Ezemvelo mag zulu

Page 1

Inkanyezi

Umfumfu - Uzibandlela 2010 - Official Newsletter

1 |

ABAQAPHI BEMVELO BAKHELWE IZINDLU ZIKANOKUSHO

2 |

I-EZEMVELO ILOGO YETHU

3 |

LUNCONYWE KAKHULU UHLELO LOKWAKHIWA KWEZIBAYA

4 |

Abakwa-Mondi Paper kanye nabakwa-Waltons belule isandla emkhankasweni wokulwisana nokuzingelwa koBhejane


Report poaching: 08600 10111Umfumfu - Uzibandlela 2010 Stay anonymous and report those responsible for poaching. They are stealing your children’s heritage

Umbono, Injongo kanye neziMiso eziBalulekile Umbono

“Ukuba ngungqaphambili kwezokongiwa kwemvelo ehlukahlukene emhlabeni”

Injongo “Ukuqinisekisa ukuthi umsebenzi wokongiwa kwemvelo wenziwa kahle futhi ukongiwa kwemvelo yaKwaZulu-Natali kwenziwa ngokubambisana nezinhlaka zethu, ukuze kuhlomule isizukulwane samanje nesangomuso”

Izimiso eziBalulekile

OKUQUKETHWE

• Ukwethembeka – ngaso sonke isikhathi sisebenza ngokwethembeka, senze ngendlela efanele kanye nangeqiniso. • Inhlonipho– sibekezelela izinhlaka esisebenzisana nazo, ngokuzithoba sihloniphe amalungelo azo kanye nawendalo. • Ukubika– sibambisana nezinh-

laka zethu ezinhlelweni zenhlangano ngokuvuleleka kanti futhi siyakwazi ukuphendula ngemiphumela yesikwenzayo. Ukusebenza ngokubambisana– sisebenza ngokubambisana ukufezekisa umbono wethu ngokulandela izimpokophelo esinazo. Ukuphucuzeka– siyinhlangano ejwayelekayo esebenzisa isiko lokwamukela imibono emisha nelokufunda. Ukwenza kahle kakhulu- siyinhlangano enenqubekela phambili futhi esebenza kahle ukuzuza okusezingeni nokuseqophelweni eliphezulu. Ukuzibophezela– ngaso sonke isikhathi senza umsebenzi wethu ngothando, ngokwethembeka nangokuzinikela. Umkhiqizo–sizimisele ngokukhiqiza ngesikhathi, ngendlela esheshayo futhi efanele.

Ithimba elididiyela izindaba UMhleli oyiNhloko UDkt Bandile Mkhize Ithimba lezindaba UMaureen Zimu, noJeff Gaisford, kanye noMusa Mntambo Imisebenzi yeziLimi UPhilani Ncalane Ukuhlelwa kwamaKhasi neziThombe Ngabe Mediacom SA

Inkanyezi iyiphephabhuku langaphakathi eliphuma ngekota yonyaka kanti lishicilelwa wuPhiko lwezokuXhumana kwa-Ezemvelo KZN Wildlife (Ezemvelo). Amalungelo akho konke okushicilelwe agodliwe kanti akumele kusetshenziswe ngaphandle kwemvume ebhalwe phansi yoMhleli oyiNhloko. Niyacelwa ukuba nithumele izindaba ezizongena kuleli phephabhuku kwiemail ethi:mntambom@kznwildlife. com nakwethi: maureen@kznwildlife. com kanti usuku olungumnqamlajuqu lokuthunyelwa kwezindaba ngumhla ziyi-19 kuNdasa ka-2011.

ABASEBENZI BEZEMVELO BAVEZE AMAKHONO AHLUKAHLUKENE

Ikhasi lesi-2

Umbono, iziNjongo kanye neziMiso eziMqoka

Ikhasi lesi-3

Amazwi oMphathi oMkhulu

Ikhasi lesi-4

Izindlu ezintsha ceke zabaQaphi beMvelo

Ikhasi lesi-5

Ilogo yezeMvelo kanye nomcimbi wama-PRM Award

Ikhasi lesi-6

Imidlalo ye-Ezemvelo Cup ka-2010

Ikhasi lesi-7

Umkhankaso wokulwa nokubulawa kobhejane nombiko wamaholidi kaKhisimuzi

Ikhasi lesi-8

Izinhlelo zokuqeqesha abaQaphi beMvelo besifazane kanye noHlelo lweziBaya

Ikhasi lesi-9

AbakwaMondi nabakwa-Waltons bayekelela iEzemvelo

Ikhasi le-10

I-Ezemvelo itakula abafundi basemaNyuvesi

Ikhasi le-11

Ukusayinwa kwesiVumelwano sokuphatha ngokubambisana

INKANYEZI

Ilungelo lokuShicilela

2


Official Newsletter

AMAZWI OMPHATHI OMKHULU

UDkt Bandile Mkhize

K

uningi osekwenzekile ngemuva kokuphuma koshicilelo olwedlule lweNkanyezi! Uthando lwebhola seluthanda ukwehla kodwa kuyintokozo kimina ukusho ukuthi isasasa ngemidlalo yeEzemvelo Cup lisalokhu lilikhulu kakhulu. Okuningi ngale midlalo uzokuthola ngaphakathi kulolu shicilelo. Izindawo zethu zokulala zenze inzuzo enhle kakhulu njengoba zingenise u-R30 million okuyingeniso ebesiyidinga kakhulu. Kubona bonke abasebenzi bethu boPhiko lokwamukelwa kwezivakashi ngaphansi koMnyango wezokuKhangiswa kweBhizinisi, ngithi ukwanda kwaliwa ngumthakathi. Akukaze kube lula ukusebenza uma kubukeka sengathi umhlaba wonke usemaholidini. Siphinde saba namaholidi kaKhisimuzi angenazigameko. Okubuhlungu nje yikhona ukuthi kuminze izivakashi ezimbili eSodwana Bay kodwa-ke ezinye izindawo zethu zibe namaholidi angenazigameko. E-Cathedral Peak babike izigameko ezingatheni kanti bezidalwa yizimvula ezinamandla kakhulu. Ukukhukhuleka kwenhlabathi kudale ukuthi kungahambeki emgwaqeni ongena e-Cathedral Peak kanti ngemuva kokuba usulungisiwe umonakalo, kuvele ukuthi kunemisele ephazamisayo eMike eholele ekutheni kuvalwe umgwaqo kuze kube onjiniya bamemezela ngokusemthethweni ukuthi uphephile. Iqulu labatshuzi liyiswe endaweni ephephile ngemuva kukudla izindwane komfula e-Cathedral

