WWW.MFANAKITHIWRITES.CO.ZA ISIFUNGO Mina Ntokozo Edward Mpho Ndlovu ngiyafunga futhi ngiyaqinisa ukuthi leli khasi lesizindalwazi www.mfanakithiwrites.co.za ngelami kusukela namuhla kuyoze kube sekugcineni mhla mgilifulathela leli lakwaMthaniya. Iqhaza elingabanjwa ukucikoza ngosiba kukhuthaza ukuzwana nokuqhakambisa ubuciko bomlomo nokuvuselela ubuntu phakathi kwezinhlanga ezahlukene ikakhulukazi intsha eMzansi Afrika. Ngumsebenzi wami engizisungulele wona nokuthi imithombo engicobelele kuyo ulwazi ngiyidalule ngokuthi ngiyibhale kulelikhasi. AMAZWI OKUBONGA Umsebenzi wokuthi ngivule lelikhasi awubanga ngolula nhlobo. Nokho ukuphumelela nokuphothuleka kwawo kube ngenxa yeqhaza labantu abahlukahlukene ababe nesandla sokungifukula ngezindlela ezahlukene. Kungalokho kuyisifiso sami ukuba ngithathe leli thuba ngizwakalise ukubonga kwami kubo bonke ngithi, ngiswele imilomo eyizinkulungwane, ningadinwa nangomuso. Kubo bonke ngithanda ukuqala ngokubonga I First Born Distribution Publishing company , ngokungisiza ngishicilele incwadi yasekhaya yokuqala, Matsimane and his people. Hector Kunene, Ngithi Mtimande ngiyabonga ukuba ngumluleki wami kusukela ekuqaleni kuze kuba siyayishicilela incwadi yabantu bakithi. Ngibonge isineke obenaso kanye ne(Graphic Designer) yakho enibanaso sokuhlanganisa lomsebenzi uze ube yilokhu oyikho emva kokuba ngibuye nayo emahlangeni lapho bengiyokwethekela khona unhlakanhlaka. Ukukhuthala kwenu nicubungula, nihlola lomsebenzi ngehlo lokhozi ningicathulisa futhi nikhombisa ukungikhathalela kwenza ngingawuvali umlomo. Kuliqiniso ukuthi kuba mnyama kakhulu uma sekuzosa njengalokhu name bese ngizwa sengathi sewunzima kakhulu lo mqansa nokungenwa yitola kodwa ngesineke enibenaso no mfoka Shabalala ngazibona sengidundubala, saye sayiphetha le mbenge. Sengathi umoya wobuntu nokusizana bewungakhuthazeka esizweni njengoba nenzile bafwethu. Ngiphinde ngizwakalise ukubonga okukhulu ngeqhaza elibanjwe ngumndeni kaMatsimane, Ndlovu, Motloung, Mkhulu “RG” Ndlovu, Ntate Mathu Ndlovu, MmeMaKhanyile Ndlovu, Ntate Dumisani Ndlovu, Sistaz Lungile Ndlovu, Nkkz M. Kelefetswe, Rev Ngethembi Ndlovu, Dumisani Nyangayensimbi kaMemela. Ngibonga isineke ababenaso, ukungigqugquzela kanye nokuphonsa esivivaneni salo mshikashika, ngithi nime njalo boMatsimane. Di kokonyane tse tla ja lona di tla bola melomo. Ngithi izintuthwane ezodla nina ziyobola imilomo. Ngibonge intombi engizalayo uNgethembi MaMlotshwa Ndlovu ngokungifundisa ukwesaba uMvelinqangi njengokuhlakanipha nokungikhulisa ngokwazi ukuthui izimpilo zethu zisingethwe nguye kanye nezidalwa zakwaMlotshwa, oZitha, oNtumbeza, Bhadabhada cabuzela onyawo zincane zingaba nkulu zifuz’ekhabonina. Ngibongaukungilekelela kwakhe ekwenzeni lo msebenzi ube yimpumelelo, wanikela ngesikhathi sonke ukuqwebula inkungu yokungazi ngakhanyiseleka ukuthi impela umuntu wesilisa ophumelelayo yilowo ophaswe ngumuntu wesifazane okhaliphileyo. Ngibonga ngokungazenzisi ntombi endala eyakhetha ukuzogane kwaNdlovu.
