Inkanyesi Zulu July Sept 11

Page 1

July - September 2011

Official Newsletter Ezemvelo KZN Wildlife

SABALALISA UMQONDO WAKHO

UNCAMELE UKUNDIZA UKUZE AHLENGE IMPILO YOBHEJANE

U

SHARON Ilett wezeMvelo KZN Wildlife uncamele ukundiza emoyeni SIBUYISELA ngenhloso yokuqongelela EMPHAKATHINI imali ezosetshenziselwa ukulwa nesihlava sokubulawa kobhejane. USharon ubambe iqhaza kulolu hlelo nezinjulalwazi kwezokongiwa kwemvelo, uJabulani Ngubane, u-Paul Cryer, u-Andrew LADUMA Zaloumis onguMphathi oMkhulu weSimangaliso Wetland Park, abasebenzi abangu-20 be-African Conservation Trust kanye namalungu athile omABE-ROOTS phakathi. BAVAKASHELA “Intshisekelo yami yokulEZEMVELO wa nokuzingelwa kobhejane iholele ekutheni nginqume ukuphuma ebhanoyini lisemoyeni ukuze ngiqwashise umphakathi futhi ngisize ekuqongeleleni imali ezosetshenziselwa ukuvikela lezi zilwane. Isizathu esi m q o k a a EKZN branded Jacket! kakhulu esingenze ngathaSee page 11 tha lesi sin-

WIN

qumo, wukubona uthando lobhejane indodana yami ebinalo ngaphambi kokuba idlule emhlabeni. Uqale ukuthanda lezi zilwane eneminyaka engu-5 ezibona e-Queen Elizabeth Park. Ngaleso sikhathi besinobhejane abancane ababili ebesibahlanza futhi sibanikeza nokudla, sigadwe wungcweti wokunakekelwa kwabo, kwaze kwaba kufika isikhathi sokuthi basuswe e-QEP,” kusho yena. Emasontweni angu-10 nje kuphela, amavolontiya angu-40 aqongelele u-R180 000, kanti lokhu bekungeke kube yimpumelelo ukuba bebengekho ongcweti bokuvikelwa kobhejane kanye nabe-African Conservation Trust okuyibona abawumgogodla womkhankaso obizwa ngele-“Save the rhino & skydive Campain”. USharon unxenxe nabomkhakha wezokuvakasha i-FEDHASA ukubamba iqhaza kulolu hlelo kanti banikele ngo-R5000 kwiAfrican Conservation Trust emcimbini obuse-Coastlands, eMhlanga Rocks. Le mali izosiza kakhulu ekuthengeni izinsizakusebenza zokulwisana

nokuzingelwa kobhejane nokuzulazula ezindaweni ezinobhejane ngokunjalo nokulekelela ngezinsiza- kusebenza zebhanoyi elisebenza ukuqapha lezi zilwane. Ngokuka-Sharon, lolu hlelo lumqoka kakhulu kanti uzokwenza konke okusemandleni ukuze luqhubekele phambili. Okubuhlungu nje yikhona ukuthi ukuzingelwa kobhejane kusadla lubi kuleli, kanti umkhankaso wokulwa nalo mkhuba usazoqhubeka. Qaphela: USharon usekhulume kaningi ngohlelo lukazwelonke lwe-“Skydive for Rhino” luka-2012 oluzobanjelwa ezifundazweni ezahlukene zakuleli nasemazweni aphesheya kwezilwandle. Kumanje abe-African Conservation Trust bamatasa bahlela uhlelo olusha lwesifundazwe olubizwa nge-Project Rhino KZN kanti bazama ukunxenxa umphakathi, abamabhizinisi azimele nama-NGO abhekele ukuvikelwa kobhejane ukuba yingxenye yalo ukuze kuqwashiswe abantu ngalo mkhuba futhi kuqongelelwe imali yokubhekana ngqo nawo.


Turn static files into dynamic content formats.

Create a flipbook
Issuu converts static files into: digital portfolios, online yearbooks, online catalogs, digital photo albums and more. Sign up and create your flipbook.