Peak kanti omunye ubesendleleni eyohlangana nozakwabo ngesikhathi kwenzeka lokhu kanti usheshe watholakala ngemuva kokucingwa ngendiza enophephela eqolo wahlanganiswa nozakwabo. Ngenyanga kaZibandlela onyakeni odlule, kusayinwe isivumelwano sokuphatha iziqiwi ngokubambisana phakathi kwe-Ezemvelo nabaholi bemiphakathi engomakhelwane bezindawo ezivikelekile. Imibiko yokuqala ethinta uhlelo lokuqashelwa kwezimfudu zasolwandle oluseBhanga Nek eduze kwaseKosi Bay iveza ukuthi, isizini yokuzalela kwezimfudu ibe yinhle kakhulu njengoba kuchanyiselwe izilingozi ezingu-2085 kanye nazavungu ezingu-167. Ithimba lase-Nelson Mandela Metropolitan University, abe-Ezemvelo KZN Wildlife kanye naboPhiko lokuPhathwa kwezindawo ezisoGwini loLwandle loMnyango wezeMvelo, bacuphe imishini yokuhlola izilingozi eziyisithupha ngasekuqaleni kwenyanga kaZibandlela ka-2010 kuya phakathi kukaMasingana ka-2011. Imishini ikhombise ukuthi seqedile ukuzalela kanti izilingozi zesifazane zonke zinikele ezindaweni ezisenhla ngasogwini lwaseMozambique. Uhlelo olufanayo lwaphambilini, luveze ukuthi abhekise amabombo ezindaweni lapho ezokwazi khona ukuthola ukudla, okuyindawo esogwini lwaseKenya, eTanzania kanye naseSomalia. Olunye uhlelo olube yisimanga, ngoluthinta ukudedelwa kwamankentshane ase-Afrika ayi14 eTembe Elephant Park mhla ziyi-11 kuMasingana ka-2011. La mankentshane abevalelwe isikhathi esilinganiselwa onyakeni kanti abemanqika ukushiya lapho abevalelwe khona. Ngemuva kokuba amankentshane ambalwa ekhombise isibindi, wonke abe eselandela. Umbiko ukhomba ukuthi amankentshane aqhuba kahle futhi ayakuthakasela ukuba sendaweni entsha. Ukwazi kabanzi ngendawo ahlala kuyona kumqoka kakhulu njengoba ekusebenzisa uma es-

3

ezingela. Okunye okubaluleke kakhulu wukuthi uHulumeni waseMozambique ususayine isiVumelwano sokuSebenzisana ngenhloso yokwelula isandla ezinhlelweni zokuvikelwa kwamankentshane kanti lokhu kuzohlomulisa indawo yokongiwa kwemvelo esemngceleni wala mazwe ehlanganisa ingxenye esenhla yeKwaZulu-Natali neMaputo Elephant Reserve. Kufezekiswe iphupho leminyaka ngesikhathi i-Ezemvelo ithola uxhaso lwebhasi oluvela kwabeSpringbok Atlas. Ukuba khona kwaleli bhasi kuzosiza kakhulu ekufuqeni umkhankaso wethu wokuqhakambisa ukongiwa kwemvelo ikakhulukazi uma sisebenza nemiphakathi kwazise izinto zokuhamba zivamise ukuntuleka. Sesizokwazi ukuthutha abasebenzi ukuhambela imicimbi yomphakathi okanye ukuthutha umphakathi ukuhambela imicimbi yethu. Noma ungakuchaza kanjani kodwa lokhu kuwuhlelo oluhle kakhulu. Lokhu kuyisibonelo esihle lapho abebhizinisi elizimele bekhombisa ukweseka esikwenzayo. Ngasekupheleni kwenyanga kaMfumfu onyakeni odlule, ithimba le-Ezemvelo livakashele eKruger Park ngenhloso yokuyofunda kanye nokucathulisana kwezemidlalo. Abasebenzi bethu bamazinga ehlukahlukene, bahlangane nozakwabo baseKruger Park lapho bethole khona ithuba lokucobelelana ngolwazi. Ithimba lethu labaqaphi bemvelo lizovakashela khona eKruger Park liyoncela ulwazi kubasebenzi bakhona liphinde libacobelele ngolwazi lwethu. Olunye uhlelo olwethulwe ngokusemthethweni ngoMfumfu ka-2010, ngoloMakhelwane/ uHlelo lokuSiza imiPhakathi eHlwempu okuhloswe ngalo ukusiza labo abebesebenzela i-Ezemvelo phambilini kodwa futhi olungabashiyi ngaphandle abasebenzi abakhona njengamanje okubonakala ukuthi badinga usizo. Kuphinde kusizwe ngalo imiphakathi engomakhelwane beziqiwi zethu. Inhlosongqangi yalolu hlelo wukubamba

iqhaza ekuthuthukisweni kwemiphakathi yasemakhaya kanye nokulwa nendlala. Kuze kube yimanje, ingaphezulu kweshumi imindeni kanye nemiphakathi engomakhelwane beziqiwi zethu esihlomulile kulolu hlelo. Ngithanda ukuncoma kakhulu abaxhasi bethu bakwaBoxer kanye nabakwa-Albaraka Bank abanikele ngezimpahla ezinikezwe lemindeni kanye nemiphakathi ethintekayo. Ukubuyela emidlalweni yeEzemvelo Cup, isibe yithuluzi elimqoka kabi emkhankasweni wethu wokuzazisa emphakathini nokuyazisa ngemisebenzi esiyenzayo. Ngaphandle kokunikeza abasebenzi bethu ithuba eliyingqayizivele lokuxhumana namakilabhu kanye nomphakathi, kubhungwa ngezemidlalo kanye nempilo nje, isihlinzeke ngethuba elikahle lokwazisa umphakathi ngezinhlelo zethu. Angicabangi ukuthi ngizokube ngizithwala uma ngiveza ukuthi imiphakathi engomakhelwane bethu, isisiqonda kangcono manje kunaphambilini. Lokhu kubuyisa isithombe esiyiqiniso emqondweni ngezinto eziningi ebezishiwo ngathi eminyakeni eminingi edlule, ukuthi ngaphandle kokwesekwa yimiphakathi, ukongiwa kwemvelo kanye nezindawo ezivikelekile ngeke kuye ndawo. Njengamanje ngingakusho kugcwale umlomo ukuthi sesikwazile ukuqinisa ukwesekwa kwethu emazingeni aphansi ngenxa yeMidlalo yeNdebe yoMhlaba kanye nemidlalo ye-Ezemvelo Cup. Ukuzingelwa kobhejane kusalokhu kuyinkinga kakhulu kanti njengoba ngike ngasho phambilini ukuthi sinabasebenzi abazinikele ukulwa nalo mkhuba futhi sesakhe ubudlelwano obuhle nezinye izinhlangano kuleli. Akumele siphonse ithawula emkhankasweni wethu wokulwa nalo mkhuba. Sengiphetha, ngithanda ukufisela bonke ozakwethu unyaka ka-2011 onezibusiso futhi ngiyanikhuthaza ukuba niqinisekise ukuthi nenza konke okuzokwenza ukuthi lo nyaka uhlale ukhumbuleka.