Ngiyobe ngiyabhimba ngingezwakalisi ukubonga kwami kumfoka Miya, Gcwanini, Mabhincel’ehlangeni amanye amadoda ebhincel’ezindlini, kuningi engiseza nakho engizodinga ukuthi uhlanganise ulwazi lwakho kusukela manje kuze kuyofika lapho luphethwa khona. Kungakho mgingeke mgikwazi ukukubalula okunye engisafisa sikwenze sizoweqa lomfula uma sesifike kuwona. Skhaban’esakhab’uvezi ngezinyawo, salakulandelwa esilandeliswa zintombi kuphela. Mzizi, Gogela, Sonkosi. Ume nje! Ngibonga kubo bonke abantu engixoxenabo ukucoshela nokwethekela ulwazi engisazolubhala kulelikhasi. Lelikhasi bekungeke lube lutho ngaphandle kolwazi lwabo nemizwa yabo. Kunina nonke ngithi unwele olude. Asifundeni ngobuciko bokudlala ngenkotha. Ngithi nime njalo nje imisebenzi yenu iyonilandela. Okokugcina, ngithanda ukubonga Umvelinqangi kanye namathongo akithi angihlengile ngaze ngakwazi ukufinyelela kuleli zinga engikulo manje. ISINGENISO Igama lalelikhasi lithi; “mfanakithiwrites” umfanakithi uyacikoza, thula ulalele…… “Umgqomo odlala amashangane, ipheph’eling’xabanisa nolova kodwa nam’hlanje angeke lik’phinde lokho. Ubukwlikwlikwli umsindo wosiba ozwakele entabeni zase Mpendle kwelikaMthaniya uye wayonanela kuma Congolese eGoma/Pinga. Aksante sana. Sina udedelane mfoka Matsimane noMsholozi kwelikhulu iphephabhuku lombutho wezokuvikela emzansi, Niwuzwile umbhongo weNdlovu ebovu yaseNzinga ecikoza ngosiba ubusuku nemini ayidli mabele, iphuza itiye lase Uruguay (Mate), Inyoni kayiphumuli, iyophumula mhla isekwelibandayo, Mgodi kawugcwali uyogcwala mhla edliwa zintuthwane nazo ezobola imilomo. Umadela umjojantaba wakoMatsimane othathe usiba ngoba lona alunajele. Awu suka nini madoda gqabashiya ngosiba Ntokozo “ Ngaphambi kokuba ngigxile ekhasini kubalulekile ukuthi ngichaze kafishane amagama akhe izibongelo zami, lenkondlo ichaza uchungechunge lwezehlakalo ezedlule empillweni yami njengombhali. Ngasohlangothini lwezibongo wonke umuntu angakwazi ukuthola izibongo ngenxa yokuhlabana, ukwenza kahle noma mhlawumbe ngenxa yokuphatha kahle noma kabi abantu. Leligama izibongo lisuselwa ebuningini. Ubunye baleli gama isibongo okungaba sakwa Ndlovu noma esinye sezibongo esingethulwa. Ngokocwaningo kuvela ukuthi ngokomlando isibongo saqala ngokuthi kuqanjwe kube igama lalowo muntu oyedwa njengalesibonelo esenziwe ngenhla sakwaNdlovu. Lelo gama laguqulwa ukuhamba kwesikhathi labe selisebenza njengesibongo somndeni. Kuloluhlangothi ke ngizogxila ezibongweni zami ezisuselwa ezintweni ezithize ezithinta
