakhasimende ethu athembekile.
E-Bluff meat Supply sikholwa wukuthi konke ukudla kufanele kuqale ngezithako ezisezingeni elihle. noma ngabe upheka ukudla okusheshayo kwaphakathi nesonto noma ushisa inyama yokugubha, izinhlobo zenyama ezikhethwe ngobunyoninco
ziqinisekisa ukuthi upheka ngokwekhethelo. kusukela kwiziteki ezithambile, imvu econsisa amathe nenkukhu ethambile kuyekumavosi aseBmS nezideku ezinongiwe, sithengisela lonke uhlobo lomuntu. amakhasimende ethu ayazi ukuthi angasethemba ngenyama entsha njalo uma ethenga.
Ukugxila ekwenzeni izinto lula emphakathini njengoba siyibhizinisi eliwumsinsi, siyaziqonda izidingo zomphakathi. asilona nje ibhusha kodwa siyingxenye enkulu yomphakathi. Sikholelwa ekunikeleni emphakathini onminyaka eminingi usixhasile. Sibambisene nezikole zamabanga aphezulu zendawo,
okubalwa kuzona iDurban High School, inorthwood High School neWestville Boys’ High ukuqinisa ubudlelwano bethu nomphakathi nokutshala kwikusasa lawo. ngalobu budlelwano sitshala emikhankasweni yezemidlalo ehlelwa yilezi zikole. ngokusebenzisa nothisha nabafundi, sihlose ukukhutha isizukulwane sangomuso nokulekelela ukwakha ikusasa eliqhakazile entsheni yakithi. Ukuzibophezela kwethu akugcini nje ekuhlinzekeni ngenyama emnandi kodwa kusho ukuba neqhaza elinomsizilo lapho kubaluleke khona, okuyilapha ekhaya. ngale kokuhlinzeka ngenyama esezingeni eliphezulu, iBluff meat Supply iyashintsha ukumelana
nezidingo zamanje. Into entsha esiyenza manje wukuthi usukwazi ukufaka i-oda lenyama yakho yekhethelo ngobuchwepheshe, bese ifika qathatha kuwena. noma ngabe yisidlo sansuku zonke noma esomcimbi othile, sesenze kwabalula ukuthi uthenge inyama oyithandayo uhleli ekhaya. Vakashela isitolo sethu esi-online ukufaka i-oda lakho namuhla ku-www. bluffmeatsupply.co.za Izinga elingabizi kuwo wonke umuntu Siyazi ukuthi inyama enhle akusho ukuthi kufanele ibize inani eliphezulu. yingakho eBluff meat Supply siphokophela ukuthi izinyama zethu zikwazi ukuthengwa yiwo wonke umuntu. ngemititilizo esivame ukubanayo, izipesheli
namanani amahle, siqinisekisa ukuthi zonke izinhlobo zenyama zikwazi ukuthengwa ngabantu abahola zonke izimali.
Vakashela eBluff Meat Supply njengoba siqhubeka sikhula eBluff meat Supply sizibophezele ekubambeleleni ezingeni elisenze sabayigama elithenjwayo amashumi eminyaka ngokwezinga eliphezulu, amanani amahle nemphatho enhle. Sikumema ukuthi uvakashele izitolo zethu ukuze uzizwele mathupha ukuthi kungani iBluff meat Supply iyibhusha elithandwayo emakhaya amaningi kwaZulunatali. kusuka emndenini wethu, kuya kowakho kuya, iBluff meat Supply yizinga ongalinambitha nempatho ongayithemba.
ungaBawuMpetha wokoSa kanjanI
Uma ungazi ukuthi kosiwa kanjani noma ufuna ukushaya into ecokeme uma uphinda wosela abantu, nanka amasu nezimfihlo ongakusebenzisa
SIfIkILE isikhathi sokosa; kanti ayikho into abantu baseningizimu afrika abayithanda ngaphezu kwama-chops nevosi okumnandi. njengoba uSepthemba kuyinyanga yamaGugu, loku kusho into eyodwa emzansi: umusi omnandi wenyama yokosa eliqhamuka emagcekeni emizi yabantu ezweni lonke, lapho kuhlangane abangani nemindeni khona ukuzihlalela kamnandi.
Cishe usuke wazibona izithombe zabantu bosa emlilweni ngobunyoninco lapho bosela khona emakwabo. Uthi kodwa uke uzibuze ukuthi bakwenza kanjani? nanka amanye amasu avelele okwenza ukuthi ukosa kubelula futhi kubemnandi.
