Ume njalo Ndlulamithi yamakhosi!
Kiki Ntuli
UNYAKA
ka-2022
ukhethekile esizweni samaZulu. Wunyaka okugcotshwe ngawo iSilo Samabandla wonke, uMisuzulu kaZwelithini.
Wunyaka lapho abaningi esizweni samaZulu beqala ukuzibonela umcimbi omkhulu wokugcotshwa nokungena esibayeni kweSilo.
Wunyaka lapho kuqopheka umlando lapho uhulumeni wentando yabantu enikeza
Ongangezwe lakhe isitifiketi sokubusa isizwe samaZulu.
Wunyaka futhi okhethekile kakhulu nakwiphephandaba Isolezwe ngoba ligubha iminyaka engu-20 lasungulwa.
Ukugubha kwethu le minyaka ngonyaka omkhulu kangaka wengqophamlando, kusenza sithobeke futhi sithokoze ngoba nathi siyazigqaja ngokuphakela isizwe samaZulu izindaba nolwazi ngolimi lwaso.
Ngenkathi Isolezwe lishicilelwa okokuqala ngoEphreli 8 ka-2002, labusiswa nguMdlokombane uqobo, uZwelithini kaBhekuzulu.
Kusavusa umunyu ukuthi akabanga yingxenye yemigubho yethu kepha ukungena esihlalweni kweNgonyama uMisuzulu ngonyaka esigubha ngawo, kuyayithoba inkebenkebe yenxeba elavuleka mhla kukhothama ubaba wethu uMdlokombane.
Kwahlwa emini ngonyaka u-2021 kuZulu kepha manje sekuyakhanya. Liphumile ilanga Zulu kaMalandela!
Siyambongela futhi siyamhalalisela Ongangezwe lakhe ngokungena esihlalweni sobukhosi.
Kuke kwaba nezinxushunxushu nomsindo endlunkulu ngobukhosi bukaZulu, kwaze kwaba nongabazane esizweni ngekusasa lobukhosi.
Ekugcineni kube nozinzo, kwaqina ukuzigqaja kuZulu wonkana ngenkathi okaNdaba engena esibayeni nokwabe kuqinisekisa ukuthi bungobakhe ubukhosi bukaZulu.
Umlando onothile ogabe ngobuqhawe yinto uZulu adume ngayo emhlabeni jikelele. Kusukela mhla iLembe eleqa amanye amalembe ngokukhalipha libumba isizwe.
Ebuholini beNdlulamithi yamakhosi sikhulekela ukuthi isizwe samaZulu siqhubeke nokuba yisizwe esihlonishwayo, esizigqajayo nesithuthukayo.
Sikhulekela ukuba uMvelinqangi asiphe ubuhlakani namandla iSilo sokuba sihole ngobuqotho futhi sinothise isizwe samaZulu.
Siyakukhulekela nokuthi nasendlunkulu kube nobumbano, ukuthula nokweseka ubuholi nobukhosi bukaZulu.
Sengathi uMvelinqangi neziNyandezulu bangaba naye ubaba wesizwe sethu.
Siyiphephandaba siyabukhulekela futhi sibufisela inhlanhla, ubuhlakani, nokuthula ubuholi bukaNgangezwe lakhe.
Ume njalo Hlanga Lomhlabathi! Bayede Ndlulamithi yamakhosi!
UKUNIKEZWA kweSilo uMisuzulu kaZwelithini isitifiketi sobukhosi ngokusemthethweni, kushayela isipikili sokugcina maqondana nombango wesihlalo. Wesulwe izinyembezi uZulu wonke owakhala kakhulu ushonelwe yilanga, ngesikhathi kukhothama iSilo uZwelithini kaBhekuzulu. Kuvuleka ikhasi elisha njengoba uMengameli wezwe uMnuz Cyril Ramaphosa, ezonika okaNdaba isitifiketi sobukhosi enkundleni yezemidlalo iMoses Mabhida, eThekwini, phambi kukaZulu wonke uphelele.
Nakuba iSilo sase senzeliwe umcimbi ngokwesintu safakwa esibayeni kodwa kudingeke ukuthi nohulumeni enze owakhe ngoba ubukhosi bubambisene nawo.
Lokhu kukhomba ukuthi uhulumeni uyabazisa ubukhosi futhi uyabuhlonipha.
Inhlokomo ebe khona ngalo mcimbi ikhombisile ukuthi uZulu mkhulu kangakanani.
Uhulumeni kazwelonke, owesifundazwe noMasipala weTheku, bahlele lo mcimbi ukuthi ube yimpumelelo.
Ubukhangwa ngamabhodi anobuso beSilo uMisuzulu ephanyekwe phezulu emgwaqweni nombhalo othi; “Liphumile ilanga KwaZulu”.
Zesuliwe izinyembezi zikaZulu
Uhulumeni uqinisekise ukuthi ezokuphepha zisezingeni eliphezulu kwazise kukhona nomengameli wezwe onohlelo lwakhe lwezokuphepha endaweni asuke ekuyona.
Kulindeleke ukuthi kutheleke izicukuthwane ezivela ezweni lonke nasemazweni angaphandle, okubalwa kuzo namakhosi aqhamuka kwamanye amazwe.
Inkosi uMakhosetive Dlamini uMswati III onguninalume, weSilo sikaZulu ehambisana nabasebukhosini baseSwatini ungesinye sezicukuthwane eziqavile.
Njengoba iSilo sihamba namabutho, athembise ukuphuma ngobuningi eviliyele ukuyobongela okaNdaba.
Namatshitshi azoba yinxgenye yalo mcimbi oyingqophamlando.
Umcimbi wokuhlala kweNgonyama esihlalweni wagcina ukuba khona ngoDisemba 3, 1971, ngesikhathi iSilo uZwelithini kaBhekuzulu, sithatha isihlalo kuyise esekhotheme.
Umcimbi wenzeke ngesikhathi lapho ezobuchwepheshe sezithuthuke kakhulu,
okwenza kube lula ukuthi abantu babone umcimbi besezindaweni ezehlukene ngaphandle kokuza eThekwini. Lokhu kusho ukuthi isizukulwane esiphila ngesikhathi kwenziwa lo mcimbi siba semlandweni ngoba akuyona into eyehlela noma ngubani, wena owabona imvula.
Ababekhona ngesikhathi kubekwa iSilo esidala bazofakaza ukuthi ezobuchwepheshe zazisemuva kakhulu. Kwala kancane ukuthi iSilo uZwelithini sihlanganise iminyaka engu-50 sihleli esihlalweni. Yize kunjalo yisona esibuse isikhathi eside kakhulu ukwedlula zonke izilo ezahlala esihlalweni ngaphambi kwaso. Umlando ukhomba ukuthi ukubangwa kwesihlalo sobukhosi KwaZulu, akuyona into entsha ngoba nasekuqaleni kwenzeka, kwaliwa kwachitheka igazi.
Umehluko wombango manje wukuthi akusaliwa ngemikhonto nezagila, sekuliwa ngezinkantolo. Lokhu kusho ukuthi umbango ubiza imali eshisiwe.
The Chinese community of KZN, South Africa, hereby take this opportunity to extend our warmest congratulations on the occasion of the official government coronation of His Majesty King Misuzulu kaZwelithini. On this special, grand and historic occasion we wish His Majesty all the best. May the Almighty and the ancestors continue offering good blessings and protection.
