Zulu - Management Principles from the Bible

Page 1

Le ncwadi yomthetho mayingasuki emlonyeni wakho; kepha wozindla ngayo imini nobusuku ukuba uqaphele ukwenza njengakho konke okulotshwe kuyo, ngokuba lapho uyakuhlahlamelisa indlela yakho, uphumelele kahle.

Joshuwa 1:8

Ubusisiwe umuntu ongahambingeziluleko zababi, ongemi endleleni yezoni, ongahlali enkundleni yabaklolodayo. Kepha okuthokoza kwakhe kusemthethweni kaJehova; uzindla ngomthetho wakhe imini nobusuku. Uyakuba njengomuthi otshalwe ngasemifuleni yamanzi, othela isithelo sawo ngesikhathi sawo; iqabunga lakhe aliyikubuna;futhikonkeakwenzayokuyaphumelela.

IHubo 1:1-3

Omubi uyaboleka, angabuyiseli, kepha olungileyo uhawukela,uyapha. IHubo 37:21

Ubusisiwe oqaphela ompofu; uJehova uyakumkhulula ngesikhathisokuhlupheka. IHubo 41:1

Ningathembeliekucindezelweni,ningabiyizeemphangeni; uma ingcebo yanda, ningayibeki inhliziyo yenu kuyo. IHubo 62:10

Mela ompofu nezintandane, wenze ubulungisa kwabampofunompofu. IHubo 82:3

Ungagodleli okuhle kofanele ukubagodla, lapho kusemandleniesandlasakhoukukwenza. IzAga 3:27

Yana entuthwaneni, vilandini; bheka izindlela zayo, uhlakaniphe, yona engenamkhokheli, nambonisi, nambusi, ilungisa ukudla kwayo ehlobo, ibuthe ukudla kwayo ngesikhathi sokuvuna. Koze kube nini ulala, vilandini? Uyakuvuka nini ebuthongweni bakho na? “Ubuthongo obuncane, ukozela okuncane, nokusonga izandla kancane ukuze ulale, Kanjalo buyakufika ubumpofu bakho njengomhambi,nokuswelakwakhonjengomuntuohlomile.

IzAga 6:6-11

Osebenza ngesandla esivilaphayo uba mpofu, kepha isandlasabakhutheleyosiyacebisa. IzAga 10:4

Owethemba ingcebo yakhe uyakuwa; kepha abalungileyo bayakuhlumanjengegatsha. IzAga 11:28

Isandla sabakhutheleyo siyakubusa, kepha ivila liyakuba ngaphansikwesikhwama. IzAga 12:24

Umphefumulo wevila uyafisa, kepha ungenalutho, kepha umphefumulo wabakhutheleyo uyakhuluphaliswa. Kukhona ozenza onothileyo, kepha engenalutho; Ingcebo ezuzwekuyizeiyakuncipha,kephaobuthangomshikashika uyakwanda. IzAga 13:4, 7, 11

Odelela umakhelwane wakhe uyona, kepha ohawukela abampofuubusisiwe. IzAga 14:21

Ekukhandlekeni konke kukhona inzuzo, kepha ukukhuluma kwezindebe kubangela ukuswela kuphela. IzAga 14:23

Ovilaphayo emsebenziniwakhe ungumfowabowomchithi.

IzAga 18:9

Ohawukela ompofu uboleka uJehova; Futhi lokho akunikezileuyokubuyiselakuye. IzAga 19:17

Ivila alilimi ngenxa yamakhaza; ngalokho iyakuncenga ngesikhathi sokuvuna, ingatholi lutho. Ungathandi ubuthongo, funa ube mpofu; vula amehlo akho, usuthe ngesinkwa. IzAga 20:4, 13

Imicabango yabakhutheleyo isenaleni kuphela; kepha onamawalaukuswelakuphela. IzAga 21:5

Igama elihle kufanele likhethwe kunengcebo eningi, nomusakunesilivanegolide. IzAga 22:1