Conservation, Partnerships & Ecotourism


Umfumfu - Uzibandlela 2010

ABAQAPHI BEMVELO BAKHELWE IZINDLU ZIKANOKUSHO I

-Ezemvelo KZN Wildlife yakhele abaqaphi bemvelo abasebenza eHluhluwe-iMfolozi Park (HIP) izindlu zikanokusho. Lezi zindlu ezintsha ceke, zivulwe ngokusemthethweni nguMphathi oMkhulu uDkt Bandile Mkhize mhla ziyi16 kuZibandlela ka-2010 khona e-HIP. Phambilini abaqaphi bemvelo bebehlala ezindlini ezincane abebepheka baphinde balale kuzona. Ngaphezu kwalokhu, bekumele basebenzise izindlu zangasese ezingaphandle obekuyingozi kakhulu ikakhulukazi ebusuku njengoba lesi siqiwi sinezilwane ezinhlanu ezinamandla. Ngenxa yalezi zimo, i-Ezemvelo izibophezele ukwakhela abaqaphi bemvelo izindlu ezisezingeni eliphezulu. UMkhize unxuse abaqaphi bemvelo ukuba basebenze ngokuzikhandla kulo msebenzi wabo. “Manje asisekho nhlobo isidingo sokuthi nisebenze ngokudembesela. Ngiyathemba ukuthi nizozinikela ngokuphindiwe. Ngiyaninxusa ukuba nizinakekele kahle lezi zindlu njengoba sitshale imali eshisiwe ohlelweni lokwakhiwa kwazo,” kusho uMkhize. UMkhize ujabule kabi ebona uMpume Ngcobo ongumqaphi wemvelo wesifazane osemncane osebenzisana kahle nozakwabo besilisa. “Kumele unxenxe nabanye abantu besifazane ukuba bezokwenza lo msebenzi. Ngiyathemba ukuthi bazokuba nentshisekelo ngoba usubacentele indlela. Sibadinga kakhulu abaqaphi bemvelo besifazane kanti lokhu kuyindlela yokudala amathuba emisebenzi ikakhulukazi kulabo abangomakhelwane beziqiwi zethu,” kuqhuba uMkhize. Uphinde wagcizelela kubaqaphi bemvelo ukuba bangabi namusa ezigebengwini ezizingela obhejane. UMkhize uthe izwe lonke lithembele kubaqaphi bemvelo ukuba bahlenge obhejane kulezi zigila mkhuba.

INKANYEZI

Izindlu ezindala zabaQaphi beMvelo

4


Official Newsletter

UTHI BEWAZI? ILOGO YETHU (Igama lethu elisemthethweni)

ILogo ye-Ezemvelo KZN Wildlife yakhiwe ngehawu leSizwe samaZulu kanye nomkhombe. • Ihawu limele ukuthi lisetshenziswa yiSizwe samaZulu ukuzivikela kanti lapha likhombisa ukuvikeleka; • Umkhombe uhlonzwe njengohlobo lwesilwane olusengcupheni yokushabalala okudinga ukuba luvikelwe kakhulu. Udwetshwe ngendlela ekhombisa ubuqhawe bokukwazi ukudlubulundela ubheke phambili. Lokhu kunguphawu olukhombisa kabanzi ngenhlangano oyimele. Kokubili, ihawu nomkhombe kumele ukuvikelwa kwayo yonke imvelo yasendle.

ISIQUBULO Isiqubulo siyithuluzi elimqoka lokukhangisa inhlangano ukuze ibekeke ngendlela ekahle kumakhasimende ayo.

Imisebenzi eyenziwa yi-Ezemvelo KZN Wildlife • uKongiwa kweMvelo, ubuDlelwano nezinhlaka kanye nezokuVakasha, kuhlinzeka umphakathi ngemisebenzi ewumgogodla eyenziwa yinhlangano. Ukusetshenziswa kwezihloko zemisebenzi yenhlangano kumele kwenziwe emibhalweni kanye nakumathuluzi okumaketha nokukhangisa. Kumele kuvele kwi-Tohoma Regular njalo ngaphansi kwelogo ye-Ezemvelo KZN Wildlife.

PMR Awards

A

basebenzi be-Ezemvelo KZN Wildlife kanye noMphathi oMkhulu uDkt Bandile Mkhize (ongowesi-4 kwabami ngaphambili) bamukele imiklomelo emithathu ebivela kwabe-PM Africa. I-Ezemvelo KZN Wildlife ikhale yemuka nemiklomelo emithathu ehlanganisa amaGolide ama-2 okwenza umsebenzi oncomekayo ekusimamiseni ukongiwa kwemvelo kanti enye itholwe iNtshondwe Camp eseThala Game Reserve ngokuba nama-Lodge asezingeni eliphezulu. Umklomelo wesithathu ongoweDayimane utholwe yiHluhluwe-iMfolozi Park ngokuba yindawo ephambili evikelekile esiFundazweni.

5

Conservation, Partnerships & Ecotourism


Umfumfu - Uzibandlela 2010

IBIDLE NGOKUKHANGA I-EZEMVELO CUP KA-2010

I

IMpukunyoni Netball team

qembu lebhola lezinyawo iMhlana kanye nelomnqakiswano iMpukunyoni bazondiza ngebhanoyi lakwa-Kulula. com balibangise eGoli ngemuva kokudla umhlanganisa emidlalweni ye-Ezemvelo Cup ka-2010. IMhlana ihlule iMpembeni ngo4-1 sekukhahlelwa amaphenathi kanti iMpukunyoni inenebule iSomopho. IMhlana ikhale yemuka noR12 000, inkomishi, izindondo nejezi kanti izochitha impelasonto e-Protea Hotel, eGoli kanti izindleko zizokhokhwa yi-Ezemvelo KZN Wildlife nabakwa-Kulula.com. IMhlana izofika eGoli idlale nekilabhu yekhethelo yakwa-DBSA kubangwa umklomelo osazodalulwa. UPhakamani Ngxongo uqokwe nguClive Barker oben-

gumqeqeshi weBafana Bafana njengomdlali ovelele kulo mqhudelwano kanti uhlomule ngo-R1000. Usethubeni elihle lokuyozama inhlanhla kuMaZulu FC. IMpembeni ithole u-R7000, izindondo kanye nejezi kanti iMatshamnyama igoduke no-R5000 ngokulala endaweni yesithathu. Ebholeni lomnqakiswano, iMpukunyoni ithole u-R7000, inkomishi, izindondo kanye nohambo olubheke eGoli. ISomopho ihlabane ngoR5000 ngokufinyelela kowamanqamu kanti iMadlankala inikwe u-R4000 ngokulala isithathu. USamkelisiwe Mthombeni uqokwe njengomdlali ovelele kulo mqhudelwano, wahlomula ngo-R1000. I-Ezemvelo Cup iyingxenye yezinhlelo ezisetshenziswa