Abantu baseChina abazinze eKZN , eNingizimu Afrika, bathatha leli thuba ngentokozo enkulu ukubongela Isilo Samabandla uMisuzulu kaZwelithini njengoba egcotshwa ngokusemthethweni kahulumeni. Ngalolu suku olukhethekile, olukhulukazi futhi oluyingqophamlando, sithi okumhlophe kodwa kuNgangezwe Lakhe. Sengathi uMvelinqangi namadlozi bengaqhubeka ukuletha izibusiso futhi bamlondoloze.
Mhla kuqhutshwa izinkomo eSwatini
KHETHA SANGWENIINYOSI yeSilo uBuzetsheni Mkhohliseni kaSombila Mdletshe, isineminyaka ecela kwengu-50 yenza umsebenzi wokubonga amakhosi asendlunkulu kaZulu, njengoba ithi yaqala ngemiyaka yawo 1970.
UMdletshe odabuka KwaCeza, oLundi, emzini wakubo Egazini, waba ngomunye wabayingcosana ababa nenhlanhla yokuqhuba izinkomo ezaziyolobola uNdlunkulu uMantfombi Shiyiwe MaDlamini Zulu ngabo-1977. UNdlunkulu uMantfombi ungudadewabo wenkosi uMakhosetive Dlamini uMswati III, bobabili bazalwa yinkosi uSobhuza II.
Inyosi uMdletshe ixoxe kabanzi neSolezwe mhlazane kuqhutshwa izinkomo ezaziyokhonga ubuhlobo obuhle ukuze uNdlunkulu uMaDlamini, agcagcele iSilo uZwelithini.
INgonyama uZwelithini kaBhekuzulu, yahlangana noNdlunkulu uMaDlamini ngo-1973, wagcagca ngo1977, emuva kokugcinwa kwemicikilisho yokuganiselana kwasebukhosini.
UNdlunkulu uMaDlamini walotsholwa ngomhlambi wezinkomo ezakhishwa yisizwe.
UMdletshe uthi izinkomo zazibalelwa
ku-200 ukusuka kwazo kodwa zazala zagcina zicela ku-300.
Elanda ngesineke uMdletshe uthi ngaphambi kokuhambisa izinkomo, babehambile abakhongi beyocela ukuzwa isibalo sezinkomo ezifunekayo, inkosi uSobhuza yathi kayazi ukuthi ingane yenkosi ilotsholwa ngezinkomo ezingaki. Yingakho kwahlanganiswa umhlambi wezinkomo ezingu-200.
UNdlunkulu uMaDlamini uzala iSilo esihleli esihlalweni, uMisuzulu ngo-Ephreli 29, 2021 esesibhedlela eMilpark eGauteng, elandela eduze iSilo euZwelithini njengokomyalelo kaMdlokombane.
uthi wethuka uma iSilo
uMdlokombane simbiza simtshela ukuthi nguyena ozohambisa izinkomo eSwatini.
“Kwaba yinto enkulu ngoba nami ekhaya ngacelelwa uhambo oluhle kwabalele, obaba babika ngendlela yakhona. Ngafika esigodlweni KwaKhangelamankengane, iSilo sangena nami esibayeni sangikhombisa inkabi eyayizohlatshwa ibika izinkomo eziya eSwatini. Ngabona ukuthi umsebenzi enginikwa wona mkhulu,’’ kulandisa uMdletshe.
Uma echaza, uthi into eyayimthusa wukuthi wayeyobhekana nenkosi yaMaSwati uSobhuza ll, ozala uNdlunkulu uMaDlamini.
Kuthiwa inkosi uSobhuza yayisatshwa kakhulu, kudume nokuthi inemilingo.
UMdletshe uthi bahamba nezinkomo bebheke eSwatini, bafikela esigodlweni senkosi uSobhuza igama laso kukwaLobamba, esakhelene nenkundla yezemidlalo kwaSomhlolo, eSwatini.
UMdletshe uthi bamemeza esangweni bekhuleka endlunkulu yaseSwatini, bezichaza ukuthi basuka ebukhosini baKwaZulu, bazokhulekela ubuhlobo obuhle.
“Isigodlo seNgonyama uSobhuza sakhiwe kahle, sikhulu futhi siyisitezi esisezingeni eliphezulu. Ngesikhathi simemeza kwaphuma yona uqobo iNgonyama esitezi esiphezulu.
“Kwakuyinsizwa ezothile enogazi ebonakalayo ukuthi ihlanzekile iyafaneleka ngisho ivunulile,’’ kuchaza uMdletshe.
UMdletshe usakhumbula nehubo abangena ngalo emagcekeni elalithi Ziyabaleka Izinkomo.
Uthi ngesikhathi bengena endlini babelokhu beqalaze njalo indlu yonke ngendlela okwakukuhle ngayo kunobukhazikhazi kubonakala ukuthi kusesigodlweni seNgonyama.
“Kwakukhona izihlalo ezinhle sengathi kusagolide kodwa iNgonyama uSobhuza yafika yazihlalela phansi ecansini yayeka izihlalo zayo ezinhle. Kwangimangaza lokho ngoba ngangilindele ukuthi izoqhwakela kodwa kwabonakala ukuthi yayiwumuntu opholile ishaya amancoko,’’ kusho uMdletshe.
Uthi konke kwahamba kahle iSilo sagcina sigcagcelwa wuNdlunkulu uMaDlamini ozele iSilo esibusayo.
ISILO uMisuzulu Sinqobile kaZwelithini uzalwe ngoSepthemba 23, 1974 esibhedlela KwaHlabisa. Unina nguNdlunkulu uMantfombi MaDlamini Zulu, ongunkosikazi wesithathu ukugana iSilo uZwelithini kaBhekuzulu.
ISilo uMisuzulu sizalwa esigodlweni KwaKhangelamankengane. Singumshana wenkosi uMakhosetive Dlamini, uMswati III, obusayo eSwatini. ISilo uMisuzulu kaZwelithini singowesishiyagalolunye ukuthatha isihlalo emlandweni wesizwe saMaZulu.
Sifunde eSt Charles College, eMgungundlovu, sadlulela phesheya kwezilwandle eJacksonville, eFlorida e-USA, lapho sithole iziqu ze-International Studies.
Kwabo esiswini sikaNdlunkulu uMaDlamini bayisishiyagalombili; yisona, nguMntwana uNtandoyenkosi, nguMntwana uNomkhosi, nguMntwana uBambindlovu, nguMntwana uBukhosibemvelo.
Kukhona noMntwana uLungelo, wuMntwana uMandlesizwe noMntwana uSimingaye.
Igama leSilo uMisuzulu ligqame emuva kokukhothama kukayise, iNgonyama uZwelithini kaBhekuzulu.
UMdlokombane ukhothame ngoMashi 12, 2021 esibhedlela e-Inkosi Albert Luthuli, eThekwini. Ulandelwe nguNdlunkulu uMaDlamini ngo-Ephreli 29, 2021 esibhedlela eMilpark, eGauteng.
Inkonyane kaNdaba ephahlwe amalanga amabili
UNdlunkulu uMantfombi wakhothama eyibamba esihlaweni sobukhosi bukaZulu, washiya ebhale iSilo uMisuzulu kaZwelithini njengofanelwe yisihlalo.
Igama leSilo esibusayo lafundwa encwadini yamafa esigodlweni KwaKhangelamankengane ngoMeyi 7, 2021.
Ukufundwa kwencwadi yefa kwakuthanyelwe yinkosi uMangosuthu Buthelezi onguNdunankulu kaZulu.