Oneso elihle uyakubusiswa; Ngokuba uyapha abampofu ukudlakwakhe. IzAga 22:9

Ungabi ngomunye wababambana ngezandla, noma wababambelangesikweleti.Umaungenalutholokukhokha, kunganiukubaathatheumbhedewakhongaphansikwakho na? IzAga 22:26-27

Uyambona umuntu okhuthele emsebenzini wakhe? uyakuma phambi kwamakhosi; akayikuma phambi kwabantuabangenacala. IzAga 22:29

Ungakhandlekeli ukuceba; yeka okwakho ukuhlakanipha. Amehlo akho uyakubeka kukho okungekho na? ngoba ingcebo izenzela amaphiko; bandizela ezulwini njengokhozi. IzAga 23:4-5

Ngadlula ensimini yevila nasesivini somuntu ongenangqondo; bheka, wawusumila ameva wonke, wawusibekele izimbabazane ebusweni bawo, nogange lwawo lwamatshe lwalubhidlikile. Ngabona, ngacabangisisa; ngabona, ngathola ukulaywa. Ubuthongo obuncane, ukozela okuncane, nokusonga izandla kancane ukuba ngilale. nokuswela kwakho njengomuntu ohlomile. IzAga 24:30-34

Khuthalela ukwazi isimo sezimvu zakho, ubheke kahle emihlambini yakho. Ngokuba ingcebo ayiyiphakade, nomqhele uhlala ezizukulwaneni ngezizukulwane na? Utshanibuyavela,bukhuleutshani,nemifinoyasezintabeni iyabuthwa. Amawundlu angesambatho sakho, nezimbuzi ziyintengo yensimu. Uyakuba nobisi lwezimbuzi olwenele ukudla kwakho, nokudla kwendlu yakho, nokondla amantombazanaakho. IzAga 27:23-27

Opha abampofu akayikuswela, kepha ovala amehlo akhe uyakubaneziqalekisoeziningi. IzAga 28:27

Vula umlomo wakho, wahlulele ngokulunga, umele abampofunabampofu. IzAga 31:9

Othanda isiliva akayikusutha ngesiliva; nothanda inala akanenzuzo;nalokhukuyize. UmShumayeli 5:10

Phonsa isinkwa sakho phezu kwamanzi, ngokuba uyakusifumana emva kwezinsuku eziningi. Nika isabelo

kwabayisikhombisa,nabayisishiyagalombili;ngobakawazi ukuthi kuyini okubi okuzakuba emhlabeni. Hlwanyela imbewu yakho ekuseni, nakusihlwa ungagodli isandla sakho, ngokuba awukwazi ukuthi yini eyakuphumelela, lokhu noma lokhuya, noma ziyakuba zinhle zombili ngokufanayo. UmShumayeli 11:1-2, 6

fundani ukwenza kahle; funani isahlulelo, khululani ocindezelweyo, yahluleleni intandane, nimele umfelokazi. Isaya 1:17

“Lethani konke okweshumi endlini yengcebo ukuba kube nokudla endlini yami, ningivivinye ngalokhu,” usho uJehova Sebawoti, “ukuthi angiyikunivulela amafasitele asezulwini, nginithululele isibusiso, ngeke ibe nendawo eyaneleukuyithola. Malaki 3:10

Qaphelani ukuba ukulunga kwenu ningakwenzi phambi kwabantu ukuba nibonwe yibo; uma kungenjalo, aninamvuzo kuYihlo osezulwini. Ngakho nxa wabela izipho, ungakhalisi icilongo phambi kwakho, njengoba kwenza abazenzisi emasinagogeni lemigwaqweni, ukuze badunyiswe ngabantu. Ngiqinisile ngithi kini: Sebewutholile umvuzo wabo. Kepha wena nxa wabela isipho,isandlasakhosokhohlomasingakwaziesikwenzayo esokunene,ukuzeisiphosakhosibesekusithekeni;noYihlo obonaekusithekeniuyakukuvuza. Mathewu 6:1-4