Yenza i-menu ibelula njengoba uyivukana, ungazami ukwenza izinto ezinkulu ngamaresiphi okosa amasha. yenza izinto zibelula ngezinto ezingasali njengeziteki, ama-chops, ama-ribs, ama-burger, imibengo nama-kebabs njll.
Lungisa inyama, ungenqeni ukuyinonga Ukuthi kufanele wose izinhlobo ezilula zenyanma akusho ukuthi kufanele uncishane ngezinongo. nonga iziteki, inkukhu nama-chops kakhulu ngezinongo ezizwakalayo. nonga inyama nge-spice isikhathi cishe amahora amabili, ngoba loku kwenza ukuthi izinongo zingene kahle futhi kwandisa ubumnandi.
Lungisa indawo kubalulekile ukuqinisekisa unako konke okudingayo ukuze ukosa kwakho inyama kuhamba kahle. naku okudingekayo:
• Indawo yokosa namalahle Wumnyombo womsebenzi lona. Uma ungenayo, cabanga ngokuboleka noma ukuqasha into yokosa ngezinkuni noma ngamalahle. Izinto zokosa ngegesi zilula kodwa azilenzi iphunga elijwayelekile elinobuntuthu futhi azijwayelekile uma kosiwa eningizimu afrika. amalahle ngenye yezindlela ezinhle ngoba asheshe avuthe kanti ahlale eshisa.
Inyama yokosa ayiphelele ingahambisani nomlingani wayo, izinto eziyiphelezelayo. Isithombe: Pexels/Nerfee Mirandilla
• Amathuluzi afanele
Zimqoka izimfologo ezinde zokuphendula inyama nebrashi lokuhlanza isithebe somlilo. amagilavu avikelana emlilweni yibhansela.
Imfologo isiza wena. maningi amathuluzi angasebenza noma okufanele asebenze kodwa uma unemfologo enhle, inyama emnandi nabantu ohleli nabo, konke okwenzayo kuvele kubewumshubo.
Thanda u-anyanisi namahlamvu Ufuna ukunonga ukudla okosayo kancane? Qoba uhhafu ka-anyanisi omkhulu uthi ukuwuninda endaweni yokosa. Loku kuzohlanza indawo yokonga futhi kunonge ukudla. Enye indlela yokunonga wukuphosa i-rosemary esanda kukhiwa emalahleni avuthayo.
Qaphela uma wosa inyama Into emqoka esobala wukuphendula inyama ngaphambi kokuthi ibemnyama. Iseluleko esihle sithi ungayiphenduli kaningi. Ongoti bokosa bathi qaphela ukuthi ungayiphenduli kaningi inyama ukuze kungashi ujusi wayo, ngaphandle uma kuyivosi lona elivuthwa kahle uma uliphendula kaningi. Uma kuyisiteki kuhle ukusifaka emlilweni bese usiyeka sishe uhlangothi, bese usiphendula emva kwemizuzwana okwesithathu bese uyeke ujusi uphumele endaweni yokosa. Loku kuwuphawu lokuthi phinda usiphendule okwesine, uyeke kuphume ujusi bese usisusa emlilweni.
Qaphela inkukhu futhi akulula ukosa inkukhu.
Uma unemfologo enhle, inyama emnandi nabantu ohleli nabo, konke okwenzayo kuvele kubewumshubo. Isithombe: Pexels/Minan
Ungacabanga ukuthi ivuthwe kahle, uze ubone usuyisika phakathi. Iqhinga elihle wukuyifaka i-marinade yonke bese uyisonga nge-foil ngaphambi kokuyifaka emlilweni ezingeni lomlilo eliphakathi nendawo noma eliphansi. Loku kuqinisekisa ukuthi ivuthwa kahle.
Yeka kancane inyama yakho eyosiwe kahle abantu abaningi bavame ukweqa lesi sigaba kanti simqoka ekutheni inyama yakho izobamnandi kangakanani. ngemva kukhipha inyama eziko, yiyeke ihlale imizuzu ethi ayibemihlanu. Loku kwenza amanzi ayo angene kahle kuyona, okwenza iconsise amathe uma uyiluma. Loku kuzwakala kakhulu uma wosa isiteki.
Kumqoka ukubukeka kwayo Ukuze ikhange esweni,
yindlale wathalala epletini. yindlale esithebeni noma ethreyini. Ukwenza ukuthi kubukeke kahle, qoba bese wosa amanye amaveji bese uhlobisa ngawo. Emva kwaloko uyobe usumi ngomumo ukuphaka ukudla kwakho.