USamkelisiwe Mthombeni obe ngumdlali wesifazane ovelele

INKANYEZI

iMhlana Soccer team

yi-Ezemvelo ukufundisa imiphakathi eyahlukahlukene ngokubaluleka kokongiwa kwemvelo. Ethula inkulumo yakhe uDkt Bandile Mkhize onguMphathi oMkhulu weEzemvelo, unxenxe bonke abebehambele lemidlalo ukuba babambe iqhaza ekongiweni kwemvelo. “Kusukela namhlanje kumele nibe ngamanxusa okongiwa kwemvelo. Kumanje sinikeza lezi zingane ezincane ithuba lokukhombisa ikhono lazo, kodwa ngeke sikwazi ukuqhubeka uma nina nihlulwa wukuqonda ubumqoka bezilwane zasendle. Ngakho-ke ngiyanicela ukuba nibike ngabo bonke abantu abalobizela izimpondo zobhejane. Kumele sibavikele obhejane kubazingeli ukuze babonwe isizukul-

wane sangomuso,” kusho uMkhize. Uqhube ngokubonga zonke izinhlaka ezenze konke okusemandleni ukuqinisekisa ukuthi lo mqhudelwano uba yimpumelelo. Lo mqhudelwano ubuxhaswe ngabakwa-Boxer Super Stores, Nedbank, Ukhozi FM, Total, DBSA, Thanda Private Game Reserve, AmaZulu FC neKatanga Parking Services. Le midlalo ibihanjelwe yizicukuthwane ezahlukene kanti phakathi kwazo bekukhona amaKhosi, iziNduna, amaKhansela kanye nezikhulu zeSAFA ebeziholwa nguJeremiah “Ace” Mdlalose noKwenzakwakhe Ngwenya.

uPhakamani Ngxongo obe ngumdlali webhola ovelele

6


Official Newsletter

UMKHANKASO WOKUQWASHISA NGOKUBULAWA KOBHEJANE HLABISA

Jabulani Ngubane - Ezemvelo KZN Wildlife Co-ordinator of the Rhino Security

U

phiko lwezoKongiwa kweMvelo yoMphakathi lwe-Ezemvelo KZN Wildlife ngokubambisana ne-WorldWildlife Fund (WWF), lusungule umkhankaso wokulwisana nokubulawa kobhejane oluqale mhla ziyisi-6 kuya kumhla ziyisi-7 kuZibandlela ka-2010. Inhloso yalo mkhankaso bekungukufundisa, ukuqwashisa kanye nokuxwayisa umphakathi ngezigameko zokuzingelwa kobhejane ezenzeka eduze kwawo. Kusukela ngo-2008, sesinyuke kakhulu isibalo sobhejane ababulewe ngenxa yokufunwa kwezimpondo zabo kulesi siFundazwe. Lokhu kuholele ekutheni i-Ezemvelo ne-Kruger National Park babambe imihlangano eminingi yokubhunga ngokuphepha koBhejane kanye nokuqhamuka namaSu okuLwisana nokuZingelwa kwabo. UMnuz Jabulani Ngubane uqokelwe ukudidiyela amaSu okuLwisana nokuZingelwa koBhejane okuhloswe ngawo ukunciphisa isibalo sobhejane ababulawayo kanti lokhu kungafezekiswa ngokuthi kugxiliswe ukusebenza komthetho, kusimamiswe ubudlelwano nemiphakathi engomakhelwano beziqiwi, kuqaliswe ngendlela efanele izinhlelo zokuphenywa kobugebengu, kugcinwe kahle futhi kuhlolwe indawo yokulondolozwa kwezimpondo zobhejane. Kulo mkhankaso kubonakale abasebenzi boPhiko loKongiwa kweMvelo yoMphakathi be-

Nongoma hambela izindawo zomphakathi ezifana nama-Renki amatekisi, amaDolobha kanye nezikole bephethe amabhena okukhangisa. Kuphinde kwasatshalaliswa amabhukwana akhuluma ngezinhlelo zokuwlisana nokuzingelwa kobhejane abhalwe ngesiZulu kanye nangesiNgisi. Obhejane bazingelwa ngenxa yezimpondo zabo ezisetshenziselwa izizathu eziningi ezingaphusile. Izimpondo zobhejane zithengiswa kakhulu eChina kanye naseVietnam kanti isasasa lokuthengwa kwazo liyanyuka nakwamanye amazwe. E-Asia izimpondo zobhejane zisetshenziselwa ukwenza imithi kanti eMiddle East, kuhlotshiswa ngazo izibambo zezinsabula. UDkt Raj Amin ongomunye wongoti bezimpondo zobhejane, ocwaningweni lwakhe uphethe ngokuthi ukushumpulwa kophondo lukabhejane kufana nse nokunqanyulwa komunwe womuntu. Akakwazanga ukucacisa ukuthi ngabe izimpondo zobhejane kukhona yini ezinakho okungasetshenziselwa ukwenza imithi. Umyalezo ovela oPhikweni lwezoKongiwa kweMvelo yoMphakathi uthi, kungumthwalo wabo bonke abantu baseNingizimu Afrika ukulwisana nobugebengu bokuzingelwa kobhejane. Kuliqiniso okumele lihlale obala ukuthi obhejane bayaphuza ukuzala, ngakho-ke kuthatha isikhathi eside kakhulu ukuthi bande. Yingakho-ke kumqoka ukuthi sivikele labo abasekhona futhi sibabike labo bantu ababazingelayo.