Akakho ongakhonza amakhosi amabili, ngokuba uyakuzondaenye,athandeenye;nomaibambelelekwenye, idelele enye. Anikwazi ukukhonza uNkulunkulu noMamona. Ngakho-ke ngithi kini: Ningakhathazeki ngokuphila kwenu ukuthi niyakudlani nokuthi niyakuphuzani; nomzimba wenu ukuthi niyakwembathani. Ukuphila kakukhulu yini kunokudla, nomzimba kunesambatho? Bhekani izinyoni zezulu, ngokuba azihlwanyeli, azivuni, azibutheli eziphaleni; nokho uYihlo osezulwiniuyazondla.Anizincono kakhulu na? Ngumuphi kini ongathi ngokukhathazeka anezele ingalo ibenye ekuphileni kwakhe na? Nizikhathazelani ngesambatho na? Cabangani ngeminduze yasendle, ukuthi imila kanjani; azikhandleki, aziphothi; nokho ngithi kini: NoSolomoni ebukhazikhazini bakhe bonke wayengembathisile okomunye wayo. Ngakho-ke, uma uNkulunkulu egqokisa kanjalo utshani basendle obukhona namuhla, kuthi kusasa buphonswe eziko, akayikunembathisa kakhulu nina eninokukholwa okuncane na? Ngakho-ke ningakhathazeki nithi: Siyakudlani na? noma: Siyakuphuzani na? noma: Siyakwembathanganina?Ngokubakonkelokhoabezizwe bayakufuna, ngokuba uYihlo osezulwini uyazi ukuthi niyakudinga lokho. Kodwa funani kuqala umbuso kaNkulunkulu nokulunga kwakhe; futhi zonke lezi zinto ziyakwenezelwa nina. Ngakho-ke ningakhathazeki ngengomuso, ngokuba ikusasa liyazicabangela izinto zalo. Baneleusukuububibalo. Mathewu 6:24-34

Bathikuye:KaKesari.Wayesethikubo:“Ngakho-kenikani uKesari okukaKesari; nakuNkulunkulu okukaNkulunkulu. Mathewu 22:21

Ngokuba umbuso wezulu unjengomuntu owaya ezweni elikude, wabiza izinceku zakhe, wazinika impahla yakhe. Futhi wayinika amatalenta amahlanu, omunye amabili,

futhi omunye elilodwa; yilowo nalowo ngokwamandla akhe; wahle wasuka wahamba. Lowo obamukele amatalenta ayisihlanu wahamba wahweba ngawo, wazuza amanye amahlanu. Kanjalo nowamukele amabili wazuza amanye amabili. Kodwa owayamukele elilodwa waya wembaemhlabathini,wayifihlaimaliyenkosiyakhe.Emva kwesikhathi eside yafika inkosi yalezo zinceku, yalandisana nazo. Weza obamukele amatalenta ayisihlanu, waletha amanye amatalenta ayisihlanu, wathi: ‘Nkosi, wanginikaamathalenta ayisihlanu;bheka, ngizuze amanye amatalenta ayisihlanu. Inkosi yakhe yathi kuye: 'Kuhle, nceku enhle nethembekileyo, ubuthembekile ezintweni eziyingcosana, ngizakumisa phezu kokuningi; ngena entokozweniyenkosiyakho.Wezanobamukeleamatalenta amabili, wathi: ‘Nkosi, wanginika amathalenta amabili; bheka, ngizuze amanye amatalenta amabili. Inkosi yakhe yathi kuye: 'Kuhle, nceku enhle nethembekileyo; ubuthembekile ezintweni eziyingcosana, ngizakubeka phezu kwezinengi; ngena entokozweni yenkosi yakho. Kwasekusiza obamukele italenta elilodwa, wathi: Nkosi, bengikwaziwenaukuthiungumuntuolukhuni,uvunalapho ongahlwanyelanga khona, ubutha lapho ongazange uhlakaze khona; emhlabeni: bheka, kukhona okwakho. Inkosi yayo yaphendula, yathi kuyo: ‘Nceku embi nevilaphayo, ubuwazi ukuthi ngivuna lapho engingahlwanyelanga khona, futhi ngibutha lapho ngingahlakazanga khona; ngabe ngamukele okwami nenzalo. Ngakho mthatheleni italenta, nilinike onamatalenta ayishumi. Ngokuba yilowo nalowo onakho uyakuphiwa, abe nokuchichima; kepha ongenakho uyakwamukwa nalokho anakho. Futhi inceku engasizi phonsaebumnyameniobungaphandle; Mathewu 25:14-30

