Hall of Growth - Royal Show 2 1 -
Hall of Growth Supplement May 2010
2010 HALL OF GROWTH…INIKEZA ISITHOMBE NGOMKHAKHA WEZEMISEBENZI YEZANDLA EKWAZULU-NATALI
U
mbukiso wosomabhizinisi nabahwebi abasakhula obizwa ngeHholo Lentuthuko owenziwe uMnyango Wezokuthuthukiswa Komnotho Nezekuvakasha eRoyal Agricultural Show, awulona nje ibhuloho elixhumanisa umkhakha wosomabhizinisi abasafufusa nalabo asebezimele kwezomnotho ezweni lethu. Lo mbukiso usikhombisa ukuthi kanti ungakanani umsebenzi owenziwa osomabhizinisi abancane kulesi sifundazwe kanye nokuthi iziphi izinyathelo esezithathiwe ukusiza labosomabhizinisi ukuthi basebenze ngempumelelo. Uma ungena nje kuleli hholo uhlangabezwa ubuhle bomsebenzi obabazekayo. Uma uxoxa nabahwebi abakhangisa ngezimpahla zabo uzwa izindaba ezikushiya ubambe ongezansi. Uphuma
uzishaya isifuba emva kokuvuleka amehlo ngamakhono okukhiqiza umsebenzi wezandla akulesi sifundazwe. Ngesikhathi evula lelihholo, uNgqongqoshe Wezezimali uNkskz Ina Cronje wathi kubaluleke kakhulu ukuthi labahwebi abasafufusa bafune, bathole amathuba okuzithuthukisa ukuze bagcine sebebamba iqhaza emnothweni wezwe. Wathi ukuphumelela kwalaba osomabhizinisi kuncike ekubambisaneni kwahulumeni kanye nabezamabhizinisi amakhulu. “Ukuvulwa kwe KZN Hall of Growth Exhibition kukhombisa ukuthi zibe yimpumelelo izinhlelo zokubambisana nokulekelelana esizisungulile ngenhloso yokuthuthukisa abahwebi abasakhula kwisifundazwe saKwaZuluNatali.
“Imifelandawonye eyishumi kanye nosomabhizinisi abasafufusa abayishumi nantathu bazokhangisa ngemisebenzi yabo kulelihholo. Asingabazi nakancane ukuthi lokhu kuzobavulela amathuba ukuze bakwazi ukukhulisa amabhizinisi abo bavule namathuba omsebenzi adingeka kakhulu”, kusho uCronje. Lelihholo lentuthuko liwumphumela wokusebenza ngokubambisana phakathi kweNhlangano Yosomabhizinisi BaseMgungundlovu (PCB) kanye noMnyango Wezokuthuthukiswa Komnotho Nezokuvakasha. UNkskz Cronje uthe lombukiso walonyaka ungomunye wevelele kakhulu nakhu phela nomqhudelwano wendebe yebhola lomhlaba ka2010 ususemnyango. “Mphathi wohlelo, njengoba sazi sonke ukuthi lombukiso uvelele
kakhulu ngoba wenzeka ngesikhathi izwe lethu lithakasele futhi libambe umoya lilindele esingakubiza ngeminye yemizuzu esingayobuye siyikhohlwe ezimpilweni zethu, umqhudelwano wonyaka ka 2010 wendebe yomhlaba. Asinanazi ukuthi kothi uma sekufike isikhathi, siyokwenza njengezikhathi ezedlule , sikhombise umhlaba wonke ukuthi siyakwazi ukuhlela umqhudelwano oyohlala ungundabuzekwayo” kusho uNkskz Cronje enezezela ngokuthi ukugqugquzelwa kosomabhizinisi abasafufusa elinye lamagalelo okulwa nokuntuleka kwemisebenzi. Uthe laba osomabhizinisi abakhangise kulelihholo bazovulekelwa amathuba azoholela ekutheni amabhzinisi abo athuthuke ukuze nabo bavulele abanye abantu amathuba emise-
benzi. Imisebenzi eminingi etholakala kulelihholo lentuthuko imisebenzi yezandla engeke uyithole ezitolo ezinkulu nakothelawayeka bezindawo zokuthenga. Ithuba lokukhangisa nokudayisa lemisebenzi kwizindimbane zabantu abavakashela lombukiso kuveza ithuba lokwenza inzuzo yezezimali kanye nethuba lokuthi labahwebi abasafufusa bafunde izifundo ngokuba khona kwabo kulombukiso. Ngakho-ke uma uzifunela izipho ezingajwayelekile, noma isipho ozosinika isihambeli saphesheya, into yokuhlobisa endlini yakho evela ezweni lethu, vakashela ihholo lentuthuko e Royal Agricultural Show. Siyaziqhenya ngokuba ngabaseNingizimu Afrika!
Ngaphezulu: uZandile Ntusi we-Sinothando ukhombisa ngomkhiqizo wakhe. Kwesokudla: uIna Cronje uthenga umsebemzi ka Thembi Kubheka we-Vulamehlo Craft.
“SAKHA UMNOTHO OLETHA AMATHUBA KITHI SONKE SENZE EZOKUVAKASHA EZISIHLOMULISA SONKE”