Lembula Ingubo Lingene

Page 1

Lembula Ingubo Lingene Kusendaweni

yaseMahhukwini

engaphansi

kwesizwe

sabaNtungwakholwa

eMnambithi. Le ndawo ivamise ukuhlaselwa wubugebengu obunzima ngendlela exakayo uma sekusondele izikhathi zePhasika (March/April) kanye nangezikhathi zamaholide kaNcibijane. Into esuke isematheni ngalezi zikhathi ukulahleka kwemfuyo. Into ekhungatha umphakathi kulendawo wukuthi, yize ilahleka ngapha nangapha imfuyo yabo kodwa akekho oke aphume esidlangalaleni athi ‘izinkomo zami zintshontshwe nguSibanibani.’ Kodwa ngaso sonke isikhathi abalahlekelwe bahlale bethi ‘Imfuyo yami ilahlekile ngisola uSibanibani.’ Uma unegazana elithi malibe libana igama lakho kuhlezi kudlalwa kulo. Namuhla ziyishumi izinsuku kuZibandlela, lana kukwaMaMkhize kwaXulu isibongo, uMaMkhize uhlala nomzukulwana wakhe uSiyanda ophothule izifundo zakhe zikaMatikuletsheni

ngonyaka

ofile

eMagwababa.

USiyanda

akakwazanga

ukuqhubeka nezifundo zakhe abenephupho lokuyozenza eNyuvesi yaKwaZulu (UNIZUL) ngenxa yezezimali, kodwa amaphuzu abemuvumela ukuthi azenze izifundo zokuba nguSonhlalakahle, kwazise uyazifela ngalomkhakha. UMaMkhize usegugile impela ngoba usesebenzisa udondolo ngisho ehamba, kanti futhi akasakwazi nokushesha. Kusemini bebade ilanga linsizwa likhipha umkhovu etsheni uMaMkhize uzihlalele phansi kwesihlahla okulokhu kuheleza umoya opholile kuso, uzilukela amacansi, osekuyiwona asizayo kuleli khaya ukuthi imbiza igcine ifike eziko, kwazise uMaMkhize wanqatshelwa impesheni ngezizathu ezingaziwanga yize iminyaka ikhomba ukuthi kumele engabe waqala ukuyitamuza eminyakeni eyishumi nanye eyadlulayo. Intombi endala iluka lamacansi ayivalile emlonyeni; ikhuluma yodwa yize kudlala umdlalo womoya emsakazweni. Kuyazicacela nje ukuthi lento ayikhulumayo ayiwuphethe kahle umphefumulo wakhe. “Hhayi ngeke, angimbize u-Ayanda phela lendaba akuyona eyami, ngeyakhe. Uma izolokhu ihlukumeza mina ngedwa ngeke kulunge.” kubalisa ukhulu kaSiyanda. “WeSiya-nda! Siyanda! WeSiya-ndo!” lowo nguMaMkhize ehoshoza ememeza. “Akobe sekuphinde kwahamba lokhu nalomnganyana wako onguKhangelani.” Kuqhuba intombi endala izithamundela yodwa. Ukhulu kaSiyanda ukhuluma


Turn static files into dynamic content formats.

Create a flipbook
Issuu converts static files into: digital portfolios, online yearbooks, online catalogs, digital photo albums and more. Sign up and create your flipbook.