imvelo noma izenzo ezithinta ngqo mina siqu sami. Kwenzekile ke kwagcina sezihlelekile ngobunkondlo njengoba ubona ziqukethe izitanza, izifengqo njalo njalo. (Poetry reveals the past events that have happened because of the selected languages used and arranged answers, sound as well as rhythm) HLAZIYA. Umgqomo odlala amashangane = inamba eyingqayizivele emaphepheni, (isithupha, nesishagalolunye) Iphepha eling’xabanisa nolova kodwa nam’hlanje angeke likuphinde lokho= Ngikhuluma ngemali yamaphepha noma emadayiseni. Ubukwlikwlikwli umsindo wosiba ozwakele entabeni zaseMpendle kwelikaMthaniya uye wayonanela kuma Congolese eGoma nasePinga, Aksante sana= Imizwa yemibhalo esihambe yaze yafika eCongo. Sina udedelane mfoka Matsimane noMsholozi = la kukhulunywa ngokushintshisana ekubeni ngaphambili ebhukwini lomkhosi wezokuvikela. Niwuzwile umbhongo weNdlovu ebovu yaseNzinga ecikoza ngosiba ubusuku nemini ayidli mabele iphuza itiye lase Uruguay (Mate)= (igalofu) Imoto yasekhaya ebomvu ayiphumuli iyaguruza, angilali umsebenzi ungakapheli ngiphuza itiye lasemazweni akube kusadleka ngendlela engisuke ngizimisele ngayo ukufeza izifiso zami. Inyoni kayiphumuli, iyophumula mhla isekwelibandayo= la kusuke kukhulunywa ngalenyoni ebizwa ngenyoni yezimanga. ……ephumula mhla isifile. Umadela umjojantaba wakoMatsimane othathe usiba ngoba lona alunajele = la kusuke kukhulunywa ngesosha lomkhosi okwaziwa ukuthi lishaya isibhamu kodwa ngakhetha ukubadubula ngepeni nephepha ngoba akunasijeziso njengokubulala. Gqabashiya ngosiba Ntokozo = Thula ubunjalo bakho Ntokozo, ubuhlakani nobuchule bakho ngepeni nephepha.
ISANDULELA UHulumeni wentando yabantu waseNingizimu Afrika nokunguye obusayo namuhla. Wafika noMthethosisekelo weNingizimu Afrika 1996 okungumthetho 108 we 1996, isahluko sesibiliesikhuluma ngoMqulu wamaLungelo isigaba sama 31(1) lapho uphawula khona ngokuthi “Abantu abangamalungu emiphakathi enamasiko, izinkolo noma izilimi ezithile kufanele bangaphucwa ilungelo, Kanye namanye amalungu emiphakathi yabo , (a) Ukuthokozela amasiko abo, ukuqhuba inkolo yabo nokusebenzisa ulimi lwabo, futhi, (b) bakhe bajoyine futhi bagcine izinhlangano zamasiko, zenkolo Kanye nezilimi zazo ngenkululeko”. Izihloko zami kulelikhasi lesizindalwazi luzogxila eqhazeni elingabanjwa ubuciko bokucikoza ngosiba ekukhuthazeni ukuzwana nokubhala izincwadi eMzansi Afrika. Ngizogxila ekubhaleni izincwadi, ukucikoza ngosiba, izinkondlo, ubuciko bomlomo, ukucathula uconge engizobe ngibheke kona
kakhulu okuyikhona la ngibona khona ukuthi isizwesethu thina bantu abansundu asikuqhakambisi ukubhala. Kulelikhasi kuzoxoxwa ngeqhaza elingabanjwa intsha ekuqhakambiseni nasekuthuthukisweni ukubaluleka kokubhala. Kulelikhasi lizophinda liveze izindlela zokuziphatha okwamukelekile emphakathini sizogxila kakhulu kubantu abasha nokuyibona ababukeka bedlebeleke kakhulu nabalahlekelwe ngumuzwa wokuziqhayisa