Ayingahambi yodwa inyama yakho Inyama yokosa ayiphelele ingahambisani nomlingani wayo, izinto eziyiphelezelayo. kungaba yipapa ne-chakalaka noma amazambane athosiwe agxishwa ushizi nobhekene namasaladi, ziningi izinto inyama yakho engahambisana nazo. noma ngabe ukhethani kodwa qikelela ukuthi ilungele ukuhambisana nenyama yakho yokosa, ngakho sithi kuhle ukulungise kuqala.
* Bheka ikhasi 8 ukubona izinto ezihambisana nenyama yokosa
Basa amalahle – kuhlale kuyisikhathi sokosa!
Abantu baseNingizimu Afrika bayakuthanda ukosa. Isiteki, ingulube, ama-chops esiklabhu, ama-ribs – konke nje, asicucuzi siyakosa. Ukosa inyama akusho nje ukosa inyama emlilweni nokushunqa kwentuthu kodwa kusho ukuhlangana kwabantu, ithuba lokuxoxa nabangani nomndeni nethuba lokuzitika ngokudla okumnandi. Nanka amanye amaresiphi aconsisa amathe ahambisana nokugubha igugu lokuba wumuntu waseNingizimu Afrika.
IsIgaxa se-Texan sTeak
i-kettle-braaied whole pork neck ene-mustard sauce ka-ilse van der merwe
enela: 6
Izithako:
1.5 noma u-2kg womqala wengulube ongenathambo, obishwe ngentambo uma kunesidingo Usawoti no-pepper kokunonga
1 isipuni se-smoked paprika
2-3 we-Dijon mustard
2 we-rosemary eqotshiwe
Kwi-mustard sauce
3 wezipuni ze-wholegrain mustard
3 wezipuni zeDijon mustard
3 wezipuni zoju ⅓ wenkomishi ye-mayonnaise
Indlela yokuyenza:
Lungisa i-kettle ukuze ukuze ikunike ukushisa okungaqondile ngamalahle awu-50 kuya kwawu-60. Wabase, uwalinde imizuzu ewu15 noma aze aphashe. Ngaleso sikhathi Lungisa inyama uyilungise umlilo.
Beka ingulube oqokweni noma ipleti okuhlanzekile, uyinongisise nhlangothi zonke ngosawoti, u-pepper ne-smoked paprika. Sebenzisa ibhrashi ukuyininda nge-mustard yonke indawo bese ufafaza ngerosemary eqotshiwe.
Beka ingulube ngqo ngaphezu kwamalahle ashisayo ukosa izinhlangothi zombili (cishe imizuzu emibili uhlangothi), uyikhiphe ingulube eziko elingashisi kakhulu phezu kwe-kettle umboze ngesivalo uvule izimbo zayo.
Thosa cishe ihora bese uhlola ukushisa kweziko nge-thermometer. Izobe isivuthiwe uma iphakathi kuka-75 noma u-80ºC. Yikhiphe emlilweni, uyeke inyama kancane imboziwe cishe imizuzu eyishumi ngaphambi kokuthi uyisike. Yiphake ne-ustard sauce eceleni namasaladi athandwa wuwe. Ukulungisa i-sauce: Goqoza zonke izinango ze-sauce ndawonye bese uphake isithe ukuphola.
ama-sticky lamb rib kaJustin Bonello
Izithako: Cishe u-1kg wama-rib esiklabhu
Iqhuzu lamaveji
Usawoti no-pepper
I-pressure cooker
amafutha bese uthosa u-anyanisi, ugalikhi nopelepele eziko eliphakathi nendawo ngokushisa kuze kuthambe.
Faka izithako ezisele, uyeke kubile.
Bilisa imizuzu emihlanu.
Khipha bese upholisa ngaphambi kokuthela phezu kwenyama.
Thela i-marinade epholisiwe phezu kwesiteki bese ufake efrijini amahora ambalwa noma ubusuku bonke.
Lungisa Umlilo onamalahle ashisayo.
Khipha inyama kwi-marinade, uyipheke cishe imizuzu emihlanu uhlangothi ngalunye noma ize ivuthwe ngendlela ethandwa wuwe. Yiloku uyibhixa nge-marinade.
Ibhodlela lentandokazi yakho ye-sweet and sticky basting sauce
Indlela yokuwalungisa:
Okokuqala thatha ummese obukhali, usike ama-ribs izigaxa ezilinganayo. Waphose kwi-pressure cooker, bese ufaka igeqele phezulu (elenele ama-ribs nje).
