Khanyisa Newspaper 25 June 2022

Page 1

Advertising: 083 512 7096 | Email: admin@khanyisamedia.co.za | Website: www.khanyisamedia.co.za | Tel / WhatsApp / Telegram: 084 334 4627 Khanyisa Newspaper

FREE!

Khanyisa Newspaper

COPY

Uzakwethu Wezokuxhumana e-Mpumalanga

Khanyisa Newspaper

Est. 14 Sept 2007

Imfundo | Ulwazi | Intuthuko | Ukuqeqeshwa kanye nokunikezwa amandla ku-inthanethi Finalist of the 2013/14 MDDA - Sanlam National Best Newspaper Award

I-Gert Sibande Ngeyokuqala Ezweni ukuba nalokhu Austin Menzi Moyo Snr

24 June - 07 July 2022 Vol 15 | Week 26

This Newspaper is Proudly SUPPORTED BY:

Umthetho Wezifonyo Uxegisiwe Ungqongqoshe Wezempilo, uJoe Phaahla, ngoLwesithathu uchithe imithetho eminingana ye-COVID-19 ephathelene nokugqokwa kwezifihla-buso, imibuthano kanye nabantu abangena ezweni. UMengameli uCyril Ramaphosa enkulumeni yakhe kazwelonke ngo-Ephreli uthe imithetho izokwehliswa kancane kancane. Emibuthanweni, abantu ababuthana ezindaweni zomphakathi ngeke besakhawulelwa ezinombolweni ezithile. Imithethonqubo iveze ukuthi ngaphakathi nangaphandle, kungahlala ingxenye yenani eligwele labantu. Wonke umuntu ohambele umcimbi kufanele agonyelwe i-COVID-19 futhi akhiphe isitifiketi sokugoma esisemthethweni. Ngaphandle kwalokho, bangaveza isitifiketi esivumelekile esikhomba ukuthi akanayo iCOVID-19 esitholwe kungakapheli amahora angu-72 ngaphambi kosuku lombuthano.

Iphini likaNgqongqoshe u-Thabang Makwetla, uCllr. Walter Mngomezulu iMeya yesiGungu i-Gert Sibasnde uCllr. Shirley Nkosi iMeya kaMasipala iMsukaligwa, kanye no-MEC u-Busi Shiba bephethe i-tayitela lonhlaba la kunesikhumulo sezindiza UMasipala womkhandlu dolobha i-Gert Sibande (GSDM), unguMasipala wokuqala eNingizimu Afrika ogunyazwe ngokusemthethweni ukusebenzisa izimoto zawo zezindiza ezingenamuntu (Drones) ukuze yena loMasipala athuthukise izinsiza zokweseka oMasipala abangaphansi

kwalomkhandlu. Iphini likaNgqongqoshe u-Thabang Makwetla kanye no-MEC u-Busi Shiba esikhundleni sabo njengabompetha bemodeli Yokuthuthukiswa Kwezifunda (District Development Model DDM) kuzwelonke nasezifundazweni

ngokulandelana kwabo, babe yingxenye yomgubho obuholwa uCllr Walter Mngomezulu iMeya yesiGungu se-GSDM mahla ziku 15 Juni 2022. Funda kabanzi kucasi 02/.................

Intuthuko KwaMabuza isimile Noko i-IDP kukhona ekuhlongozayo

I

Udaba: Intatheli yasekhaya pulazi laKwaMabuza lingelinye lamapulazi ahlomule ohlelweni lokuHlaliswa kwaBantu. NgoMeyi 2020 kwaqala ukukhulunywa ngokuthi ipulazi lisohlelweni lokuthengwa wumnyango. Kwabakhona namapheshana afike afakwa kwaShashe efakaza lokho. Lokhu kwenzeke ngaphambi nje kokhetho lwangoNovemba 2021 lapho lowo owayeyiMeya yaseMsukaligwa uCllr. B. Mkhaliphi wavakashela abahlali baleli pulazi ukuyobukisa ngetayitela elihambisana nokuthi ngempela lo mhlaba usuthengwe uHulumeni futhi usuzophathwa uMasipala waseMsukaligwa.