Ngokuba kuyakumsizani umuntu, uma ezuza izwe lonke, alahlekelwe umphefumulo wakhe, na? Kumbe umuntu uyakunikani kube yisihlengo somphefumulo wakhe? Marku 8:36-37

...Bantwana, kulukhuni kangakanani kwabathembela engcebweniukungenaembuswenikaNkulunkulu! Marku 10:24

UJesu wayesehlezi maqondana nesitsha somnikelo, wabona ukuthi isixuku siphonsa kanjani imali esitsheni somnikelo; Kwase kufika umfelokazi othile ompofu, waphonsa amafadingi* amabili okuyidenariyo. Wayesebizela kuye abafundi bakhe, wathi kubo: “Ngiqinisile ngithi kini: Lo mfelokazi ompofu ubeke okuningi kunabo bonke abaphonse esitsheni somnikelo; kepha yena ekusweleni kwakhe ubeke konke abenakho, konkeabeziphilisangakho. Marku 12:41-44

Wayesethi kubo: “Qaphelani, nixwaye ukuhaha, ngokuba ukuphila komuntu akumi ebuningini bempahla yakhe. Wayesebalandisa umfanekiso, ethi: “Insimu yomuntu othileonothileyoyathelakakhulu;Wathi:“Ngiyakukwenza lokhu: ngiyakudiliza izinqolobane zami, ngakhe ezinkulu; ngizabuthela khona zonke izithelo zami lempahla yami. Ngizakuthi kuwo umphefumulo wami: Mphefumulo, ulempahla enengi ebekelelwe iminyaka eminengi; khululeka, udle, uphuze, ujabule. Kodwa uNkulunkulu wathi kuye: Siphukuphuku, ngalobubusuku umphefumulo

wakho uzakubizwa kuwe; Unjalo oziqongelelela ingcebo, engacebilekuNkulunkulu. Luka 12:15-21

Thengisani eninakho, niphe abampofu; zilungiseleni izikhwama ezingagugiyo, ingcebo engapheli ezulwini, lapho kungasondeli sela, kungoni nundu. Ngokuba lapho kukhonaingceboyenu,nenhliziyoyenuiyakubalapho. Luka 12:33-34

Ngokubangumuphikiniothiefunaukwakhaumbhoshongo, angahlali phansi kuqala, abale izindleko, ukuthi unakho ukuwuqeda na? Hleze, esesibekile isisekelo, engakwazi ukuqeda, bonke abakubonayo baqale ukumhleka, bethi: “Lo muntu waqala ukwakha, kepha wehluleka ukuqeda. “Noma iyiphi inkosi, ethi iyakulwa nenye inkosi, ingahlali phansi kuqala, ibuze ukuthi inamandla yini ngezinkulungwane eziyishumi ukuhlangabeza oza kuyo enezinkulungwane ezingamashumi amabili na? Uma kungenjalo, esekude lowo, uthuma amanxusa, acele izimo zokuthula. Kanjalo-ke, noma ubani kini ongashiyi konke anakho,angebengumfundiwami. Luka 14:28-33