Incwadi yefa yayifundwa nguAdvocate Griffiths Madonsela SC, owalibeka ngembaba igama leSilo uMisuzulu kaZwelithini. Ukufundwa kwencwadi yefa kwasusa umsindo ngesikhathi uMntwana uThokozani ephakamisa isandla ephikisa igama leSilo uMisuzulu. UMntwana uThokozani, watholana phezulu noShenge owayemyalela ukuba ahlale phansi ayeke ukuphazamisa.
Kwasuka isidumo kwabonakala abaqaphi beSilo
uMisuzulu kaZwelithini bekhipha izinhlokohlela zezibhamu beshushumbisa iSilo besingenisa endlini, baphuma lapho basingenisa emotweni eyasuka ngeshodi kuphunywa esigodlweni. Emuva kwalokho kube nombango owaze wafika ezinkantolo lapho amajaji evuna iSilo uMisuzulu, ukuthi yisona esifanelwe yisihlalo sobukhosi.
Abaphikisana neSilo bahamba izinkantolo ezehlukene babuya belambatha.
Emuva kombango
wezinkantolo, kwaphuma isimemezelo sokuthi uMengameli wezwe uMnuz Cyril Ramaphosa wamukele iSilo uMisuzulu njengofanelwe yisihlalo.
Kulandele umcimbi wokungena esibayeni owenziwa yiSilo uMisuzulu kaZwelithini ngo-Agasti, 2022, esigodlweni KwaKhangelamankengane Ukungena esibayeni kwachazwa njengokwethulwa kweSilo ngokwesintu emakhosini asakhothama nezinyanya zonke.
* Olunye ulwazi: Wikipedia
Kwa Maz Herbal sihalalisela iSilo Misuzulu kaZulu Ndabezitha, Zulu kaMalandela ngokulandela izinkomo zamadoda, Zulu omnyama ondlela zimhlophe, Wena kaPhunga noMageba, Wena kaMjokwane kaNdaba, Wena wenkayishana kaMenzi eyaphuza umlaza ngameva, S'thuli sikaNdaba, S'thuli sikaNkombane, Wena kasihhawuhhawu siyinkondlo bayikhuzile ngoba ikhuzwe abaphansi nabaphezulu, Wena kanogwaja omuhle ngomlenze, Wena kaMbambelashoba, Ndabezitha!
Sikufisela impilo ende enothile esihlalweni sobukhosi. Uqhubeke unakekele futhi uhole isizwe sakho ngobuntu. Thank you, God bless you.
INKATHA FREEDOM PARTY CELEBRATES HIS MAJESTY KING MISUZULU KAZWELITHINI
On behalf of the Inkatha Freedom Party, I would like to congratulate His Majesty King MisuZulu KaZwelithini on the occasion of him formally receiving the certificate of recognition of his reign, from President Ramaphosa
The IFP wishes His Majesty well, as he follows in the footsteps of great Kings before him, and as he now assumes his role in leading the AmaZulu Nation.
We wish His Majesty King MisuZulu kaZwelithini courage, strength and wisdom as he officially begins his reign, knowing that the institution of the Monarchy unites the nation, secures stability and protects the inheritance of all the people of the Zulu Kingdom.
As the IFP, we would like to reiterate our commitment to rebuilding KwaZulu Natal We pledge our support to the many community upliftment programmes His Majesty champions, including those to address GBV, poverty and food relief, as well as His Majesty’s mentorship programme for young men.
The IFP further wishes to recognise and thank the Traditional Prime Minister to the Zulu Monarch and Nation, Prince Mangosuthu Buthelezi, for the support he has provided to the King during the transition period, following the passing of the late King Goodwill Zwelithini kaBhekuzulu, as well as for his decades of dedicated service to the Zulu Monarchs
Long live His Majesty King MisuZulu KaZwelithini! Bayede!
Hon. Velenkosini Hlabisa, MPL President of the Inkatha Freedom Party
ISilo
obalulekile esizweni
eSwatini.
Okhulumela iNdlunkulu, uMntwana uThulani Zulu, uchaze iSilo njengomgcini wamasiko, nowuphawu lobumbano noxolo.
yini ukuba yiSilo, angavumela phezulu. Lokho kudalwa wukuthi abantu abaningi bacabanga ukuthi iSilo ngumuntu ophila ngokunethezeka, athumele izigijimi zakhe zehle, zenyuka yena angathinti lutho.
Kepha akunjalo, ikakhulu uma ukhuluma ngeSilo uMisuzulu kaZwelithini. Umbuzo uthi ngabe uBayede uvuka enzeni nsuku zonke? Ungoti wamasiko, uSolwazi Sihawukele Ngubane, waseNyuvesi iKwaZulu-Natal, uthi nakuba iSilo sibonakala sihamba ngezimoto zikanokusho sigadiwe kodwa ukuthatha isihlalo kuhambisana nemisebenzi enzima.
UNgubane uthe iSilo sinomthwalo wokubheka isizwe esinabantu abangaphezu kuka-12 million futhi uZulu ubalwa nezizwe ezinobukhosi obuhlonishwayo e-Afrika. Uthe iSilo kufanele siqhube umlando wolibo lobukhosi bukaZulu, ngokuthi kugcinwe imicimbi enjengoMkhosi woMhlanga, uMkhosi
wokweShwama noMkhosi weSivivane neminye eminingi.
“Kufanele aziphathe ngobuqotho nokwethembeka endlunkulu, emakhosini, emabuthweni nasesizweni. Kufanele abe nguyise wesizwe sonke,’’ kuchaza uNgubane.
ISilo sihlala esigodlweni esashiywa ngunina uNdlunkulu uMantfombi, KwaKhangelamankengane, KwaNongoma. OkaNdaba unesinye isigodlo oPhongolo. Okwamanje uNomthebe wesizwe unezingoduso ezimbili, uNdlunkulu uNtokozo kaMayisela Zulu, noNdlunkulu Nozizwe LaMulela odabuka
“Umsebenzi weSilo sikaZulu wukuxhumana nezinhlaka ezehlukene zomphakathi waseNingizimu Afrika, kufaka noMengameli wezwe, uMnuz Cyril Ramaphosa, nohulumeni waKwaZulu-Natal. ISilo simela isifundazwe kwamanye amazwe aphesheya uma kuvakashelana amazwe, ezohwebo nemihlangano,’’ kuchaza uMntwana uThulani.
Uthe iSilo sibuye sibambe iqhaza emihlanganweni yamakhosi.
“ISilo siwuSihlalo weForum of African Kings, siphinde sibambisane nomphakathi waKwaZulu-Natal, ezinhlakeni ezizimele nezikahulumeni ukuthuthukisa inhlalakahle yabantu,’’ kusho uMntwana uThulani.
Uthe iSilo esikhothame nyakenye uZwelithini kaBhekuzulu esinguyise kaMisuzulu, sasikhonze ezolimo nemfuyo. Kuke kwaba nemibiko ngasekuqaleni konyaka ethi iSilo sihola uR1.2 million ngonyaka okusho ukuthi sigoduka noR100 000 ngenyanga ingakabanjwa intela nokunye.
INdlunkulu kaZulu ithola isabelomali sokuphila esinguR66 million ngonyaka. Imihlomulo yeSilo nendlunkulu yenganyelwe yiHhovisi likaNdunankulu waKwaZulu-Natal.