Nonga ukuze kunambitheke kodwa ugade usawoti; amanye amageqele anosawoti omningi, ngakho qale ulizwe ngolimi.
Okulandelayo vula isivalo bese ufaka isiklabhu kwi-pressure cooker cishe imizuzu ewu-45. Uma sekuvuthiwe, khipha inyama uyifake endishini enkulu.
Faka i-basting sauce, ujikijele ama-ribs ngenkathi esashisa. Yeka kwimarinate cishe ihora ngenkathi kulunga umlilo wokosa. Uma amalahle eseshisa ngokwenele (esephakathi nendawo), yisikhathi sokosa.
Qhubeka wose, ubhixe nge-sauce esalile ama-ribs aze abenoshukeyana, anamathele (cishe imizuzu ewu-15).
Izithako: uhlangothi lwama-ribs engulube, enkomo noma esiklabhu
½ wenkomishi yeJack Daniel’s whiskey
½ wenkomishi ye-barbecue sauce
2 wamaqhuzu kagalikhi amabili aqotshiwe Usawoti no-pepper wokunonga
Indlela yokuwenza: Endishini, hlanganisa iJack Daniel’s whiskey, i-barbecue sauce, ugalikhi oqotshiwe, usawoti no-pepper. Hlanganisa kahle.
Faka inyama kwiplastiki evalekayo enkulu noma endishini engadephile.
Thela i-marinade phezu kwenyama, uqinisekise ukuthi inongeke kahle.
Vala isikhwama noma umboze indishi nge-plastic wrap, ufake efrijini
cishe amahora amabili noma ubusuku bonke ukuze inambitheke.
Fudumeza iziko libephakathi nendawo.
Khipha izimbambo kwi-marinade, uyeke i-marinade esele iziconsele.
Faka inyama eziko, uyiyeke ize ivuthwe ngendela oyithandayo (amaribs angcono uma ephekwa eziko elingashisi isikhathi eside) inyama ithi ukusha kancane.
Bhixa ama-ribs ngenye i-marinade ngesikhathi uyosa ukuze ibemnandi.
Iresiphi nesithombe ngofefe lukaYash Singh nePOST
i-Rooibos-infused glazed braaied trout
Izithako:
I-Rooibos-infused glaze
4 wezinkomishi ze-Rooibos tea concentrate (funda ngezansi) ⅓ wenkomishi yoju
3 wenkomishi yejusi kalamula
1 iqhuzu
1 i-star anise
1 i-cardamom pod egxotshwe kancane
2 wezinhlamvu ze-coriander
2 i-trout ephelele, engenamathambo kodwa enesikhumba *
* Akudayisi eBluff Meat Supply
Qaphela: Ukwenza i-Rooibos tea concentrate, sebenzisa amateabag eRooibos amabili abile emanzi ewu-⅓
enkomishini. Pholisa imizuzu eyishumi, ukhame itiye kuma-tea bag. Indlela yokuyenza: Ebhodweni eliphakathi nendawo lensimbi noma phezu kwamalahle, phehla iRooibos tea concentrate, uju nejusi kalamula. Faka ama-spice, uyeke kubile. Pheka kuze kwehle i-glaze ngokuthathu kokuphelele. Mbambatha i-trout nge-paper towel ukuyomisa. Yendlale uhlangothi olunenyama lubheke phezulu eziko elelekwe nge-foil. Hlikihla iphezulu le-fillet ngeRooibos-infused glaze. Yosa eziko eliphakathi nendawo ngokushisa cishe imizuzu ewu-
kuya kwewu-15 kuze kuvuthwe. Hlikihla ufisha kanye noma kabili ngenkathi uwosa.
Izidlo zenkukhu ongazitika ngazo ngoSuku lokoSa
Asikho isidingo sokuthi inyama eyosiwe yimisweswana eduma emlonyeni. Uma usebenzisa indlela efanele yokosa izothamba kamnandi futhi ibenesikhumba esishe kahle. Ngaphezu kwaloko izobamnandi emlonyeni. Ukuthi ungayenza kanjani, nanka amanye ameresiphi ayintandokazi yabantu abosayo, kusukela kwi-tandoori ejwayelekile nama-kebab kuye kumaphiko, nakanjani ngeke uphoxeke yila maresiphi.