ngobuzwe nangesiko. Ukulahlekelwa lulimi lwakho kusho ukulahlekelwa lisiko lakho nokulahlekelwa yindlela yokuphila nokuphilisana okwamukelekile emphakathini. Leli khasi lihlose ukuthi libuyise isithunzi nalowo muntu emva kokuhamba kwesikhathi. Ngizohlahlela kabanzi amagama azobumba izihloko, ngenhloso yokuveza ukubaluleka kwalesizindalwazi. “Akudlulwa ngendlela indlu yakhiwa� Lesi isimo sokukhuluma esiyisisho esiqhukethe umqondo wokulekelela ngokufaka isandla lapho kwakhiwa khona. Lesisisho sisuselwa lapho kusuke kuthungwa noma kuphicwa indlu yesiZulu ngokuhlanganisa izintungo ukwakha ubonda noma notshani bokufulela. Indlu lapho seyiphethiwe kayibi lusizo kumnikazi kuphela, kepha iba lusizo esizwenni sonke ngezindlela ezahlukene. Ukubamba Iqhaza Kulelikhasi lesizindalwazi mfanakithiwrites, indlu eyakhiwayo ngeyokuqhakambisa ukubhala izincwadi, izinkondlo, sicathulisane siconge ngosiba. Lelikhasi liphonsa ubuciko esivivaneni sentshumayelo yokuzwana nokuthi sikwazi ukuqhakambisa iqhaza elidlalwa ubuciko bomlomo ekwakheni isizwe saseNingizimu Afrika ukuba sibe yisizwe esihlangene futhi esizaziyo ukuthi siphuma kuphi futhi siyakuphi. Ukucikoza ngosiba kuyingxenye esemqoka yempilo yezwe nokuyiyona eqhakambisa nekhulisa yonke inkululeko yethu. Lesisizindalwazi sikubeka kucace bha ukuthi isiko lokucokoza ngosiba nangokomlomo akufanele lisetshenziswe njengesikhali sokuhlambalaza noma yokubukela phansi abanye abantu. Ubuciko Kuzona zonke izindlela zobuciko ezifana nokubhala, imidlalo yeshashalazi, umculo, ubuciko obubonakalayo, imisebenzi yezandla, imisebenzi ebhaliwe Kanye nedluliswa ngomlomo, konke okusebenza njengekhono lokusungula komuntu ngamunye noma ngokuhlanganyela Kanye nokudlulisa umyalezo ngohlobo lokudlala, ngokwenza, ngokwethula, ngokombukiso, ngokuthumela Kanye nokufunda . Kulelikhasi lesizindalwazi sishumayeza ivangeli lesiko lobuciko. Sizobhala ngolwazi ngokuthinta imvelo, injulalwazi ngomhlaba nezulu, usikompilo nezinkambiso, amagugu, imithetho Kanye nokunye okuningi.
IZINHLOSO ZALELIKHASI LESIZINDALWAZI Ukwenziwa kwaleli khasi kuncike kakhulu kulezi zinhloso ezilandelayo nokuyizona ezenze ngasukuma ngaqala ukwenza leli khasi. Ukuthola izindlela ezingaqhakambisa ubuciko phakathi kwentsha nakubantu baseNingizimu Afrika. Ukuthola izindlela zokuvuselela ukusetshenziswa kolimi lwesiZulu. Ukuzama ukuvuselela Ubuntu ngokusebenzisa ubuciko nendabuko yethu. Ukuthuthukisa izilimi zabomdabu. Ukuveza ukubaluleka womsebenzi obhaliwe eNingizimu Afrika. Ukuveza izizathu ezivimba intsha ukuthi ibhale iyeke umabonakude. Ukuveza ukubaluleka kokuthi sizibhalele thina bantu imilando yethu. Ukuzinika ithuba eliyimvela kancane lokuthuthukisa ulwazi lwethu.