7

ABEKHO ABAMINZILE NGESIKHATHI SAMAHOLIDI KAKHISIMUZI

I

zivakashi ebezihambele enhla neKwaZulu-Natali zincome ukubambisana okuhle phakathi kwezinhlaka ezahlukahlukene eziqinisekise ukuthi ziphephile ngesikhathi samaholidi kaKhisimuzi. Abantu ababalelwa ku-2000 bavakashele eKosi Bay ngoKhisimuzi nangoNcibijane. Kuzona zombili lezi zinsuku, akukho zigameko ezibikwe emaphoyiseni kanti futhi akekho okubikwe ukuthi uminzile okuyizinkomba zokulawuleka kahle komphakathi okwenziwe yi-Ezemvelo kanye ne-SAPS. Ukuseshwa kwabantu esangweni kwenziwe ngokubambisana phakathi kwe-SAPS ne-Ezemvelo. Izimoto ebezinotshwala bezingavunyelwa ukuba ziye eKosi Mouth ngaphandle kwalabo bashayeli abebevuma ukubukhipha ezimotweni. Imibiko eqinisekiswe ngabasebenzi beEzemvelo ikhomba ukuthi bonke abantu abathutheleke eKosi Mouth bebeziphethe kahle kakhulu. Abantu ababalelwa ku-1000 bebenemicimbi yokuzijabulisa eMdoni Camp ngosuku lukaKhisimuzi nangoNcibijane. Kubikwe isigameko esisodwa lapho u-Cpl Simon Msweli ehlaselwe khona yiqulu labantu abebedak-

iwe behlome ngamabhodlela otshwala abengenalutho kanti kube khona ukudubula okubili ngenhloso yokuthusa laba bantu. I-SAPS ibe isiqalisa uphenyo kanti isimo siphinde sadamba esikhathini esincane kwenzeke lokhu. Kuvulwe icala esiteshini samaphoyia aseManguzi ukuze kuqhutshwe uphenyo. Kuphinde kwavinjwa izikebhe ezimbili ukuba zingene ngemuva kokuba zingakwazanga ukuveza amalayisensi azigunyaza ukungena kule ndawo. ULeornard Zulu oyiMenenja eBhekele oKongiwa kweMvelo eKosi Bay, uncome kakhulu iqhaza elibanjwe ngu-LT.Colonel S.D Mtshali ongumphathi wesiteshi samaphoyisa aseManguzi noKaputeni wakulesi siteshi u-B.J Tembe. Kumaholidi adlule bekungekho ukubambisana phakathi kwe-Ezemvelo neSAPS kodwa-ke manje sebakhe ubudlelwano obuhle phakathi kwabo. Uphinde wancoma iMenenja kaMasipala namaKhansela endawo. “Besingeke sikwazi ukwenza ngempumelelo umsebenzi wokulawula abantu ngaphandle kokuzikhandla, ukusebenzisa amakhono abo nokwesekwa abasinikeze khona ngesikhathi samaholidi,� kusho uZulu.

Conservation, Partnerships & Ecotourism


Umfumfu - Uzibandlela 2010

UMPHATHI OMKHULU WETHULE UHLELO OLUSHA LOKUQEQESHWA KWABAQAPHI BEMVELO BESIFAZANE

I

-Ezemvelo KZN Wildlife izoqalisa uhlelo lokuqeqeshwa kwabaqaphi bemvelo besifazane kuphela kulo nyaka ka2011. Lokhu kudalulwe nguMphathi Omkhulu we-Ezemvelo uDkt Bandile Mkhize emcimbini wokuklonyeliswa kwabaQaphi beMvelo nabasebenzi as ebethathe umhlalaphasi obubanjelwe eGodeni Soccer Field, eHluhluwe-iMfolozi Park. Isibalo esiphansi sabaqaphi bemvelo besifazane abaqashwe yi-Ezemvelo, yisona kanye esiqubule isidingo salolu hlelo. Kubaqaphi bemvelo abangama-26 abathole imiklomelo, uyedwa

kuphela owesifazane. UDkt Mkhize uphinde wathi izinhlelo ezijwayele ukusetshenziswa uma kuqeqeshwa abaqaphi bemvelo, kazibabhekeleli abesifazane ngoba kwesinye isikhathi bayaphoqeleka ukuqukula izinto ezisindayo okuba nzima kakhulu kubona ukuba baqhubeke noqeqesho ngenxa yendlela ehlukile yokwakheka kwemizimba yabo. Uphinde wagcizelela ukuthi uhlelo olusha ngeke luthambe ukwedlula oluvele lukhona njengamanje. UMkhize uphinde wexwayisa abaqaphi bemvelo ngobungozi bokusebenzisa uphuzo oludakayo kanye nezidakamizwa. Uthe lezi zenzo kazijivazi labo baQaphi beMvelo abasuke bezenza kuphela, kepha zijivaza ngisho isithunzi senhlangano yonkana. Ukuzwakalisa ukwamukela iziyalo zikaDkt Mkhize, babe sebenza isifungo sokuzibophezela emsebenzini wabo futhi babe sebephawula nangokwanda kwezinselelo ezihlangabezana nabantu abasebenza emkhakheni wezokongiwa kwemvelo nokuyilapho kugqame

khona inselelo enkulu yokubhekana nesihlava sokuzingelwa kobhejane ngokungemthetho. Baphinde bazibophezela, egameni labo bonke abantu abasemkhakheni wokongiwa kwemvelo, abakhona kanye nabangasekho, ekutheni bazokwenza konke okusemandleni ukuvikela imvelo. Ukuncipha kwezigameko zokuzingelwa kobhejane eziqiwini ze-Ezemvelo kufezekiswe ukuzibophezela kwalaba baQaphi beMvelo. UmQaphi weMvelo ovelele, oqokwe ngozakwabo kube nguMnuz Jabulani Nkwanyana. Abalale ngemuva kwakhe kube ngoMnuz Jabulani Ntombela, Mnuz Velenkosini Ntombela noMnuz Lindani Gebashe. Bonke laba baQaphi beMvelo baklonyeliswe ngezindondo ngenhloso yokubabonga ngokuzinikela kwabo emsebenzini. Ubumnandi bebuthe chithi saka! Ukumasha kwalaba baqaphi bemvelo kushiye izithameli zibambe ongezansi. UMnuz K Zungu ongumdlali wesigingci

neqembu lakhe, bashiye izithambeli zisafuna impinda. Abantu bazwakalise okukhulu ukudumala bezwa ukuthi uMnuz Zungu akakabi necwecwe eseliqoshiwe njengoba iqembu lakhe linethalente elihle kangaka. Indlela kaMnuz Zungu yokuphetha umculo yehlukile kwezijwayelekile, ngoba eyakhe ihambisana nokubhonculwa kwesigingci emshinini wokwandisa umsindo kanye nokutshakadula uma esevala kanti-ke akaziphoxanga izithameli zalo mcimbi ebeziyilindele ngabomvu indlela yakhe yokuvala eyehlukile. Kulo mcimbi kuphindwe kwavaleliswa uMnuz C Mfeka osethathe umhlalaphansi. Isipiliyoni sakhe kanye nokuzinikela abenako emsebenzini abewenza kuyohlezi kukhumbuleka kozakwabo abebambisene nabo. Simfisela okuhle kodwa kumhlala phansi wakhe ngethemba lokuthi usazoqhubeka nokutshala izeluleko kubaQaphi beMvelo abasebasha njengomuntu osenolwazi olunzulu aluthole eminyekeni eminingi edlule ekulo msebenzi.