Kwathi uJesu ephakamisa amehlo akhe, wabona ixuku elikhulu lisiza kuye, wathi kuFiliphu: Sizathenga ngaphi izinkwa, ukuze laba badle? Wakusho lokhu emvivinya, ngokuba yena ubekwazi abezakukwenza. UFiliphu wamphendula wathi: Izinkwa zabodenariyo* abangamakhulu amabili azibanele, ukuba yilowo nalowo athathe okuyingcosana. Omunye wabafundi bakhe, uAndreya umfowabo kaSimoni Petru, wathi kuye: “Kukhona umfana lapha onezinkwa zebhali eziyisihlanu nezinhlanzi ezincane ezimbili; UJesu wathi: “Bahlaliseni abantu phansi. Kwakukhona utshani obuningi kuleyo ndawo. Ahlala phansi amadoda, umumo wawo kungathi izinkulungwane eziyisihlanu. UJesu wathatha izinkwa; esebongile wababela ababehlezi phansi; kanjalo nezinhlanzi ngokuthanda kwabo. Sebesuthi, wathi kubafundi bakhe: Buthani imvuthuluka eseleyo, ukuze kungonakali lutho. Base bebutha, bagcwalisa iziqabetho eziyishuminambilingezingcezwanazezinkwaeziyisihlanu zebhali, ezasala kwabadlileyo. Khona lawomadoda, ebona isibonakaliso uJesu asenzayo, athi: Isibili lo nguye umprofethiobezakuzaemhlabeni. Johane 6:5-14

Kepha isixuku sabakholwayo sasinhliziyonye nomphefumulo munye; kodwa babehlanganyela zonke izinto. Abaphostoli bafakaza ngamandla amakhulu ngokuvuka kweNkosi uJesu; umusa omkhulu wawuphezu kwabo bonke. Kwakungekho noyedwa phakathi kwabo owayentula,ngokubabonkeababenezindawonomaizindlu bathengisa, baletha amanani okuthengisiwe, bazibeka ezinyaweni zabaphostoli; njengokuswela kwakhe. UJosefa owathiwa ngabaphostoli isibongo esithi nguBarnabasi, okungukuthi ngokuhunyushwa indodana yenduduzo, umLevi waseKhupro, enensimu, wathengisa ngaso, waletha imali, wayibeka ethempelini. izinyawo zabaphostoli. IzEnzo 4:32

Nikani bonke okubafaneleyo; inkokhiso kubani; ukwesaba kokwesabayo;udumokubaniukudunyiswa. Roma 13:7

Owebayo makangabe eseba, kepha kunalokho makakhuthale, asebenze okuhle ngezandla zakhe, ukuze abenokokwabelaosweleyo. Efesu 4:28

nakani okwaphezulu, ningagxili ezintweni zasemhlabeni. Kolose 3:2

Kepha uma umuntu engabondli abakhe, ikakhulu abendlu yakhe,ukulahlileukukholwa,mubikunongakholwayo.

1 Thimothewu 5:8

Kodwa ukukhonza uNkulunkulu kanye lokwaneliseka kuyinzuzo enkulu. Ngoba kasilethanga lutho emhlabeni, njalo kasikwazi ukuphuma lalutho. Futhi sinokudla nezinguboasanelisweyikho. 1 Thimothewu 6:6-8

Ngokubanalaphosisekhonakini,saniyalangalokhuukuthi: Umaumuntuengathandiukusebenza,makangadli.

2 Thesalonika 3:10

Phana izipho ngempahla yakho; futhi lapho upha izipho, iso lakho malingabi nomhawu, futhi ungabususi ubuso bakho kunoma yimuphi ompofu, futhi ubuso bukaNkulunkulu abuyikufulathela kuwe. Uma unokuchichima, yipha izipho ezifanele; uma unokuncane, ungesabiukuphangalokhookuncane,ngokubauzibekelela ingcebo enhle ngosuku lwesidingo. Ngokuba izipho zomusa ziyakhulula ekufeni, futhi azivumeli ukungena ebumnyameni. Ngokuba isipho siyisipho esihle kubo bonkeabasiphayophambikwamehlooPhezukonke. IHubo 4:7-11

Inkokhelo yanoma yimuphi umuntu akusebenzele mayingahlali nawe, kodwa mnike yona esandleni sakho, ngokuba uma ukhonza uNkulunkulu, uyakukubuyisela futhi; hlakanipha kukho konke ukukhuluma kwakho. Nika olambileyo ukudla kwakho, lezembatho zakho kwabahamba ze; yipha izipho ngokwechichima kwakho, isolakhomalingabinomhawulaphouphaabampofu.