I-tandoori chicken ehlwabusayo, ethambile
YeneLA: 2
Izithako:
2 x 250g wama-leg quarter enkukhu
1 ¼ wesipuni sejinja egayiwe
4 wamaqhuzu amakhulu kagalikhi aqotshisiswe
1 wesipuni se-coriander egayiwe
1 wesipuni se-cumin egayiwe
1 wesipuni se-garam masala
1 wesipuni se-chilli powder
1 wespuni seKashmiri chilli powder noma i-paprika Uhhafu wesipuni se-turmeric powder 60gm we-full-fat natural yoghurt Ijusi kahhafu we-lime Usawoti wokunonga
1 wespuni samafutha amaveji Ibhotela noma i-ghee
Indlela yokuyenza:
Hluba ama-chicken quarter, uwasike kathathu, kube kabili ethangeni nakanye emlenzini, bese ufaka endishini esasikwele bese unonga.
Hlanganisa ijinja nogalikhi endishin encane yokuhlanganisela. Faka ama-spice powder, i-yoghurt nohhafu lwejusi ye-lime bese ugoqoza kuze kubewudaka oluthambile. Faka usawoti ngokuzwana nawe.
Emva kwaloko, bhucabhuca ophisi benkukhu nge-marinade, uqinisekise ukuthi babhixeke kahle. Vala indishi nge-cling film, upholise kuzekube usuthanda ukudla. Inkukhu kufanele ingene i-marinade cishe amahora amane.
Khipha inkukhu efakwe i-marinade efrijini, uyipholise kahle ngaphambi kokuyidla.
Xuba ijusi ye-lime esele namafutha, usebenzise yona ukubhixa inkukhu njalo emva kwemizuzu eyishumi ngenkathi ivuthwa eziko lokosa.
Ophisi abangamakota badinga ukuqale bahlale imizuzu emihlanu eziko elishisayo lomlilo wokosa, bese behlala imizuzu ewu-30 ukusha bavuthwe kahle ngaphakathi. Kodwa qinisekisa ukuthi uyabavula ukubheka ukuthi amanzi amhlophe, hhayi phinki, ngaphambi kokuphakela abantu.
ama-kebab enkukhu
Izithako:
8 wezifuba zenkukhu ezithambo nesikhumba
2 o-anyanisi abasikwe bayizikwele ezingo-1cm
250ml wohhafu abomile be-apricot
12 ama-skewer okhuni acwiliswe emanzini
1 wephakethe le-Royco chicken marinade
20ml ka-curry powder ophakathi
3ml we-turmeric
5ml kajinja osanda kuqotshwa
3ml kapelepele owomisiwe
Indlela yokuwenza: Faka u-anyanisi kwi-microwave umzuzu.
Sika izifuba uzihlukanise namathambo bese uziqoba ziba ngamaqatha awo-2cm, ungasisusi isikhumba. Tshutsha amaqebelengwane enkukhu ezintini, ushintshanise ngokulandelanisa nezikwele zika-anyanisi ne-apricot.
Lungisa i-marinade ngokwemiyalo ebhalwe ephaketheni lakhona. Yengeza u-curry powder, i-turmeric, ijinja nopelepele. Nonga ama-sosatjie nge-marinate imizuzu ewu-20.
Yosa ama-sosatjie emalahleni cishe imizuzu ewu-15, uloku uphendula futhi ubhixa nge-marinade.
Phaka masinyane.
Isu: Isikhumba senkukhu sibalulekile kule resiphi ngoba senza ama-kebab abemanzi. Ama-kebab angalungiswa ngayizolo (ngokwesinyathelo sesithathu) kodwa adinga ukufakwa i-marinade imizuzu ewu-20 ngaphambi kokuphekwa.
ama-garlic and herb braai chicken wings
Izithako: 1kg wamaphiko enkukhu
I-marinade
½ wenkomishi ye-wine vinegar omhlophe
½ wenkomishi yewayini elimhlophe
5 wamagaqa kagaligi ohlukanisiwe
8 amahlamvu e-thyme
¼ wenkomishi ye-parsley eqotshiwe
½ wesipuni sama-red pepper flakes
2 wesipuni se-Italian seasoning eyomisiwe
1 wesipuni sikashukela
2 wesipuni sikasawoti
¼ wesipuni sika-black pepper
1 wamahlamvu kalamula (hhayi ijusi kepha amahlamvu kuphela)
¾ wenkomishi ye-olive oil
I-parsley eqotshiwe ukuhlobisas
Indlela yokuwenza:
Hlanganisa zonke izithako ze-marinade endishini enkulu bese uphehla uhlanganisa.
