Uthando lwezandla

Page 1

Uthando Lwezandla Indawo kuseNtanzini kusadliwa ngoludala njengoba nentuthuko isagqozile nje. INtanzini lena yakhelene nendawo yaseZanyana, yona esithuthuke ngendlela eyisimanga uma uyiqhathanisa neNtanzini nje ivele ibe idolobha uqobo. INtanzini yonkana ishaqekile ngenxa yokushona ubuthaphuthaphu kwamadodana endawo; amanye

ngokubulawa

KukwaKubheka

amanye

isibongo,

ngokuzibulala

bekukuthangi

kodwa

uSandile

isizathu

ethe

bunyalala

kasaziwa. ngesisu

okhukhweni ngaphansi kwethunzi lendlu, elokhu ejike nalo kusukela ekuseni njengoba bese liyoshona nje. Lento kaSandile yokuzungeza ithunzi lendlu ibisiqhubeke isikhathi esiyisigamu sonyaka, emva kokuba besekuphele iminyaka eyisithupha engaziwa kubo, kanye nemali abeyisebenza. Bese begcina ngakho nje ukuxhumana ezingcingweni nakhona kuyibona abamfonelayo. Kwesinye isikhathi ubengatholakali kwakhona ocingweni lapho. Into ekade imangaza umndeni wakwaKubheka wukuthi uSandile ubehlala khona lana eNtanzini kodwa indlela abese bemufunga ngayo kubo bekungathi useGoli noma eKapa. Ngokwenkolo yethu thina ma-Afrika sikholelwa ekutheni umuntu wesifazane uyagana, ahambe ayohlala kubo kamkhwenyane abize nesibongo sakhona ngokunjalo. Kodwa okukaSandile kuvele kwahluka nje, phela ubethandana neqhalaqhala lephofukazi lentombi yakhona lana endaweni, uZinhle Shwabade. Le ntokazi wayikhuleliswa isafunda isikole yamtholela indodana abayiqamba bathi nguJabulani.

Emuva

kokukhulelwa,

uZinhle

akabange

esabuyela

esikoleni,

kunalokho wavele wazihlalela phansi wajoyina udadewabo naye owakhulelwa esesesikoleni wase eyeka akangabuyela ukuyoqhubeka. UZinhle wayesekhathulile nokho ngoba wayesesebangeni leshumi nanye. Uthando lwabo lwaluluhle kakhulu luhlobe kuhle kwembali ehlobo, behlale bezihambela bobabili emicimbini, emadilini, ngisho nasemaceceni. Babehlale bezihambela bobabili nje, wawusuke uneshwa elidinga isiguqo uma uthe usemcimbini wathola ukuthi uZinhle uzihambela yedwa okanye uSandile ohamba yedwa ngoba babehlale bebobabili kuhle kwamajuba. Emuva kweminyaka emithathu uJabulani ezelwe, uZinhle waphinde waba muhle futhi nokuyilapho bathola khona indodakazi, abayiqamba bathi nguZimbili. USandile ubezisebenzela ehhotela elidumile edolobheni lakulendawo (e-Sunderland Hotel),


Turn static files into dynamic content formats.

Create a flipbook
Issuu converts static files into: digital portfolios, online yearbooks, online catalogs, digital photo albums and more. Sign up and create your flipbook.