Umyalezo kaNdunankulu kaZulu
MANGOSUTHU BUTHELEZINGIBONGA leli thuba engilinikezwa nguMhleli lokuba njengoba kuqopheka umlando kithina esisaphilayo manje, wokuhlala kweNgonyama iSilo saMabandla, iNkosi uMisuzulu kaZwelithini kaBhekuzulu, nami ngidlulise umyalezo wokumbongela.
Ongangezwe lakhe uhlala esihlalweni osekuhlale kuso amakhosi Ohlanga kaZulu alandelayo: iSilo uShaka kaSenzangakhona (uMsunguli walobu bukhosi); iSilo uDingane kaSenzangakhona; iSilo uMpande kaSenzangakhona; iSilo uCetshwayo kaMpande; iSilo uDinuzulu kaCetshwayo, iSilo uMaphumzana uSolomon kaDinuzulu; iSilo uBhekuzulu kaSolomon; iSilo uZwelithini kaBhekuzulu ozala lesi Silo esesingena esihlalweni manje.
Ubukhosi bukaZulu buyahlonishwa nakwamanye amazwe imbala.
Siyamhalalisela Ongangezwe lakhe uma esengene kulesi sikhundla esibaluleke kangaka nesihlonishwa emhlabeni wonke.
Lena njengoba sengiphawulile yiNgonyama kaZulu yesishiyagalolunye, selokhu ubukhosi basungulwa yiSilo uShaka kaSenzangakhona.
Kuyinto eyisimanga ukuthi ubukhosi busekhona kuze kube manje naphezu kwemizamo eminingi
UYAQHUBEKA EKHASINI ELILANDELAYOyokubuqeda nya, ehlulekile ukukwenza lokho.
NamaZulu ayaziqhenya ngalobu bukhosi ngoba iningi lawo liyinzalo yamabutho namaqhawe kaZulu, abulwela ubukhosi bukaZulu.
Omunye wawoSibalukhulu wamaNgisi wathi: “Kasiqede ngalawa mandla kaZulu okokugcina.” (Let us break Zulu power once and for all), kwasho uSir Bartle Frere.
Siyazi imizamo yabo yokubuqeda nya, ayikaze iphumelele, nakhunje sihalalisela iNgonyama yethu yesishiyagalolunye engena kulobu bukhosi. Nesinye isikhulu samaNgisi sathi iSilo uDinuzulu kusicacele ukuthi indlu kaShaka isifana namanzi asechithekile, angasakubuye abuthwe.
kwaqhutshelwa phambili wukuxatshaniswa kwamaZulu wodwa.
wamaKoloni eLondon, uLord Kimberley lapho athi iSilo sasoNdini, sizovunyelwa ukubuyela Ondini kodwa izinsika zaso amakhosi kawasaphoqekile ukusikhothamela njengeNgonyama yawo.
phakathi kukaZulu yedwa; njengezinye zazoSuthu noMandlakazi, Emsebe, eTshaneni
AmaZulu ayaziqhenya ngalobu bukhosi
naKwaNdunu.
Konke lokhu ukweqhatha uZulu yedwa akubuqedile ubuZulu, bukaZulu nokwamukela ukuthi iNgonyama kaZulu iyiNkosi kaZulu yodwa, nguZulu oyikhothamelayo.
Kusukela ekunqotshweni kukaZulu
owayephethe isikhundla sobukhosi ngaphambi kweNgonyama yaKwaKhethomthandayo, iSilo uCyprian Nyangayezizwe Bhekuzulu.
Emva kwempi yamaJalimane, kwathiwa uMntwana Omkhulu, uMntwana uMshiyeni kaDinuzulu useyahlukaniswa namaShifu, ngokuba anikwe igama lokuthi uyiParamount
saKwaKhethomthandayo, iNgonyama uCyprian uNyangayezizwe Bhekuzulu ngenkathi ebekwa ngo-1948, kwathiwa
Ngangikhona eMgungundlovu, ngenkathi kuye ithimba laseNdlunkulu, liholwa nguMntwana Omkhulu waKwaSokesimbone, nabaNtwana abanjengoMntwana uMnyayiza kaNdabuko, noMntwana uPhika
saKwaKhethomthandayo, kwase singuParamount Shifu. Kwayiwa eHhovisi likaNdabazabantu Omkhulu, Konke lokhu kwakungehli kahle
Ngenkathi uhulumeni wamaBhunu weNational Party, ebiza naMakhosi
Ngenkathi sekungene uhulumeni waKwaZulu, ngemva konyaka ka-1970 lapho thina njengoMkhandlu waKwaZulu Oshaya uMthetho Ondini, sakubuyisa ngokuphasisa umthetho
Nokho ngisasho namanje iseyinde indlela mayelana nesikhundla iSilo esesingene kuso ngoba uhulumeni waKwaZulu, bekuthi nxa iSilo siyovula isiShayamthetho, siqinisekise ukuthi iNgonyama nxa ifika ishayelwe indesheni ngamaPhoyisa.
Lokhu sekuthe kungakhothama iSilo uZwelithini kaBhekuzulu, kwanqunywa ukuthi ngeke esamukelwa ngokushayelwa leyo ndesheni ebeseyimisile yonke le minyaka.
Sekuthiwe namuhla nguMengameli Cyril Ramaphosa, othi uMthethosisekelo uthi angemukelwa ngaleyo ndesheni.
Mhla ka-19 Ephreli 1994, emhlanganweni esaba nawo noMengameli uFW de Klerk noMhlonishwa uMnuz Nelson Mandela nami, ngalwa impi enkulu ngathi kuhle kubizwe iPhalamende elase livalile.
Ngalwa uMengameli uDe Klerk waze waphoqeleka wavuma, labizwa iPhalamende eKapa, kwashicilelwa ukuthi ubukhosi beSilo sikaZulu buyemukelwa wuMthethosisekelo owawusebenza ngaleso sikhathi. Kodwa kuthe nxa sekushicilelwa lona osebenza manje, asabe sisafakwa leso sivumelwano ngobukhosi bukaZulu.
Kasazi ukuthi lokhu iNkantolo yoMthethosisekelo ingagcina isichazele yini ukuthi kusho ukuthini?
Ngakho-ke noma iSilo sisifisela izibusiso emsebenzini weSizwe nokho lokhu engikushoyo kusachaza ukuthi kwayona le Ngonyama esesihlalweni, isadlela emeveni okwembuzi.
Ubuciko bokuhaya izibongo wumthandazo wasebukhosini
INYOSI yeSilo, uBuzetsheni Mkhohliseni kaSombila Mdletshe, ichaza kabanzi ngokusungulwa kwezibongo nomsebenzi wokuhaya amakhosi. UMdletshe uthi ukuhaya amakhosi asakhothama kusuke kuyindlela yomthandazo yokuwaxhumanisa naleyo esuke ibusa, ngaleso sikhathi.
Uthe nakusona iSilo uMisuzulu kaZwelithini ngeke kube nzima ukuqamba izibongo ngoba ziningi izigameko esezenzekile ezenza kube lula ukuqhamuka nezibongo.
Useqalile ukuhaya iSilo uMisuzulu kaZwelithini uma kunemicimbi emikhulu.
UMdletshe usebenze kakhulu neSilo uZwelithini kaBhekuzulu, ehamba naye yonke indawo, waze waya naphesheya kwezilwandle.
Uthe kuyinto ewumlando kuyena ukuba yinyosi yasendlunkulu ngoba emndenini wakhe kunomlando wokusebenza namakhosi amadala.