Faka amaphiko enkukhu, ubhixisise. Mboza indishi bese ukhipha amaphiko ne-marinade ukufaka kwiplastiki enkulu enoziphu, uyeke kuphole cishe amahora amane noma kulale ubusuku bonke. Khipha amaphiko enkukhu kwi-marinade, uwambambathe kancane.
Yosa eziko imizuzu ewu-15 kuya kwewu-20, uloku uphendula. Phaka nomhlabiso we-parsley eqotshiwe, uma uthanda.
uSuku lokosa oluhle – izigaxa zekhethelo zenyama yomlilo
nJEnGOBa kusondele uSuku lokoSa eZweni mhlaka-24 Sephtemba, sifikile isikhathi sokuma ngomumo ukosa, uhlanganise abangani nomndeni emgubhweni ongasoze walibaleka wokugubha isiko elithandwayo laseningizimu afrika.
E-Bluff meat Supply bayazi ukuthi imfihlo yokosa inyama iqala ngokukhetha izinhlobo ezifanele zenyama. nantu uhla lwekhethelo lwezinhlobo ezifanele zenyama ukuqinisekisa ukuthi luhamba kahle uSuku lokoSa lwakho. ngaphezu kwaloko nokuhle kakhulu zonke lezi zinhlobo zenyama ungazithola ezitolo zaseBluff meat Supply.
I-rump steak: Inkosi yokosa
I-rump steak iyintandokazi yabantu abathanda ukosa ngenxa yobumnandi bayo nokuthamba kwayo. Lolu hlobo, olukhishwe ngemuva kwemilenze yenkom, lwaziwa ngokungabinamafutha nokuthamba kwayo, okwenza ihambisane kahle nokosa.
Ukuze uthole konke okudingayo
kwi-rump steak yakho, qinisekisa ukuthi uyipheka emlilweni oshisa kakhulu ukushisa ingaphandle ngenkathi yenza ingaphakathi lithambe. noma ngabe uyithanda ikhala igazi noma ivuthisisiwe, nakanjani le nhlobo izijabulisa abantu.
Amavosi: Intandokazi yaseningizimu Afrika Ukosa inyama akuphelele ngaphandle kwevosi. Leli soseji elijwayelekile eningizimu afrika ligcwele ubumnandi kanti lenziwe ngenhlanganisela yenyama yenkomo, ingulube nama-spice. I-Bluff meat Supply iziqhenya ngokwenza ivosi elihlohlozayo emlilweni, elinamanzi ngaphakathi lathi ukusha kancane ngaphandle. Lifake kwi-roll notamatisi noma u-anyanisi noma ulidle lodwa kodwa akungabazeki ukuthi nakanjani ivosi lihambisana noSuku lokoSa ezweni. Buza ngevosi ezitole zaseBmS, uzitike ngeshisanyama.
Ama-chops esiklabhu: athambi futhi amnandi ama-chops esiklabhu ngenye inyama yokosa engaphoxi. Imfihlo
yama-chops esiklabhu amnandi ilele emafutheni aconsa emlilweni enza ukuthi inyama ithambe futhi inambitheke kamnandi. Ukuze avuthwe kahle, yosa ama-chops akho esiklabhu emlilweni ophakathi nendawo, uthi ukuwayeka ngaphambi kokuthi uwaphake. Loku kwenza ukuthi ujusi wenyama usabalale kahle, ukuqinisekisa ukuthi imnandi.
Uthanda ucezu lwenyama yesiklabhu oluzacile noma oluwugqinsi? ayikho inkinga, umi ngomumo umqobi onobungani waseBluff meat Supply ukukuqobela ama-chops ngendlela owathanda ngayo.
“E-Bluff meat Supply, sinayo yonke imibengo yenyama nokunye okuzokwenza ungaphinde ukhohlwe wuSuku lokoSa lwakhe. Vakashela noma siphi isitole sethu, uthenge inyama yekhethelo ezokwenza idili lakho loSuku lokoSa lungalibaleki.”
nonga uSuku lwakho lokoSa ngama – ama-marinades nama-spices enyama yakho
USuku lokoSa, noma kuphi ukosa inyama, akusho ukosa inyama nje kepha futhi kusho ukufaka ubumnandi iqatha neqatha. Ukukulekelela ukuthi uthole loku kunambitheka iBluff Meat Supply iyaziqhenya ngokukulethela ama-spice nama-marinade ekhethelo. Nazi izindlela ongashaya into ecokeme ngazo uma wosa ngezinongo nama-marinade.