Ithenda ibivele isinikezwe iNkolele Projects yaseNelspruit. Kwadwetshwa imephu yelokishi Elisha laMabuza (igama elisha lisazodalulwa) yiNgonyama Inc. kwathi ngoJanuwari ubuholi besikhashana bukaMasipala babiza umhlangano base bethula uMasuku, okwathiwa uphethe iNkolele Projects. Kuleli thimba bekukhona uDoctor Nkosi onguMqondisi omkhulu wezokuHlaliswa kwaBantu esifundazweni saseMpumalanga.

Kwathi ma kuphela lomhlangano, abahlali banikezwa imephu ehlongozwayo (proposed map). Bekungokokuqala abahlali bebona ibalazwe elihlongozwayo kwathi besalifunda benethemba lokuthi iNkolele Projects izomisa omunye umhlangano ukuze izakhamuzi ziphendule ngale mephu ehlongozwayo, kodwa akuzange kwenzeke lokho! Okulandelayo kwaba nguMasuku nethimba lakhe baqhuma befaka izikhonkwane epulazini lonke ezinye zezikhonkwane ziwela phakathi kwamakamelo abantu. Izitendi eziningi bezitshekile uma ziqhathaniswa nezitendi zakuqala. Ebuzwa uMasuku wathi ngokwazi kwabo ipulazi lakwaMabuza alinalutho kulona. Bona bazi ukuthi lipulazi elingenabantu abahlala lapho, kukhona izihlahla nje! Yingakho imephu abaqhamuke nayo ime ngaleyo ndlela! Ukubethelwa kwaqhubeka kwaze kwaqedwa kwasekuthi ngemva kwalokho konke kwathula kwathi cwaka, kwangasenzeki lutho. Lokho kwadumaza labo abebethi bafuna ukuzakhela izindlu kanti abanye sebazebakha ngoba kuthathe isikhathi ukuthi lendawo ihleleke,

kanti imali ayihlali ikhona. I-Khanyisa izamile ukuxhumana ngocingo nabo bobabili uDoctor Nkosi noMasuku kodwa izingcingo zabo azibanjwa. Ama-email athunyelelwe uDoctor Nkosi kuze kube yimanje awakaphendulwa. Uma ubheka umqulu we-IDP kaMsukaligwa waseMsukaligwa ka-2022-2027, ikwaMabuza ibalulwa kafushane futhi kancane kuwo wonke umqulu kodwa azikho izibalo ezinamathiselwe. UMasipala awukaphenduli ngalolu daba. Inyibe noma i-New Ermelo nayo yathola amatayitela ngesikhathi esifanayo nekwaMabuza. Yize abahleli bedolobha bakhona bakubheka ukuthi kunabantu asebehlale isikhathi eside, badala nje ukuphazamiseka okuncane ukuze bonge imali kaHulumeni, okwamanje akukho okwenzekayo nakhona. Thumela igama ofisa iMabuza ibizwe ngalo ku 084 334 4627 ngeWhatsApp / SMS. Igama lakho lingakhethwa, uzozitholela umnvuzo.

Mayelana nemikhawulo kubantu abangena ezweni, imithetho ibifuna ukuthi noma yimuphi umuntu ongena ezweni agonyelwe i-COVID-19 futhi akhiphe isitifiketi sokugoma esisemthethweni noma isitifiketi esivumelekile sohlolo lwe-PCR COVID-19 olungekho ngaphezu kwamahora angama-72 ngaphambi kosuku lokuhamba.

INSIDE

MPUMALANGA PROVINCIAL LEGISLATURE INTERNSHIP PROGRAMME Page 03

SANRAL GSDM DEVELOPMENT PROGRAM - 2022 NEWSPAPER INSERT NEVER MISS A COPY! Khanyisa Newspaper is now also available FREE on digital format direct to your phone or your email inbox You Choose Get your advert instantly on our online platforms. It’s quick, easy and cheaper! Subscribe for a free WhatsApp or Email Copy Send your Name, Number or Email address:

WhatsApp: 083 512 7096 Email: admin@khanyisamedia.co.za


Turn static files into dynamic content formats.

Create a flipbook
Issuu converts static files into: digital portfolios, online yearbooks, online catalogs, digital photo albums and more. Sign up and create your flipbook.