“Umkhulu wami uMavukefile
wayesondelene neSilo uDinuzulu. Ukusondelana kwabo nendlunkulu kwangenza ngafunda futhi ngathanda ukwazi kabanzi ngomlando nokusebenza namakhosi. Ngiyakhumbula ngo-1966 ekhaya kwafika iSilo uBhekuzulu, esizala iSilo uZwelithini, kwahlatshwa inkomo kwajatshulwa kwaba mnandi,’’ kusho uMdletshe.
Uthe kusukela kudala kwakuba khona inyosi ehaya iSilo esisuke sibusa ngaleso sikhathi. Uthe umsebenzi wokuhaya ubaluleke kakhulu futhi uwubuciko obujulile obufuna ubuhlakani.
Uthe izibongo zihambisana kakhulu nezigameko ezisuke zehlele leyo nkosi esuke ibusa ngaleso sikhathi bese kufanele inyosi ithole indlela enobuciko yokuzibeka.
“Kunezikhathi lapho kubongwa khona inkosi ethile ngenxa yesimo esithile sangaleso sikhathi. Ngeke nje uma kuyolanyulwa bese ubonga inkosi eyayinolaka ngoba ngeke ilamuleke leyo mpi. Kusuke kufanele ufike ubonge inkosi eyayithanda uxolo ukuze kusheshe kulunge,’’ kusho uMdletshe.
The Hindu community of South Africa congratulates King Misuzulu kaZwelithini on
coronation. We pray that King Misuzulu kaZwelithini continues in his father’s footsteps to promote nation building, social justice, peace harmony
social cohesion and in the process create
all South Africans.
SUKU lokugcotshwa kweSilo saMabandla wonke, uMisuzulu kaZwelithini, luwumbukiso emhlabeni jikelele ngobukhulu nobukhona bukaZulu, nesizwe sonkana.
Okwenzekayo kwenzelwa ukuthi umhlaba uzibonele ngempela ukuthi iSilo uMisuzulu siyinkosi ephelele, hhayi ngokwasesibayeni kodwa nangokomthetho kahulumenI. Inhlonipho obekuhlonishwa ngayo uyise, iNgonyama uZwelithini kaBhekuzulu, nesizwe abesihola njengezingane zakhe, kuqhubekele phambili nakwamathongo omhlaba.
Umhla ka-22 kuMandulo yilapho iSilo sagcotshwa ngokuphelele sangeniswa esibayeni, eNhlambekweni, ngemva kokuba sisehambe sayogcina isiko lokuyolanda “umfo wakwabo” ibhubesi, kwagingqwa inkunzi yenkomo eyayimhlophe igabise ngamabala amnyama ukwamukela “umfo wakwabo” ngokolimi lwaseNdlunkulu, nobukhosi.
Kulapho kwaphelela khona kwaqedwa. Okukahulumeni sekufana nokwamukela iphepha okuyisitifiketi esigcizelela ukuthi isihlalo soyisemkhulu usesengamele ngokuphelele.
Umbango obukhona, nosekhona kwabathize usuyofana nomdlalo kacabhayiyane wabantwana.
Umcimbi ofana nalona usuka emandulo lapho kwakugcotshwa osengena esihlalweni sobukhosi bamakhosi. Nakuba kunomlando, kugcine sekungena
INgonyama inomlando ojulile
Amakhosi aseScotland ayegcotshwa endaweni iScone, eTsheni loMgcobo, ngokwenkolelo okuyitshe elalisetshenziswa nguJacob eBhethel, libizwa ngokuthi yiLia Fail noma iStone of Destiny.
Kuthe sekugcotshwa iSilo uMisuzulu esibayeni, kwasetshenziswa inhlendla, uNdunankulu kaZulu inkosi Mangosuthu Buthelezi, baguqa ngedolo nendodana yakhe, bephathisa iSilo uMisuzulu le nhlendla eluphawu lobukhosi.
KwelaseFrance, uPepin The Short, inkosi yokuqala yamaCarolingian, yagcotshwa kabili nguPhapha, ukugcwalisekisa ukubekwa kwakhe ebukhosini beMerovingian.
okuhlekisayo wukuthi wamphuca uPhapha isicoco leso, wazethwesa yena. Kuwumlando okwenzeka namhlanje zingu-29 kuMfumfu, esizweni sakithi.
Kwagcina mhlazane indlalifa yabaseFrance, iNkosana u-Imperial, ibulawa yizigagayi zamabutho akwaZulu ,eMpini yaseSandlwana.
UNdunakulu waseBritain, uBenjamin Disraeli waphimisa amagama athi; “Isizwe esaziwayo, amaZulu banqobe izigagayi zethu, banqoba nababhishobhi bethu.”
kaZulu. Kwaphinda kwazovela isithombe esihle ngebutho nobumqoka balo esizweni.
Kuningi esakufundayo ngaleyo mihla, yasho inyosi yathi; ‘ziyohamba izinsizwa kusale izibongo yizona eziyosala zibadabula’.
Seliphumile iLanga kwaZulu, noma ngingayazi inhloso yokwenza umcimbi kwelamagagasi kodwa kukhona engikubukayo. Ngibuyela ekutheni iSilo uMisuzulu kaZwelithini, uyinkosi ehlukile kwabakwabo nasemakhosini wonke asake abusa.
ukukholwa ngenkathi izwekazi i-Europe, lamukela inkolo yobuKristu.
Lokhu kusukela emuva kwiThestamente elidala lapho umcimbi ofanayo wenzelwa uSaul noDavid, nguSamuel. Kwelase-England kwasukela ngokugcotshwa kuka-Edgar, wafungiswa wabekwa ngokusemthethweni.
Uma ubheka umcimbi ofana nalolu hlobo e-England, kusukela ngo-1066 kwenzeka eWestminister Abbey kanti indlela okwenzeka ngayo kuseyileyo yasemandulo.
Kamuva kugcine umcimbi ofana nalona usuthatha indlela yokwenza yase-England.
Ukugcotshwa nguPhapha kusuka kude emakhosini asebukhosini baseRome, okwaqala ngoCharlemagne ngosuku lukaKhisimusi wangonyaka ka-800. Ukugcotshwa kwamakhosi aseRome, nguPhapha kwaqhutshwa nguLouis I ngo816.
Ngo-1804 uNapoleon I waletha uPope Pius VII eParis, ukuzomgcoba esontweni laseNotre Dame kodwa
Esikubona namhlanje kwenzeka, wumlando ojulile osuka kude. Nakuba kithina kungethathwe njengesiko lesintu lokugcoba nokubeka iSilo, okwethu kusuke sekuphelele esibayeni, eNhlambekweni. Kepha sesiphila namhlanje, okwenzekayo kuyiqophelo eliphezulu leSilo nesizwe ikakhulu esinjengesamaZulu, osekungukunikezwa isitifiketi.
Kuningi esithe sakufunda okusha ngomlando nangokwebuza kweSilo uMdlokombane.
Sibone kugqama umfo kaNhleko owaduma ngelikaMgilija, oqale ukugqama mhla kulandwe iSilo uBhejane Phuma esiqiwini emakhazeni eThekwini, ehola amabutho
Umlando wakhe uyaziwa, wayegaqela esikhumbeni, uvunula aphathe izihlangu zikaJininindi Omnyama, igama lakhe kalidingi ukuhunyushwa liyazichaza nalo.
Ukuza komcimbi eThekwini kungibukise umlando weTheku.
Kunezindawo eziningi ezaqanjwa yiLembe, kube nemizi yeLembe uqobo eMbelebeleni, naKwaKhangelamankengane okhona eThekwini, lapho sekwaphuhliswa isibhedlela iKing Edward, nesiteshi sesitimela iCongella.