I-exim Spices: ukunambitheka okuzwakalayo kuyo yonke imibengo
I-freddy hirsch: ompetha bama-spice!
I-Crown national Spice: ama-marinade athatha amehlo
USuku lokoSa, noma kuphi ukosa inyama, akusho ukosa inyama nje kepha futhi kusho ukufaka ubumnandi iqatha neqatha. Ukukulekelela ukuthi uthole loku kunambitheka iBluff meat Supply iyaziqhenya ngokukulethela ama-spice nama-marinade ekhethelo. nazi izindlela ongashaya into ecokeme ngazo uma wosa ngezinongo nama-marinade.
I-freddy Hirsch yibhizinisi lomndeni emboninini yama-spice eselineminyaka engaphezu kwewu-65 years, elaziwa ngokuzinikela ezingeni eliphezulu nasekwenzeni izinto ngezindlela ezintsha. amaspice abo enziwa ngobunono ukwandisa ubumnandi bemvelo benyama yakho, ukuqinisekisa ukuthi wosa kamnandi. kulabo abathanda ukunambitheka okunokufuseka emlilweni, iLegacy spice neHeroes spice kwasefreddy Hirsch kufanele inyama yenkomo neyesiklabhu. Uma ufuna ukubabisa inyama yakho yokosa iChilli Bites Spice mix ibabisa inyama kamnandi kanti imnandi kwinyama yenkukhu neyengulube. ngefreddy Hirsch ungabaneqholo lokuthi inyama yakho yokosa izonambitheka futhi ichaze abantu ngalolu Suku lokoSa. #nationalPride – mzanzi Unity!
“E-Bluff Meat Supply, sizibophezele ukukusiza ukuthi wenze idili loSuku lokoSa lubemnandi. Sivakashele ukuze uthole izinhlobo
Uma kukhulunywa ngamamarinade, iCrown national Spice yigama ongalithemba. ama-marinade akhona enziwe ngobuchule ukuthi angene agxile enyameni, ukuqinisekisa ukuthi wonke amaqatha athambile futhi ayanambitheka. Uma ufuna ukunambitheka, nakanjani iJimmy’s Steakhouse marinade yakhona kufanele uyizwe. Ifanele imibengo enjenge-rump steak ne-sirloin. Uma uthanda into enoshukela omncane, iHoney mustard marinade yinhle ihambisana nenama yengulube noma yenkukhu, yenza kubenokunambitheka kukashukela.
IzIMpeleSI ezIzoyIzayo –
IzIMpeleSI zekhethelo zokoSa
Akungatshazwa ukuthi inyama ihamba phambili uma kosiwa, nokho nokudla okuyiphelezelayo kumqoka ukuphelelisa idili. Nakuba kuyizimpelesi kodwa nako kuletha ubumnandi bakho emcimbini.
I-combo yokuthathu –Ipapa namaphiko osiwe namaqanda
KWeneLA: 4
Izithako:
2½ wezinkomishi zamanzi
½ kasawoti ne-extra
2½ wezinkomishi ze-braai pap
12 wamaphiko enkukhu
2 wezipuni zeShisanyama noma BBQ spice
Ijusi kalamula owodwa
Amafutha kabhekilanga okuthosa
4 wamaqanda
U-pepper
410g wethini lechakalaka efudunyeziwe
I-parsley yokuhlobisa (uma uthanda)
Indlela yokuwenza: Kwi-braaipap, thela izinkomishi ezimbili zamanzi nosawoti bese ubilisa ebhodweni elinesinqe esiwugqinsi elimumatha amalitha amathathu ubeke eziko eliphakathi nendawo ukushisa. Thela i-braaipap yonke emanzini, wenze intaba phakathi nendawo. Ungagoqozi! Mboza ngesivalo. Susa cishe wonke amalahle ngaphansi kwebhodwe ushisise ngezinga eliphansi cishe imizuzu ewu-45 noma kuze kuvuthwe. Susa isivalo emva kwemizuzu ewu-20 ugovuze i-braaipap ngephini lize lifane nephuthu. Faka amanzi asele awu- ½. Mboza, uqhubeke ukupheke. Uma usuqedile ukugovuza i-braaipap, qala ngenkukhu.
Nonga inkukhu nge-spice, uyifake eziko elishisa okuphakathi nendawo cishe imizuzu ewu-20, ulokhu uphendula kuze kuvuthwe. Fafaza ijusi kalamula ngenkathi upheka.