Field Rangers Awards – Hluhluwe iMfolozi Park

INKANYEZI

8


Official Newsletter

Abakwa-Mondi Paper kanye nabakwaWaltons belule isandla emkhankasweni wokulwisana nokuzingelwa koBhejane AbakwaMondi nabakwa-Waltons bajoyine i-Ezemvelo KZN Wildlife emkhankasweni wokulwa nokuzingelwa kobhejane ngoMfumfu onyakeni odlule. Kusukela kwesobunxele nguDary Nossiter oyiMenenja yezokuKhingisa kwaMondi, ngu-Obert Mandimutsira oyiNhloko yoPhiko lwezokuKhangisa, ukumaKetha kanye ne-Logistic kwaMondi, nguMike Frizelle ongumQondisi oPhethe kwa-Waltons, uDkt Bandile Mkhize onguMphathi oMkhulu wezeMvelo kanye noDan Chlorboli ongumQondisi woPhiko wezokumaKetha kwa-Waltons.

I

nkampani yakwa-Waltons ekhengisa amaphepha isijoyine umkhankaso wokulwisana nesihlava sokuzingelwa ngokungemthetho kobhejane. Lokhu kudalulwe emcimbini lapho abakwaMondi nabakwaWaltons bebememezela khona ukuthi bazoxhasa ngemali iEzemvelo KZN Wildlife. Imali abazolekelela ngayo ngezotholakala ngokuthengiswa kweRotatrim Green Line Paper, kanti lo mcimbi ububanjelwe e-Kloof ngenyanga kaMfumfu onyakeni odlule. Izitolo zakwa-Waltons zizophanyeka imidwebo ezoheha amakhasimende abo ukuze azi kabanzi ngesihlava sokubulawa kobhejane futhi ifundise ngezinhlelo zokulwisana nokuzingelwa kwabo. Imali ezotholakala lapho izosetshenziselwa izinhlelo zoqeqesho kanye nezokuvikelwa kobhejane. Abakwa-Waltons bafisa ukudayisa amaphepha akwaMondi amaningi kakhulu ukuze babambe iqhaza elibonakalayo ekulweni nokuzingelwa kobhejane kanye nokulekelela ekuqeqeshweni kwabaqaphi bemvelo. Abakwa-Waltons bawubona

umncane kakhulu umnikelo abazimisele ngokuwufaka ekufuqweni kwezinhlelo zokulwisana nokuzingelwa kobhejane. Ezinyangeni ezimbalwa ezedlule, zikhule ngendlela ebabazekayo izigameko zokuzingelwa kobhejane ezingxenyeni ezahlukene zezwe okubalwa kuzona i-Kwazulu-Natali, i-North West, iLimpompo ngokunjalo neGauteng, okudlange kuzona lo mkhuba. Kubulawe obhejane abangama-200 ngesikhathi kwenzeka lezi zigameko kanti bebetholakala bengasenazimpondo. “Kuzokuba nenqwaba yezinsuku zokuncintisana nyanga zonke ezitolo zakwa-Waltons lapho kuzokhishwa khona umSebenzi odayise amaphepha amaningi kunabanye. Phakathi kwemiklomelo ezohlonyulwa ngozonqoba kukhona neholidi lokuyongcebeleka kwesinye seziqiwi ze-Ezemvelo,” kusho uMike Frozalle onguMqondisi oPhethe kwa-Waltons. U-Obert Mandimutsira oyiNhloko yoPhiko lwezokuThengisa, ukuMaketha kanye neLogistics kwa-Mondi wengeze ngokuthi inkampani yakhe ijabule kakhulu ngokuthola ithuba lokubamba iqhaza kulo mkhan-

9

kaso wokulwisana nokuzingelwa kobhejane. “Ukuzingelwa ngokungemthetho kwalezi zilwane kuyinkinga enkulu. Lo mkhankaso kumele uqale emakhaya kanti umuntu othenga amaphepha uzothola ibhukwana ngaphezulu lokumqwashisa futhi kuzokwenziwa isiqiniseko sokuthi ubamba iqhaza kulo mkhankaso”. UDkt Bandile Mkhize onguMphathi Omkhulu we-Ezemvelo uzwakalise ukukhathazeka ngalezi zigameko kanti ube esethi lokhu kumele kuthinte bonke abantu abathanda imvelo ukuba balwisane nalo mkhuba. “Sidinga osomabhizinisi abaningi ukuba baphonse esivivaneni kulo mkhankaso wokulwisana nokuzingelwa kobhejane,” kusho uDkt Mkhize. Ngesikhathi enza izethulo kulo mcimbi uDkt Mkhize, ubalule ukuthi kutholakale izimpondo zobhejane eziyisi-7 eLimpopo kanti usoMnotho uveze ukuthi zingadayisa itshe lemali eVietnam. Ngonyaka ka-2009 ibe ngu-19 409 imikhombe ebulewe kanti bangu-1 678 obhejane kodwake e-Kruger National Park

izinkomba zithi akubulawanga nowodwa khona ngenxa yokuthi bebeqwashe kakhulu. Phakathi kukaMasingana noMandulo ku2010, kubulawe obhejane abangama-23 KwaZulu-Natali kanye nabangama-82 e-Kruger National Park okuyisibalo esiphezulu kakhulu. UMkhize uphinde wathi kungenzeka ukuthi iNgqungquthela yokuQhamuka namaSu okubhekana nalesi sihlava, ibihanjelwe ngezinye zalezi zigila mkhuba kwazise abebeyingxenye yayo bebengahlungwa. Maningi amathuba okuthi lezi zigebengu zisizwe ngabantu abasebenza ngaphakathi eziqiwini ezinezilwane kanye nalezo ezivikele imvelo. Ngonyaka ka-2010 uwodwa nje kubulawe obhejane ababalelwa ku-220 kanti bekunezinkomba zokuthi kungase kubulawe abanye abangu-112 ungakasongwa u-2010. Izinkomba zithi kuzozingelwa obhejane abangu-1800 ngonyaka okuchaza ukuthi ngu-9% wobhejane abakhona njengamanje ozobulawa.