Naso uqobo iSilo umuzi wakwabo kuKwaKhangelamankengane.
Wusuku oluyohlale njalo luyingqophamlando.
Bayede! Wena Wendlovu!
Uyigcokama elinogazi okaNdaba
KUTHE ngesikhathi uZulu wonke egiya ejabulela ukuphuma kwelanga, kubekwa iSilo uMisuzulu kaZwelithini, abesifazane ezinkundleni zokuxhumana bababaza ugazi nokuba yigcokama kokaNdaba.
Abesifazane bagcina sebebiza uBayede ngamagama amnandi othando besho nokusho ukuthi bayazifela ngaye uNomthebe wesizwe. Kuze kwachuma nesidlaliso asebemteketisa ngaso esithi ‘King Bae’.
KwiTwitter kwakuchwaza inkundla kucaca ukuthi bathathekile yizinyane likaMdlokombane.
U-@Doreen Ntombi Mhlangu ubhale ukuthi Yinkosi ebukekayo, wase efaka uphawu oluvala amehlo sakuchobozela.
U-@Makhosi Makhaye ufake uphawu olukhomba uthando oluvutha amalangabi.
Kuthe kusabatshazwa lokho, iSilo sikhuluma kugujwa uMkhosi woMhlanga, sathi sisabingelela, kwachwaza amatshitshi kwaze kwaba nzima ukuthi
siqhubeke, kwaphoqa ukuthi kukhuzwe izintombi. Nalapho kwabonakala ukuthi ugazi lubhokile kuBayede.
USolwazi Jabulani Maphalala, oyisazi kwezamasiko nomlando, uthe kuvamisile ukuthi ugazi ukube yinto yawo amakhosi KwaZulu, wachaza ukuthi kusukelaphi.
UMaphalala uthe ngesikhathi kwenziwa usiko lokufaka iSilo esibayeni kuba nemithi, izintelezi neminye imikhuba eyenziwayo ukuze iSilo sibe nesithunzi nogazi.
“Yinto eyenziwa yizinyanga ezinolwazi olunzulu, iSilo sifakwa ekhosombeni elisesibayeni okuthiwa yinhlambelo. Lapho uyagcatshwa, ancinde, akhwife, adle imithi ukuze angabi lula. Emuva kwalokho kuba yinhlalayenza ukuthi iSilo sibe nemithi yaso nje esiyidlayo,’’ kuchaza uSolwazi.
Uthe kuba yizinto ezifihlwayo kodwa wakhala ngobungozi bokuthi kugcine kushabalale ulwazi ngazo uma zingachazwa ngendlela efanele.
is said
be the
of the Supreme
of
because
the
the
KHETHA SANGWENI
UMLANDO ukhomba ukuthi ubukhosi bukaZulu budala kakhulu, bunomlando onothile futhi budumile emhlabeni wonke.
Kuvela ukuthi kwakukhona iSilo uMnguni noma kungacaci ukuthi wayephila nini.
ISilo uMnguni sizale iSilo uLuzumana, esazala iSilo uMalandela ngekhulunyaka le-17.
ISilo uMalandela sazala amadodana amathathu uNtombela, uQwabe wesibili noZulu (Nkosinkulu), okunguyena owabusa kanti wazalwa ngo-1627 wakhothama ngo-1709.
UZulu uzale uPhunga noMageba, owabusa, kade ezalwe ngo-1667 wakhothama ngo-1745.
UMageba wazala uNdaba ngo-1627 wakhothama ngo-1763, uNdaba uzale uJama ngo-1697, wakhothama ngo-1781.
UJama uzale iSilo uSenzangakhona (Nkosinkulu II) ngo-1727, wakhothama ngo-1816.
USenzangakhona wazala iSilo uShaka ngo-1875, wathatha izintambo ngo-1816, wakhothama ngo-1828. ISilo uDingane sizalwe ngo-1788, sabusa ngo-1828, sakhothama ngo-1840. ISilo uMpande sizalwe ngo-1798, sabusa ngo-1840, sakhothama ngo-1872.
UMpande uzale iSilo uCetshwayo ngabo -1828, sabusa ngo-1872, sakhothama ngo-1884.
UCetshwayo wazala iSilo uDinuzulu ngo-1868, sabusa ngo1884, sakhothama ngo-1913.
UDinuzulu uzale iSilo uMaphumzana ngo-1873, sabusa ngo-1913, sakhothama ngo-1933.
UMntwana uMshiyeni owayezalwa nguDinuzulu
Umlando wamakhosi kaZulu
wabamba izintambo ngo-1933 kuya ku-1948.
ISilo uMaphumzana sazala iSilo uBhekuzulu uNyangayezizwe ngo-1923, sabusa ngo-1948 sakhothama ngo-1968, uMntwana uMcwayizeni ozalwa yiSilo uMaphumzana wabamba ngo-1968 kwaze kwaba wu-1971.
ISilo uZwelithini kaBhekuzulu
sathatha ngo-1971 saze sakhothama ngoMashi 12, 2021.
Emuva kokukhothama kweSilo kwathatha izinyane laso, iSilo uMisuzulu kaZwelithini.
Umlando ukhomba ukuthi kuyinto ejwayelekile ukuthi uma kukhotheme iSilo kuqubuke umbango.
* Umthombo: Wikiwand
Bayede!
Zulu eliphezulu
NjengoMkhandlu weSifunda saseZululand sihlangenyela nesizwe sonke samaZulu ukubungaza nokuthakasela umcimbi wokudluliselwa kwesitifiketi eSilweni sethu Ingonyama uMisuzulu kaZwelithini. I-Zululand iyihlalankosi njengoba zonke izigodlo zeSilo zilapha okubeka kithi isibopho sokuthi sihole umkhankaso wokulondoloza nokukhuthaza ukugcinwa kwamasiko nemikhosi yethu eqhakambisa ubuhle nokujula komlando waKwaZulu.
Sizimisele ukuqhubeka nokubambisana nazo zonke izinhlelo zaseNdlunkulu ekuthuthukiseni nasekuqiniseni imiphakathi eyakhele i-Zululand. Khula Mnguni Omnyama! Khula Silo somhlaba! Khula uze ubengange zintaba zOndi noKhahlamba!
Ukushona nokuphuma kwelanga
KwaZulu
KHETHA SANGWENI
ISILO uZwelithini kaBhekuzulu sikhothame ngoMashi 12, 2021 esibhedlela e-Inkosi Albert Luthuli, eThekwini, emuva kokungeniswa sidunguzela. Ukukhothama kweSilo kwaqala izinkulumo nemibuzo yokuthi ngubani ozolandela athathe isihlalo nokuyilapho kwaqubuka umsindo nombango.
ISilo uZwelithini kaBhekuzulu sashiya umyalelo wokuthi uNdlunkulu uMantfombi MaDlamini Zulu, nguyena oyoba yibamba. Ungowesithathu ukugcagcela iSilo. UNdlunkulu wabamba isihlalo edunguzela kwagcina ngokuthi akhothame ngo-Ephreli 29, 2021 esesibhedlela eMilpark, eGauteng.
Ukukhothama kukaNdlunkulu uMantfombi kwawushubisa umbango wesihlalo, kwaqala kwavela amagama abantu okuthiwa bangase bangene.
Okunye okwashubisa isimo wukubangwa kwamafa eSilo uZwelithini, nguNdlunkulu waso wokuqala uSibongile MaDlamini Zulu, namazinyane akhe. Waphosela inselelo incwadi yefa efuna uhhafu wamafa eSilo.