Shisisa amafutha amancane epanini emalahleni aphakathi nendawo ukushisa. Phihliza amaqanda, uwathose cishe imizuzu emithathu ukuze athambe noma ngendlela othanda ngayo. Nonga ngosawoti no-pepper.
Thela i-chakalaka phezu kwe-braaipap, uphake namaphiko enkukhu neqanda. Hlobisa nge-parsley, uma uthanda.
* Iresiphi yeSouth African Poultry Association
Isaladi yamazambane kaSiba Mtongana
Izithako:
1kg weJersey Royals noma amazambane eCornish New
4 wezipuni ze-mayonnaise
2 wezipuni ze-wholegrain mustard
1 wesipuni se-extra virgin olive oil
½ wejusi kalamula U-anyanisi wesaladi oqotshwe wamncane
8 we-pickled cucumber eqotshiwe
1 wesipuni seCooks’ Ingredients Nonpareille
Capers ecwengiwe
25g wepakethe lamahlamvu e-parsley esanda kukhiwa, amahlamvu aqotshisiswe 20g wepakethe le-tarragon esanda kukhiwa, amahlamvu aqotshisiswe
Indlela yokuyenza: Bilisa amanzi anosawoti ebhodweni elikhulu, ufake amazambane, uwabilise imizuzu ewu-15 kuya kwewu-20 aze athambe.
Ngaleyo nkathi phehla i-mayonnaise, i-mustard, amafutha nejusi kalamula endishini enkulu. Cwenga amazambane, ubeke izipuni ezimbili zamafutha okupheka bese uyeka eziko imizuzu embalwa.
Qoba amazambane afudumele bese wengeza ingxube ye-mayonnaise namanzi abekwe eceleni. Phosa phakathi ukuze kuhlangane bese ukhipha uyeke kuphole. Uma sekupholile goqoza izithako ezisalile bese unonga ukuze kubemnandi.
ama-caramelised nectarine ane-spiced yoghurt kajan Braai
eneLA: 4
Izithako:
6 wama-nectarine
2 wamathotho oshukela onsundu Kwi-spiced yoghurt: ½ we-cinnamon egayiwe 3 wama-cardamom pod 1 wenkomishi ye-double-cream yoghurt
Indlela yokwenza: I-cinnamon egayiwe ilula; vele uyithenge. Vula ama-cardamom pod, bese ugaya izinhlamvu zizezibe yimpuphu. Uma ungenayo into yokugaya, vele ufake izinhlamvu kwiplastiki oqokweni lokuqoba bese ugaya ngebhodlela lewayini ngamandla ize ithambe. Hlanganisa ama-spice ne-yoghurt. Hlula amanectarine abengohhafu, ukhiphe izinhlamvu. Yosa ama-nectarines esithebeni sokosa phezu kwamalahle ashisayo aze abensundu, bese uwakhipha emlilweni. Fafaza ushukela bese uphindisela emlilweni. Qhubreka uwose, uloku uwaphendula nhlangothi zombili kuze kuncibilile ushukela noma aqale ukuqhuma.
Phaka ama-nectarines osiwe ne-spiced yoghurt.
Kule resiphi ungasebenzisa amapentshisi, kuye ngokuthi yisikhathi sasiphi isithelo ngesikhathi sokosa.
* Iresiphi kaJan Braai’s Shisanyama: Braai
Recipes from South Africa
amaqebelengwana e-chakalaka namacheddar cheese braai
KWenZA 6 WAMAQeBeLengWAnA
Izithako:
1 x 400g wekani leRhodes Quality Mild neSpicy Chakalaka 1 kalofu sasekhaya Ibhotela lokugcoba 200g (2C) we-cheddar cheese efakwe kwigrater Usawoti no-black pepper
Indlela yokuwenza: Susa uqweqwe lwesinkwa, usike isinkwa sibe side sibeyizingcezu ezine.
Gcoba ibhotela ezingcezwini ezimbili uhlangothi olulodwa, ube ebhodini ngohlangothi olugcotshiwe. Fafaza ushizi ngokulinganayo nhlangothi zombili.
Bhixa iRhodes Quality Mild & Spicy Chakalaka phakathi nendawo ocezwini ngalunye. Mboza ngezingcezu ezimbil ezisele bese ugcoba ibhotela phezulu.
Faka amasemishi esithebeni sokosa, uwathose kancane ngamalahle aze abensundu. Waphake eshisa.