Conservation, Partnerships & Ecotourism


Umfumfu - Uzibandlela 2010

AbezeMvelo baxhasa abafundi basemaNyuvesi

Umfundi osemncane uThandeka Mthembu (12) waseMaputa Community School emukela isipho kuMphathi oMkhulu wezeMvelo, uDkt Bandile Mkhize.

INkosi Mabhudu Tembe yemukela isheke lesikhwama somfundaze iTembe Traditional Council Bursary kuMphathi oMkhulu, uDkt Bandile Mkhize.

Sizwe sakwaTembe, KwaNgwanase sithole uxhaso kwabezeMvelo KZN Wildlife lokusiza abafundi abafuna ukuyoqhuba izifundo zabo ezikhungweni zemfundo ephakeme. Lolu xhaso lunikezelwe emcimbini obuwenzelwe ehholo leSizwe saKwaTembe ngoLwezi ka-2010. Umnikelo ka-R200 000 okhishwe yi-Ezemvelo KZN Wildlife nge-

kho iNkosi yaqhamuka nale lisu ukuze abafundi bafunde ezikhungweni zemfundo ephakeme babuye bazothuthukisa indawo yakwaTembe. “Lesi kwakuyisifiso sikababa wami uMzimba Tembe osakhothama, ukuba kukhuthalelwe ezemfundo endaweni yakwaTembe,” kusho iNkosi Tembe. Lo mcimbi ubuhanjelwe ngaban-

I

sandla soMphathi Omkhulu uDkt Bandile Mkhize, uzokwelekelela abafundi beSizwe seNkosi uMabhudu Tembe. Lesi sikhwama esaziwa ngeTembe Traditional Council Bursary Scheme, sasungulwa yiNkosi uqobo lwayo kanti sesisize izingane ezevile emashumini amahlanu. Le ndawo intula izinto eziningi eziyingqalasizinda yinga-

tu bemikhakha eminingi nabo abathembise ukufaka isandla esikhwameni. Umfundi osemncane uThandeka Mthembu (12) ofunda u-Grade 6 eMaputa Community School, uhlabe umxhwele izihambeli zalo mcimbi ngenkondlo ayiqambile wayihaya exwayisa abantu ngobungozi bokuzingela izilwane ngokungemthetho. UDkt Mkhize uthembise uThandeka ngokuthi i-Ezemvelo izobhekana nezindleko zokufunda kwakhe kuze kube uyaphothula esikoleni njengoba ekhombise uthando olukhulu lwemvelo. Uphinde wahlomula ngeholidi lokuvakasha nomndeni wakhe ayobona isiqiwi iHluhluwe-iMfolozi Park. Okubuye kwagqama kakhulu ukushesha kokufika kukakhisimusi emindenini entulayo njengoba abezeMvelo benikele ngokudla.

Ingxenye yabafundi abasohlelweni lokuhlomula esikhwameni seTembe Traditional Council Bursary. Abamile uNonhlanhla Mntambo owenza iziqu ze-Bachelor of Art Formative e-University of Zululand, uZanele Mthembu noNtombifuthi Tembe abenza iziqu ze-Bachelor of Education e-University of Zululand, uKhethiwe Gumede owenza iziqu ze-Information Technology e-DUT, uSibusiso Makhanya owenza iziqu ze-Transport Management e University of Zululand, uHloniphile Tembe owenza iziqu ze-Transport and Logistics Management e-University of Zululand, uThandeka Nhlozi owenza iziqu ze-Bachelor of Science e-Wits University, uBanele Biyela owenza iziqu ze-Cost and Management Accounting e-University of Zululand, (kwabaguqile) uThobekile Gumede owenza iziqu ze-Physiotherapy e-University of KwaZulu Natal kanye noThulani Ntuli owenza eze-Bachelor of Commerce e-University of Zululand.

INKANYEZI

10


Official Newsletter

I-EZEMVELO ISAYINE ISIVUMELWANO SOKUPHATHA NGOKUBAMBISANA NEMIPHAKATHI

LUNCONYWE KAKHULU UHLELO LOKWAKHIWA KWEZIBAYA

UDkt Bandile Mkhize onguMphathi oMkhulu wezeMvelo, iNkosi Mabhudu Tembe, iNkosi Mzamo Buthelezi (ofake iyembe elisasibhakabhaka), omele umphakathi waseThala, u-MEC wezoLimo, ezeMvelo nokuThuthukiswa kweMiphakathi yaseMakhaya uNkk Lydia Johnson, iNkosi Bhekumuzi Zulu, u-P.D Mhlaba omele umphakathi waseHluhluwe kanye noClement Mpontshane waseNdumo.

I

-Ezemvelo KZN Wildlife isayine ingqophamlando yesivumelwano sokuphatha iziqiwi ngokubambisana nemiphakathi eyahlukene eyasuswa ngendluzula ngesikhathi kusungulwa iziqiwi. Lesi sivumelwano okungesokuqala phakathi kweziqiwi eziphethwe yi-Ezemvelo namaTrustees amele imiphakathi, sibandakanya iTembe Elephant Park, iNdumo Game Reserve (engxenyeni eseNtshonalanga), iHluhluwe-iMfolozi Park kanye neThala Game Reserve. Umcimbi wokusayinwa kwesivumelwano ubungenyanga kaZibandlela eCentenary Centre phakathi eHluhluwe-iMfolozi Park. Lesi sivumelwano sizonikeza imiphakathi ithuba lokuphatha ngokubambisana ne-Ezemvelo ezinye iziqiwi esiFundazweni saKwaZulu-Natali. Ukusayinwa kwalesi sivumelwano kulandela isibophezelo sikahulumeni sokunxephezela imindeni eyasuswa ezindaweni zayo ngesikhathi kusungulwa iziqiwi. Eminye imindeni isiqalile ukuthola o-R10 000 bezinxephezelo. Lo mcimbi ubuhanjelwe yizicukuthwane eziningi ezahlukene kubandakanya u-MEC wezoLimo, ezeMvelo kanye nokuThuthukiswa kweMiphakathi yaseMa-