Kwababeshisisa umbango wesihlalo nguMntwana uThembi udadewabo weSilo uZwelithini kaBhekuzulu, uMntwana uMbonisi umfowabo weSilo noMntwana uThokozani wasendlunkulu.
Bonke babephikisa igama leSilo uMisuzulu kaZwelithini, bethi kasifanelwe ukungena esihlalweni sobukhosi bukaZulu.
Igama leSilo uMisuzulu kaZwelithini lagqama kakhulu, ngokuhamba kwesikhathi kwavela igama likaMntwana uSimakade, nelikaMntwana uBuzabazi.
Umbango wesihlalo uhambe waze wafika ezinkantolo kepha zavuna uhlangothi lweSilo uMisuzulu.
Okwabonakala kuvuna kakhulu iSilo uMisuzulu wukufundwa kwencwadi yefa likanina uNdlunkulu uMantfombi lapho kwagagulwa khona igama leSilo njengofanelwe yisihlalo.
Kwasuka umsindo esigodlweni KwaKhangelamankengane, uMntwana uThokozani ephikisa igama leSilo uMisuzulu kwaze kwaphoqeleka ukuba sikhishwe ngesamagundane, sibalekiswe ngenhloso yokusivikela. Konke lokhu kwenzeka kuqoshwa bukhoma ngabethelevishini.
NgoMashi 16, 2022 uMengameli wezwe uMnuz Cyril Ramaphosa, wamemezela ukuthi wemukela futhi ugunyaza iSilo uMisuzulu, ngokomthetho. Kwacaca ukuthi izinto zivuna sona impela iSilo uMisuzulu kaZwelithini.
Ngo-Agasti 20, 2022 kwaqopheka umlando ngesikhathi iSilo uMisuzulu kaZwelithini, enzelwa umcimbi engeniswa esibayeni.
Ukungeniswa esibayeni kuchazwa njengosiko lokwethula iSilo emadlozini nasemakhosini amadala asakhothama, ukuba basivikele.
Ngaphambi kwalokho umfowabo weSilo, uMntwana uSimakade wayenze owakhe umcimbi esigodlweni eNyokeni, engena esibayeni.
UNdunankulu kaZulu inkosi Mangosuthu Buthelezi, wamemezela ukuthi uMengameli Ramaphosa uzonika iSilo isitifiketi sobukhosi ngokusemthethweni enkundleni yezemidlalo iMoses Mabhida eThekwini ngo-Okthoba 29, nonyaka.
GEKE ngilukhohlwe usuku engaqala ngalo ukubona ngamehlo enyama, iSilo uMisuzulu kaZwelithini. KwakunguMashi 12, 2022 esigodlweni KwaKhangelamankengane, ngesikhathi kunenkonzo yokukhumbula iSilo uZwelithini kaBhekuzulu, kuphela unyaka sakhothama. Nakuba ngangijwayele ukusibona iSilo uMisuzulu kaZwelithini, ezithombeni nakuthelevishini kodwa ukusibona bukhoma akufani.
Ngafika esigodlweni ekuseni ngoba ngangimagange ngifisa ukubona okaNdaba ngicoshele konke ukusuka nokuhlala. Engakuqaphela wukuthi ezokuphepha zaziqiniswe kakhulu ngendlela engajwayelekile endlunkulu kaZulu, kwazise umbango wesihlalo ububhoke kakhulu. Kwakuphithiza abantu
Kasibexwayi neze abezindaba iSilo uMisuzulu
nabaNtwana basendlunkulu behla benyuka. Uma bebingelelana bayathophana babizana ngoMageba noma bathi Ndaba.
Uzwa ngomsindo wezimoto zamaphoyisa zibikezela ukusondela komuntu omkhulu. Kuqhamuka uhide lwezimoto zezinga eliphezulu ezinye zohlobo lwamaJalimane, zinamawindi amnyama awukwazi nokubona ongaphakathi. Uma sezithelekile izimoto uzwa ngenyosi ihasha amakhosi asakhothama, izulazula igcwala indawo yonke nesihlangu sayo.
Abesifazane bezwakala besho ngomkikizo, zize njalo izimoto zime emnyango wetende. Kuba yisikhashana okaNdaba engehli emotweni kusaqinisekiswa ukuphepha bese umqaphi evula isicabha ngenhlonipho. Isho kakhulu inyosi uma isimbona okaNdaba.
Ngiyakhumbula ukuthi ngalolo suku wayeswenke econsa okaNdaba edle isudu eluhlaza
kodwa ngombala ozothile, ihembe elimhlophe nothayi onombala osawolintshi, ephaketheni lebhantshi kunomhlobiso ofana nothayi.
Wayedlubhe izibuko ezimnyama zelanga kanti iyodwa inkinobho yebhantshi eyayifasiwe bese phansi eshaya izicathulo ezimnyama
ezibonakalayo ukuthi bezihlalelwe zesulwa kahle. Esandleni wayephethe indukwana encane efana naleyo eyayiphathwa yiSilo uMdlokombane futhi ngike ngisole ukuthi yiyona ngqo. Wayedle iwashi okubonakalayo ukuthi ngelekhethelo nezindandatho izandla zombili.
Wehla emotweni emoyizela ebingelela ababezomemukela ephakamisa izandla abuye azihlanganise ekhombisa ukuhlonipha nokuzithoba. Mina nozakwethu bezindaba ngaleso sikhathi sibhokile ngokushutha izithombe namavidiyo.
Kwafika isikhathi sokuthi iSilo sethule inkulumo. Singumuntu okhuluma ngesikhulu isizotha nesinono sibuye sithi ukuphumula, siphose amancoko kuhlekwe etendeni. Kasibexwayi abezindaba, uma bethwebula sikhombisa ukungabi nankinga futhi siyawuhlonipha umsebenzi wabo.
Zonke izikhawu uma ngimbona okaNdaba kucaca ukuthi ngumuntu ozithandayo okhonze ukuswenka. Uyindoda engakuthwele ekhanda ukuba yiSilo, ubukeka ebathanda abantu futhi ezithobile. Uma ekhuluma njalo uthanda ukugcizelela ukubonga bonke abamesekayo.
Bayede wena weNdlovu!
Umlando kaNdunankulu kaZulu
kaMaphumzana sabeka uShenge njengoNdunankulu kaZulu.
INKOSI Mangosuthu Buthelezi uNdunankulu kaZulu, uzalwe ngo-Agasti 27, 1928 eMahlabathini, oLundi, KwaZulu-Natal. Abazali bakhe kwakuyinkosi uMathole Buthelezi noMntwana uMagogo kaDinuzulu, owayengowasendlunkulu kaZulu.
UShenge uqale ukufunda eMpumalanga Primary eMahhashini, KwaNongoma kusukela ngo-1933 kuya ku-1943.
Wadlulela e-Adams College eManzimtoti kusukela ngo-1944 kuya ku-1947. Ufunde eNyuvesi iFort Hare ngo-1948 kuya ku-1950.
Ngo-1953 inkosi uButhelezi yathatha isihlalo sobukhosi esashiywa wuyise. UShenge uke waba ngumeluleki wababhali befilimu yomlando ngeMpi yaseSandlwana, walingisa indawo yeSilo uCetshwayo kaMpande kuyona.