IMIBUZO OKULINDELEKE IPHENDULEKE KULELIKHASI LESIZINDALWAZI Kulelisizindalwazi sokuxhumana somhlaba jikelele kumele kuphenduleke le mibuzo elandelayo nokuyiyona eyingqikithi nomongo walelekhasi. Lokho kukhombisa ukuthi ulwazi olucoshelwe lube ngoluhambisanayo nesandulela futhi noluphendula imibuzo equkethwe izinhloso zalelikhasi. 1) Yiliphi iqhaza elingabanjwa ubuciko bokubhala, nokucikoza ngosiba nasekukhuthazeni ukuthi abantu bakithi babhale ngolimi lomdabu? 2) Kungavuselelwa kanjani ukuziqhayisa ngesiko lokubhala ezingqondweni zentsha yanamuhla? 3) Ubuciko nesiko lokubhala kungabahlanganisa kanjani abantu Kanye nezinhlanga ezahlukene eNingiimu Afrika.? 4) Kungavuselelwa kanjani ukusetshenziswa nokukhuthaza izindlela zobuciko ezifana nokubhala, imidlalo yeshashalazi, umculo, ubuciko obubonakalayo, imisebenzi yezandla, imisebenzi ebhaliwe Kanye nedluliswa ngomlomo, konke okusebenza njengekhono lokusungula komuntu ngamunye noma ngokuhlanganyela Kanye nokudlulisa umyalezo ngohlobo lokudlala, ngokwenza, ngokwethula, ngokombukiso, ngokuthumela Kanye nokufunda kwintsha yanamuhla? 5) Ingabe ikhona yini enye indlela esingayisebenzisa ekugqugquzeleni intsha ukuthi icikoze ngosiba?
IZINKINGA ENGIHLANGABEZANA NAZO NJENGOMBHALI OSEMNCANE Awukho umsebenzi walolu hlobo ongenazo izingqinamba uma wenziwa. Ezinye zalezi zingqinamba zenza abanye ababhali bagcine sebesele endleleni bangawuqedi umsebenzi wabo. Nami zibekhona izinkinga ebezingidikibalisa ngenkathi ngenza lomsebenzi wokubhala uMatsimane and His people, kodwa ngiye ngaqinisela ngalenza uphenyo lwami ngaze ngafika emaphethelweni. Engikufundile ukuthi umuntu uma ebhala uyasidinga isikhathi esanele esidingwa wubungako bomsebenzi wokubhala incwadi ngendabuko yakhe ngoba kumele uhambe ngempela uvakashela imindeni , uzophinde futhi uthole izalukazi namakhehla, uthole ukuthi sebekukhohliwe okunye okudingayo. Ukungatholakali kwabantu okusuke kuzothekelwa kubo ulwazi ngemibuzo kungenye yezinkinga engihamba ngihlangabezana nayo. Kwesinye isikhathi ngifika ngesikhathi ebesivumelene ngaso nomuntu engizothekelwa kuye ulwazi umthole ematasatasa yimisebenzi yakhe, ngigcine ngingalutholanga usizo. Lokhu obekwenzeka bekungiphula ngempela umoya, ngizizwe ngidikibala ngenxa yokuthi iningi labantu engixoxisane nabo kungabantu abasebenzayo, kwesinye isikhathi izingxoxo bezihlelelwa ezindaweni abasebenzela kuzona. Bekwenzeka umuntu engizothekela kuyena ulwazi aphoqeleke ukuphendula umakhalekhukhwini isikhathi eside ngokuphathelene nalomsebenzi walencwadi. Ngaleyondlela kube nokuphazamiseka kohlelo lwengxoxo nokukhinyabeza isimo sengxoxo uqobo lwaso. Ukungatholakali kwezincwadi ezanele ezibhaliwe ngendabuko yemindeni eyahlukeneeNingizimu Afrika, eziqhukethe ulwazi Kanye ne ndlela yokubhala, ngenye inking njengombhali engihlangabezane nayo. UKUHLELEKA KWEZAHLUKO NEZIKUQHUKETHE Lesi sihlokwana siphawula ngamafuphi ukulandelana kwezahluko Kanye nalokho okuqukethwe yileso naleso sahluko salelikhasi. ISAHLUKO SOKUQALA Lesi sahluko siqukethe isethulo njengombhali walelikhasi. Kuso lesi sahluko yilapho njengombhali ngiveza khona izinhloso zalelikhasi lesizindalwazi, isidingo salelikhasi, injulalwazi (Methodology) engisebenzele phezu kwayo, imibuzo okulindeleke iphenduleke, izinkinga engihlangabezane nazo, ukuhleleka kwezahluko nezikuqukethe. ISAHLUKO SESIBILI Lesi sahluko yilapho ngizokwethula lonke ulwazi ngokubaluleka kwendabuko yakho.