Tobit 4:14, 16

Umthandazo muhle ngokuzila ukudla kanye nezipho nokulunga. Okuncane kanye nokulunga kungcono kunokuningi kanye nokungalungi. Kungcono ukupha izipho kunokubuthela igolide, ngokuba izipho zomusa ziyakhulula ekufeni, zihlambulule zonke izono. Labo abasebenzisaiziphonokulungabayogcwaliswangokuphila: Tobit 12:8-9

Ungadangali lapho ukhuleka, futhi ungadeli ukunikeza izipho. UmShumayeli 7:10

Ningazondi umsebenzi okhandlekayo, noma ukulima, akumisileoPhezukonke. UmShumayeli 7:15

Mesabeni uJehova, nidumise umpristi; umnike isabelo sakhenjengokulaywakwakho;owolibo,nomnikelowecala, nomnikelo wamahlombe, nomhlatshelo wokungcweliswa, nolibo lwezinto ezingcwele. Noma yini oyibamba ngesandla, khumbula ukuphela, futhi awusoze wenza iphutha. UmShumayeli 7:31, 36

Qina esivumelwaneni sakho, uguquke kuso, uguge emsebenzini wakho. Ungamangali ngemisebenzi yezoni; kepha thembela kuJehova, uhlale emsebenzini wakho, ngokuba kulula emehlweni kaJehova ukucebisa ompofu masinyane.IsibusisosikaJehovasisemvuzweniwabaqotho;

UmShumayeli 11:20-22

Ohlala ematasatasa ngokubi akukho okuhle okungafikela kuye,nakulowoongaphayoizipho. UmShumayeli 12:3

Umusa womuntu unjengendandatho kuye, futhi uyogcina izenzo ezinhle zomuntu njengenhlamvu yeso, futhi anike ukuphenduka emadodaneni akhe namadodakazi akhe.

UmShumayeli 17:22

Ulahlekelweyimaliyakhongomfowenunomnganewakho, futhi mayingagqwali ngaphansi kwetshe ukuba ilahleke. Zibekele ingcebo yakho ngokwemithetho yoPhezukonke, kuyakuletha inzuzo enkulu kunegolide. Vala iminikelo yomusaezinqolobanenizakho,ikukhululekulolonkeusizi.

Iyakukulwela ezitheni zakho kangcono kunesihlangu esinamandlanomkhontoonamandla.

UmShumayeli 29:10-13

Ogcina umthetho uletha iminikelo eyenele; Ophindisela ngenzuzo uletha impuphu ecolekileyo; lalowo opha izipho uhlabela indumiso. Ukudeda ebubini kuyinto ethokozisa uJehova; futhi ukushiya ukungalungi kuyinhlawulo. Aniyikubonakala ningenalutho phambi kukaJehova. Ngokuba zonke lezi zinto ziyakwenziwa ngenxa yomyalo. Umnikelo wolungileyo uyanonisa i-altare, nephunga lawo elimnandiliphambikoPhezukonke.Umhlatshelowomuntu olungileyo uyemukeleka. nesikhumbuzo sawo asiyikukhohlakala. Mnike uJehova udumo lwakhe ngeso elihle, unganciphisi ulibo lwezandla zakho. Kuzo zonke izipho zakho bonisa ubuso obujabulayo, ukwahlukanise okweshumi kwakho ngokujabula. Nika oPhezukonke njengalokho ekunothile; futhi njengoba usuzuzile, yipha ngeso elithokozayo. Ngokuba uJehova uyakuvuza, akuphe kasikhombisa. UmShumayeli 35:1-11

Abazalwane nosizo lumelene nesikhathi sokuhlupheka, kepha izipho zomusa ziyakukhulula kunakho kokubili. UmShumayeli 40:24