khaya uNkk Lydia Johnson namaKhosi abevela emiphakathini engomakhelwane bezindawo ezivikelekile abezozibonela kusayinwa lesi sivumelwano. “Ukongiwa kwemvelo manje sekuguqukile embonweni obekukade kugxile kuwona okungukuphathwa kweziqiwi nezindawo zokongiwa kwemvelo ngezinhloso zezokungcebeleka nokuvikelwa kwezitshalo nempilo yezilwane, kodwa manje sekugxile embonweni wokuthi ukongiwa kwemvelo kuhambisane nokuphathwa kahle kwamagugu emvelo okuqinisekisa ukuvikelwa nokungashabalali kwezinhlobo ngezinhlobo zezinto eziyingxenye yemvelo yethu,” kusho u-MEC uLydia Johnson Ikhuluma egameni lamaKhosi iNkosi Mzamo Buthelezi yaseMbongombongweni, income kakhulu zonke izinhlaka ezibambe iqhaza futhi yagcizelela ukuthi imiphakathi yabo izibophezele ukonga imvelo. UMphathi oMkhulu we-Ezemvelo uDkt Bandile Mkhize, uzwakalise okukhulu ukujabula ebona kusayinwa lesi sivumelwano. Uphinde wagcizelela ukuzibophezela kwe-Ezemvelo ekusebenzeni ngokubambisana nemiphakathi ngenhloso yokusimamisa ukongiwa kwemvelo esiFundazweni.

11

ABASEBENZI bezeMvelo bavakashele imiphakathi ehlomulile ohlelweni lokwakhiwa kwezibaya. Ngenhla nguMphathi Omkhulu uDkt Bandile Mkhize kanye no Khoyo Buthelezi ongomunye wabahlomulile kuloluhlelo

I

-Ezemvelo KZN Wildlife ihlangabezane ngokushesha nezikhalazo zemiphakathi eyakhele iHluhluwe-iMfolozi Park ebikhala ngokuthi izilwane zasendle ezifana nengwe zizingela imfuyo yawo. Ithimba le-Ezemvelo ebeliholwa nguMphathi oMkhulu uDkt Bandile Mkhize, livakashele umndeni waKwaButhelezi owakhe ngaphandle kwesiqiwi ngoLwesithathu lomhla ziyi-15 kuZibandlela ka-2010, ukuthola kuwona ukuthi ngabe lusebenza kahle yini lolu hlelo. UKhoyo Buthelezi ongomunye wamalungu omphakathi ahlomulile ohlelweli lokwakhiwa kwezibaya, uzwakalise okukhulu ukujabula ngabakwenzelwe yi-Ezemvelo. “Isibaya sivikeleke kahle kakhulu kanti manje imfuyo yethu isiphephile. Selokhu ngakhelwa lesi sibaya, kayikho neyodwa imfuyo yami esike yadliwa yizilwane ezizingelayo. Yize kunjalo, kodwa ngisakhala ngokuthi i-Ezemvelo ayikaze isinxephezele ngokudliwa kwemfuyo yethu,” kusho uButhelezi. Uqhube ngokucela i-Ezemvelo ukuba imhlinzeke ngocingo lokubiya isivande sakhe, abesisebenzisa ukondla umndeni wakhe. UDkt Mkhize ujabule kakhulu ezwa ukuthi uhlelo lokwakha izibaya luthela izithelo ezinhle. “Ngiyajabula Shenge ngoba manje imfuyo yakho isivikelekile. Kuseqhulwini kithina njenge-Ezemvelo ukusebenzisana nemiphakathi eyakhele iziqiwi zethu. Odabeni locingo, ngiphakamisa ukuba uxhumane neNgonyama Trust Board ukuze uthole ukucaciseleka kahle kanye nosizo. Kodwa-ke kumele uqale eNkosini yakho okuyiyona ezocela iBhodi ukuba ibiye isivande sakho. Ibhodi ivele ilinde izicelo zalolo hlobo, ngakho-ke kumele ulisebenzise leli thuba,” kusho uMkhize. Ucingo lwezibaya lucije ngokwanele ukugwema ukuthi izilwane ezizingelayo zingene ngaphakathi futhi lude kakhulu, okuyizinkomba zokuthi luvikelekile. UMkhize ugcizelele ukuthi i-Ezemvelo izoqhubeka nalolu hlelo ukuqinisekisa ukuthi imfuyo iphephile ezilwaneni ezizingelayo.

Conservation, Partnerships & Ecotourism


Umfumfu - Uzibandlela 2010

BAVUNA IZITHELO ZEMALI YESIVIVANE SOMPHAKATHI Umphakathi waseMbongombongweni eLouwsberg ngaphansi kweNkosi Mzamo Buthelezi uhlomule ngeloli elingamathani ali-10 elibiza u-R950 000 livela kwabeEzemvelo KZN Wildlife ohlelweni lweMali yesiVivane soMphakathi etholakale eThala Game Reserve. Ngaphezu kwaleli loli, lo mphakathi uphinde wagixabezwa ngo-R728 869.00 obekelwe umshwayilensi, izindleko zebhizinisi kanye nokukhokhela umshayeli weloli. Leli loli lizophucula impilo emphakathini njengoba ukhahlanyezwe yindlala kanye nokushoda kwemisebenzi. INkosi uMzamo Buthelezi kanye no Dkt Bandile Mkhize

US’phelele Luthuli oyiMenenja yoPhiko lwezokuKhangisa kwa-Ezemvelo noMphathi siTeshi woKhozi FM uBonga Mpanza ngesikhathi uKhozi lusakaza bukhoma eMlalazi Nature Reserve U-Lance Corporal-Lindani Gebashe, u-Lance Corporal-Jabulani Nkwanyana (obaqwaqwade emakhanda), uMphathi oMkhuluuDkt Bandile Mkhize, uMqaphi weMvelo-uJabulani Ntombela kanye noVelenkosini Ntombela onguMqaphi weMvelo emcimbini wokuklonyeliswa kwabaQaphi beMvelo eHluhluwe-iMfolozi Park

US’busiso Myeni (wezeMvelo), uMroza Buthelezi (woKhozi FM) noVusumuzi Buthelezi (wezeMvelo) ngesikhathi uKhozi lusakaza bukhoma eMlalazi

Bekungekho ukuphumula kubasebenzi basoGwini (iThimba laseMlalazi) ngesikhathi samaholidi kaKhisimuzi. Ithimba le-WFTC belisebenza kanzima likhuculula imfucuza endaweni obekubanjelwe kuyona umkhankaso libambisene noDkt Bandile Mkhize obevakashe eMlalazi lapho bekusakaza khona bukhoma uKhozi FM, obekuhloswe ngakho ukugqugquzela izivakashi ukuhambela eMlalazi Nature Reserve.

INKANYEZI

12


Turn static files into dynamic content formats.

Create a flipbook
Issuu converts static files into: digital portfolios, online yearbooks, online catalogs, digital photo albums and more. Sign up and create your flipbook.