Umsebenzi wokuba wuNdunankulu kaZulu kawumusha koSokwalisa, usukela kokhokho bakhe njengoba uMnyamana kaNgqengelele Buthelezi wayewuNdunankulu weSilo uCetshwayo kaMpande, edidiyela namabutho aso.
Inkosi uMathole, ezala uShenge yayiwuNdunankulu weSilo uMaphumzana kaDinuzulu. Ngo-1954 iSilo uBhekuzulu
Kuthe sekungena iSilo uZwelithini kaBhekuzulu, waqhubeka nomsebenzi uShenge njengoba namanje esawubambile.
Inkosi uButhelezi ibiganwe wuNdlunkulu Irene MaMzila Buthelezi, ongasekho emhlabeni.
Uke wanikwa ithuba lokubamba njengomengameli wezwe izikhawu.
UShenge uke waba wungqongqoshe woMnyango wezaseKhaya phakathi kuka-1994 no-2004. UyiLungu lePhalamende elihlonishwayo ngenxa yeminyaka yakhe.
UButhelezi uke wahola uhulumeni waKwaZulu kusukela ngo-1975 kwaze kwaba wu-1994, ngesikhathi sekungena umbuso wentando yabantu ezweni.
UShenge uthathwa njengoqweqwe lomholi onohlonze kanti wayekhona nasezingxoxweni zeCodesa, lapho kwakuboniswana ngoguquko lwaseNingizimu Afrika.
Inkosi uButhelezi yasungula i-IFP ngoMashi, 21, 1975.
UShenge uhole i-IFP kusukela isungulwa kwaze kwaba wu-2019 lapho okukhethwe umholi omusha uMnuz Velenkosini Hlabisa, engqungqutheleni eyayibanjelwe oLundi.
Ngesikhathi ebeka
phansi izintambo zokuhola i-IFP kwathathwa isinqumo sokuthi abizwe ngomengameli wokuhlonishwa.
I-IFP yathi ikwenza lokhu ngenhloso yokumhlonipha ngeqhaza lakhe eqenjinii ewa evuka nalo. Usondelane kakhulu neSilo esakhothama uZwelithini kaBhekuzulu kanti uphinde wasondelana neSilo uMisizulu kaZwelithini.
*Olunye ulwazi: SAHistory
Capital Hospital reaches another milestone.
apital Hospital is proud to announce, that our dedicated, state of the art Prostate health unit, run by Dr Shiven Ramkissoon, has recently reached a milestone of 150 successful Laser Prostatectomies.
Prostate health is a huge concern to men worldwide, and surgery for an obstructing prostate, is the 2nd most commonly carried out procedure. Historically, a variety of techniques have been utilized to address this problem. The laser prostatectomy, performed with a holmium laser, has revolutionized the management of this condition, with much shorter hospital stays for our patient (typically a day, compared to 3-5days with the older techniques), and patients returning to their lives, and function much sooner.
Capital Hospital. He has spoken at
specialized, minimally invasive one of a handful of surgeons carrying outcomes
Dr Shiven Ramkissoon, is a well renowned Urologist, practicing at Capital Hospital. He has spoken at many congresses, nationally and internationally, and has been involved in training other Urologists in highly specialized, minimally invasive Surgery, locally and abroad. He is one of a handful of surgeons carrying out this modern procedure, with modern outcomes and benefits, having learnt this art both locally, and also International centres of excellence.
Capital Hospital, has acquired a state of the art, 105W Quanta laser, to enable Dr Ramkissoon to carry out these procedures. This is the most powerful in the Provnce, and remains one of the best in the country. The benefit of this, over standard machines is the quicker operating time, with a resultant shorter anaesthetic time, which allows for safer outcomes for our patient and a quicker return to normal function.
return to normal function.
exciting ventures and developments team from Capital Hospital.
We look forward to many more exciting ventures and developments within this rapidly changing field, so we can continue to offer our patients world class treatment.
Izibongo zeSilo zihaywa yinyosi uBuzetsheni kaSombila Mdletshe
unina walotsholwa yisizwe futhi uzalwa ebukhosini nhlangothi zombili, yingakho kuthiwa uphahlwe amalanga amabili.UMdletshe uthi uma ethi incwadi ebhalwe wuMdlokombane wangayisayina kodwa yasayinwa yisizwe yingoba yisona isizwe esakhipha izinkomo zaya eSwatini ukuyolobola unina weSilo. Uqhubekile wachaza, uma kuthiwa ngelengele ongalingani namuntu ongangezintaba nemifula, wayecaphuna ezibongweni zeSilo uSenzangakhona.
Uzisholo ngokwakhe Ongangezwe lakhe
KHETHA SANGWENI
ISILO sivela njengendoda enesisoka ekwaziyo ukukhuluma esidlangaleni. Ishaya amancoko, ibhuqe kuhlekwe kube mnandi. Lokhu kwenza abantu behlale belangazelele ukulalela iNgonyama uma izokhuluma ukuthi ngabe izothini? Nakuba kunzima ukubanga isihlalo kepha ibithatha ngomoya ophansi, ithembise ukuthi
kuzolunga nezinkinga zizodlula.
Uzakhele udumo okaNdaba ngenkulumo yakhe.
“Abaphikisa isihlalo sengike ngasho kaningi ukuthi nibezwe ngoba kufanele sibezwe ukuthi bathini kodwa ningabalaleli,’’ kusho iSilo.
Yasabalala kakhulu le nkulumo abantu beyiphindaphinda ezinkundleni zokuxhumana.
Sivamisile iSilo ukuthi uma
kukhona esikushoyo sakubhuqa, ikuphelezele ngohleko oluncane.
Uke wakhombisa ukuzethemba ngesikhathi kubhoke umbango wesihlalo ethi akanavalo ngokwephucwa isikhundla.
“Ngiyezwa abanye bethi akwenziwe umcimbi wokugcoba ngokushesha bengaze bangephuce isikhundla, akukho muntu ozongiphuca isikhundla la,’’
Uke wabhuqa ngamazwi ayeshiwo ngomunye wabafowabo abambangisa isihlalo.
“Mina ngiyanizwa futhi ngiyanilalela, angifuni ukuthi ngiyazisebenzela mina. Ngisebenzela nina mina futhi angifuni ukuthi anginincengile, nginincengile. Ngizonincenga kancane soze sifike lapho siya khona.
“Ngiyabonga kakhulu lokhu enikwenzayo ukube niyazi ukuthi kukhona abazolala nama-drip ezibhedlela namhlanje, impela bayolala nama-drip,’
“Bayoze bethi buthi bengathandi ngoba sihlezi siyikhuluma le nto ukuthi ayikho into enzima ukwemukela, abemukele.
“Asibafiseli lutho olubi yize bona besicabangela okubi ngaso sonke isikhathi. Sibalindile, izihlalo zabo azinamuntu zilinde bona. Sikhuthaza ukubuyisana
KING Misuzulu KaZwelithini
the
Tel: (039)
Sanibonani Bantu bakithi. kwesinye
ukuthi
Emanuele.
kwethu wangika imigomo ngayenza ngoba nokho umsebenzi wakhe awunalo igazi akathwalisi. Nangempela ngayithola
engango (2.5MILLION) yangena kwi account Yami khona ngalelo langa yena umukhokhela kuyona leyo mali oyitholile.Ngikhuluma
nje ayikho into engingayenzanga ekhaya. Mina nomndeni wami syphilis kamnandi kakhhulu manje ngibonga uMKHULU SIYAYA ngokungenza umuntu. Nginama Business ngenxa yakhe .Uma uyayifuna imbolo yakhe ithi