UMariya oyiNcasakazi ebusisekile nekhazimulayo njalo, eyaphuma esizweni sobukhosi nomndeni kaDavide, yazalelwa emzini waseNazaretha, yafunda eJerusalema, ethempelini likaJehova. Igama likayise kwakunguJoakim, no-Ana kanina. Umndeni kayise wawuseGalile nomuzi waseNazaretha. Umndeni kanina wawuseBhetlehema. Izimpilo zabo zazisobala futhi zilungile emehlweni kaJehova, beqotho futhi bengenasici phambi kwabantu. Ngoba bahlukanisela zonke izinto zabo zaba izingxenye ezintathu: Enye yazo banikela ethempelini nezinduna zethempeli; enye bayabela phakathi kwezihambi, nabantu abampofu;kantieyesithathubazibekelayonakanyenezinto ezisetshenziswaumndeniwabo.

IVangeli Lokuzalwa KukaMariya 1:1-4

Wathi kimi; Niyazi ukuthi nina eniyizinceku zeNkosi, nihlala lapha njengosohambeni olungcwele; ngoba umuzi wenu ukude lomuzi. Ngakho-ke uma niwazi umuzi wenu

enizohlala kuwo, nithengelani izindawo lapha, nizilungisele izibiliboco, nezakhiwo eziwubukhazikhazi, nezindlu ezibizayo na? Ngoba lowo ozilungiselela lezi zinto kulo muzi, akacabangiukubuyela emziniwakubo.O muntuoyisiwula,nongabazayo,nolusizi;ongaqondiukuthi zonke lezi zinto zingezabanye abantu, futhi zingaphansi kwamandlaomunye.NgokubaiNkosiyalomuziithikuwe; Kuphakathikokuthiulalele imithetho yami, noma uphume emzini wami. “Uyakwenzani wena ophansi komthetho emzini wakini na? Ungakwazi yini ukuphika ngefa lakho, noma nganoma yiziphi lezo zinto ozinikezile, na? Kodwa umaukuphika,futhikamuvaubuyelaemziniwakini,ngeke wamukelwe, kodwa uyokhishwa ngaphandle lapho. Ngakho-ke bheka, ukuthi njengomuntu ongowelinye izwe, ungazithengi ngaphezu kwalokho okudingekile, nokwaneleyo kuwe, na? futhi nizilungiselele, ukuze kuthi lapho uNkulunkulu noma iNkosi yalo muzi enikhipha kuwo, nimelene nomthetho wakhe, futhi ningene emzini wenu; lapho ungahlala khona ngentokozo yonke ngokomthetho wakho kungelabubi. “Ngakho qaphelani nina enikhonza uNkulunkulu, nibe naye ezinhliziyweni zenu: yenzani imisebenzi kaNkulunkulu, nikhumbula imiyalo yakhe nezithembiso zakhe azithembisileyo; futhi uqiniseke ukuthi uyokwenza kube kuhle kuwe; uma nigcina imiyalo yakhe. Ngakho esikhundleni sempahla eningayithenga ngenye, hlenga abaswelayo ekusweleni kwabo, njengalokho yilowo nalowo enamandla; thethelela abafelokazi;yahlulelaniizintandane;futhinichitheingcebo yenu nengcebo yenu emisebenzini enjengale. Ngokuba, ngenxayalokhuuNkulunkuluunicebisile,ukuzenifezelezi zinhlobo zezinkonzo. Kungcono kakhulu ukwenza lokhu, kunokuthenga izindawo noma izindlu; ngoba zonke izinto ezinjalo zizabhubha kanye lesisikhathi samanje. Kodwa eniyakwenza egameni leNkosi, niyokuthola emzini wenu, futhiniyobanenjabulongaphandlekokudabukanokwesaba. Ngakho-ke ningafisi ingcebo yabezizwe; ngoba ziyingozi ezincekwini zikaNkulunkulu. Kodwa hwebelana ngengcebo yenu eninayo, eningazuza ngayo enjabulweni ephakade. Incwadi Yesithathu kaHermas 1:1-10

Turn static files into dynamic content formats.

Create a flipbook
Issuu converts static files into: digital portfolios, online yearbooks, online catalogs, digital photo albums and more. Sign up and create your flipbook.